Ukushushiswa Ngenxa Yokulunga
Ungase uzwe ngabangane nangezihlobo ukuthi oFakazi BakaJehova baxabana nomthetho, ukuthi abanye ohulumeni bayabavimbela, noma ukuthi bangabantu ababi. Kungani kunalezinkulumo ezingezinhle ngabo?
Akungenxa yokuthi oFakazi abawuhloniphi umthetho kodwa kungenxa yokuthi balandela ezinyathelweni zikaJesu. UJesu wathi kubafundi bakhe abantu babeyobathuka, babashushise, futhi basho zonke izinto ezimbi ezingamanga ngokumelene nabo. Lokhu kungenxa yokuthi umphikisi omkhulu kaNkulunkulu, uSathane, ungunkulunkulu walelizwe, futhi ufuna ukuphambukisa abantu ekukhonzeni uNkulunkulu.—Mathewu 5:10-12; 10:16-22, 34-39; 24:9, 10; Johane 15:17–16:3; 2 Thimothewu 3:12; 1 Petru 5:8; IsAmbulo 12:17.
Lapho abaphostoli beboshwa futhi beyiswa enkantolo, kwakungengenxa yokuthi babeyizigebengu, amadoda anobudlova, noma abavukeli bombuso. Kwakungenxa yokuthi babeshumayela izindaba ezinhle. Lapho umphostoli uPawulu edlulisela icala lakhe ezinkantolo eziphakeme, wayefuna ukuvikela nokumisa ngokomthetho ilungelo lamaKristu lokushumayela izindaba ezinhle.—IzEnzo 4:18-20; 5:28-32; Filipi 1:7.
Namuhla, oFakazi BakaJehova bangamaKristu alalela umthetho akhokha izintela nabonisa inhlonipho kulabo abaphethe. Banika uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Uma bengqubuzana nanoma iliphi igunya likahulumeni, kungenxa yokuthi uhulumeni akawuqapheli umsebenzi wabo wokushumayela, noma kungenxa yokuma kwabo kokungathathi-hlangothi ezindabeni zezizwe. Kodwa kulokhu oFakazi BakaJehova kumelwe bathathe ukuma okwathathwa abaphostoli, abathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.”—IzEnzo 5:29; Marku 12:17; Johane 18:36; Thithu 3:1, 2.
OFakazi BakaJehova abakufuni ukushushiswa kodwa bakhetha ukuphila okunokuthula. Nokho, uma ngenxa yokulandela kwabo umthetho kaNkulunkulu nesibonelo sikaJesu Kristu beshushiswa, bayakujabulela ukukukhuthazelela.—Mathewu 5:10-12; IzEnzo 5:40, 41; 1 Korinte 4:12; 1 Thimothewu 2:2; 1 Petru 3:14, 15; 4:12-16.
• Kungani izinceku zikaJehova zihlanjalazwa futhi zishushiswa?
• Kungani oFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi bengqubuzana negunya likahulumeni, njengoba kwenza abaphostoli abangamaKristu?
• Izinceku zikaJehova zikubheka kanjani ukushushiswa?
[Izithombe ekhasini 29]
UJesu wamiswa phambi kukaPilatu futhi umphostoli uPawulu waboshwa ngenxa yokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu