Ibandla LobuKristu Lekhulu Lokuqala
NgePentekoste lika-33 C.E., kwathululelwa umoya ongcwele phezu kwabafundi bakaJesu abayi-120, futhi baqala ukukhuluma ngezilimi eziningi ngezinto ezimangalisayo zikaNkulunkulu. Lokhu kwakuwukumiswa kwebandla lamaKristu. Cishe abafundi abasha abayizi-3 000 babhapathizwa ngalolosuku.—IzEnzo, isahluko 2.
Amabandla ezindaweni eziningi anda ngobuningi njengoba abaphostoli nabanye babeqhubeka bekhuluma iZwi likaNkulunkulu ngesibindi. Njengoba kulotshwe encwadini yezEnzo, ngokushesha ukushumayela kwagcwala yonke indawo yaseMediterranean, kusukela eBabiloni naseNyakatho Afrika kuya eRoma futhi mhlawumbe naseSpain.—Roma 15:18, 29; Kolose1:23; 1 Petru 5:13.
Noma kuphi lapho abantu beba abafundi, babakha amabandla. Amadoda afanelekayo, avuthiwe amiswa njengabadala, noma ababonisi, ukuze alondoloze izinga lemfundiso nokuziphatha okufanelekile emabandleni. Kodwa awazange akhe isigaba sabefundisi; ayeyizikhonzi nezisebenzi ezikanye nabo zoMbuso kaNkulunkulu.—IzEnzo 14:23; 20:28; 1 Korinte 3:5; 5:13; Kolose 4:11; 1 Thimothewu 3:1-15; Heberu 13:17; 1 Petru 5:1-4.
Abaphostoli nezinye izisebenzi ezazisebenzelana nabo eduze bakhonza njengendikimba ebusayo. Bahola emsebenzini wokushumayela. Baxazulula izinkinga ebandleni laseJerusalema. Bathumela abazalwane abafanelekayo eSamariya naseAntiyokiya ukuba bayoqinisa abasanda kukholwa lapho. Basingatha impikiswano yokusoka, bethumela isinqumo sabo ukuba sigcinwe yiwo wonke amabandla. Nokho lamadoda ayengewona amakhosi phezu kwabanye kodwa ayeyizinceku nezisebenzi ezikanye nalo lonke ibandla.—IzEnzo 4:33; 6:1-7; 8:14-25; 11:22-24; 15:1-32; 16:4, 5; 1 Korinte 3:5-9; 4:1, 2; 2 Korinte 1:24.
Abafundi bakuqala babaziwa ngokuthi amaKristu, njengoba babizwa kanjalo ngokuqondisa kwaphezulu. Babenezimfundiso futhi ezazibenza bahluke; lezi zazibizwa ngokuthi imfundiso yabaphostoli, noma isibonelo samazwi aphilileyo. Lemfundiso engokomBhalo yayaziwa futhi ngokuthi yiqiniso.—Johane 17:17; IzEnzo 2:42; 11:26; Roma 6:17; 1 Thimothewu 4:6; 6:1, 3; 2 Thimothewu 1:13; 2 Petru 2:2; 2 Johane 1, 4, 9.
Babeyinhlangano yomhlaba wonke yabazalwane abahlanganiswe uthando. Babonisa isithakazelo kwabakholwa nabo abakwamanye amazwe. Lapho beya kwamanye amazwe, abakholwa nabo babebamukela emakhaya abo. Balondoloza izinga eliphakeme lokuziphatha, bengabantu abangcwele abahlukile ezweni. Babesikhumbula njalo isikhathi sosuku lokuba khona kukaJehova futhi ngentshiseko bavuma ukholo lwabo obala.—Johane 13:34, 35; 15:17-19; IzEnzo 5:42; 11:28, 29; Roma 10:9, 10, 13-15; Thithu 2:11-14; Heberu 10:23; 13:15; 1 Petru 1:14-16; 2:9-12; 5:9; 2 Petru 3:11-14; 3 Johane 5-8.
Nokho, njengoba kwakubikezelwe, ekhulwini lesibili nelesithathu leminyaka ukuhlubuka okukhulu kwaqala ukuvela. Lokhu kwabangela ukuba kube khona izimiso ezinkulu zamasonto ezingazange zilondoloze ubumsulwa bebandla lamaKristu okuqala ngokuphathelene nemfundiso, ukuziphatha, inhlangano, kanye nesimo sawo ezweni.—Mathewu 13:24-30, 37-43; 2 Thesalonika, isahluko 2.
Nokho, uJesu wabikezela ukuthi kwakuyoba khona ukubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso ekupheleni kwesimiso sezinto. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi lokhu kubuyiselwa kungabonakala emisebenzini yabo yomhlaba wonke esikhathini sethu, cishe eminyakeni eyi-1 900 ngemva kwesiprofetho sikaJesu. Amakhasi alandelayo azochaza isizathu salokhu.
• Laqalwa kanjani ibandla lobuKristu, futhi lakhula kanjani?
• Lelobandla laliqondiswa kanjani?
• Yiziphi izinto ezaziwenza ahluke ngokusobala amaKristu ekhulu lokuqala?
[Ibalazwe ekhasini 7]
(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani bheka encwadini)
ULwandle OluMnyama
ULwandle Lwase-Kasipiya
ULwandle OluKhulu
ULwandle OluBomvu
ITheku Lase-Pheresiya
Izindawo ezafinyelelwa ngezindaba ezinhle ekhulwini lokuqala
I-ITALIYA
IRoma
IGREECE
IMELITHA
IKRETHE
IKHUPRO
IBITHINIYA
IGALATHIYA
IASIYA
IKHAPHADOSIYA
ISELUKIYA
ISIRIYA
I-ISRAYELI
IJerusalema
IMESOPOTHAMIYA
IBabiloni
Abanye bakulezindawo bakholwa
I-ILIRIKU
IMEDIYA
IPARTE
IELAMU
IARABIYA
ILIBIYA
IGIBITHE
IETIYOPIYA
[Izithombe ekhasini 7]
AmaKristu okuqala ashumayela iZwi likaNkulunkulu ngesibindi
AmaKristu ayemukelwa emakhaya abakholwa kanye nabo noma yikuphi lapho ayeya khona