Izikhonzi Zesikhathi Esigcwele Ziyahola Emsebenzini Wokushumayela
Ngokunokwenzeka uFakazi kaJehova wokuqala ngqá owakuvakashela wayeyisikhonzi sesikhathi esigcwele esiyiphayona noma isithunywa sevangeli. Njengoba oFakazi BakaJehova bengenayo inkonzo ekhokhelwayo, kungenzeka wake wazibuza ukuthi labantu bahlanganyela kanjani kulenkonzo isikhathi esigcwele.
Bonke oFakazi BakaJehova abazinikezele futhi babhapathizwa bayizikhonzi, kodwa inani elikhulu linemikhaya noma ezinye izibopho ezibavimbela ukuba banikele amahora angaphezu kwambalwa ngesonto enkonzweni yabo. Nokho, izinkulungwane zoFakazi kuwo wonke umhlaba ziye zanciphisa izinga lazo lokuphila ukuze zihlangabezane nezindleko zazo ezincishisiwe ngetoho bese zinikela enkonzweni amahora ayi-1 000 noma ngaphezulu ngonyaka.
Kuyiqiniso, izikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaphayona azinayo imali eningi ezingayisebenzisela inzuzo yazo siqu, kodwa kuzo lena indlela yokufuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala. Futhi zithola izibusiso eziningi. Ukukwazi nje ukuxoxa nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu amahora angama-90 noma ngaphezulu ngenyanga khona ngokwakho kungokuhlangenwe nakho okuhle. Isikhonzi sesikhathi esigcwele sithuthukisa ikhono laso enkonzweni futhi sinesikhathi sokulandelela kahle isithakazelo. Lokhu kuveza imiphumela ekhuthazayo ngempela. Banakho abakudingayo ngokwezinto ezibonakalayo, futhi bakwazisa kakhulu lokho abanakho.—Mathewu 6:33.
NgoFebruary 1943, iWatch Tower Society yamisa iSikole seBhayibheli saseGileyadi seWatchtower. Injongo yaso kwakuwukuqeqesha izikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaphayona anokuhlangenwe nakho ukuba zikhonze njengezithunywa zevangeli kwamanye amazwe. Imfundo ethatha izinyanga ezinhlanu ihlanganisa ukufundisiswa kweBhayibheli, umlando weBhayibheli, inhlangano kaJehova, nezihloko eziphathelene nokulungiselela inkonzo ensimini yakwamanye amazwe.
INhlangano ekhokhela izindleko zezinto zokuhamba zokuya esabelweni sezithunywa zevangeli futhi ilungiselele ukudla okuhle nendawo yokuhlala efanelekayo emakhaya ezithunywa zevangeli. Inikeza futhi isithunywa sevangeli ngasinye imadlana encane yezindleko zomuntu siqu. Izithunywa zevangeli ziyazenzela umsebenzi wasekhaya wokuya esitolo, ukulungiselela ukudla, kanye nokuhlanza indlu. Zinalokhu kunakekelwa okufanelekayo izithunywa zevangeli ziyakwazi ukunikela okungenani amahora ayi-140 ngenyanga ekushumayeleni endlini ngendlu nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo.
Eziningi zalezithunywa zevangeli zabelwa ezindaweni eziqhele ngamakhilomitha ayizinkulungwane emakhaya. Kuye kwadingeka ukuba zishintshele ezingeni elihlukile lokuphila nemikhuba, emikhubeni emisha yokudla, esimweni sezulu esihlukile, nasekukhulumeni olunye ulimi. Lomsebenzi ziwenza ngenxa yokuthi zithanda abantu futhi zinesifiso esijulile sokubasiza ukuba bafunde ngoMbuso kaNkulunkulu.
Kusukela ngo-1943 kuya ku-1985, iSikole seBhayibheli saseGileyadi seWatchtower saqhuba amakilasi angama-80 futhi siye sathumela izithunywa zevangeli ezingaphezu kwezi-6 000. Ngaphansi kokuqondisa kweNhlangano, lezi ziye zahola ekwandisweni kwemfundo yeBhayibheli kulo lonke elaseAfrika, eMelika ePhakathi neseNingizimu, eMpumalanga, naseNingizimu Pacific, futhi ziye zafeza okuningi eYurophu.
Kungakhathaliseki ukuthi oFakazi BakaJehova bahlanganyela enkonzweni isikhathi esigcwele njengamaphayona noma njengezithunywa zevangeli noma ngokwengxenye, bakhonza ngaphandle kwenzuzo engokwemali. Basebenzisa isikhathi sabo nemali, nabo ngokwabo, ukuze basize abanye bathole ulwazi oluholela ekuphileni okuphakade.—Johane 17:3.
• Abanye oFakazi BakaJehova bakwazi kanjani ukunikela ngesikhathi sabo sonke enkonzweni, futhi kungani benza lokhu?
• Izikhonzi ziwuqeqeshelwa kanjani umsebenzi wezithunywa zevangeli?
• Izithunywa zevangeli zisekelwa kanjani esabelweni sazo sakwamanye amazwe?
[Izithombe ekhasini 22]
Ngakwesobunxele: Ikilasi leSikole saseGileyadi, eBrooklyn, N.Y., U.S.A.
Ngakwesokudla: Isithunywa sevangeli sifundisa iZwi likaNkulunkulu ePapua New Guinea
[Izithombe ekhasini 23]
Izikhonzi ezingamaphayona nezithunywa zevangeli zishumayela iZwi likaNkulunkulu emazweni ahlukahlukene
EBrazil
EDominican Republic
ESpain
ESierra Leone, eAfrika