Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 3 kk. 10-13
  • Lokho IBhayibheli Elisitshela Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho IBhayibheli Elisitshela Khona
  • I-Phaphama!—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yikuphi IBhayibheli Elingazange Likusho?
  • Waqala Nini UNkulunkulu Ukudala Indawo Yonke?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Isayensi Iyaphikisana Nomlando KaGenesise?
    I-Phaphama!—2006
  • Iqiniso Ebelifihliwe Ngendalo
    I-Phaphama!—2014
  • Isayensi nomlando kaGenesise
    Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 3 kk. 10-13

Lokho IBhayibheli Elisitshela Khona

“Lona umlando wamazulu nomhlaba ngesikhathi sokudalwa kwawo.” (Genesise 2:4) Lena indlela iBhayibheli elichaza ngayo ukuthi umhlaba waba khona kanjani. Lokho iBhayibheli elikushoyo kuyavumelana yini nalokho okutholwe isayensi? Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa.

Ekuqaleni: Umhlaba nezinto ezisemkhathini kuyadalwa

Ingabe umhlaba nezinto ezisemkhathini bekulokhu kukhona?

UGenesise 1:1 uthi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”

Ngaphambi kuka-1950, ososayensi abaningi abadumile bebelokhu bekholelwa ukuthi umhlaba nakho konke okusemkhathini kwakulokhu kukhona. Nokho ngokwalokho ososayensi abaningi abakuthole kamuva, manje sebeyavuma ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kunesiqalo.

Umhlaba wawubukeka kanjani ekuqaleni?

UGenesise 1:2, 9 uthi lapho umhlaba udalwa, “wawungenalutho, ungenaso isimo esithile,” umbozwe amanzi.

Leyo ncazelo iyavumelana nalokho ososayensi banamuhla abakutholile. Isazi sezinto eziphilayo uPatrick Shih sithi umhlaba wethu “wawungenawo umoyampilo . . . ungenalutho oluphilayo.” Umagazini i-Astronomy uyabika: “Ucwaningo lwamuva luthi kungenzeka ukuthi kudala uMhlaba wawumbozwe amanzi, cishe wawungenayo indawo eyomile.”

Umoya osemkhathini washintsha kanjani ngokuhamba kwesikhathi?

UGenesise 1:3-5 ubonisa ukuthi emhlabeni kwakufinyelela ukukhanya okufiphele kuphela. Kwaze kwaba kamuva lapho ilanga nenyanga kwabonakala ngokucacile emhlabeni.—Genesise 1:14-18.

IBhayibheli alisho ukuthi zonke izinto eziphilayo ezisemhlabeni zadalwa ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24

I-Smithsonian Environmental Research Center ithi umoya osemkhathini wawenza ukukhanya okufinyelela emhlabeni kufiphale. Ithi: “Kwakunenkungu ye-methane eyayimboze uMhlaba.” Ngokuhamba kwesikhathi, le “nkungu ye-methane yasuka kwase kuvela isibhakabhaka esiluhlaza.”

Izinto eziphilayo zaba khona ngokulandelana kanjani emhlabeni?

1​—Usuku Lokuqala: Ukukhanya okufiphele kubonakala kudlula umoya osemkhathini kungena emhlabeni.​—Genesise 1:3-5

2​—Usuku Lwesibili: Umhlaba umbozwe amanzi kanye nomhwamuko. Lokhu kokubili kuyahlukana kube nesikhala phakathi kwakho.​—Genesise 1:6-8

3​—Usuku Lwesithathu: Amanzi aqoqana ndawonye emhlabeni, kuvele umhlabathi owomile.​—Genesise 1:9-13

4​—Usuku Lwesine: Kubonakala ilanga nenyanga emhlabeni.​—Genesise 1:14-19

5​—Usuku Lwesihlanu: UNkulunkulu udala izilwane zasemanzini nezindizayo, wazenza zakwazi ukuzala ngokwezinhlobo zazo.​—Genesise 1:20-23

6​—Usuku Lwesithupha: Izilwane zasemhlabeni ezinkulu nezincane ziyadalwa. Ekupheleni kosuku lwesithupha kube sekudalwa indoda yokuqala nomkayo.​—Genesise 1:24-31

UGenesise 1:20-27 uthi kwadalwa izinhlanzi, izinyoni, izilwane ezihlala emhlabathini owomile, ekugcineni kwadalwa abantu. Ososayensi bakholelwa ukuthi izinhlanzi zaba khona ngaphambi kakhulu kokuba izilwane ezincelisayo zibe khona futhi emva kwesikhathi eside kwase kuba khona abantu.

IBhayibheli alisho ukuthi izinto eziphilayo angeke zishintshe endleleni ezenziwe ngayo ngokuhamba kwesikhathi

“Lokho iBhayibheli elikushoyo kuGenesise 1 kufushane kodwa iyamangaza indlela okufana ngayo nalokho okutholwe isayensi namuhla.”​—UGerald L. Schroeder, isazi sezinto ezisemhlabeni.

Yikuphi IBhayibheli Elingazange Likusho?

Abanye abantu bathi iBhayibheli alivumelani nalokho ososayensi abakutholile. Imibono enjalo ngokuvamile ibangelwa ukuthi abantu abakuqondi ngempela lokho okushiwo yiBhayibheli.

IBhayibheli alisho ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kuneminyaka engu-6 000 nje kuphela. Kunalokho, limane lithi nje umhlaba nazo zonke izinto ezisemkhathini kwadalwa “ekuqaleni.” (Genesise 1:1) IBhayibheli alisho ngokuqondile ukuthi kwakunini.

IBhayibheli alisho ukuthi zonke izinto eziphilayo ezisemhlabeni zadalwa ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24. Kunalokho, lisebenzisa igama elithi “usuku” ukuze libhekisele enkathini yesikhathi. Ngokwesibonelo, lithi ukudalwa komhlaba nazo zonke izinto eziphilayo ezikuwo​—phakathi ‘nezinsuku’ eziyisithupha zokudala okukhulunywa ngazo kuGenesise isahluko 1—​kwenzeka enkathini yesikhathi ebizwa ngokuthi ‘usuku uJehovaa uNkulunkulu enza ngalo umhlaba nezulu.’ (Genesise 2:4) Ngakho, ‘usuku’ ngalunye lwezinsuku eziyisithupha zokudala, okuyisikhathi lapho uNkulunkulu alungiselela khona umhlaba ukuba ube nezinto eziphilayo nesikhathi adala ngaso izinto eziphilayo, lungamelelwa inkathi yesikhathi ende kakhulu.

IBhayibheli alisho ukuthi izinto eziphilayo angeke zishintshe endleleni ezenziwe ngayo ngokuhamba kwesikhathi. Incwadi kaGenesise ithi izilwane zadalwa “ngezinhlobo zazo.” (Genesise 1:24, 25) Lapho iBhayibheli lisebenzisa igama elithi ‘uhlobo’ lisuke lisho uhlobo oluthile lwezinto eziphilayo. Ngakho, ‘uhlobo’ olulodwa lungase luhlanganise izinhlotshana eziningi zezinto eziphilayo. La mazwi abonisa ukuthi kungenzeka ukuthi izinhlotshana zezinto eziphilayo ezingaphansi ‘kohlobo’ olulodwa zishintshe ngokuhamba kwesikhathi.

Ucabangani?

Njengoba kuphawuliwe ngenhla, iBhayibheli lichaza ngendlela elula futhi enembile ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kwaba khona kanjani, umhlaba wawunjani ekuqaleni nokuthi zaba khona kanjani izinto eziphilayo. Kungenzeka yini-ke ukuthi iBhayibheli linembile nalapho lisho ukuthi Ngubani owadala lezo zinto? I-Encyclopædia Britannica ithi: “Umqondo wokuthi zonke izinto eziphilayo zaba khona ngenxa yamandla angaphezu kwavamile uyavumelana nalokho ososayensi abasanda kukuthola.”b

Cabanga ngalokhu:

Funda uGenesise 1:1–2:4. Qhathanisa lokho okushiwo yilo mBhalo nalokho okushiwo izinganekwane zakudala mayelana nendalo. Ngokwesibonelo, abaseBhabhiloni babekholelwa ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini nabantu kwenziwa ngesidumbu sikankulunkulukazi negazi likankulunkulu othile. AmaGibhithe asendulo ayekholelwa ukuthi abantu badalwa ngezinyembezi zikankulunkulu uRa. EShayina abanye babecabanga ukuthi izinto ezisemhlabeni zavela esidunjini somdondoshiya nokuthi abantu bavela ezimpukaneni zaleso sidumbu. Ingabe ucabanga ukuthi lokho okushiwo kuGenesise nakho kuyinganekwane? Noma ingabe kuyavumelana nalokho okushiwo isayensi?

Bukela ividiyo eyimizuzu emine ethi Ingabe Amazulu Nomhlaba Kwadalwa? Funa le vidiyo ngokubhala isihloko sayo ebhokisini lokucinga ku-jw.org/zu.

a IBhayibheli libonisa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova.

b I-Encyclopædia Britannica ayikhuthazi umqondo wokuthi izinto eziphilayo zadalwa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela