Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 90
  • Unowesifazane Emthonjeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unowesifazane Emthonjeni
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Owesifazane Emthonjeni Wamanzi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ukufundisa Owesifazane WaseSamariya
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ufundisa Owesifazane OngumSamariya
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukufundisa Owesifazane OngumSamariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 90
UJesu ukhuluma nowesifazane ongumSamariya emthonjeni

INdaba 90

Unowesifazane Emthonjeni

UJESU uye wahlala waphumula eduze komthombo eSamariya. Abafundi bakhe basemzini bayothenga ukudla. Owesifazane uJesu akhuluma naye uzokha amanzi. Uthi kuye: ‘Ngiphuzise.’

Lokhu kummangaza kakhulu owesifazane. Uyazi ukuthi ngani? Ngoba uJesu ungumJuda, yena ungumSamariya. AmaJuda amaningi awawathandi amaSamariya. Awawakhulumisi nokuwakhulumisa! Kodwa uJesu uthanda bonke abantu. Uthi: ‘Ukuba bewazi ukuthi ubani ocela umphuzise, ubuyocela kuye akunike amanzi aphilisayo.’

Owesifazane athi: ‘Nkosi, umthombo uyashona, awunalo nebhakede. Ungawathathaphi lawo manzi aphilisayo?’

UJesu uyachaza: ‘Uma uphuza amanzi alo mthombo uzobuye wome futhi. Kodwa amanzi engizowanikeza angenza umuntu aphile phakade.’

‘Nkosi,’ kusho owesifazane, ‘nginike lawo manzi! Khona-ke anginakuphinde ngome. Futhi angisenakuza lapha ngizokha amanzi.’

Owesifazane ucabanga ukuthi uJesu ukhuluma ngamanzi oqobo. Kodwa ukhuluma ngeqiniso eliphathelene noJehova nombuso wakhe. Leli qiniso lifana namanzi aphilisayo. Linganikeza umuntu ukuphila okuphakade.

Manje uJesu uthi kowesifazane: ‘Hamba ubize indoda yakho ubuye.’

‘Anginandoda,’ ephendula.

UJesu athi: ‘Usho kahle, ngoba usuké waba namadoda ayisihlanu, futhi indoda onayo manje ayiyona indoda yakho.’

Owesifazane uyamangala ngoba konke lokhu kuyiqiniso. UJesu uzazi kanjani lezi zinto? Yebo, kungoba uJesu ungoThenjisiweyo othunywe uNkulunkulu. Futhi uNkulunkulu omnika lokhu kwaziswa. Ngaleso sikhathi bayabuya abafundi bakaJesu, futhi bayamangala ngokuthi ukhuluma nowesifazane waseSamariya.

Sifundani kukho konke lokhu? Kubonisa ukuthi uJesu unomusa kubantu bazo zonke izizwe. Nathi kufanele sibe njalo. Akufanele sicabange ukuthi abanye babi ngenxa nje yokuba bengabesinye isizwe. UJesu ufuna bonke abantu bazi iqiniso eliholela ekuphileni okuphakade. Nathi futhi kufanele sifune ukusiza abantu bafunde iqiniso.

Johane 4:5-43; 17:3.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela