Ingxenye 5
Ukuthunjelwa EBhabhiloni Kuze Kube Sekwakhiweni Kwezindonga ZeJerusalema
Ngesikhathi ethunjelwe eBhabhiloni, ama-Israyeli aba nokuvivinywa okuningi kokholo lwawo. UShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego baphonswa esithandweni somlilo, kodwa uNkulunkulu wabakhipha bephila. Kamuva, ngemva kokunqotshwa kweBhabhiloni ngamaMede namaPheresiya, uDaniyeli waphonswa emphandwini wamabhubesi, kodwa uNkulunkulu futhi wamvikela ngokuvala imilomo yamabhubesi.
Ekugcineni, inkosi yasePheresiya uKoresi wawakhulula ama-Israyeli. Abuyela ezweni lawo ngemva kweminyaka engama-70 ethuthele eBhabhiloni njengezithunjwa. Enye yezinto zokuqala abayenza ngemva kokubuyela eJerusalema kwakuwukuqala ukwakha ithempeli likaJehova. Nokho, izitha ngokushesha zawuvimba umsebenzi wabo. Kwaze kwaba cishe iminyaka engama-22 ngemva kokubuyela eJerusalema lapho ithempeli laphela khona.
Ngemva kwalokho, sifunda ngohambo luka-Ezra ebuyela eJerusalema eyolungisa ithempeli. Lokhu kwakungemva kweminyaka engama-47 ithempeli liphelile. Eminyakeni engu-13 ngemva kohambo luka-Ezra, uNehemiya wasiza ekwakheni izindonga zeJerusalema ezazidilikile. Ingxenye YESIHLANU ihlanganisa iminyaka eyi-152 yomlando kuze kube kulesi sikhathi.