Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 79
  • UDaniyeli Emabhubesini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UDaniyeli Emabhubesini
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UDaniyeli Usemgodini Wamabhubesi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ubaluleke Kangakanani Umthandazo Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Wophulwa Emilonyeni Yezingonyama!
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • UDaniyeli Wakhonza UNkulunkulu Ngokungaguquguquki
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 79
UDaniyeli usemgodini wamabhubesi

INdaba 79

UDaniyeli Emabhubesini

HAWU! sengathi uDaniyeli usenkathazweni. Kodwa amabhubesi awamenzi lutho! Uyazi ukuthi kungani? Ubani ofake uDaniyeli kula mabhubesi? Ake sizwe.

Inkosi yaseBhabhiloni manje sekunguDariyu. Umthanda kakhulu uDaniyeli ngoba uDaniyeli unomusa futhi uhlakaniphile. UDariyu ukhetha uDaniyeli ukuba abe umbusi embusweni wakhe. Lokhu kwenza amanye amadoda embusweni abe nomona ngoDaniyeli, ngakho enza lokhu.

Aya kuDariyu athi: ‘Sivumelene nkosi, ukuba umise umthetho wo-kuthi kungabi namuntu okhuleka kunoma imuphi unkulunkulu noma umuntu ngaphandle kwakho, izinsuku ezingama-30. Uma kukhona ongalaleli, makaphonswe emgodini wamabhubesi.’ UDariyu akazi ukuthi kungani la madoda efuna kumiswe lo mthetho. Kodwa ucaba-nga ukuthi ulungile. Ngakho ubhalwa phansi, futhi awunakuguquka.

Lapho uDaniyeli ezwa ngomthetho, uya ekhaya athandaze, njengoba ayenza ngokuvami-le. Amadoda amabi ayazi ukuthi uDaniyeli wayengeke ayeke ukuthandaza kuJehova. Ayaja-bula, ngoba isu lawo lokugu-dluza uDaniyeli libonakala lisebenza.

Uma iNkosi uDariyu izwa ukuthi kungani la madoda efune kumiswe lo mthetho, ida-buka kakhulu. Kodwa ayinakuwushintsha umthetho, ngakho kufanele uDaniyeli aphonswe emgodini wamabhubesi. Kodwa inkosi ithi kuDaniyeli: ‘Ngiyethemba ukuthi uNkulunkulu wakho omkhonzayo uzokusindisa.’

INkosi uDariyu ibuka phansi emgodini wambhubesi

UDariyu uthinteke kangangokuba akalali ngalobo busuku. Ngakusasa uvukela emphandwini wamabhubesi. Ungase umbone laphaya. Uyamemeza: ‘Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo! Ingabe uNkulunkulu omkhonzayo ukusindisile emabhubesini?’

UDaniyeli uyaphendula: ‘UNkulunkulu uthumele ingelosi, yavimba imilomo yamabhubesi ukuze angangilimazi.’

Inkosi ijabula kakhulu, iyala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. Isiyala ukuba amadoda amabi azamé ukubulala uDaniyeli aphonswe emabhubesini. Amabhubesi awabambe engakafiki ngisho naphansi emphandwini, aphule amathambo awo.

INkosi uDariyu ibhalela bonke abasembusweni wayo: ‘Ngiyala ukuba wonke umuntu ahloniphe uNkulunkulu kaDaniyeli. Wenza izimangaliso ezinkulu. Usindisé uDaniyeli ekudliweni ngamabhubesi.’

Daniyeli 6:1-28.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela