Isahluko 1
Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka Kuseduze!
NJENGABANTU abaningi, nawe ngokuqinisekile ulangazelela ukuthula nokulondeka. Yonke indawo abantu bakhathele ubugebengu, ubudlova, impi, nokusongela kwenuzi. Futhi, abaningi abanayo imisebenzi emihle, izindlu ezifanele, noma ukudla okwanele. Yeka injabulo okungaba yiyo uma izinkinga ezinjalo zingaxazululwa futhi lomhlaba ube yikhaya elijabulisayo, nelilondekile kwabayizakhamuzi zawo!
2 Ngokumangalisayo, kunesizathu esihle sokukholelwa ukuthi inkululeko elangazelelwayo iseduze, ukuthi ukuthula nokulondeka emhlabeni wonke kusondela ekubeni kube ngokoqobo! Kodwa ubani oyokuletha? Ingabe izizwe zalomhlaba ziyosusa ukungezwani kwazo ukuze zifeze lokhu?
3 Isiprofetho seBhayibheli esithakazelisayo saphawula ukuthi kwakuyofika isikhathi lapho abaholi bezwe beyomemezela “ukuthula nokuhlala kahle”!a Eqinisweni, lapho iZizwe Ezihlangene zimemezela u-1986 njengo“Nyaka Wokuthula WeZizwe Zonke” zacela ukuba izinhlangano yonke indawo zenze umzamo okhethekile kusukela ngalowonyaka kuqhubeke wokuba zikhuthaze umgomo ‘wokuthula, ukulondeka nokubambisana kwezizwe zonke.’1
4 Kodwa ingabe lokhu kuyoba “ukuthula nokuhlala kahle” kweqiniso? Ingabe kuyofinyelela endaweni yakini nasemzini wakho futhi kubhekane nezinkinga ezithinta wena siqu? Ingabe kuyozixazulula izinkinga zobugebengu obandayo nokusetshenziswa kabi kwemilaliso, izindleko zokudla ezikhulayo, intela emba eqolo, ukwanda kokungcola, nokuwohloka kwezibopho zemikhaya okuphikelelayo? Uma nje noma isiphi salezozimo sisaqhubeka, sisongela ukuthula nokulondeka kwakho siqu.
5 Yiqiniso, abantu banethemba lokuthi bangazinqoba lezinkinga. Bathi, uma bekhululeka ebunzimeni bezempi obungokwezimali, bangaphinde baqondise wonke lowomcebo, ukucwaninga, nabantu bokusebenza ekuxazululeni izinkinga ezinjalo.
6 Ingabe uyakukholelwa ngempela lokhu? Ingabe bukhona ubufakazi obuzwakalayo obubonisa ukuthi abantu bangawaletha amakhambi ahlala njalo? Umlando ubonisani? Yebo, okuhlangenwe nakho kwakho siqu ekuphileni kukutshelani?
7 Ungase ubuze, ‘Kodwa uma abantu bengenawo amakhambi, kuthiwani-ke?’ Nokho, kunobufakazi obungenakuphikwa bokuthi umhlaba nezinto eziphila kuwo kubonisa umklamo onokuhlakanipha. (Heberu 3:4) Kungenzeka yini ukuthi Lowo owaklama lomklamo uyangena endabeni? Ingabe uyoba nesandla ezindabeni zesintu? IBhayibheli kuphela elinikeza izimpendulo kulemibuzo.
8 Khona-ke, ngokucabangela ubunzima besimo, bekungeke yini kufaneleke ukucabangela okushiwo yiBhayibheli kulendaba? Kungenzeka uyazi ukuthi liyincwadi ehunyushwa nethengwa kunazo zonke emhlabeni. Lilonke noma izingxenye zalo, liye lasakazwa ngezigidi zezigidi ngezilimi ezingaphezu kwe-1 800.2 Kodwa bewazi nje ukuthi lencwadi yasendulo ibhekana ngqó nezinto ezisithinta kakhulu kulelikhulu lama-20 leminyaka?
9 Abaningi bayazi ukuthi iBhayibheli libikezela ‘ukuphela kwalelizwe.’ Kodwa bambalwa abaziyo ukuthi lithini mayelana nokuthi lokho kuyofika nini, noma ukuthi ukuphila emhlabeni kuyoba njani ngemva kwalokho. (Mathewu 24:21, 22; 2 Petru 3:11-13) Bangase bathandaze ngisho noMthandazo WeNkosi, lapho becela khona ukuba ‘umbuso kaNkulunkulu ufike.’ (Mathewu 6:9, 10) Kodwa bambalwa abaqaphelayo ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo oyothatha isikhundla sazo zonke izimiso zamanje zezombangazwe. Njengoba umprofethi uDaniyeli asho: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
10 Ngokuthakazelisayo, isiprofetho seBhayibheli esiphawulwe ngaphambili mayelana ‘nokuthula nokuhlala kahle’ sihlanganisa lezizici: “Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle khona ukubhujiswa kuyabazuma.” (1 Thesalonika 5:3) Ngakho-ke noma ikuphi ukuthula nokulondeka abaholi abangabantu abakumemezelayo ngokusobala kuyoba okwesikhashana. Ngoba iziprofetho zibonisa ukuthi ngokushesha ngemva kwalokho yonke imibuso yabantu iyochotshozwa iphele, ithathelwe isikhundla uhulumeni owodwa womhlaba wonke—uMbuso kaNkulunkulu.
11 Ngokungaphezulu, iBhayibheli lembula ukungafani okuningi phakathi kokuthula nokulondeka uMbuso kaNkulunkulu oyokuletha nalokho okuthenjiswa ngabaholi abangabantu. Namuhla abantu bakhuluma ngokunciphisa izikhali ngezivumelwano. Ngokuphambene, iBhayibheli limemezela ukuthi ngokushesha uNkulunkulu uzoziqeda ngokuphelele zonke izikhali futhi asuse izimbangela zempi eziyisisekelo. (IHubo 46:9; Isaya 2:2-4) Futhi ukulondeka okuthenjiswa uNkulunkulu akukhona nje okokukhululeka ekulweni phakathi kwezizwe. Kuwukulondeka ezitheni zalo lonke uhlobo, ukuze angabibikho oyobuye asabe futhi—emini noma ebusuku. (Mika 4:3, 4) Abantu futhi manje bakhathalela ukunciphisa ubugebengu, kodwa injongo kaNkulunkulu emenyezelwe iwukususa ngisho nokucabanga kanye nezimo eziholela ebugebengwini.—IHubo 37:8-11; Galathiya 5:19-21.
12 Izizwe futhi ziziqhayisa ngentuthuko yokucwaninga kwezokwelapha nokuthuthukiswa kokunakekela abagulayo nabagugile. Kodwa iBhayibheli lichaza indlela uhulumeni kaNkulunkulu oyoletha ngayo impilo ephelele nehlala njalo, unqobe ngisho nokuguga nokufa! (IsAmbulo 21:3, 4) Ngaphezu kwalokho, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu umsebenzi womuntu uyoba onenjongo ngempela, ulethe ukwaneliseka kwangempela. Ngoba ungajabula kanjani uma umsebenzi wakho ukhungathekisa noma ungalethi umuzwa weqiniso wokufeza okuthile?—Isaya 65:21-23; Roma 8:19-21.
13 Ikuphi okholelwa ukuthi kunikeza uhlobo lokuthula nokulondeka oluyokwenza ngcono yonke ingxenye yokuphila kwakho—izithembiso zabantu, noma izithembiso zikaNkulunkulu eziyolethwa uhulumeni woMbuso wakhe? Ngokuhambisana nalokho okunikezwa yizwe, ingabe uye wakuthola okufuna ngempela ekuphileni? Kuthiwani uma uzivumela uthathwe yilokho okuthandwayo ngalesosikhathi, kodwa bese ubona ukuthi uye wakhohliswa izithembiso ezidukisayo, zakushiya ungenakho ukuthula nokulondeka kweqiniso? Ngakolunye uhlangothi, ungaqiniseka yini ukuthi okuthenjiswa yiBhayibheli kuyakholeka, kuwusizo, futhi kungokoqobo? Ngokuqinisekile, izimpendulo zemibuzo enjalo zidinga ukuhlolwa ngokucabangisisa.
[Umbhalo waphansi]
[Imibuzo Yesifundo]
1. Yiziphi izimo ezenza ukuthula kweqiniso nokulondeka kufiseleke kangaka?
2, 3. (a) Uma ukuthula kweqiniso nokulondeka kuseduze ngempela, imiphi imibuzo okudingeka ibuzwe? (b) Isenzo esiye sathathwa iZizwe Ezihlangene sibonakala kanjani sivumelana nesifiso sokuthula nokulondeka?
4. Ukuze ilungiselelo lokuthula nokulondeka likuzuzise, yiziphi izinkinga okumelwe lizixazulule?
5, 6. Ngokolwazi lwakho siqu ekuphileni, ingabe uyakholelwa ukuthi abantu bazozixazulula lezozinkinga?
7, 8. (a) Iyiphi enye indawo esingafuna kuyo ikhambi? (b) IBhayibheli liyincwadi evelele kangakanani?
9, 10. (a) IBhayibheli lithini ngekusasa, nangohulumeni babantu? (b) Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi uyowathatha nini amandla kubo bonke ohulumeni bosuku lwanamuhla?
11, 12. Ikuphi okunye ukungafani okukhona phakathi kwalokho iBhayibheli elithi uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza nalokho abaholi abangabantu abazama ukukwenza?
13. Imiphi imibuzo okungaba yinzuzo ngathi ukuyihlola?
[Isithombe esigcwele ikhasi 4]
[Isithombe ekhasini 9]
Akekho oyobuye asabe futhi—emini noma ebusuku