INgoma 34
Ukuhamba Ngegama Lethu
1. Jehova Nkosi Baba ophakade,
Futh’ uphelele ngok’lunga kwakho;
Mthombo wokwazi ok’ngenamkhawulo.
Ubusa ezuIwini ngothando.
Izingelosi zithand’ ukuk’khonza;
Indalo isho ub’khosi bakho.
Usibiza njengoFakazi bakho;
Sibizwa ngalo igama lakho!
2. Sisize Jehova sondle izimvu
Sikuhloniphe zikhathi zonke,
Sihambe ngezinyathelo z’kaKristu,
Ngokugcin’ iziyalezo zakhe.
Soqaphela ukuziphatha kwethu.
Kungalwethuki udumo lwakho.
Kuyilungel’ ukuba ngoFakazi
Uk’bizwa ngalo igama lakho!
3. Masiqhubeke enkonzweni yakho,
Sisebenze ngokuzwana njalo,
Ukwaneliswa isabelo sethu,
Sikudumise ngezinhliziyo.
Kwanga singahamba ngegama lethu;
Iqiniso solinika bonke;
Kukho konke siyokujabulisa
Wena Jehova iNkosi yethu!