Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • su isahl. 10 kk. 75-81
  • “Abasayikulamba”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Abasayikulamba”
  • Ukusindela Emhlabeni Omusha
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “YANINI KUJOSEFA”
  • UKWANELISA INDLALA YETHU NOKOMA MANJE
  • Indlala Ebulalayo Ngesikhathi Senala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukulondoloza Ukuphila Ngesikhathi Sendlala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Izincazelo Akuzona Yini EzikaNkulunkulu?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
Ukusindela Emhlabeni Omusha
su isahl. 10 kk. 75-81

Chapter 10

“Abasayikulamba”

1. Kungokungathi sína kangakanani ukukhathazeka kwezwe ngokudla?

ENYE yezinkinga eziyinhloko ezibhekene nezwe namuhla iphathelene nokudla. Amanani aphakeme abangela ubunzima ngabaningi. Abanye babhekana nokubulawa yindlala ngokoqobo. Muva nje kwabikwa ukuthi unyaka ngamunye abantu abayizigidi ezingama-40—kweminye iminyaka abaningi kangangezigidi ezingama-50—bayafa ngenxa yokuba bengenakho ukudla abakudingayo. Cishe inani eliphindwe kashumi kunalelo libhekana nokungondleki kahle okunzima. Nakuba amanye amazwe ekhiqiza okuningi kakhulu kunalokho angakudla, ubutha bezombangazwe nobugovu bezentengiselwano ngokuvamile kuphazamisa imizamo yokwenza ukuba lokho okuyinsada kutholakale kwabakudinga kakhulu.—Qhathanisa nesAmbulo 6:5, 6.

2. Ngisho nasemazweni lapho kunenala khona, kungani abantu benesizathu sokukhathazeka?

2 Ngisho namazwe okubonakala enenala abhekene nekusasa elisabekayo. Ngani? Izindlela zanamuhla zokulima ngokuvamile zixhomeke kupetroli, futhi otholakala embulungeni yonke ulinganiselwe. Ukuthembela kakhulu emiqubeni yokuthengwa konakalisa amanzi abo. Ukusebenzisa kakhulu imithi ebulala izilwane, okwakuqondwe ukuba kuvikele izitshalo, nakho kubulala izinto eziphilayo ukukhiqiza komhlabathi esikhathini esizayo okuxhomeke kuzo. Cishe kunoma yimuphi umzamo womuntu, kuyaqhubeka kuba nezinkinga eziphindiwe. UAurelio Peccei, umongameli womhlangano wezazi zezizwe zonke, wafanisa izwe “nenhlamvu yesibhamu eshwibeka isuka kwenye inhlekelele iya kwenye.” Ingabe-ke kuwukuhlakanipha ukubeka amathemba akho esikhathi esizayo ezweni elinombhalo onjalo?—Jeremiya 10:23; IzAga 14:12.

3. Ubani ongaqinisekisa ngenala yokudla ngaso sonke isintu, futhi yini ekunikeza lokho kuqiniseka?

3 Ngokuhlakanipha, izigidi zabantu ziye zavuma ukuthi zidinga usizo olunganikezwa uNkulunkulu kuphela. Ngemva kokuhlola isiprofetho seBhayibheli, bayazi ukuthi uJehova uNkulunkulu kakade usebeke esihlalweni sobukhosi iNdodana yakhe yasezulwini uJesu Kristu futhi wayinikeza wonke umhlaba njengowayo. (IHubo 2:7, 8) Unokuhlakanipha namandla okuqinisekisa ukuthi sonke isintu siyokwanela yinala yomhlaba. (IHubo 72:7, 8, 16; Kolose 1:15-17) Lapho isimiso samanje sobugovu sesisusiwe, uKristu uyoqondisa imizamo yabantu abayosinda ukuze umhlaba wonke ube yiPharadesi elikhiqizayo.

4. Ukuze sizuze kulawomalungiselelo angokwenyama, yini okumelwe siyenze manje?

4 Nokho, okuyibona abayozuza phakade ekubuseni kwakhe, yilabo abaqaphelayo ukuthi umuntu akanakuphila ngesinkwa sodwa, abantu abawazisayo amagugu angokomoya nesidingo esibalulekile sokuthola amandla ngokufunda nokwenza intando kaNkulunkulu. IBhayibheli ngokuphindaphindiwe liqokomisa ukubaluleka kwalokhu. (Johane 4:34; 6:27; Jeremiya 15:16) UJesu wakugcizelela uma ethi: “Kulotshiwe ukuthi: Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” (Mathewu 4:4) Sidinga ukudla okunjalo okungokomoya manje, ukuze sisinde ekupheleni kwalelizwe lamanje. Indlela esingakuthola ngayo sichazelwe yona endabeni yeBhayibheli ngokuphathelene noJosefa nabafowabo.

“YANINI KUJOSEFA”

5. Kwenzeka kanjani ukuba uJosefa abe yisigqila eGibithe?

5 UNkulunkulu wanikeza uJosefa, umzukulu ka-Abrahama, amaphupho ayebonisa ukuthi uJosefa wayezoba nendima ebalulekile ekuphileni. Ngenxa yalokhu, kanye neqiniso lokuthi wayethandwa ngokukhethekile nguyise, abafowabo bakaJosefa abayishumi bamzonda uJosefa. Baceba ukumbulala, kodwa ekugcineni bamthengisa njengesigqila, futhi wathathwa wayiswa eGibithe. Injongo kaNkulunkulu ngokuqondene noJosefa yayizophumelela kanjani manje?—Genesise 37:3-11, 28.

6. (a) Ukunakekela kukaFaro kwaqondiswa kanjani kuJosefa? (b) Imaphi amaphupho akhathaza uFaro?

6 Lapho uJosefa eseneminyaka engama-30 ubudala, uJehova wabangela ukuba uFaro, umbusi waseGibithe, abe namaphupho amabili amkhathaza kakhulu. Kwelokuqala wabona izithole eziyisikhombisa “ezikhulupheleyo ezibukeka kahle,” nezinye izithole eziyisikhombisa “zizacile, zibukeka kabi kakhulu.” Izithole ezondile zadla ezikhulupheleyo. Kwelinye iphupho uFaro wabona izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni elilodwa, “ziphelele, zizinhle,” nezinye izikhwebu eziyisikhombisa “ziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga.” Nalapha, eziyizintshwamu zagwinya ezinhle. Kwakusho ukuthini lokhu? Akekho ezihlakaniphini zaseGibithe owakwazi ukuchaza lamaphupho. Kepha umphathizitsha kaFaro wakhumbula ukuthi, ngesikhathi esejele, uJosefa owayeboshwe kanye naye, wayewachaze kahle amaphupho. Ngokushesha uFaro wathumela kwabizwa uJosefa.—Genesise 41:1-15.

7. (a) Kwenzeka kanjani ukuba uJosefa abe umphathi wokudla eGibithe? (b) Lapho indlala isinzima, yini abaseGibithe abayenza ukuze baqhubeke bephila?

7 Ngaphandle kokuzifunela udumo ngokwakhe, uJosefa watshela uFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazisé uFaro khona.” (Genesise 41:16, 25) UJosefa wachaza ukuthi iphupho lesibili lalisho into efanayo nelokuqala futhi laligcizelela ukuqiniseka kwayo. Iminyaka eyisikhombisa yenala eGibithe yayizolandelwa eyisikhombisa yendlala. Waluleka uFaro ukuba abeke umuntu ofanelekayo anakekele ukugcinwa kokudla phakathi neminyaka eyisikhombisa yenala ukuze kulungiselelwe indlala. Eqaphela ukuthi ngokusobala kwakuwuNkulunkulu owembule konke lokhu kuJosefa, uFaro wamisa uJosefa njengomphathi wokudla, emnikeza isikhundla esiphakeme kunabo bonke eGibithe ngaphandle kukaFaro kuphela. Njengoba kwakubikezelwe, iminyaka eyisikhombisa yenala engavamile yafika, futhi uJosefa wabeka inqwaba yokudla. Khona-ke indlala eyayibikezelwe yaqina ezweni. Lapho abantu beyokhala kuFaro befuna ukudla, wabaphendula: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.” Ngakho uJosefa wabathengisela ukudla—okokuqala bakukhokhela ngemali, base bekukhokhela ngemfuyo, futhi ekugcineni bakhokha ngemizimba yabo nangezwe labo. Ukuze baqhubeke bephila, kwadingeka bazinikele ngokuphelele njengezinceku zikaFaro.—Genesise 41:26-49, 53-56; 47:13-26.

8. (a) Ukuze bathole ukudla okudingekayo, yini eyayidingeka kubafowabo bakaJosefa? (b) Kungani umlando walokhu uye walondolozwa?

8 Indlala futhi yathinta amazwe azungeze iGibithe. Ekugcineni ngisho nabafowabo bakaJosefa beza bevela eKhanani. Kwase kudlule iminyaka engaphezu kwama-20 bamthengisa ebugqilini, futhi babengasamboni. Bakhuleka phambi kwakhe, njengoba amaphupho kaJosefa ayebikezele kudala ngaphambili, befuna ukuthola ukudla. (Genesise 37:6, 7; 42:5-7) UJosefa wabavivinya ngokuhlakanipha futhi wabona ubufakazi obanelisayo bokuthi isimo sabo ngakuye noyise sasishintshe ngempela. Ekugcineni waziveza futhi wachaza ukuthi eqinisweni uNkulunkulu wayemthume ngaphambi kwabo eGibithe ‘ukuze abalondoloze.’ Ngokuqondisa kwakhe, bathutha uyise nemikhaya yabo beza eGibithe. (Genesise 45:1-11) Konke lokhu kwalotshelwa ukuzuzisa thina, futhi ukubaluleka kwakho okungokwesiprofetho kuhilela izenzakalo zosuku lwethu.—Roma 15:4.

UKWANELISA INDLALA YETHU NOKOMA MANJE

9. (a) Yini ebangela indlala engokomoya ezweni namuhla? (b) Kungani lokhu kungenye yezimbangela eziyisisekelo zezinkinga zesintu?

9 Enye yezimbangela eziyisisekelo zezinkinga zesintu iyindlala engokomoya. Ngenxa yokuthi baye balahla uJehova, akababonisi umusa ngokubanikeza ukuqonda iZwi lakhe, futhi ngenxa yalokho, babhekana nendlala “kungabi-yindlala yesinkwa, kungabi-ngukomela amanzi, kepha kube-ngeyokuzwa amazwi kaJehova.” (Amose 8:11) Abantu abaphethwe indlala engokomoya bafuna izimpendulo emibuzweni ebalulekile enjengokuthi: Iyini injongo yokuphila? Kungani abantu befa? Ingabe likhona ithemba langempela lekusasa? Ngokuhlanyiswa yindlala enjalo engokomoya, abantu abanjalo ngokuvamile bazilimaza ngokwabo nabanye ngokuhileleka ekuziphatheni okubi nokobugebengu ukuze banelise ukulamba kwabo.

10. (a) Ekugcwalisekeni kukaIsaya 65:13, 14, isiphi isimo esikhona phakathi kwezinceku zikaJehova? (b) Kunini lapho kuyisikhathi sendlala engokomoya nenala engokomoya?

10 Ngokuphambene, uJehova uye wanikeza izinceku zakhe ezithembekile inala engokomoya, futhi kunothando loqobo phakathi kwazo. Uye wazinikeza ukuqonda amaqiniso angokomoya asuthisayo aseZwini lakhe eliphefumlelwe futhi wazinikeza umsebenzi wokuba ziwenze njengofakazi bakhe. Ngenjabulo zihlanganyela lamaqiniso nabanye abalambile ngokomoya nabafuna ukuphila ngokuzihlanganisa noNkulunkulu. (Isaya 65:13, 14; Luka 6:21) Emuva eGibithe lasendulo iminyaka eyisikhombisa yendlala yalandelwa eyisikhombisa yenala. Kepha osukwini lwethu isikhathi sendlala engokomoya nesenala engokomoya ziyahambisana.

11. (a) Obani abafanekiselwa uFaro noJosefa, futhi ngani? (b) Kungani inkambo ethathwa “isixuku esikhulu” ifana naleyo yabaseGibithe ababephethwe yindlala?

11 Namuhla akuyena uFaro ongumbusi. UJehova uNkulunkulu, uFaro oMkhulu, unguMbusi weNdawo Yonke. Uye wanikeza uJesu Kristu isikhundla esingaphansi kwesakhe kuphela. NjengoJosefa oMkhulu, uJesu uyiLowo uJehova aye wamnikeza umthwalo wemfanelo wokwaba ukudla okungokomoya okunikeza ukuphila. Ukuhlakanipha kwalelizwe okungokwenkolo nokwezwe kuye kwashiya isintu sisendlaleni engokomoya. Singasinda kuphela ngokuphendukela kuJesu Kristu sizuze ukudla okungokomoya ngendlela ayiqondisayo. Izigidi zabantu, ezafanekiselwa abaseGibithe ababephethwe yindlala, zenza lokho kanye. NgoJesu Kristu bazinikela ngokuphelele kuJehova, futhi ngaleyondlela bahlanganiswa esixukwini esikhulu sabanethemba lokusinda osukwini oluzayo lwentukuthelo yaphezulu.

12. (a) UJesu ezulwini wenza kanjani ukuba ukudla okungokomoya kutholakale kithi lapha emhlabeni? (b) Yini ekwenza uqiniseke ngokuthi ubani “inceku ethembekileyo neqondayo”?

12 Kodwa uJesu usezulwini. Ukulungiselela kanjani ukudla okungokomoya ukuba kuzuzise thina lapha emhlabeni? Wabikezela ukuthi wayezokwenza kanjalo ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Lena “inceku” ehlangene, eyenziwe yibandla lakhe labagcotshwe ngomoya lapho besesemhlabeni. (Qhathanisa noIsaya 43:10.) Insali yalaba isesemhlabeni. Lelibandla lobuKristu leqiniso libonakala kalula ngokuqhathanisa izimfundiso zalo nezenzo zalo neBhayibheli. Lifundisa lokho uJesu akuyala. Ngakho-ke alihileleki ezindabeni zezombangazwe zezwe, kodwa wonke amalungu alo angabamemezeli basobala boMbuso kaNkulunkulu. Awahlukanisiwe aba semahlelweni eLobukholwa. Anobunye, njengoba uJesu ayethe ayoba njalo—wonke angoFakazi BakaJehova ekulingiseni iNkosi yawo. (Bheka uJohane 17:16, 20, 21; Mathewu 24:14; 28:19, 20; IsAmbulo 1:5.) Ajabulela inala engokomoya futhi azimisele ukuyihlanganyela nabanye.

13. (a) Kungaziphi izindlela abantu abaningi beye bazibonakalisa befana nabafowabo bakaJosefa? (b) Singazuza kanjani sonke ekudleni okungokomoya okulungiselelwa uKristu ngesigaba ‘senceku’?

13 Abantu abaningi baye bawahleka usulu lamaKristu agcotshiwe, bethi: ‘Nicabanga ukuthi ningcono kunathi? Nicabanga ukuthi inina kuphela eniqinisile?’ Kodwa ngemva kwesikhathi abanye ngokuthobeka bayaqaphela ukuthi uJehova ngempela unofakazi bakhe emhlabeni nokuthi ngempela bamemezela izwi laKhe. Bafinyelela ekuqondeni ukuthi iBhayibheli libonisa ukuthi kwakuyoba nebandla lobuKristu leqiniso elilodwa kuphela nokuthi amalungu alo ayeyoba nobunye. (Efesu 4:5; Roma 12:5) Ukuhlola amaqiniso ngobuqotho nangokuthobeka kuye kwabaholela kuleyonhlangano. Abafowabo bakaJosefa abayishumi bafanekisela abantu abanjalo, ababeshushisa abalandeli bakaJesu abagcotshiwe ngaphambili noma ababesekela abashushisi abanjalo kodwa manje ababonisa ukushintsha kweqiniso enhliziyweni. (Johane 13:20) Ngokujabula bamukela ukudla okungokomoya okulungiselelwa uJesu Kristu ngesigaba sakhe ‘senceku ethembekile.’ Bazuza ukuqina okungokomoya njengoba bezondla ngamaqiniso eBhayibheli akhulunyelwa ezincwadini zeWatch Tower, ngokuba khona njalo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova futhi bahlanganyele ngenkuthalo ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ingabe ungomunye walaba abathobekile?—Heberu 10:23-25; qhathanisa noJohane 4:34.

14. Iziphi izimo ezingokomoya ezijatshulelwa yilabo abaphila ngokuvumelana nezimiso ezifundwe kulendaba yeBhayibheli?

14 Ukuqabuleka okujabulisayo kutholwa yibo bonke okuthi ngothando babeke ukuphila kwabo kuMdali wabo ngoJesu Kristu. Ngokomoya, “kabasayikulamba, kabasayikoma, . . . ngokuba iWundlu [uJesu Kristu] elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila.”—IsAmbulo 7:16, 17; Isaya 25:6-9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela