INgoma 207
Singabakabani?
1. Ungokabani na?
Ulalela bani?
Ngoba omkhothamelayo
UyiNkosi oy’khonzayo.
Kheth’ iNkos’ eyodwa
Ezoba ngeyakho.
Ngeke wawakhonza womabili
Ngokulinganayo.
2. Ungokabani na?
Uyolalela ba?
Khetha noma eyamanga,
Noma iNkos’ uJehova.
Uzoqhubeka na,
Ukhonz’ uKesari?
Noma uyenza intando kaJah
UlaIel’ iNkosi?
3. Ngingokabani na?
NgiyolaIel’ uJah.
Ngiyomkhonza ngenjabulo;
Ngiyofeza izifungo.
Wang’thenga ngenani;
Ngiyomkhonza yedwa.
UJesu Kristu wahleng’ abantu;
Anginakuhlehla.
4. SingabeNkos’ uJah!
Akukh’ uk’ngabaza.
Ubunye ab’bikezela
Ebandleni siyab’thola.
Njengamakh’ amahle
Ekhanda lompristi,
Sithol’ uk’thula ngokuhlangana
Sifunde njal’ iZwi.