AmaKristu Naleligama
AKEKHO ongasho ngokuqinisekile ukuthi kunini ngempela lapho amaJuda ayeka khona ukuphimisela igama likaNkulunkulu ngokuzwakalayo kodwa kunalokho asebenzisa amagama esiHeberu athi Nkulunkulu nelithi Nkosi Enkulu. Abanye bakholelwa ukuthi igama likaNkulunkulu layeka ukusetshenziswa ngokuvamile ngaphambili kakhulu kwesikhathi sikaJesu. Kodwa kunobufakazi obunamandla bokuthi umpristi omkhulu waqhubeka elibiza ezinkonzweni zenkolo ethempelini—ikakhulukazi ngosuku lokuBuyisana—kwaqhubeka kwaze kwaba yilapho ithempeli libhujiswa ngo-70 C.E. Ngakho, ngesikhathi uJesu esemhlabeni, ukuphinyiselwa kwaleligama kwakwaziwa, nakuba mhlawumbe lalingasetshenziswa kakhulu.
AmaJuda ayekelani ukubiza igama likaNkulunkulu? Cishe, okungenani ngokwengxenye, kungenxa yokusebenzisa kabi amazwi omyalo wesithathu: “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu.” (Eksodusi 20:7) Yebo, lomyalo wawungavimbeli ukusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu. Ngaphandle kwalokho, kungani izinceku zikaNkulunkulu zasendulo njengoDavide zalisebenzisa ngokukhululeke kangaka futhi zajabulela isibusiso sikaJehova? Futhi kungani uNkulunkulu alibiza kuMose futhi wamtshela ukuba achazele amaIsrayeli ukuthi ubani owayemthumile?—IHubo 18:1-3, 6, 13; Eksodusi 6:2-8.
Nokho, ngesikhathi sikaJesu kwakunokuthambekela okunamandla kokuthatha imiyalo kaNkulunkulu enengqondo ihunyushwe ngendlela engenangqondo neze. Ngokwesibonelo, owesine weMiyalo Eyishumi wawubopha amaJuda ukuba agcine usuku lwesikhombisa lwesonto ngalinye njengosuku lokuphumula, iSabatha. (Eksodusi 20:8-11) AmaJuda ayeqisa emthethweni eqisa ngendlela ehlekisayo kulowomyalo, enza imithetho eminingi eqondisa ngisho isenzo esincane esingenziwa noma esingenakwenziwa ngeSabatha. Ngokungangabazeki kwakuyisimo esifanayo athatha ngaso lomyalo onengqondo, wokuthi igama likaNkulunkulu lingahlanjalazwa, eqisa ngokungenangqondo, ethi lelogama akumelwe ngisho nokuba libizwe.a
UJesu Nalelogama
Ingabe uJesu wayengalandela lelosiko elingekho ngokombhalo? Lutho neze! Ngokuqinisekile akazange angabaze ukwenza imisebenzi yokuphulukisa ngeSabatha, ngisho nakuba lokhu kwakusho ukweqa imithetho eyenziwe ngabantu yamaJuda ngisho nokufaka ukuphila kwakhe engozini. (Mathewu 12:9-14) Eqinisweni, uJesu walahla abaFarisi njengabangabazenzisi ngoba amasiko abo ayeleqa iZwi eliphefumlelwe likaNkulunkulu. (Mathewu 15:1-9) Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuthi wanqikaza ukubiza igama likaNkulunkulu, ikakhulukazi uma sicabangela ukuthi ngisho negama lakhe siqu, elithi Jesu, lalisho ukuthi “UJehova Uyinsindiso.”
Ngesinye isikhathi, uJesu wasukuma esinagogeni wafunda ingxenye yomqulu kaIsaya. Ingxenye ayifunda yileyo namuhla esiyibiza ngokuthi uIsaya 61:1, 2, lapho igama likaNkulunkulu livela khona ngaphezu kwesikhathi esisodwa. (Luka 4:16-21) Ingabe wayengenqaba ukubiza igama laphezulu lapho, esikhundleni salo asebenzise “iNkosi” noma “uNkulunkulu”? Cha. Lokho kwakungase kusho ukulandela isiko elingekho ngokombhalo labaholi benkolo bamaJuda. Kunalokho, siyafunda: “Wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.”—Mathewu 7:29.
Eqinisweni, njengoba sifundile ngaphambili, wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Futhi emthandazweni ngobusuku obandulela ukufa kwakhe, wathi kuYise: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphé bona kwabasezweni; . . . Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphé bona.”—Johane 17:6, 11.
Ngokuqondene nalokho kubhekisela kukaJesu egameni likaNkulunkulu, incwadi ethi Der Name Gottes (The Name of God) iyachaza, ekhasini 76: “Kumelwe siqaphele iqiniso elimangalisayo lokuthi incazelo eyamukelekayo yeTestamente Elidala ngesambulo sikaNkulunkulu iwukuthi siwukwembulwa kwegama lakhe nokuthi lokhu kuqhubeka kuze kube sezingxenyeni zokugcina zeTestamente Elidala, yebo, kuqhubeke kuze kube sezingxenyeni zokugcina zeTestamente Elisha, lapho, ngokwesibonelo kuJohane 17:6, sifunda khona: ‘Ngibonakalisile igama lakho.’”
Yebo, bekungaba okungenangqondo neze ukucabanga ukuthi uJesu wakugwema ukusebenzisa igama likaNkulunkulu, ikakhulukazi uma ecaphuna kulezozingxenye zemiBhalo yesiHeberu eziliqukethe.
AmaKristu Okuqala
Ingabe abalandeli bakaJesu ekhulwini lokuqala balisebenzisa igama likaNkulunkulu? Babeyalwe uJesu ukuba benze abafundi abantu bazo zonke izizwe. (Mathewu 28:19, 20) Abaningi babantu okwashunyayelwa kubo babengamazi uNkulunkulu owayezambule kumaJuda ngegama elithi Jehova. AmaKristu ayeyokwazi kanjani-ke ukuchaza uNkulunkulu weqiniso kubo? Ingabe kwakuyoba ngokwanele ukumbiza ngokuthi uNkulunkulu noma iNkosi? Cha. Izizwe zazinabazo onkulunkulu namakhosi. (1 Korinte 8:5) AmaKristu ayengahlukanisa kanjani ngokukhanyayo phakathi kukaNkulunkulu weqiniso nabamanga? Kuphela ngokusebenzisa igama likaNkulunkulu weqiniso.
Ngaleyondlela, umfundi uJakobe waphawula emhlanganweni wabadala eJerusalema: “USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe. Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho.” (IzEnzo 15:14, 15) Umphostoli uPetru, enkulumweni yakhe eyaziwayo ngePentekoste, waveza ingxenye ebalulekile yesigijimi sobuKristu uma ecaphuna amazwi omprofethi uJoweli: “Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe.”—Joweli 2:32; IzEnzo 2:21.
Umphostoli uPawulu wenza kungabi nakungabaza ngokubaluleka kwegama likaNkulunkulu kuye. Encwadini yakhe kwabaseRoma, ucaphuna amazwi afanayo omprofethi uJoweli aqhubeke akhuthaze amanye amaKristu ukuba abonise ukholo lwawo kuleyonkulumo ngokuba aphume ayoshumayela ngegama likaNkulunkulu kwabanye ukuze nalaba futhi, basindiswe. (Roma 10:13-15) Kamuva wabhala encwadini yakhe eya kuThimothewu: “Yilowo nalowo obiza igama likaJehova makalahle ukungalungi.” (2 Thimothewu 2:19, NW) Ekupheleni kwekhulu lokuqala, umphostoli uJohane wasebenzisa igama laphezulu ekulobeni kwakhe. Inkulumo ethi “Haleluya,” esho ukuthi “Dumisani uJah,” ivela ngokuphindaphindiwe encwadini yesAmbulo.—IsAmbulo 19:1, 3, 4, 6.
Nokho, uJesu nabalandeli bakhe babeprofethe ukuthi kwakuyoba nokuhlubuka ebandleni lobuKristu. Umphostoli uPetru wayebhalile: “Nakinina kuzakuba-khona abafundisi bamanga.” (2 Petru 2:1; bheka futhi uMathewu 13:36-43; IzEnzo 20:29, 30; 2 Thesalonika 2:3; 1 Johane 2:18, 19.) Lezixwayiso zagcwaliseka. Omunye umphumela kwakuwukuthi igama likaNkulunkulu lafihlwa. Lasuswa nokususwa ezinguqulweni zeBhayibheli! Ake sibone ukuthi lokho kwenzeka kanjani.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye basikisela esinye isizathu: AmaJuda kungenzeka athonywa imfundiso yamaGreki. Ngokwesibonelo, uPhilo, isihlakaniphi samaJuda saseAlexandria cishe owayephila ngesikhathi sikaJesu, wayethonywe kakhulu isihlakaniphi esingumGreki uPlato, ayecabanga ukuthi wayephefumlelwe phezulu. ILexikon des Judentums (Lexicon of Judaism), ngaphansi kwelithi “Philo,” iphawula ukuthi uPhilo “wahlanganisa ulimi nemiqondo yokuhlakanipha kwamaGreki (kaPlato) kanye nokholo olwambuliwe lwamaJuda” nokuthi okokuqala nje “wayenomphumela obonakalayo kofata besonto lobuKristu.” UPhilo wafundisa ukuthi uNkulunkulu wayengenakuchazeka, ngakho-ke, engenakubizwa ngagama.
[Isithombe ekhasini 14]
Lomfanekiso wompristi omkhulu wamaJuda, kanye nophawu lwesiHeberu esigqokweni sakhe olusho ukuthi “Ubungcwele BungobukaJehova,” utholakala eVatican
[Isithombe ekhasini 15]
Njengoba lenguqulo yeBhayibheli yesiJalimane ka-1805 ibonisa, lapho uJesu efunda umqulu kaIsaya esinagogeni, walibiza ngokuzwakalayo igama likaNkulunkulu.—Luka 4:18, 19
[Izithombe ekhasini 16]
UPetru noPawulu basebenzisa igama likaNkulunkulu uma becaphuna isiprofetho sikaJoweli.—IzEnzo 2:21; Roma 10:13