Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • sg isif. 32 kk. 158-162
  • Ukugcizelelwa Kwengqondo Nokungafani Kwezwi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugcizelelwa Kwengqondo Nokungafani Kwezwi
  • Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • **********
  • Ukushintshashintsha Kwezwi
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukugcizelela Umqondo Okufanele
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukushintshashintsha Kwezwi
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Iseluleko Siyakha
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
sg isif. 32 kk. 158-162

Isifundo 32

Ukugcizelelwa Kwengqondo Nokungafani Kwezwi

1, 2. Ukugcizelela kwengqondo kwenzani enkulumweni na?

1 Ukugcizelelwa kwengqondo nokungafani kwezwi kuyahlangana ukwenza inkulumo ibe-nengqondo futhi ikhanye kakhulu. Ngaphandle kwakho, imicabango iyaphendukezelwa futhi isithakazelo siza kancane kakhulu. Njengoba ukugcizelela kwengqondo ngokuvamile kulula ukukufunda kahle kulokhu okubili, siyokunakekela kuqala.

2 Khumbula lokho okumelwe kufezwe wukugcizelela kwengqondo. Kumelwe kugcizelele amazwi noma imicabango kangangoba iyonikeza incazelo eshaya emhloleni nokubonisa izilaleli zakho ukubaluleka kwayo okuvumelanayo. Ngezinye izikhathi ukugcizelela okudingekayo kunamandla nje noma kulula, kepha kukhona izikhathi lapho kudinga izichasiselwana ezinhlana.

3-7. Yisho indlela umuntu angazuza ngayo ukugcizelela kwengqondo okuhle.

3 Amazwi anikeza imicabango emishweni agcizelelwe. Ukubekwa kokugcizelela ngokwesisekelo yindaba yokuthi yimaphi amazwi agcizelelwe. Kuhilela ukubona lawomazwi anikeza umcabango, nangokugcizelela okufanele noma ukuqinisa, enziwa aqhame ngokuhlangene namazwi awazungezile. Uma amanye amazwi ngaphandle kwalawo anomcabango egcizelelwa, incazelo iyosithela noma iphendukezelwe.

4 Abantu abaningi enkulumweni evamile, yansuku zonke bayokukhanyisa abakushoyo. Ngaphandle kokuba unesijwayezo esithile, njengokugcizelela imibekwaphambili, lomqondo ufanele unganikeli inkinga yangempela. Noma yibuphi ubuthakathaka obuqhamile endabeni yokubekwa ngokuvamile bungumphumela wesithile isijwayezo esinjalo. Uma lokho kuyinkinga yakho, yisebenze ngokukhuthala. Ngokuvamile izinjwayelo ezinjalo azikwazi ukuyekwa enkulumweni eyodwa noma ezimbili, njalo umeluleki wakho angahle angakubambeleli uma ukubeka kwakho okungalungile kungaphinyiswanga kangangoba kuphendukezelwe okushoyo. Kepha ngenkulumo enamandla kakhulu nephumelelayo, qhubeka usebenza uze ukufunde kahle ngokuphelele ukubekwa okufanele kokugcizelela.

5 Ngokuvamile kumelwe kunikezwe umcabango wangabomu ngaphezulu ekugcizelelweni kwengqondo ekulungiseleleni ukufunda kwasobala kunasenkulumweni engahloswanga nje. Lokho kuliqiniso ngokufundwa kwemibhalo enkulumweni njengoba kunjalo ngokufundwa kwezigaba esifundweni sebandla seNqabayokulinda. Isizathu kungani kumelwe kunikezwe ukunakekela okungaphezulu ekugcizelelweni kwengqondo lapho kumelwe kufundwe wukuthi indaba esiyifundayo ngokuvamile yalotshwa ngomunye. Njalo sidinga ukuyifundisisa, sihlaziya umcabango futhi siphinda amazwi uqobo lwawo size siwajwayele.

6 Ukugcizelela noma ukugcizelelwa kwengqondo kungafezwa kanjani na? Kukhona izindlela ezahlukene, ezivame ukusetshenziswa ngokuhlangene: ngezwi elikhulu kakhulu, ngamandla angaphezulu noma ukuzwela, ngokwehlisa izwi, ngokuphakamisa ukuphakama kwezwi, ngenkulumo engajahi neqondiwe, ngokwandisa ijubane, ngokuhlaba ikhefu ngaphambi nangemuva kwenkulumo (noma kokubili), ngokushukuma komzimba nobuso.

7 Okokuqala khathazeka ikakhulu ngokuthi ukugcizelela kwakho kubekwe ngokufanele futhi nangebanga elifanele ukwenza amazwi ayisihluthulelo aqhame. Njalo, ekulungiseleleni indaba yakho, dwebela amazwi ayisihluthulelo uma uyoyifunda. Uma ukhuluma ngokungahloswanga, thola imicabango ngokukhanyayo engqondweni. Sebenzisa amazwi ayisihluthulelo kokulotshiweyo kwakho bese ugcizelela lawomazwi.

8, 9. Kungani kubalulekile ukuba imiqondo eyinhloko igcizelelwe na?

8 Imiqondo eyinhloko enkulumweni igcizelelwe. Lona ngumqondo wokugcizelelwa kwengqondo ovame ukuntuleka kakhulu. Ngezikhathi ezinjalo akukho-kuphakama kokugcina enkulumweni. Akukho okuqhama ngaphezu kwakho konke okunye. Lapho inkulumo iphethwa ngokuvamile akwenzeki ukukhumbula noma yini njengeqhamile. Ngisho noma amaphuzu amakhulu elungiselelwe ngokufanele ukuwenza aqhame, ukwahluleka ukuwanikela ukugcizelela okufanele ekunikeleni kungawenza-buthakathaka kufinyelela lapho angahle alahleke khona.

9 Ukunqoba lenkinga, umelwe uhlaziyisise indaba yakho kuqala. Liyini iphuzu elibaluleke kakhulu lenkulumo na? Yiliphi elilandelayo elibaluleke kakhulu na? Uma ubucelwe ukusho umnyombo wenkulumo ngomusho owodwa noma emibili, ubungathini na? Leyo ngenye yezindlela ezinhle kakhulu yokuphawula okusemqoka. Ngemuva kokuba lokhu sekwaziwa, kuphawule kokulotshiweyo kwakho noma umbhalo olotshiwe. Manje ungakhela kulamaphuzu njengemivuthondaba. Awukuphakama kokugcina kwenkulumo yakho futhi, uma indaba ihlelelwe uhlaka lwenkulumo oluhle futhi uyinikela ngamabanga anamandla okugcizelela, imiqondo eyinhloko iyokhunjulwa. Leyo yinjongo yakho yokukhuluma.

**********

10-12. Chaza lokho okushiwo wukungafani kwezwi.

10 Ukugcizelelwa kwengqondo okulula kwenza izilaleli ziqonde lokho okushoyo, kepha ukwahlukana ekugcizeleleni okunikelwa wukungafani kwezwi kungakwenza zikujabulele ukukulalela. Ingabe ukusebenzisa kahle ukungafani kwezwi enkonzweni yakho yasensimini nasezinkulumweni onelungelo lokuzinikeza ebandleni na?

11 Ukungafani kwezwi wukwahluka okuvelavela njalo kokuphakama kwezwi, ijubane namandla okucetshelwe ukugcina isithakazelo nokubonakalisa imicabango yakho ethuthukayo nemizwelo njengesikhulumi. Ukukukhonza kahle kakhulu, ukungafani kwakho kwezwi kufanele kuhlanganise ibanga lokukhanya eligcwele indaba yenkulumo ethile eyolivumela. Ebangeni eliphakeme kakhulu lokungafani kwezwi ungahle, ngebanga elinciphayo, ube-nokujabula, ukushiseka nesithakazelo esikhulu. Ebangeni eliphakathi yisithakazelo esilingene, lapho ebangeni eliphansana kuwukungathi sína nesizotha.

12 Akukho-sikhathi lapho ubuyothanda ukubukeka ukhanga amehlo ngezinkulumo ezidlulisile. Inkulumo yethu ifanele ikhanye, ingabi-nesizotha sobuzenzisi njengabefundisi abajwayelekile, noma ibe-namandla ngokuhayizayo njengeyomvangeli womhlangano wetende. Isizotha esifanele nenhlonipho yesigijimi soMbuso kuyovimbela noma yikuphi okunjalo ukubonakaliswa okungebona ubuKristu.

13, 14. Kushiwoni ngokwahlukahluka ngamandla na?

13 Ukwahlukahluka ngamandla. Mhlawumbe indlela elula kunazo zonke yokuthola ukungafani kwezwi wukuguqula amandla ezwi lakho. Lena ngenye indlela yokwakha imivuthondaba nokugcizelela amaphuzu amakhulu enkulumo yakho. Nokho, ukuphakamisa kuphela izwi lakho akusoze njalo kwenze amaphuzu aqhame. Ngezinye izikhathi bekungahle kuwenze aqhame ngaphezulu, kepha amandla angeziwe anikelwa ngawo angahle ayivimbele injongo yakho. Kungenzeka ukuthi amaphuzu akho abizela ngaphezulu ukufudumala nokuzwela kunezwi elinamandla. Ngalesisikhathi, yehlisa izwi lakho kepha yandisa ukujula kwezwi lakho. Bekuyofana noma lapho usho ukukhathazeka noma ukwesaba.

14 Lapho ukwahlukahluka ngamandla kudingekile ngokungafani kwezwi, kumelwe kuqashelwe kungakhulunywa kancane kangangoba abanye bengenakuzwa. Nezwi alifanele liphakanyiselwe kuya lapho lingasajabulisi khona.

15-17. Ukwahlukahluka ngokushesha kuyikhulisa kanjani inkulumo na?

15 Ukwahlukahluka ngokushesha. Zimbalwa izikhulumi eziqalayo eziyoguqula ukushesha kwazo endaweni yesikhulumi. Sikwenza njalo enkulumweni yethu yansuku zonke ngokuba amazwi ethu aphuma ngokuzenzekelayo njengoba sicabanga ngawo noma siwadinga. Kepha isikhulumi esisha endaweni yesikhulumi ngokuvamile asinakuzivumela ukukwenza lokhu. Silungiselela amazwi aso nemishwana ngokunakekela kakhulu, njalo onke amazwi aphuma ngesilinganiso esifanayo sejubane. Ukukhuluma usukela ohlakeni lwenkulumo kuyosiza ukulungisa lobubuthakathaka.

16 Ukuqhubeka okukhulu kwenkulumo yakho kufanele kube-wukushesha okulinganiselwe. Amaphuzwana amancane, ukulandisa, imifanekiso eminingi, njalonjalo, kuyokuvumela usheshise. Izizathu ezinamandla kakhulu, imivuthondaba namaphuzu amakhulu ngokuvamile kubizela ukunikela okuhamba kancane kakhulu. Ngezinye izikhathi, ikakhulu ngokugcizelela ngamandla, ubungasebenzisa ukugcizelela okuhamba kancane, kwangabomu. Ubungahle ume ngisho ngokuphelele, ekhefini, okuyinguquko ephelele yokushesha.

17 Amazwana ambalwa esixwayiso. Musa ukukhuluma nanini ngokushesha kangangoba ukuphimisela kwakho konakale. Ukuzijwayeza okuhle ngezikhathi zokuzijwayeza komuntu yedwa wukuzama ukufunda kakhulu masinyane ngangamandla akho ngaphandle kokungingiza. Phindaphinda sona lesosigaba kaningi, wandisa njalo ukushesha kwakho ngaphandle kokungingiza noma ukunciphisa umsindo wokuphimisa amazwi ngokukhanyayo. Bese uzama ukufunda ngokuhamba kancane ngangokunokwenzeka, u-nwe-ba o-nka-mi-sa kunokunqamula amazwi. Bese usheshisa futhi uhambe kancane ngokuphambanisa nangokwenzeka nangezikhawu izwi lakho lize libe-ngeliguqukayo futhi lenze lokho ofuna likwenze. Manje lapho ukhuluma, izinguquko zakho ekushesheni ziyokuzizela, ngokwengqondo yalokho okushoyo.

18-20. Chaza indlela umuntu angazuza ngayo ukwahlukahluka ekuphakameni.

18 Ukwahlukahluka ngokuphakama. Ukuguquka kokuphakama mhlawumbe yindlela elukhuni kunazo zonke zokungafani kwezwi, okungukuthi, kunoma yiliphi ibanga. Phela, sigcizelela njalo amazwi ngokuphakamisa kancane ukuphakama, ngokuvamile kuhambisana nokuncane ukwandiswa kwamandla. Sengathi, siyalishaya izwi.

19 Kepha kubizelwa inguquko engaphezulu kunalena uma umelwe uthole inzuzo ezedlula zonke kulomqondo wokungafani kwezwi. Zama ukufunda ngezwi elikhulu uGenesise 18:3-8 no-19:6-9. Qaphela ukwahlukahluka okukhulu kwakho kokubili ukushesha nokuphakama okubizelwayo kulamavesi. Injabulo nokushiseka njalo kuphumela ekuphakameni okukhulu kunokudabuka noma ukukhathazeka. Lapho lemizwelo ibonakala endabeni yakho, yisho ngokuyikho.

20 Omunye wawonobangela abakhulu bobuthakathaka kulomqondo wenkulumo wukuntuleka kwesimo samandla ezwini. Uma lokho kuyinkinga yakho, yisebenzele. Zama ukuzijwayeza okufana nalokho okusikiselwe ngaphambidlana kulesifundo. Kulokhu, nokho, sebenzela ukuphakamisa nokwehlisa ukuphakama kunokuguqula ukushesha.

21-24. Kungani ukungafani kwezwi kumelwe kufanele umcabango noma umzwelo na?

21 Ukungafani kwezwi okufanele umcabango noma umzwelo. Ekuxoxeni kwethu ngalemfanelo kuze kube-manje kuyakhanya ngempela ukuthi ukwahlukahluka kwezwi akukwazi ukwenzela nje ukuthola ukwahlukahluka. Izinkulumo zakho zimelwe zifanele isimo senhliziyo salokho okushoyo. Kuqalaphi-ke, ukungafani kwezwi na? Kusobala, kuqala ngendaba olungiselele ukuyinikela. Uma ungenalutho ngaphandle kokuphikisana noma lutho ngaphandle komyalo enkulumeni yakho, uyokuba-nokwahlukahluka okuncane ekunikeleni kwakho. Njalo hlaziya uhlaka lwakho lwenkulumo ngemuva kokuluqeda futhi qiniseka ukuthi unazo zonke izithako zokunikela okukhanyayo kanye nokunengqondo.

22 Kepha ngezinye izikhathi phakathi nenkulumo yakho ucabanga ngendingeko yokuguqula ukushesha. Uzwa sengathi inkulumo yakho iyanensa. Ungenzani na? Nalapha futhi ukunikela okungahloswanga kunosizo. Ungaguqula isimo sendaba yakho njengoba uqhubeka. Kanjani? Enye indlela bekuyokuba-wukuyeka ukukhuluma bese uqala ukufunda itekisi eBhayibhelini. Noma ubungahle uguqule enye inkulumo ibe-wumbuzo, ngokuhlaba ikhefu lokugcizelela. Mhlawumbe ubungafaka umfanekiso, uwenza ufanelisane nendaba yohlaka Iwakho lwenkulumo.

23 Lamasu esetshenziswe phakathi nenkulumo, phela, ngawezikhulumi ezinolwazi. Kepha ungasebenzisa imiqondo efanayo ekulungiseleleni indaba yakho ngaphambili ngesabelo sakho.

24 Kuthiwa ukungafani kwezwi kunikela umdlandla enkulumweni. Uma kusetshenziswe uhlobo oluhle nangobukhulu obufanele, kuyokhipha ubumnandi obuphelele bendaba yakho futhi kujabulise izilaleli zakho.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela