Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 94
  • Uyabathanda Abantwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyabathanda Abantwana
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuphakama Impikiswano
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ulungiselela Abafundi Ukuhamba Kwakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Kuphakama Impikiswano
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isiyalo Sokuvalelisa Esiqhubekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 94
UJesu ubambe ingane

INdaba 94

Uyabathanda Abantwana

BHEKA uJesu lapha egone lo mfanyana. Awunakungabaza ukuthi uJesu ubathanda ngempela abancane. Amadoda abukelayo ngabaphostoli bakhe. Uthini uJesu kubo? Ake sizwe.

UJesu nabaphostoli bakhe basanda kubuya nje ohambweni olude. Endleleni abaphostoli bebephikisana bodwa. Ngakho ngemva kohambo uJesu uyababuza: ‘Beniphikisana ngani endleleni?’ Eqinisweni, uJesu uyazi ukuthi impikiswano ibingeyani. Kodwa ubuza umbuzo ukuze abone ukuthi abaphostoli bazomtshela yini.

Abaphostoli abaphenduli, ngoba endleleni bebephikisana ngokuthi ubani kubo omkhulu. Abanye abaphostoli bafuna ukuba ngabavelele kunabanye. UJesu uzobatshela kanjani ukuthi akulungile ukufuna ukuba ngomkhulu?

Ubiza lo mfana omncane, ammise phambi kwabo bonke. Abese ethi kubafundi bakhe: ‘Ngifuna ukuba nazi ukuthi ngaphandle kokuba nishintshe nibe njengabantwana, ngeke ningene embusweni kaJehova. Omkhulu embusweni yilowo oba njengalo mntwana.’ Uyazi ukuthi kungani uJesu esho kanjalo?

Abantwana abancane kakhulu abanandaba nokuthi ubani omkhulu noma obalulekile kunabanye. Ngakho abaphostoli kufanele bafunde ukuba njengabantwana kulokhu bangaphikisani ngokuthi ubani omkhulu noma obalulekile.

Kunezinye izikhathi futhi lapho uJesu ebonisa khona ukuthi uyabakhathalela abantwana. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva abanye abantu baletha abantwana babo bazobona uJesu. Abaphostoli bazama ukubavimbela. Kodwa uJesu utshela abaphostoli bakhe: ‘Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngoba umbuso kaJehova ungowabanjengabo.’ UJesu wabe esegona abantwana, wababusisa. Akukuhle yini ukwazi ukuthi uJesu uyabathanda abantwana abancane?

Mathewu 18:1-4; 19:13-15; Marku 9:33-37; 10:13-16.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela