Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 67
  • UJehoshafati Wethemba Inkosi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehoshafati Wethemba Inkosi
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uvikela UJehoshafati
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Impi Ayisiyo Eyenu, NgekaNkulunkulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Uyoyigxilisa Yini Inhliziyo Yakho Ezintweni Ezilotshiwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Bheka Abanye Ngendlela UJehova Ababheka Ngayo
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2023
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 67
Abahlabeleli abaphambi kwebutho likaJehoshafati

INdaba 67

UJehoshafati Wethemba INkosi

UYAZI ukuthi angobani la madoda nokuthi enzani? Aya empini, amadoda angaphambili ayacula. Kodwa ungase ubuze: ‘Kungani abaculayo bengenazo izinkemba nemikhonto yokulwa!’ Ake sibone.

UJehoshafati uyinkosi yombuso wezizwe ezimbili zakwa-Israyeli. Uphila ngesikhathi esifanayo neseNkosi u-Ahabi noJezebeli bombuso wezizwe eziyi-10 wasenyakatho. Kodwa uJehoshafati uyinkosi elungileyo, noyise u-Asa wayeyinkosi enhle. Ngakho eminyakeni eminingi abantu bombuso waseningizimu wezizwe ezimbili babephila impilo enhle.

Kodwa manje kwenzeka okuthile okwethusa abantu. Izithunywa ziyabika kuJehoshafati: ‘Impi enkulu yamazwe akwaMowabi, u-Amoni nelaseNtabeni iSeyiri iyeza izokuhlasela.’ Ama-Israyeli amaningi ahlangana eJerusalema afuna usizo lukaJehova. Aya ethempelini, uJehoshafati akhuleke khona: ‘O Jehova Nkulunkulu wethu, asikwazi esizokwenza. Asilutho kule mpi enkulu. Sibheke usizo kuwe.’

UJehova uyezwa, bese kuthi enye yezinceku zakhe itshele abantu: ‘Impi akuyona eyenu, ngekaJehova. Ngeke nilwe. Bukelani nje, nibone ukuthi uJehova uzonisindisa kanjani.’

Ngakusasa ekuseni uJehoshafati uthi kubantu: ‘Thembelani kuJehova!’ Abesebeka abahlabelelayo phambi kwamabutho akhe, njengoba bemasha bahamba behuba ezokudumisa uJehova. Uyazi ukuthi kwenzekani uma befika eduze kwempi? UJehova ubangela ukuba amabutho ezitha alwe wodwa. Uma ama-Israyeli efika, wonke amabutho ayizitha ayesefile!

Ingabe uJehoshafati wayengenzi uku-hlakanipha ngokwethemba uJehova? Nathi siyobe sihlakaniphile uma sithembela kuYena.

1 AmaKhosi 22:41-53; 2 IziKronike 20:1-30.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela