Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 45
  • Ukuwela Umfula IJordani

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuwela Umfula IJordani
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Wakhetha UJoshuwa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Qina, Ume Isibindi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Uyini Umphongolo Wesivumelwano?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-6—UJoshuwa
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 45
Isizwe sakwa-Israyeli siwela uMfula iJordani

INdaba 45

Ukuwela UMfula IJordani

BHEKA! ama-Israyeli awela uMfula iJordani! Kodwa aphi amanzi? Ngenxa yemvula eningi ngaleso sikhathi sonyaka, umfula wawukade ugcwele kakhulu ngemizuzwana nje ngaphambili. Kodwa manje amanzi awasekho! Ama-Israyeli awela emhlabathini owomile njengoba kwakunjalo oLwandle Olubomvu! Ashonephi wonke amanzi? Ake sibone.

Lapho kufika isikhathi sokuba ama-Israyeli awele uMfula iJordani, uJehova wathi uJoshuwa atshele abantu lokhu: ‘Abapristi kufanele bathathe umphongolo wesivumelwano bahambe phambi kwethu. Uma befaka izinyawo zabo emanzini oMfula iJordani, amanzi ayovimbeka.’

Ngakho abapristi bathatha umphongolo wesivumelwano, bawuthwale phambi kwa-bantu. Uma befika eJordani, abapristi ba-ngena emanzini. Amanzi ahamba ngamandla futhi ayashona. Kodwa lapho nje izinyawo zabo zithinta amanzi, amanzi ayama! Isimangaliso! Amanzi angenhla uJehova uwenze idamu. Ngakho ngokushesha awasekho amanzi emfuleni!

Abapristi bami emhlabathini owomuli phakathi nomfula bethwele umphongolo wesivumelwane emahlombe abo njengoba abantu bewelela ngaphesheya

Abapristi abathwele umphongolo wesivumelwano baya phakathi nomfula owomile. Uyababona esithombeni? Njengoba bemile lapho, wonke ama-Israyeli ayahamba awele uMfula iJordani emhlabathini owomile!

UJoshuwa

Lapho bonke sebewelile, uJehova uthi kuJoshuwa atshele amadoda anamandla ayi-12: ‘Ngenani emfuleni lapho abapristi bemi khona nomphongolo. Thathani amatshe ayi-12, niwabeke lapho nizohlala khona namuhla ebusuku. Khona-ke, esikhathini esizayo, uma inzalo yenu inibuza ukuthi la matshe ashoni, niyitshele ukuthi amanzi anqamuka lapho umphongolo kaJehova uwela iJordani. La matshe ayonikhumbuza ngalesi simangaliso!’ UJoshuwa futhi ubeka amatshe ayi-12 lapho abapristi bebemi khona emfuleni.

Ekugcineni uJoshuwa utshela abapristi abaphethe umphongolo wesivumelwano: ‘Khuphukani niphume eJordani.’ Ngokushesha nje uma besuka, umfula uqala ukuhamba futhi.

Joshuwa 3:1-17; 4:1-18.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela