Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 57
  • UNkulunkulu Ukhetha UDavide

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Ukhetha UDavide
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ubona Lokho Inhliziyo Eyikho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • UDavide NoGoliyati
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • USamuweli Uthuthukisa Ukukhulekela Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 57
UDavide ubulele ibhere ukuze avikele iwundlu

INdaba 57

UNkulunkulu Ukhetha UDavide

UYABONA ukuthi bekwenzekani? Lo mfana usindise leli wundlu kuleli bhere. Ibhere lifike lathatha iwundlu lithi liyolidla. Kodwa lo mfana uye walilandela, wasindisa iwundlu emlonyeni webhere. Uma ibhere liphakama, umfana uye walibamba walishaya walibulala! Ngesinye isikhathi wasindisa enye imvu engonyameni. Ungumfana onesibindi, angithi? Uyazi ukuthi ungubani?

Lona uDavide esemncane. Uhlala emzini waseBhetlehema. Uyisemkhulu kwakungu-Obede, indodana kaRuthe noBhowazi. Uyabakhumbula? Uyise kaDavide uJese. UDavide welusa izimvu zikayise. Wazalwa eminyakeni eyi-10 ngemva kokukhetha kukaJehova uSawule ukuba abe yinkosi.

Kufika isikhathi lapho uJehova ethi kuSamuweli: ‘Thatha amafutha akhethekile uye endlini kaJese eBhetlehema. Ngikhethé enye yamadodana akhe ukuba ibe yinkosi.’ Uma uSamuweli ebona indodana kaJese endala u-Eliyabe, ukhuluma yedwa: ‘Uye lo uJehova amkhethileyo.’ Kodwa uJehova uthi kuye: ‘Ungabheki ubude nobuhle bakhe. Angikhethanga yena ukuba abe yinkosi.’

Ngakho uJese ubiza indodana yakhe u-Abhinadaba amlethe kuSamuweli. USamuweli athi: ‘Cha, uJehova akamkhethanga naye.’ UJese alethe indodana yakhe uShama. USamuweli athi: ‘Cha, uJehova naye akamkhethanga.’ UJese uletha ayisikhombisa amadodana akhe kuSamuweli, kodwa uJehova akakhethi neyodwa yawo. USamuweli abuze, ‘Ingabe sebephelele bonke abafana?’

UJese athi: ‘Kusekhona omncane kunabo bonke. Kodwa uphumile uyokwelusa izimvu.’ Uma uDavide elethwa, uSamuweli uyabona ukuthi ungumfana omuhle. ‘Uye lona,’ kusho uJehova. ‘Mthele ngamafutha.’ Akwenze lokho uSamuweli. Sizofika isikhathi lapho uDavide ezoba yinkosi yakwa-Israyeli.

1 Samuweli 17:34, 35; 16:1-13.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela