INgoma 212
Siyakubonga, Jehova
1. Sik’bonga Jehova zonk’ izinsuku,
Ngokukhanya kwakh’ okuyigugu.
S’yak’bonga ngelungelo lok’khuleka (kuwe),
Ukuze size kuwe ngok’naka.
2. Sik’bonga Jehova, ngay’ iNdodana,
Eyanqob’ iHay’desi nokufa.
S’yak’bonga ngokus’hola entandweni (yakho),
Usisize s’fez’ iz’fungo zethu.
3. Sik’bonga Jehova, ngobuzalwane,
Ngabangane abathembekile.
S’yak’bonga ngokusinikez’ umoya (wakho),
Osisiza s’hambe ngokulunga.
4. Sik’bonga Nkosi, ngokushumayela
Ngegama lakho nokufundisa.
S’yak’bonga ngokuphela kwez’nkathazo (zezwe),
UMbuso wakho uyoma njalo.