INgoma 32
‘Endlini Ngendlu’
1. Endlini ngendlu, nxazonke
IZwi l’yasakazwa (k’bantu).
Ngisho nasemaphandleni
“Izimvu” z’yondliwa.
‘Ndaba zok’busa koMbuso,
Azileth’ uKristu,
Zishunyayelw’ emhlabeni
Yiwo amaKristu.
2. Endlini ngendlu, nxazonke
Siyamemezela (njalo),
Ngosindiso kwababiza
Igama likaJah.
Bangal’biza kanjani na
Uma bengalazi?
Ngakho ezindlini zabo
Mal’yiswe balazi.
3. Ak’sibo bonk’ ensimini
Abalalel’ iZwi (iZwi);
Abanye bayasixosha
Abathakazeli.
Kwakunjalo nakuJesu;
Babengalaleli.
Wathi “izimvu” z’yomuzwa:
Ngakho asiyeki.
4. Ngakho masiy’ eminyango
Nez’ndaba, s’xwayise (bonke).
Nxa bey’-“zimvu” nom’ “iz’mbuzi,”
Mabazikhethele.
Thina siyomemezela
Igama likaJah.
Uma singen’ eminyango,
Izimvu s’yoz’thola.