Isifundo 14
Ukuba-namasu Okungacunuli-muntu Nokho Kuqiniwe
1. Kungani sifanele sizijwayeze ukuba-namasu okungacunuli-muntu na?
1 Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe ukuyoshumayela, wakhanyisa ukuthi babemelwe babonise ukuhlakanipha kobudoda ngalokho abakusho nabakwenza. Nakuba athembisa ukuthi wayeyokuba-nabo, babengenakwenza ngendlela eyayiyobangela ubunzima obungadingekile. (Math. 10:16) Naphakathi kwawo uqobo, amaKristu afanele asebenzise ukuhlakanipha kobudoda enkulumweni yawo nasezenzweni ukuze angalimazani ngaphandle kokucabanga. (IzAga 12:8, 18) Njalo kukhona indingeko yokuzijwayeza ukubanamasu okungacunuli-muntu.
2. Kusho ukuthini ukuba-namasu okungacunuli-muntu na?
2 Ukuba-namasu okungacunuli-muntu kuchazwe njengo“kuhlakanipha ngalokho okukhulunywayo noma okwenziwayo ekusebenzelaneni nabanye,” ne“khono lokusebenzelana nabanye ngaphandle kokubacunula.” Ukuba-namasu okungacunuli-muntu kusho ukuba-nomusa ngokwanele ekukhulumeni nasekwenzeni ukubahawukela abanye bangadabuki. Asithandi ukucunula ngendlela esisho ngayo nesenza ngayo izinto. Nokho, lokhu akusho ukuthi asinakubacunula nanini abanye ngalokho esikushoyo noma esikwenzayo, ngokuba isigijimi seBhayibheli uqobo siyabacunula abanye. (Roma 9:33; 2 Kor. 2:15, 16) Ngakho-ke, lapho singaba-namasu okungacunuli-muntu ngesimo, siqinile futhi ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu.
3. Chaza ukuthi izithelo zomoya ziyisisekelo kanjani sokuba-namasu okungacunuli-muntu.
3 Ekuphileni kwethu kwansuku zonke akunzima ukuba-namasu okungacunuli-muntu uma sibonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu. Lezozithelo ziyisisekelo, noma isisusa, sokuba-namasu okungacunuli-muntu. (Gal. 5:22, 23) Ngokwesibonelo, umuntu oshukunyiswa wuthando akafuni ukucunula abanye, kepha unesifiso esiqinisekile sokubasiza. Lowo obonisa umusa uyothamba endleleni yakhe yokwenza izinto. Nalowo ozijwayeze ukuzibamba nohlala ethulile ngaphansi kwezimeko ezikhathazayo ngokunokwenzeka kakhulu uyomnqoba omunye umuntu avumelane nombono wakhe. Umuntu osheshayo ukuvuswa enhliziyweni noma oyisifufu, ngenye indlela, kungenzeka asho izinto ngokungancengi nangalokho avuse ukuphikiswa kwalabo akhuluma nabo. (IzAga 15:18) Inkulumo yethu nezenzo zethu zifanele zibe-njengalezo eziyokhanga izingqondo ezinomqondo, hayi ukuzicunula.
4-8. (a) Singakubonisa kanjani ukuba-namasu okungacunuli-muntu enkonzweni yethu yendlu ngendlu na? (b) Ingabe ukuba-namasu okungacunuli-muntu kubizela ukuvumelana nokungeyikho na? Kuhilelani na?
4 Ukuba-namasu okungacunuli-muntu enkonzweni yasensimini. Enkonzweni yendlu ngendlu, ungabonisa ukuba-namasu okungacunuli-muntu ngokuqalisa ingxoxo yakho ngezindaba ezikhathaza umninindlu nezibonisa indlela umbuso kaNkulunkulu oyolungiselela ngayo ikhambi. Thinta uthando lomuntu lokulunga, ukuzindla kwakhe nesifiso sakhe sezinto ezingcono. Ukujivaza noma ukusola imibono yakhe yenkolo kuyoyivala kuphela ingqondo yakhe. Njalo, esikhundleni sokuxoxa ngezindaba ezivusa ukuphikisana, thinta izinto abantu abazamukela njengeziqondile ngokuvamile. Uma kudingekile ukwedlulela kokuthile okokuphikisana ngaphezulu, thola okokuqala iphuzu elithile lokuvumelana nomninindlu futhi ugcizelele lokhokuvumelana. Uma ungangenisa engqondweni yomninindlu amaqiniso anikeza ithemba oMbuso nezibusiso zawo, ezinye izindaba ziyolungiswa ngesikhathi esifanele njengoba umuntu efika ekwaziseni umusa kaNkulunkulu ongafanele.
5 Umuntu onamasu okungacunuli-muntu wenza konke okusemandleni ukukhuthaza lowo akhuluma naye ukungena engxoxweni nokuveza imibono yakhe. UPawulu wazama ukucabanga ngokusuka embonweni walabo afakaza kubo, kanjalo ekwazi kangcono ukukhanyisa izizathu ezinamandla ngokuvumela izindaba ezilungileyo. (1 Kor. 9:20-22) Nathi sidinga ukwenza okufanayo. Ukubheka ngokuzwelana izimeko zabanye abantu, isizathu salokho abayikho, isizathu sokukholwa kwabo nokukhuluma njengoba benza, kuyosiza umuntu ukusebenzelana nabo ngokuba-namasu okungacunuli-muntu, ngokuzibeka endaweni yomunye. Kungahle kwenzeke ukuthi izimeko ezahlukile ekuphileni, ubungcweti obahlukile, noma ukwencika egunyeni elahlukile kuchaza indlela abacabanga ngayo. Uma uke wawuthola umkhondo ngokucabanga kwabanye, ungaholela ekunikeleni kwakho kwezindaba ezilungileyo ngendlela evumayo kunokucunula ngokungadingekile ngenxa yokungazi indlela lona omunye umuntu acabanga ngayo nezizathu zakhe zokucabanga ngaleyondlela.
6 Ukucabangela umbono womunye umuntu akusho ukuvumelana nokungeyikho ngokulungile. Ukuba-namasu okungacunuli-muntu akukhona ukuphendukezelwa kwamaqiniso. Ngazo zonke izikhathi kufanele kube-nokunamathela okuqinile kulokho okulungile. Uma kungenjalo umuntu angahle afumane ukuthi esikhundleni sokuba-namasu okungacunuli-muntu usevumelana nokungeyikho ngeqiniso. Angahle afumane ukuthi ushukunyiswa wukwesaba abantu kunothando lokulunga. Kanti, lapho ukuba-namasu okungacunuli-muntu kungahileli ukuvumelana nokungeyikho ngeqiniso, kuyakuhilela ukulinganiswa kwesikhathi, okungukuthi, ukunquma isikhathi esiqondile sokukhuluma ngendaba ethile. Ngezinye izikhathi kuwukuba-namasu okungacunuli-muntu ukunganaki nje okuthile okushiwo. Kungahle kube-kuhle ukuyekelela izinto ezithile isikhathi esizayo, kuze kubeyilapho umuntu ezilungele. Njengoba uJesu asho kubafundi bakhe: “Ngisenokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje.” (Joh. 16:12) Njalo lapho singahle singavumelani nalowo esikhuluma naye, akudingeki masinyane siphawule yonke imiqondo edukile. Uma besikwenzile, bekungahle kusebenze nje ukuvala ingqondo yakhe futhi kuvimbele ingxoxo eqhubekayo.
7 Lapho umninindlu, engxoxweni, eveza eziningi izinto eBhayibhelini athi azilungile, kunzima ngesikhashana ukuphikisa ngokuba-namasu okungacunuli-muntu onke amazwi okuphikisa. Kaningi kungcono ukungawanaki nje amaningi awo nokuxoxa ngalawo kuphela ayisekelayo indaba ethile ekhulunyelwayo. Noma umninindlu angahle azame ukukuholela ezimpikiswaneni zezwe. Ngokuba-namasu okungacunuli-muntu xwaya ukuhileleka, unikela impendulo yeBhayibheli kwezinjalo izinkinga zezwe. Ngalendlela uyolingisa isibonelo sikaJesu.—Math. 22:15-22.
8 Lapho uhlangana nomninindlu othukuthele, yiba-namasu okungacunuli-muntu futhi nokho uqine. Musa ukuvumelana nokungeyikho ngeqiniso uzama nje ukumthobisa. Kodwa, zama ukuqonda isizathu salokho akucabangayo, mhlawumbe ngisho ukumbuza ukuthi kungani enalowombono. Uma ephendula ubungahle uthi, ngokulandelana, ubungathanda ukumtshela isizathu salokho okucabangayo. Kepha kungakhathaleki ukuthi ungayilandela isikhathi eside kangakanani ingxoxo, ukuba-namasu okungacunuli-muntu kuyoba-nemiphumela emihle ukuyedlula yonke. Khumbula iseluleko esikuzAga 15:1: “Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.” Nokho, uma abanye abantu bezibonakalisa ukuba-ngabangenangqondo, ngakho-ke kungcono nje ukubashiya.—Math. 7:6.
9, 10. Ingabe ukuba-namasu okungacunuli-muntu kuyadingeka lapho sisebenzelana nabafowethu abangamaKristu na?
9 Ukuba-namasu okungacunuli-muntu kubafowethu abangamaKristu. Asifanele sizijwayeze ukuba-namasu okungacunuli-muntu ekusebenzelaneni nalabo abangamazi uJehova kuphela, kepha kuyadingeka nalapho sisebenzelana nabafowethu abangokomoya. Ngezinye izikhathi abafowethu nodade abanamasu okungacunuli-muntu kakhulu enkonzweni yasensimini bangahle bakhohlwe yindingeko yokubanamasu okungacunuli-muntu ebuhlotsheni babo bobuzalwane. Ukuthamba ngenkulumo nangezenzo kubalulekile phakathi kwenhlangano kaJehova ngokwakha umoya wothando nobunye nokuba-nobuhlobo obuhle bansuku zonke. UPawulu wathi: “Asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.”—Gal. 6:10.
10 Sithakazelela abafowethu, ikakhulu isithakazelo sabo esingokomoya, ngokuba sonke sisenhlanganweni kaJehova. (Fil. 2:2, 4) Nokho, umuntu onamasu okungacunuli-muntu wazisa ukuthi lapho enesithakazelo kubafowabo akafanele athungathe izindaba zabo zangasese, mhlawumbe ebuza imibuzo ekhungathekisayo engelona idokwe eligayelwe yena ukuthi ayibuze. Ukuba-namasu okungacunuli-muntu kuyosisiza ukuxwaya ukuba-“ngozigaxa ezindabeni zabanye.”—1 Pet. 4:15.
11. IMibhalo iyibonisa kanjani indingeko yokuba-namasu okungacunuli-muntu ngakwabadala ebandleni na?
11 Ukuba-namasu okungacunuli-muntu kubalulekile ikakhulu ngabadala abaphatha izinkinga ebandleni. Lapho umphostoli uPawulu enikela uThimothewu imiyalo ngendlela yokuphatha labo abaphiyazayo ebandleni lobuKristu, wagcizelela indingeko yokuthamba nokuba-nomusa, ethi: “Inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe-mnene kubo bonke, . . . ibekezela, ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe . . . basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane.” (2 Thim. 2:24-26) Ngokufanayo umphostoli wayala ukuthi kusetshenziswe u“moya wobumnene” lapho kukhulunywa nomfowethu oduke ngaphambi kokukuqaphela. (Gal. 6:1) Ekwelulekeni abanjalo abadala badinga ukuba-namasu okungacunuli-muntu, kepha ngaso lesosikhathi baqinile ngenxa yezimiso zokulunga.
12, 13. Kungani ukuba-namasu okungacunuli-muntu kubalulekile phakathi kwamakhaya ethu na?
12 Ukuba-namasu okungacunuli-muntu kwethu ekusebenzelaneni nabanye kufanele kuhlanganise nalabo abaphakathi komkhaya wethu. Akukho-sizathu sokuba-ngongancengi noma ongenamusa kubantu abaphakathi komkhaya ngokuba sibazi kahle. Nabo badinga ukuphathwa ngokuba-namasu okungacunuli-muntu. Bayocunulwa yizinkulumo zokungancengi, zokubhinqa noma ezinokhahlo. Futhi uma amanye amalunga omkhaya angezona izinceku zikaJehova, ingabe lokho kusho ukuthi singakuyeka ukuba-namasu okungacunuli-muntu lapho sikhuluma nawo na? Phinde, ngokuba ukuba-namasu okungacunuli-muntu ekusebenzelaneni nabangakholwayo kungahle kuphumele ekuthini bakwamukele ukukhulekela kweqiniso ngolunye usuku.—1 Pet. 3:1, 2.
13 Ukusetshenziswa kokwasezulwini ukuba-namasu okungacunuli-muntu kuthela izithelo ezinhle eziningi noma sisebenzelana nomphakathi, abafowethu nodade abangokomoya, noma imikhaya yethu. Kunomphumela ojabulisayo esilalelini, njengoba IzAga 16:24 zibonisa: “Amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.” Impela-ke, zijwayeze ukuba-namasu okungacunuli-muntu, kushukunyiswa yisifiso esinamandla sokusiza bonke ohlangana nabo.