Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • je k. 16-k. 17 isig. 7
  • Amabandla Ahlelelwe Ukushumayela NgoMbuso KaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amabandla Ahlelelwe Ukushumayela NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Ukwenza Intando KaNkulunkulu (je)
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kungani OFakazi BakaJehova Beshumayela Endlini Ngendlu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
Ukwenza Intando KaNkulunkulu (je)
je k. 16-k. 17 isig. 7

Amabandla Ahlelelwe Ukushumayela NgoMbuso KaNkulunkulu

Lapho esemhlabeni, uJesu Kristu washumayela ngoMbuso kaNkulunkulu, ehamba yonke imizi nemizana. Wabuye waqeqesha futhi wathuma abafundi bakhe ukuba benze umsebenzi ofanayo. Ngaphambi kokwenyukela ezulwini, wayala abalandeli bakhe ukuba benze abantu bazo zonke izizwe abafundi. Kusukela nje ekuqalisweni kwalo, ibandla lamaKristu okuqala lahlelelwa ukushumayela izindaba ezinhle. Noma kuphi lapho abafundi babeya khona, babeyotholakala beshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 4:17, 23; 10:1-16; 28:19, 20; Luka 4:43, 44; 8:1; 10:1-9; IzEnzo 1:8; 4:31; 5:42; 8:12; 19:8; 28:23, 30, 31; Roma 10:9, 10, 14.

Esiprofethweni sikaJesu ngesiphelo sesimiso sezinto, wathi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” Lokhu kushumayela kuyisibopho esiyinhloko sebandla lamaKristu namuhla.—Mathewu 24:14; Marku 13:10.

Emhlabeni wonke, wonke amabandla oFakazi BakaJehova ahlelelwe ukuba ahlanganise izindawo zawo ngokuhleleka ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ukuze kwenziwe ngokuhleleka, ihhovisi legatsha leWatch Tower Society ezweni ngalinye labela wonke amabandla indawo yokufakaza. Ibandla lihlukanisa leyonsimu eliyabelwe ibe yizingxenye ezincane, lezo kamuva ezabelwa labo abazoba nomthwalo wemfanelo wokuqikekela ukuthi abantu bayahanjelwa.—1 Korinte 14:33, 40.

Ngokuvamile oFakazi bathintana nabantu ngokuhamba indlu ngendlu. Emihlanganweni yabo yebandla, oFakazi BakaJehova baye baqeqeshwa ukuba banikeze izintshumayelo ezimfushane zesigijimi soMbuso ezindlini, besebenzisa amaBhayibheli abo. OFakazi baphatha izincwadi zeBhayibheli abazishiyela abaninikhaya abafisa ukuzuza ulwazi olwengeziwe lweZwi likaNkulunkulu.

Ukuze banikeze wonke umuntu wakuleyondawo ithuba lokuzwa isigijimi esibalulekile soMbuso, oFakazi bagcina umbiko onakho konke ukwaziswa njengoba behamba indlu ngendlu, babonise lapho bengatholanga bantu khona emakhaya noma lapho ngenxa yesizathu esithile bengakwazanga ukunikeza ubufakazi obugcwele. Kuyophindelwa ngesinye isikhathi. Lapho kuboniswa isithakazelo, lokho kuyophawulwa, futhi oFakazi bayaphindela ukuyonikeza ukwaziswa okwengeziwe okungokomBhalo. Uma samukelwa, kuyoqhutshwa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Konke lokhu kwenziwa mahhala.

OFakazi BakaJehova banikeza futhi omagazini kubantu abahamba emgwaqweni. Ngalendlela bayakwazi ukuthintana nabantu abaningi abebengase bangabatholi emakhaya. Kwenziwa umzamo wangempela ukuze kufinyelelwe wonke umuntu oyokuzwa.—IzEnzo 17:17; IsAmbulo 14:6, 7; 22:17.

Kungani oFakazi beqhubeka nokuhambela lapho iningi lingasibonisi isithakazelo? Kuye kwatholakala ukuthi ngokuvamile isimo sabantu siyaguquka futhi basabela kahle lapho bephinda behanjelwa, noma kungase kutholakale omunye umuntu ekhaya oyobonisa isithakazelo.

UJesu wathi kubafundi bakhe: “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.” Ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kufeza ingxenye ebalulekile ekufuneni kwethu kuqala uMbuso, futhi oFakazi BakaJehova lokhu bakwenza kube injongo ebaluleke kakhulu ekuphileni kwabo.—Mathewu 6:33; 2 Thimothewu 4:2.

• Imuphi umsebenzi kaJesu namaKristu okuqala okwabikezelwa ukuthi uyokwenziwa futhi osukwini lwethu?

• Uhlelwa kanjani umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova?

• Kungani oFakazi beqhubeka behambela abantu lapho iningi lingasibonisi isithakazelo?

[Izithombe ekhasini 16, 17]

OFakazi BakaJehova beshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu emazweni ahlukahlukene

EThailand

EMexico

ENetherlands

EKorea

ECuraçao

EGhana

EBrithani

EAustralia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela