Isifundo 34
Imifanekiso Efanele
1, 2. Bonisa kafushane lokho imifanekiso ekwenzela inkulumo.
1 Lapho isikhulumi sisebenzisa imifanekiso, sigcizelela ngempela imifanekiso enengqondo ezingqondweni zezilaleli zaso. Imifanekiso iqhubezela isithakazelo iqokomise nemiqondo ebalulekile. Ivusa imicabango yomuntu bese yenza kube-lula kakhulu ukubamba imicabango emisha. Imifanekiso ekhethwe kahle ihlanganisa ukukhanga okunengqondo namandla okushayana komzwelo. Umphumela wukuthi isigijimi sinikezwa engqondweni ngamandla anganokwenzeka ngokuvamile ngezinkulumo ezilula zeqiniso. Kepha lokhu kuliqiniso kuphela uma imifanekiso ifanele. Imelwe ifanele indaba yakho.
2 Lapho kudingekile, umfanekiso ungasetshenziselwa ukuvika ukukhetha noma ubandlululo. Ungasusa amazwi okuphikisa ngaphambi kokwethulwa kwemfundiso yokuphikisana. Ngokwesibonelo, ubungahle uthi, “Akakho uyise obengabeka isandla somntanakhe esitofini esishisayo njengendlela yokujezisa.” Umfanekiso onjalo wethula imfundiso yesi“hogo” ubuyokwenza masinyane umqondo wenkolo yamanga wesi“hogo” wenyanyeke nangalokho uchithwe kalula kakhulu.
3-6. Imifanekiso ingahle ithathwe kumiphi imithombo na?
3 Imifanekiso ingathatha izimo eziningi. Ingaba-yizifanelisano, ukuqhathanisa, umehluko, izifaniso, izingathekiso, okuhlangenwe nakho komuntu uqobo, izibonelo. Ingakhethwa emithonjeni eminingi. Ingaphatha izinto zendalo eziphilayo nezingaphili. Ingasekelwa emisebenzini yezilaleli, ezimpawaneni zabantu noma izimpawu, ezintweni zasendlini, noma emisebenzini yabantu enjengezindlu, imikhumbi, njalonjalo. Noma yimuphi umfanekiso osetshenziswayo, nokho, ufanele ukhethwe ngenxa yesikhathi nendaba, hayi nje ngokuba ungumfanekiso oligugu wesikhulumi.
4 Izwi lesixwayiso. Musa ukunonga ngokweqile inkulumo ngemifanekiso eminingi ngokweqile. Yisebenzise, kepha musa ukuyisebenzisa ngokweqile.
5 Ukusebenzisa ngokufanele imifanekiso wubuciko. Kudinga ikhono nolwazi lokuzibonela. Kepha ukuphumelela kwayo akukwazi ukunwetshwa. Ukufunda ukusebenzisa imifanekiso umelwe ufunde ukucabanga ngemifanekiso. Njengoba ufunda, qaphela imifanekiso esetshenzisiwe. Njengoba ubheka izinto, cabanga ngazo ngokuphila kobuKristu nenkonzo. Ngokwesibonelo, uma ubona imbali efakwe embizeni ebukeka yomile futhi ibunile, ubungahle ucabange, “Ubuhlobo bunjengesithombo. Ukuze buchume bumelwe buthelelwe.” Abanye abantu namuhla babheka inyanga ngokuhamba emkhathini kuphela. UmKristu uyibheka njengeyenziwe nguNkulunkulu, inkanyezi encikene nenye enkulu yendalo yakhe, into ehlala phakade, okuthile okuthinta ukuphila kwethu kwansuku zonke, okubangela ukuhlehla nokubuya kolwandle.
6 Ekulungiseleleni inkulumo, uma imifanekiso elula ingafiki masinyane engqondweni, hlola indaba ehlangene ezincwadini zeWatch Tower Society. Bheka noma imifanekiso isetshenzisiwe lapho. Cabanga ngamazwi ayisihluthulelo enkulumweni nemifanekiso ayinikezayo engqondweni yakho. Yakhela kulena. Kepha khumbula, umfanekiso ongafanele mubi kunokungabi-namfanekiso neze. Lapho ucabangela ukuthi “Imifanekiso ifanela indaba,” efakwe epheshaneni Leseluleko Senkulumo, kukhona imibono eminingana yendaba emelwe ikhunjulwe.
7-9. Kungani imifanekiso elula iphumelela kakhulu na?
7 Ilula. Umfanekiso olula ulula kakhulu ukukhunjulwa. Unikela endleleni yempikiswano kunokuxoshana ngenxa yesimo sawo esiyinkimbinkimbi. Imifanekiso kaJesu yayivame ukungabi-namazwi amaningi kakhulu. (Ngokwesibonelo, bheka ngokukaMathewu 13:31-33; 24:32, 33.) Ukuba-lula, ulwazi lwamagama lumelwe luqondakale. Uma umfanekiso udinga incazelo eningi, ungumthwalo oweqile. Ulahle noma wenze ube-lula.
8 UJesu wasebenzisa izintwana ezincane ukuchaza izinto ezinkulu, izinto ezilula ukuchaza izinto ezinzima. Umfanekiso ufanele ubonwe kalula, ungabi-nemisuka eminingi ngokweqile enikelwe kanye-kanye. Ufanele ushaye emhloleni nowoqobo. Imifanekiso enjalo akulula ukuyisebenzisa kabi.
9 Umfanekiso muhle kakhulu uma ulinganisana ngokuphelele nendaba ocetshelwe ukuyifanekisa. Uma umbono othile womfanekiso ungafanele, kungahle kube-ngcono ukungawusebenzisi. Omunye uyocabanga ngezimo ezingafanele bese ulahlekelwa ukuphumelela kwawo.
10, 11. Bonisa kungani ukusetshenziswa kwemifanekiso kumelwe kukhanyiswe.
10 Ukusetshenziswa kukhanyisiwe. Uma ukusetshenziswa komfanekiso kungakhanyisiwe, abanye bangahle balithole iphuzu kepha abaningi bangeke. Isikhulumi simelwe sikhanyelwe ngumfanekiso engqondweni futhi siyazi injongo yawo. Sifanele sisho kalula ukuthi luyini usizo lomfanekiso. (Bona ngokukaMathewu 12:10-12.)
11 Umfanekiso ungasetshenziswa ngezindlela eziningi. Ungasetshenziselwa ukumisa isimiso esishiwo kalula noma ngaphambi komfanekiso noma ngemuva. Ungasetshenziswa ngokugcizelela imiphumela yendaba eboniswe ngomfanekiso. Noma ungasetshenziswa ngokukhomba nje ekufaneni kwamaphuzu omfanekiso nendaba.
12-14. Yini eyosiza ukunquma lokho okuwumfanekiso ofanele na?
12 Amaphuzu abalulekile agcizelelwe. Musa ukusebenzisa umfanekiso ngokuba nje kwenzekile wacabanga ngawo. Hlaziya inkulumo ukwazi ukuthi yimaphi amaphuzu amakhulu bese ukhetha imifanekiso yokusiza ekuwangenisiseni emqondweni. Uma imifanekiso enamandla isetshenziswa emaphuzwaneni amancane, izilaleli zingahle zikhumbule amaphuzwana amancane kunamakhulu. (Bheka ngokukaMathewu 18:21-35; 7:24-27.)
13 Umfanekiso awufanele ufiphaze indaba. Bekungahle kube-yilokho izilaleli ezikukhumbulayo, kepha njengoba zikhumbula umfanekiso nephuzu obuhlose ukuliqokomisa zifanele zilikhumbule. Uma kungenjalo, umfanekiso uqhame ngokweqile.
14 Ekulungiseleleni inkulumo nasekukhetheni imifanekiso, linganisa usizo lomfanekiso ngokuqhathanisa namaphuzu amelwe agcizelelwe. Ingabe uyawaqinisa lamaphuzu na? Ingabe uyawaqhamisa na? Ingabe wenza lamaphuzu aqondakale futhi akhumbuleke kalula kakhulu na? Uma kungenjalo, akuwona umfanekiso ofanele.
**********
15, 16. Chaza kungani imifanekiso imelwe ifanele izilaieli.
15 Imifanekiso ayimelwe nje ifanele indaba kepha imelwe ifaneliswe izilaleli zakho. Lokhu kufakwe ohidini ngokwahlukile epheshaneni leseluleko njengokuthi “Imifanekiso ifanela izilaleli.” Lapho uNathani ebizelwa ukuba eluleke uDavide ngesono sakhe noBati-Sheba, wakhetha umfanekiso wendoda empofu nemvana yayo eyodwa vo. (2 Sam. 12:1-6) Lomfanekiso wawungenamasu okungacunuli-muntu kuphela, kepha wamfanela uDavide, njengoba wayengumalusi. Walithola masinyane iphuzu.
16 Uma abantu abaningi ezilalelini bebadadlana, akufanele kusetshenziswe imifanekiso ebiyohlaba umxhwele abasha kuphela. Kepha eqenjini lezitshudeni zasekholishi, imifanekiso enjalo ibingahle ibe-ngefanele ngokuphelele. Ngezinye izikhathi imifanekiso ibingasondelelwa ngemibono emibili ephambene ngenxa yalabo abasezilalelini, njengamadoda nabesifazane abadala nabasha.
17-19. Ukuze imifanekiso yakho izihlabe umxhwele izilaleli zakho, ifanele ithathwe kuphi na?
17 Ithathwe ezimweni ezejwayelekile. Uma usebenzisa izinto ezitholakalayo ekwenzeni imifanekiso, iyojwayeleka ezilalelini zakho. UJesu wakwenza lokhu. Kowesifazane owayesemthonjeni wafanisa izimfanelo zakhe zokunikeza ukuphila namanzi. Wathathela ezintweni ezincane zokuphila, hayi ezingavamile. Imifanekiso yakhe yanikela masinyane umfanekiso ezingqondweni zalabo ababesezilalelini zakhe, noma yabakhumbuza masinyane ngento omunye nomunye ayibonile ekuphileni kwakhe. Wasebenzisa imifanekiso ukufundisa.
18 Ngokufanayo namuhla. Amakhosikazi emizi angahle azi ngengqungquthela yamabhizinisi, kepha wenza kahle kakhulu uma ufanekisa amazwi akho ngezinto ezisekuphileni kwawo kwansuku zonke, abantwana bawo, imisebenzi yawo yasendlini nezinto ezisetshenziswa ekhaya.
19 Iyaphumelela nemifanekiso esekelwe kokuthile okufunyanwa kuleyondawo ngempela, okungokomdabu mhlawumbe kuphela kuleyondawo ethile. Izenzakalo ezisandʼukwenzeka ezidumile emgwamandeni, njengezinto ezisemaphephandabeni akuleyondawo, nazo zifanele uma zinambitheka.
20-22. Shono ezinye izikhubazo ezimelwe zixwaywe ekusetshenzisweni kwemifanekiso.
20 Ngokunambitheka. Noma yimuphi umfanekiso osetshenziswayo ufanele ube-ngofanele ingxoxo yeBhayibheli. Kusobala, imifanekiso ayifanele ibe-“yichilo,” okungukuthi, maqondana nezimilo. Xwaya izinkulumo ezisho okubili uma bezingahle zihunyushwe kabi. Umgomo omuhle wokulandelwa wukuthi: Uma ungabaza, wushiye.
21 Imifanekiso ayifanele ngokungadingekile icasule noma ngubani ezilalelini zakho, ikakhulu labo abasandʼukuhlanganyela. Ngalesisizathu, bekungenakuba-kuhle ukuphakamisa izindaba zemfundiso noma zokuphikisana okungezona okuphikiswana ngazo ngempela engxoxweni yakho. Ngokwesibonelo, ubungenakusebenzisa isibonelo esinjengokumpontshelwa kwegazi noma ukukhulekela ifulegi uma esinjalo bekungelona iphuzu elikhulu lenkulumo. Omunye abengahle adede futhi ngisho akhubeke. Uma isizathu senkulumo yakho kuwukuxoxa ngezindaba ezinjalo, lokho kwahlukile. Ngakho-ke unethuba lokuzindla ngazo nokukholisa izilaleli zakho. Kepha ungavimbeli injongo yakho ngokuvumela imifanekiso yakho ilimaze izilaleli zakho ziphikisane namaqiniso abalulekile oxoxa ngawo.
22 Njalo sebenzisa ukuhlakanipha kobudoda ekukhetheni imifanekiso yakho. Qiniseka ukuba ifanele. Iyokuba-njalo uma ifanele indaba yakho nezilaleli zakho.