Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • tp isahl. 9 kk. 94-107
  • Ukuthula Nokulondeka Emhlabeni Wonke—Ithemba Eliqinisekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthula Nokulondeka Emhlabeni Wonke—Ithemba Eliqinisekile
  • Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Esiqinile Sethemba
  • Umhlaba Uyoba Yikhaya Eliyinsimu
  • Ukuphela Kobumpofu Nokugqilaza Kwezomnotho
  • Impilo Nokuphila Okungapheli
  • Amandla Omhlaba Okuthwala Inani Elingako Labantu
  • Isisekelo Esiqinisekile Senjabulo Engapheli
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
  • Ngemva KweArmagedoni, Umhlaba OyiPharadesi
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
    Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?—1976 (gc)
  • Ikusasa Elilondekile—Indlela Ongalithola Ngayo
    Ikusasa Elilondekile—1975 (fu)
Bheka Okunye
Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
tp isahl. 9 kk. 94-107

Isahluko 9

Ukuthula Nokulondeka Emhlabeni Wonke—Ithemba Eliqinisekile

LOMHLABA wawungaba yindawo ethokozisa kakhulu nethakazelisayo okungahlalwa kuyo ukuba kwakunezimo zokuthula kwangempela, nezilondekile yonke indawo. Nakuba ukude nalokho manje, iBhayibheli libikezela ukuthi umhlaba usazoba yikhaya elihle lapho umkhaya wesintu uyojabulela khona ukuphila ngokugcwele.

2 Yini ngempela iBhayibheli eliyithembisayo? Singaqiniseka kanjani ukuthi iyogcwaliseka?

Isizathu Esiqinile Sethemba

3 Kunemithetho ethile eyisisekelo ebusa indawo yonke. Eminingi yayo siyithatha kalula nje. Ukuphuma kwelanga, ukushona kwelanga, izikhathi zenyanga, nezinkathi zonyaka kuyafika kudlule ngendlela eqinisekisa ukuphila kwabantu. Abantu badweba amakhalenda bacebe nemisebenzi ethile kusasele iminyaka ngaphambili. Bayazi ukuthi ukuhamba kwelanga, inyanga, namaplanethi kuthembekile. Yini esingayifunda kulokhu?

4 UMenzi waleyomithetho uthembeke ngokuphelele. Singathembela kulokho akushoyo nakwenzayo. NjengoMdali wezulu nomhlaba, iBhayibheli lithembisa uhlelo olusha lokulunga egameni lakhe. (Isaya 45:18, 19) Ekuphileni kwethu kwansuku zonke, ngokuvamile sithembela ngezinga elithile kwabanye abantu—labo abaletha ukudla ezimakethe, labo abaletha iposi, nabangane abaseduze. Akukhona-ke yini okunengqondo, ukuthembela kakhulu ngokwengeziwe kuNkulunkulu nasekugcwalisekeni okuqinisekile kwezithembiso zakhe?—Isaya 55:10, 11.

5 Nakuba izithembiso zabantu ngokuvamile zingathembekile, izithembiso zikaNkulunkulu zithembeke ngokuphelele futhi zingokwenzuzo yethu, hhayi eyakhe. Nakuba uNkulunkulu engadingi lutho kithi, uyayithola intokozo kulabo abanokholo kuye ngenxa yokuthi bathanda yena nezindlela zakhe zokulunga—IHubo 50:10-12, 14.

6 Khona-ke futhi, iBhayibheli lifuna sisebenzise ingqondo yethu. Alifuni sibe nokholo lokungaqondi noma lokuthatheka. Eqinisweni, lichaza ukholo lweqiniso ngokuthi “ukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.” (Heberu 11:1) EBhayibhelini, uNkulunkulu usinikeza isisekelo esizwakalayo sokholo. Ukuba nengqondo kwalesosisekelo kuba sobala ngokwengeziwe njengoba sikhula ngolwazi lweZwi likaNkulunkulu futhi sibona ukusebenza kweqiniso lalo ekuphileni kwethu luqobo nasekugcwalisekeni kweziprofetho zalo.—IHubo 34:8-10.

7 Izithembiso zeBhayibheli nezibusiso zesikhathi esizayo zingaphezulu kakhulu kwalokho abantu abazama ukukunikeza. Nokho lezozithembiso azidingi ukuba sikholelwe ezintweni eziphambene nalokho abantu abakwaziyo. Futhi aziphambene nezifiso zabantu ezivamile. Cabangela ezinye zalezibusiso ezinhle ubone ukuthi lokhu kuyiqiniso kanjani.

Umhlaba Uyoba Yikhaya Eliyinsimu

8 Igama elithi “ipharadesi” livela emagameni afanayo ayesetshenziswa ezikhathini zasendulo (ngesiHeberu, par·desʹ; ngesiPheshiya, pai·ri·daeʹza; ngesiGreki, pa·raʹdei·sos), amagama ayesetshenziselwa ukuchaza izinto ezazikhona ngokoqobo emhlabeni ngalesosikhathi. Wonke lamagama anomqondo oyisisekelo wepaki elihle noma insimu enjengepaki. Njengasezikhathini zasendulo, nanamuhla kunezindawo eziningi ezinjalo, ezinye zazo zingamapaki amakhulu. Futhi umuntu unokulangazela kwemvelo ngobuhle bawo. IBhayibheli lithembisa ukuthi luyofika usuku lapho yonke leplanethi iyoba insimu enjalo efana nepaki noma ipharadesi!

9 Lapho uNkulunkulu edala abantu bokuqala ababili wabanika insimu yase-Edene njengekhaya labo, okuyigama elisho “iPharadesi Lenjabulo.” Kodwa iPharadesi lalingeke nje ligcine kuleyondawo eyodwa. UNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe.” (Genesise 1:28; 2:8, 9) Lokhu kwakuyohlanganisa ukunwetshwa kwemingcele yePharadesi ifinyelele emaphethelweni omhlaba, injongo eyayiphawulwe ngokwaphezulu engazange iqedwe inkambo yokungalaleli ka-Adamu noEva. UJesu Kristu ngokwakhe wabonisa ukwethembela kulenjongo uma ethembisa indoda eyafa eceleni kwakhe ukuthi yayizoba nethuba lokuphila ePharadesi elinjalo lasemhlabeni. (Luka 23:39-43) Kuyokwenzeka kanjani lokhu?

10 “Osizini olukhulu” oluzayo uNkulunkulu uyosusa zonke izithiyo ezivimbela iPharadesi lakhe lasemhlabeni elizayo ‘ngokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ngaleyondlela uNkulunkulu uyokwenza lokho ohulumeni babantu ababengasoze bakwenze. Uyosusa bonke labo abangcolisa umhlaba ngenxa yobugovu ukuze banelise ubugovu bezentengiselwano, bonke abalwa izimpi ezibhubhisayo, nabo bonke abawusebenzisa kabi umhlaba ngenxa yokuntula inhlonipho ngenala yezipho uNkulunkulu aye wazilungiselela.

11 Ngalesosikhathi umhlaba wonke uyoqhakaza ubuhle. Khona-ke umoya wawo, amanzi, nezwe kuyogcwala ukuqabuleka nokuhlanzeka. Lokhu kubuyiselwa kwePharadesi akuyona into engenakukholeka, futhi ayiphambene nokuhlangenwe nakho kwabantu. Emakhulwini amaningi eminyaka adlule, lapho isizwe sakwaIsrayeli siphuma ekuthunjweni kwaseBabiloni, uJehova uNkulunkulu wasibuyisela ezweni lakubo, ngalesosikhathi elaliyincithakalo. Nokho, ngenxa yesibusiso sikaNkulunkulu kuso nasemsebenzini waso, izwe ngokushesha laba lihle kangangokuthi abantu abangomakhelwane bathi: ‘Selinjengensimu yase-Edene!’ Futhi laba ngelikhiqiza kakhulu, lasusa noma ikuphi ukwesaba ukulamba nendlala. (Hezekeli 36:29, 30, 35; Isaya 35:1, 2; 55:13) Lokho uNkulunkulu akwenza emuva lapho kwabonisa ngesilinganiso esincane lokho asazokwenza ngesilinganiso sembulunga yonke ekugcwaliseni izithembiso zakhe. Bonke abantu abayobonakala befanelekela ukuphila ngalesosikhathi bayojabulela izinjabulo zokuphila ePharadesi ezilungiselelwe phezulu.—IHubo 67:6, 7; Isaya 25:6.

Ukuphela Kobumpofu Nokugqilaza Kwezomnotho

12 Ubumpofu nokugqilazwa izimiso zezizwe zezomnotho kungokuvamile emhlabeni wonke. Akunakuba khona ukulijabulela ngempela iPharadesi uma izigidi zisebenza kanzima ukuze nje zithole izidingo noma zenze umsebenzi oyisicefe ukuze umuntu abe njengezinyo lesondo lomshini omkhulu.

13 Intando kaNkulunkulu ngomuntu ngokuqondene nalokhu ibonakala endleleni aqondisa ngayo izinto ezinjengalezo kuIsrayeli wasendulo. Lapho, umndeni ngamunye wawuthola izwe lefa lawo. (AbAhluleli 2:6) Ngisho noma lalingase lithengiswe, ngisho nabantu ngabanye bazithengise ebugqilini uma benesikweleti, noma kunjalo uJehova wenza amalungiselelo okugwema ukuba umuntu abe nezindawo eziningi noma nanoma ikuphi ukugqilazwa kwabantu isikhathi eside. Kanjani?

14 Ngamalungiselelo ezomnotho ayeseMthethweni awunikeza abantu bakhe. Unyaka wesikhombisa wobugqili ‘kwakuwunyaka woyekelo’ lapho noma imuphi umIsrayeli owayesebugqilini kwakufanele akhululwe. Futhi, yilowo nalowo nyaka wama-50 kwakuwunyaka ‘weJubili’ wesizwe sonke, unyaka ‘wokumemezela inkululeko’ kuzo zonke izakhamuzi zaso. (Duteronomi 15:1-9; Levitikusi 25:10) Ngalesosikhathi noma iliphi ifa elalithengisiwe lalibuyiselwa kulowo okwakungelakhe. Bonke ababesebugqilini babekhululwa, ngisho noma kungenzeka iminyaka eyisikhombisa ingakapheli. Kwakuyisikhathi senjabulo sokuhlangana futhi kwemindeni okuthokozisayo nesiqalo esisha ekuphileni ngakwezomnotho. Ngakho-ke, alikho izwe elalingathengiswa phakade. Ngamanye amazwi, ukuthengiswa kwalo kwakufana nokuliqashisa okwakuyobuye kuphele, okungenani, ngonyaka weJubili.—Levitikusi 25:8-24.

15 Konke lokhu kwasekela ekuqineni kwesizwe kwezomnotho nasekulondekeni nokuthula komndeni ngamunye. Uma lemithetho ilandelwa, isizwe sasivikelwa ekuweleni esimweni esidabukisayo esisibona namuhla emazweni amaningi lapho kukhona kokubili ukuceba okweqile nobumpofu obeqile. Izinzuzo kumuntu ngamunye zasiqinisa isizwe, ngoba akekho okwakudingeka abe sesimweni sokuswela futhi acindezelwe izimo ezimbi zezomnotho. Njengoba kwabikwa phakathi nokubusa kweNkosi uSolomoni, “oJuda noIsrayeli bahlala belondekile, kwaba-yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe.” (1 AmaKhosi 4:25) Namuhla abaningi abakwazi ukusebenzisa wonke amathalenta abo nezingqondo ngoba bavimbeleke esimisweni sezomnotho esibaphoqelela ukuba basebenzele izifiso zabambalwa noma ngisho nesoyedwa. Ngaphansi kwemithetho kaNkulunkulu umuntu okhuthele wayesizwa ukuba anikele amakhono akhe enhlalakahleni nasenjabulweni yabo bonke. Lokhu kusinikeza umbono womuzwa wokubaluleka komuntu siqu nesithunzi okuyojatshulelwa yilabo abayozuza ukuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu.

16 Emhlabeni wonke isiprofetho sikaMika 4:3, 4 siyoba nokugcwaliseka okumangalisayo. Abantu abathanda ukuthula abayophila ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu kokulunga “bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.” Abekho abangaphansi koMbuso kaNkulunkulu abayohlala emafukwini axathukayo noma ezindlini zokuqashisa eziminyeneyo. Bayokuba nezindawo namakhaya angawabo. (Isaya 65:21, 22) INkosi, uKristu Jesu, yathembisa kudala ukuthi ‘abamnene bayakudla ifa lomhlaba,’ futhi ‘unamandla onke ezulwini nasemhlabeni’ okuqiniseka ukuthi lokhu kuyenzeka.—Mathewu 5:5; 28:18.

Impilo Nokuphila Okungapheli

17 Nokho, azikho kulezizimo ezinhle, ezingenza ukuphila kube nokuthula ngempela futhi kulondeke uma nje ikusasa lisasitshekelwe ukugula, ukuguga, nokufa. Ingabe kungokungenangqondo noma kuphambene nokuhlangenwe nakho komuntu ukuba nethemba lokukhululwa kulezizinto ezicindezelayo? Ngokuqinisekile akuphambene nesimo semvelo yomuntu ukufuna lokhu, ngoba abantu baye bachitha isikhathi sokuphila nezizumbulu zezimali ezingenakubalwa bezama ukukufeza.

18 Ngakho-ke ithemba lempilo nokuphila okuhlala njalo akukhona neze okungenangqondo. Yebo, okungenangqondo ngempela yilokhu: Lapho nje abantu befinyelela ubudala lapho beqala ukuba nolwazi, okuhlangenwe nakho, nekhono lokwenza izinto eziwusizo, baqala ukuguga futhi ekugcineni bafe. Kodwa, kunemithi ephila izinkulungwane zeminyaka! Kungani umuntu, owenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, ephila ingxenyana nje yesikhathi esiphilwa ezinye izitshalo ezingenakuhlakanipha? Ngokunengqondo, bekungafanele yini aphile isikhathi eside kakhulu kunalokho?

19 Kulabo abayizazi ezicwaninga ngokuguga, lenqubo iseyimfihlo. Okudidayo futhi, iqiniso lokuthi ubuchopho bomuntu buklanyelwe ukungenisa cishe ulwazi olungenakulinganiswa. Njengoba umlobi wesayensi asho, ubuchopho “bukwazi ngokuphelele ukusingatha noma ulwazi olungakanani nenkumbulo umuntu angase ayifake kubona—nangokuphindwe ngezinkulungwane zezigidi kunalokho.”⁠55 Lokhu kusho ukuthi ubuchopho bakho akukhona nje kuphela ukuthi bunamandla okuthwala noma okungakanani ongase ukufake kubo esikhathini sokuphila seminyaka engama-70 noma-80 kodwa futhi ngokuphindwe ngezigidi eziyinkulungwane ngaphezulu! Akumangalisi ukuthi kungani umuntu enokulangazelela ulwazi okungaka, isifiso esingaka sokufuna ukwenza nokufeza izinto. Nokho uvinjelwe ubufushane bokuphila kwakhe. Ingabe kunengqondo-ke yini ukuthi kumelwe kube namandla amangalisayo obuchopho bomuntu kodwa kungasetshenziswa ngisho nengxenyana encane yamandla abo? Ingabe akukhona yini okunengqondo ngokwengeziwe ukuphetha ngokuthi uJehova waklama umuntu ukuba aphile phakade emhlabeni futhi wamnikeza ingqondo eyifanelekela ngokumangalisayo leyonjongo, njengoba iBhayibheli lisho?

20 IBhayibheli libonisa ukuthi ekuqaleni umuntu wayenethuba lokuphila phakade kodwa lamlahlekela ngokuhlubuka: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye [uAdamu], nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Kodwa iBhayibheli futhi liphethe isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi, ePharadesi elibuyiselwe, “ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.” (IsAmbulo 21:3, 4; qhathanisa no-7:16, 17.) Liphawula ukuthi ukuphila okuphakade, okukhululekile emiphumeleni yesono, kuyinjongo kaNkulunkulu ngesintu. (Roma 5:21; 6:23) Ngaphezu kwalokhu, lithembisa ukuthi izibusiso zoHlelo Olusha lukaNkulunkulu ziyovulekela izigidi eziye zafa esikhathini esidlule. Kanjani? Ngovuko oluyogeqa ithuna elivamile lesintu. UJesu wabikezela ngokuqiniseka: “Isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni okukhunjulwa beyozwa izwi layo baphume.”—Johane 5:28, 29, NW.

21 Isayensi yezokwelapha namuhla iyakwazi ukuveza “imilaliso yemilingo” futhi yenze izenzo ezimangalisayo zokuhlinza ezazingabonakala zingenakukholeka emashumini eminyaka ambalwa adlule. Ingabe kufanele singabaze ukuthi Lowo owadala abantu angenza izenzakalo ezimangalisa ngokungaphezulu zokuphulukisa? Ngokuqinisekile uMdali unamandla okubuyisela abantu abanezinhliziyo ezilungileyo empilweni yobungqabavu, aqede ngisho nokuguga. Futhi lokhu angakwenza ngaphandle kokusebenzisa imilaliso, ukuhlinza, noma izitho zokwenziwa. Ngokubonelela, uNkulunkulu uye wanikeza ubufakazi bokuthi izibusiso ezinjalo azizinkulu kakhulu ukuba sizilindele.

22 UNkulunkulu wanikeza iNdodana yakhe amandla okwenza imisebenzi emangalisayo yokuphulukisa ngesikhathi isemhlabeni. Lemisebenzi iqinisekisa thina ukuthi akukho-buthaka, isici, noma isifo esingaphezu kwamandla kaNkulunkulu ukusiphulukisa. Lapho indoda eyayigcwele uchoko inxusa uJesu ukuba ayiphulukise, uJesu ngobubele wayithinta lendoda wayesethi: “Hlambuluka.” Futhi, njengoba umbhalo ongokomlando usho, “Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe.” (Mathewu 8:2, 3) Izinto ezinjengalezi uJesu wazenza phambi kofakazi abaningi, njengoba isazi-mlando esinguMathewu sibika: “Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe, wabaphulukisa, baze bamangala abantu . . . bamdumisa uNkulunkulu kaIsrayeli.” (Mathewu 15:30, 31) Zifundele ngokwakho ukulandisa kuJohane 9:1-21 ukuze ubone ukuthi ungokoqobo futhi uyiqiniso kanjani ekuphileni umbiko ongokomlando wokuphulukisa okunjalo. Ukuba yiqiniso kwalezizenzakalo kufakazelwa ofakazi abaningi, kuhlanganise nodokotela, uLuka inyanga.—Marku 7:32-37; Luka 5:12-14, 17-25; 6:6-11; Kolose 4:14.

23 Ngezizathu ezifanayo akumelwe sisibheke njengesingenakukholeka isithembiso seBhayibheli sokuthi “kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo.” (IzEnzo 24:15) Ngisho naseminyakeni eminingi ngemva kokufa, izwi lomuntu, ukubonakala kwakhe, nezenzo zingagcinwa ngefilimu noma ngevideotape. Ingabe-ke Lowo owadala umuntu, owazi ngokuthe ngqó ukwakhiwa komuntu ngokwama-athomu namamolecules, akumelwe akwazi ukwenza okungaphezulu kakhulu kwalokho? Amacomputer akhiwe ngumuntu angagcina futhi ahlele ngokoqobo izinkulungwane zezigidi zemininingwane. Kodwa uNkulunkulu wadala indawo yonke emangalisayo enezinkulungwane zezigidi zemithala, umthala ngamunye unezinkulungwane zezigidi zezinkanyezi. Lokho kufinyelela izigidi zezigidi, izinkulungwane zezigidi zezigidi ngisho nangaphezulu! Kodwa, iHubo 147:4 lithi: “Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama”! Ngokuqinisekile bekungaba lula ngoNkulunkulu, onamandla amakhulu kangako enkumbulo, ukukhumbula ubuntu babantu ngabanye ukuze ababuyisele ekuphileni.—Jobe 14:13.

24 UJehova futhi uye wasinikeza izibonelo ezingokomlando zokuqinisa ukholo lwethu ethembeni elimangalisa kanjalo. Wanikeza iNdodana yakhe amandla okubonakalisa ngesilinganiso esincane ukuthi yini eyoyenza ngesilinganiso esikhulu phakathi nokubusa kwayo okulungileyo emhlabeni. UJesu wavusa abantu abaningi abafileyo, ngokuvamile phambi kwezibukeli. ULazaru, amvusa eduze kweJerusalema, wayesefé isikhathi eside ngokwanele ukuba umzimba wakhe uqale ukubola. Ngokuqinisekile ithemba lovuko linesisekelo esiqinile.—Luka 7:11-17; 8:40-42, 49-56; Johane 11:38-44.

Amandla Omhlaba Okuthwala Inani Elingako Labantu

25 Leplanethi ingakwazi yini ukulungiselela indawo ethokomele yokuhlala yenani elingako labantu eliyoba umphumela wokuvuka kwabafileyo? Kwathatha iminyaka engaphezu kwezi-5 000 ngenani labantu emhlabeni ukufinyelela izigidi eziyinkulungwane ekuqaleni kwawo-1800. Namuhla, cishe liyizigidi eziyizinkulungwane eziyisihlanu.

26 Ngakho-ke, labo abaphila namuhla bamelele ingxenye enkulu yengqikithi yenani labantu abake baphila. Abanye baye balinganisela ingqikithi yenani labantu kuwo wonke umlando wesintu kubantu abayizi-15 000 000 000. Indawo yomhlaba eyizwe ingaphezu kwamahektare ayizi-15 000 000 000 (36 000 000 000 acres). Lokho bekunganikeza umuntu ngamunye ihektare elilodwa (ngaphezu kuka-2 acres). Lokhu bekungeke nje kunikeze indawo eyanele yokukhiqiza ukudla kuphela kodwa futhi bekuyovumela nokuba khona kwamahlathi, izintaba, nezinye izindawo ezibukekayo—kungabibikho ukucinana okungadingekile ePharadesi. Khona-ke, futhi, iBhayibheli libonisa ukuthi akubona bonke abaphila manje abayosinda baphile kuloloHlelo Olusha. Ngempela, uJesu wathi, “Isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.” Waphawula futhi ukuthi lapho ukubhujiswa komhlaba kufika, labo abayobe bengayenzi intando kaJehova “bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade.”—Mathewu 7:13; 25:46.

27 Kodwa umhlaba ungakukhiqiza yini ukudla okwanele abantu abaningi kangako? Ososayensi bathi ungakwenza, ngisho nangaphansi kwezimo zamanje. Umbiko weToronto Star waphawula: “NgokweNhlangano YeZizwe Ezihlangene Yezokudla Nezolimo (FAO) kakade kunokudla okusanhlamvu okwanele okutshalwe emhlabeni wonke ukuba kusuthise wonke umuntu emhlabeni ngamacalories ayizi-3 000 ngosuku, okungukuthi . . . cishe ngama-50% ngaphezu kwesilinganiso esiphansi esivumelekile.”⁠56 Ngokuqondene nekusasa, yachaza ukuthi ngisho naphansi kwezimo zanamuhla, kungaba nokudla okwanele ukuba kwanelise izidingo zenani labantu eliphindwe kabili kunelamanje. Futhi, kumelwe sikhumbule ukuthi uJehova uyoqondisa abantu bakhe ukuba basebenzise amandla omhlaba emvelo ngokufanelekile, ngoba iHubo 72:16 liyasiqinisekisa: “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”

28 Kumelwe siphawule ukuthi injongo kaNkulunkulu iyini, njengoba yaphawulwa ekuqaleni kubantu bokuqala ababili. Batshelwa ukuba ‘bagcwalise umhlaba, bawunqobe,’ banwebe imingcele ye-Edene ifinyelele ezingxenyeni ezikude zomhlaba. (Genesise 1:28) Ngokusobala, lokhu kusho ukugcwalisa umhlaba ngezinga elikahle, hhayi ukuwuchichimisa ngabantu. Lokhu bekusayovumela ukuba umhlaba ‘onqotshiwe’ ube yipaki lembulunga yonke ngokufanayo nekhaya lomuntu lokuqala elalinjengepaki. Ngakho-ke, lomyalo waphezulu ubonisa ukuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele nendlela yakhe, ukwanda kwenani labantu kuyonqandwa.

Isisekelo Esiqinisekile Senjabulo Engapheli

29 Nokho, ngisho nendawo enhle, ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo, umsebenzi ojabulisayo, nempilo enhle akunakukuqinisekisa ngenjabulo ehlala njalo. Baningi namhlanje abanazo lezozinto kodwa abajabuli. Kungani? Ngenxa yabantu ababazungezile okungenzeka banobugovu, banochuku, bangabazenzisi, noma banenzondo. Injabulo engapheli oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu iyolethwa kakhulukazi ushintsho lomhlaba wonke esimweni sengqondo yabantu. Uthando lwabo nenhlonipho ngoNkulunkulu nesifiso sabo sokufeza izinjongo zakhe kuyoletha ukuchuma okungokomoya. Ngaphandle kwalokho, ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kuba okunganelisi nokuyize.

30 Yebo, kuyinjabulo yangempela ukuba phakathi kwabantu abanomusa, abathobekile, nabanobungane—abantu ongabathanda ngempela futhi ubethembe, abazizwa ngendlela efanayo ngawe. (IHubo 133:1; IzAga 15:17) Uthando ngoNkulunkulu yilona oluqinisekisa uthando lweqiniso ngomakhelwane, oluyokwenza ukuphila kujabulise kakhulu oHlelweni lwaKhe Olusha lokulunga. Bonke labo uNkulunkulu ayobanikeza ukuphila okuphakade bayobe bebonise uthando lwabo ngaye nangabanye abantu. Unomakhelwane abanjalo, abangane, nosebenza nabo, uyokwazi ukujabulela ukuthula kwangempela nokulondeka nenjabulo engapheli.—1 Johane 4:7, 8, 20, 21.

31 Ngempela, ithemba elihle kanjalo likuvulekele! Ngakho inkambo yokuhlakanipha kwangempela iwukuthola ukuthi kudingekani ukuze ulithole. Manje isikhathi sokuletha ukuphila kwakho ekuvumelaneni nezimfuneko zikaNkulunkulu ngalabo abayosinda “osizini olukhulu” oluzayo.—2 Petru 3:11-13.

[Imibuzo Yesifundo]

1, 2. Yiziphi izimo, ezabikezelwa eBhayibhelini, eziyokwenza lomhlaba ube yindawo ejabulisa kakhulu yokuphila?

3, 4. (a) Yini esiyifundayo ekwethembekeni kwemithetho eyisisekelo ebusa indawo yonke? (b) Ubani onguMenzi waleyomithetho, ngakho-ke yini esinesizathu esihle sokuthembela kuyo?

5. Ukungabi naso isisusa sobugovu kulokho uNkulunkulu akuthembisile kusinikeza kanjani ukholo?

6. Luhlobo luni lokholo iBhayibheli elisisiza ukuba sibe nalo?

7. Njengoba sihlola izithembiso zeBhayibheli zezibusiso zesikhathi esizayo yini okungamelwe silindele ukuba idingeke kithi ngenxa yokukholelwa kuzo?

8, 9. (a) Imuphi umqondo okumelwe uvezwe yigama elithi “ipharadesi” ezingqondweni zethu? (b) Yake yaba khona yini into enjalo emhlabeni? (c) Yini ebonisa ukuthi kuyinjongo kaNkulunkulu ngePharadesi ukuba ligcwale emhlabeni wonke?

10. NgokwesAmbulo 11:18, yiziphi izithiyo zePharadesi uNkulunkulu athembisa ukuzisusa?

11. (a) Isiphi isenzakalo esingokomlando esibonisa ukuthi ukubuyisela iPharadesi emhlabeni akuphambene nokuhlangenwe nakho kwabantu? (b) Lokhu kuluqinisela kusiphi isibusiso esithenjisiwe ukholo lwethu?

12. Iziphi izimo zomnotho nezokusebenza okumelwe zilungiswe ukuze sibe nenjabulo yangempela ekuphileni?

13-15. (a) Kukuphi lapho sithola khona isibonelo esingokomlando esisibonisa ukuthi intando kaNkulunkulu iyini ngomuntu kulokhu? (b) Lelolungiselelo lanikela kanjani ekulondekeni nasekujabuleleni ukuphila komuntu ngamunye nomndeni?

16. Ngokuqondene nezimo zokuphila kanye nesimo somuntu sezomnotho, yini uMbuso kaNkulunkulu oyoyinikeza bonke abangaphansi kwawo?

17-19. (a) Yini ebonisa ukuthi impilo enhle nokuphila isikhathi eside kuyizifiso zemvelo zesintu? (b) Imaphi amaqiniso ngokuphila kwabantu nangezitshalo enza ukuba ukuphila komuntu okufushane kubonakale kuxaka? (c) Yini ekhona ngokuqondene nobuchopho bomuntu ebonisa ukuthi kungokunengqondo ukukholelwa ukuthi umuntu wayeklanyelwe ukuphila phakade?

20. IBhayibheli lithi yini uNkulunkulu aye wathembisa ukuyenzela isintu ngokuqondene nemiphumela yesono, kuhlanganise nokufa ngokwakho?

21, 22. Kungani ithemba lokubuyiselwa empilweni ephelele lingekhona okuthile okukhulu kakhulu ukuba sikulindele?

23, 24. Kungani kungekhona okungenangqondo ukukholelwa ukuthi abafileyo bayobuyiselwa ekuphileni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu?

25, 26. Lapho abafileyo bevuswa, iyoba kuphi indawo yokuhlalisa bonke abantu?

27. Umhlaba ungakukhiqiza yini ukudla okwanele ngabo bonke labobantu?

28. Kungani ingekho ingozi yokuthi lapho abantu sebephila phakade, umhlaba uyominyana ngokuhamba kwesikhathi?

29. Ubuhlobo bomuntu nabanye bunamuphi umphumela enjabulweni yomuntu?

30. Sazi kanjani ukuthi labo abayophila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu kuyoba kuphela abantu abayonikela ekuthuleni nasekulondekeni kwabanye?

31. Uma sikufuna ngempela ukuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu, yini okumelwe siyenze manje?

[Isithombe ekhasini 98]

Ngokushesha luyofika usuku lapho umhlaba wonke uyoguqulwa ube yipharadesi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela