Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 109
  • UPetru Uya KuKorneliyu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UPetru Uya KuKorneliyu
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKorneliyu Uthola Umoya Ongcwele
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “UNkulunkulu Akakhethi”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Wafunda Ukuthethelela ENkosini
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Masibambelele Ngokuqinile Okholweni Lwethu Oluyigugu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 109
Umphostoli uPetru utshela induna yempi yaseRoma uKorneliyu ukuthi engamkhulekeli

INdaba 109

UPetru Uya KuKorneliyu

UMPHOSTOLI uPetru lona omi laphaya, laba abangemva kwakhe abanye babangane bakhe. Kodwa kungani le ndoda ikhotheme lapha kuPetru? Ingabe kufanele ikwenze? Uyazi ukuthi ingubani?

Le ndoda uKorneliyu. Uyinduna yempi yaseRoma. UKorneliyu akamazi uPetru, kodwa utshelwe ukuba ammemele emzini wakhe. Ake sithole ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.

Abalandeli bokuqala bakaJesu babengamaJuda, kodwa uKorneliyu akayena umJuda. Kodwa uyamthanda uJehova, uthandaza kuye, enzele abantu izinto eziningi zomusa. Ngenye intambama ingelosi ibonakala kuye ithi: ‘UNkulunkulu uyathokoza ngawe, uzoyiphendula imithandazo yakho. Thumela amadoda abize indoda okuthiwa uPetru. Uhlala eJopha endlini kaSimoni, ohlala eduze kolwandle.’

Khona manjalo uKorneliyu uthumela amadoda eJopha ayobiza uPetru. Ngakusasa, uPetru usophahleni lwendlu kaSimoni. Lapho uJehova wenza uPetru acabange sengathi ubona indwangu enkulu yehla ezulwini. Kule ndwangu kunazo zonke izinhlobo zezilwane. Ngokomthetho kaJehova, lezi zilwane zazingahlanzekile ukuba zidliwe, kodwa izwi lithi: ‘Vuka, Petru. Hlaba udle.’

UPetru uyaphendula, ‘Cha! Angikaze ngikudle okuyichilo.’ Kodwa izwi lithi kuPetru: ‘Ungasho ukuthi kubi lokho uJehova akuhlambululile.’ Lokhu kwenzeka kathathu. Lapho uPetru esamangele ukuthi kusho ukuthini, amadoda athunywe uKorneliyu ayafika endlini afune uPetru.

UPetru uyehla ophahleni athi: ‘Yimina enimfunayo. Nize ngani?’ Uma amadoda echaza ukuthi ingelosi itshele uKorneliyu ukuba abize uPetru eze endlini yakhe, uPetru uyavuma ukuhamba nawo. Ngakusasa uPetru nabangane bayahamba baya kuKorneliyu eKhesariya.

UKorneliyu uye waqoqa izihlobo nabangane bakhe abakhulu. Uma uPetru efika, uyamhlangabeza. Uwa phansi akhothame ezinyaweni zikaPetru, njengoba ubona lapha. Kodwa uPetru uthi: ‘Sukuma; nami ngingumuntu nje.’ Yebo, iBhayibheli lithi akulungile ukukhulekela umuntu. Kufanele sikhulekele uJehova kuphela.

Manje uPetru ushumayela kulabo abahlangene. ‘Ngiyabona ukuthi uJehova wamukela bonke abafuna ukumkhonza,’ kusho uPetru. Lapho esakhuluma, uJehova uthuma umoya ongcwele, abantu baqale ukukhuluma ngezilimi ezihlukene. Lokhu kuyabamangaza abafundi abangamaJuda abafike noPetru, ngoba babecabanga ukuthi uJehova uthanda amaJuda kuphela. Ngakho lokhu kubafundisa ukuthi uJehova akabheki abantu bohlanga oluthile njengabangcono noma ababalulekile kuye kunabolunye uhlanga. Akuyona yini into enhle leyo ngathi sonke ukuyikhumbula?

IzEnzo 10:1-48; 11:1-18; IsAmbulo 19:10.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela