INgoma 106
Masiqaphele Ukuhamha Kwethu
1. Masiqaphele Siz’phathe kahle,
Sihlakaniphe siphaphame,
S’thengisise isikhathi,
Liphansi komub’ izwe.
Masiqaphele Sihambe kahle,
Ukuze sonke s’hlakaniphe.
2. Masiqaphele Sibafundise,
Sikhuthaze abathobile.
Ngok’fund’ iBhay’bheli nabo,
Futhi sibasekele.
Masiqaphele Sishumayele,
Sisize abantu bakhethe.
3. Masiqaphele Sibingelele
Esibathola ensimini.
NjengoJesu uMalusi,
Sondl’ izimvu zeNkosi.
Masiqaphele Sibingelele,
S’khuthaze bonke enkonzweni.