Amabandla Okukhulisa Uthando Nobunye
Kungenzeka wake waya kweminye imihlangano yebandla yoFakazi BakaJehova eduze nalapho uhlala khona. Abantu bazo zonke izizinda zokuphila—amaqembu emikhaya, abantu abangabodwa, abadala nabancane—babekhona. Bonke babenobunye ekukhulekeleni kwabo futhi benesithakazelo ekusizeni abanye.
Kunoma iliphi ilungiselelo lapho abantu abaningi benesifiso sokusebenza ngobunye, kudingeka ukuba kube nokuqondisa okuthile. UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuhleleka; khona-ke, lokho kuhleleka kumelwe kubonakale ebandleni labantu bakhe. Njengasekhulwini lokuqala, ngokufanayo namuhla, amadoda angamaKristu afanelekayo, avuthiwe, nanokuhlangenwe nakho amiswa njengabadala, noma ababonisi. Lawa aqondisa ibandla futhi anakekele izidingo zalo ezingokomoya. Asizwa amanye amadoda athembekile aziwa ngokuthi izinceku ezikhonzayo. Lamadoda awaholi noma athole ezinye izinzuzo ezingokwemali kodwa akhonza ngokuzithandela, ehlangabezana nezindleko zawo siqu, ngokuvamile ngemisebenzi yawo yokuziphilisa.—1 Korinte 14:33, 40; Filipi 1:1; 1 Thimothewu 3:8, 9.
Akhethwa kanjani? Kumelwe abe izikhonzi zikaNkulunkulu ezithembekile ezibonakalisa izimfanelo ezithile ezingokomBhalo. Nazi ezinye zazo: ‘abe ngazikhuzayo, aqondileyo, aziphatha ngokufaneleyo, angenisa izihambi, anesu lokufundisa, anokuqonda; anganxaneli imali; aphatha kahle izindlu zawo; angabi ngasand’ ukukholwa; abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle’; ‘ebambelela ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso.’—1 Thimothewu 3:1-15; Thithu 1:7-9.
Lamadoda awavotelwa yibandla kulesikhundla, lapho iningi lingase ngokuvamile libe amaKristu asand’ ukukholwa. Kunalokho, atuswa amadoda avuthiwe nanokuhlangenwe nakho angabadala nanokuqonda ngokuphathelene nezinga labo abacatshangelwayo abahlangabezana ngalo nezimfuneko ezingokomBhalo. Khona-ke ukumiswa kwabadala nezinceku ezikhonzayo kwenziwa ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, kulandelwa isibonelo esabekwa yibandla lamaKristu ekhulu lokuqala.
Labadala, noma ababonisi, abakhi isigaba sabefundisi; abasiwo amakhosi phezu kwabanye. Kunjengoba uJesu asho, lowo oholayo kumelwe abe yisikhonzi sabo bonke. Ebandleni loFakazi BakaJehova, ngempela abadala bayizisebenzi zoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 20:26, 27; 23:8-11; Roma 12:8; 1 Korinte 3:5; 4:1, 2; Kolose 4:11; 1 Thesalonika 5:12-14.
Njengababonisi, baqondisa imfundo enikezwa emihlanganweni futhi bahole emsebenzini wokushumayela. Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuyo yonke insimu eliyabelwe kuyinjongo eyinhloko yebandla. Ababonisi bakhonza futhi njengabelusi, behambela amalungu ebandla ukuze bawakhuthaze njengokudingekile.—Mathewu 24:14; IzEnzo 1:8; 1 Thesalonika 2:11, 12; 5:14, 15; 2 Thimothewu 2:24-26; Heberu 13:17; Jakobe 5:13-16; 1 Petru 5:1-4.
Abadala futhi banomthwalo wemfanelo wokusola nokunikeza iseluleko kunoma ubani olandela inkambo engalungile nongase abeke ukuhlanzeka okungokomoya nokokuziphatha kanye nobunye bebandla engozini.—1 Korinte 5:4, 5, 7, 11-13; Thithu 1:9; 2:15; 3:10, 11.
Ukuhlanganyela njalo nebandla kuyokunikeza ubungane obuhle nezinzuzo eziningi ezingokomoya.—IHubo 35:18; 84:10.
• Ubani oqondisa izindaba zamabandla ngamanye?
• Ababonisi bakhethwa ngokwasiphi isisekelo?
• Uyini umthwalo wabo wemfanelo?
[Izithombe ekhasini 13]
Ababonisi bafundisa ibandla, bahole ekushumayeleni endlini ngendlu, bakhuthaze ngokuhambela kokwalusa, banikeze iseluleko nokusola lapho kudingekile