Isahluko 3
Ukubusa ‘KweNkosi Yokuthula’ Phakathi Kwezitha
1, 2. (a) Imaphi amazwi okuvalelisa uJesu Kristu awasho eqenjini labafundi bakhe? (b) Ingabe lokhu kwakusho isidingo sokuphendulwa kwezwe ngaphambi kokuba abuse ‘njengeNkosi yokuthula’?
NGAPHAMBI nje kokwenyukela kwayo ezulwini emakhulwini angaphezu kwe-19 eminyaka adlule, “iNkosi yokuthula” yesikhathi esizayo ngalesosikhathi, uJesu Kristu, yasho lamazwi okuvalelisa eqenjini labafundi bayo abathembekile: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele . . . bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 28:19, 20.
2 Ingabe lawomazwi kaJesu ayesho isidingo sokuphendulwa kwezwe ngaphambi ‘kwesiphelo sesimiso sezinto’ esaqala ngo-1914? Cha. Namuhla, ngasekupheleni kwalelikhulu lama-20 leminyaka, izwe lesintu lisalokhu lidediselwe kude kakhulu nokuphendulelwa kuJesu Kristu njengoMsindisi neNkosi yalo efanele. Nokho, lokhu akuzange kulibazise ukugcwaliseka kwalokho uJehova akubikezela eziprofethweni zeBhayibheli. Kwakungeyona injongo kaNkulunkulu ukuba lonke izwe lesintu liphendulwe ngaphambi kokuba uJesu Kristu aqale ukubusa ‘njengeNkosi yokuthula.’ Ngokuphambene kakhulu, kwabikezelwa ukuthi wayeyoqala ukubusa phakathi kwezitha zakhe.
3. Ukubhekisela kukaJesu kumaHubo 110 kubonisa kanjani ukuthi wayeyobusa phakathi kwezitha?
3 Ngisho nangesikhathi elapha emhlabeni, uJesu Kristu wayelazi leliqiniso. Ngaphambi nje kokufa kwakhe njengomfel’ ukholo, waphikisana nabaphikisi bakhe benkolo wayesebhekisela kumaHubo 110. Sifunda ngalokhu kuLuka 20:41-44: “Wayesethi kubo: Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho. Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?”
4-6. (a) IHubo 2 ngokufanayo likubonisa kanjani ukuthi uJesu wayengenakulindela ukuphendulwa kwezwe ngaphambi kokuqala ukubusa kwakhe ‘njengeNkosi yokuthula’? (b) IHubo 2:7 lagcwaliseka ngasiphi isikhathi?
4 Khona-ke, ngokusobala, uJesu Kristu, njengeNdodana kaDavide, wayengeke aqale ukubusa ngemva kokuphendulwa kwezwe. Kunalokho, wayeyoqala ukubusa phakathi kwezitha okwakuyothi ngempi ekugcineni uJehova uNkulunkulu azenze isenabelo sezinyawo zeNdodana yakhe esesihlalweni sobukhosi. Ngamazwi alandelayo, iHubo 2 ngokufanayo likhomba ukuqala kokubusa kwakhe ‘njengeNkosi yokuthula’ phakathi kwezitha:
5 “Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na? Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe [uKristu wakhe] ngokuthi: Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo, zisuke kithina. Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi: Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.
6 “Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi [uKristu]: Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele. [IHubo 2:7 lagcwaliseka lapho uJehova evusa iNdodana yakhe kwabafileyo, ngaleyondlela eba uYise kaJesu waphakade. (Roma 1:4)] Cela kimi, ngikunike abezizwe babe-yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe-yimfuyo yakho. Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi. Ngakho hlakaniphani nina-makhosi; yalekani nina-bahluleli bomhlaba. Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela. Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.”
7. Abaphostoli bakaJesu Kristu babhekisela kanjani kumaHubo 2 ngemva kosuku lwePentekoste?
7 NgokwezEnzo 4:24-27, abaphostoli bakaJesu Kristu babhekisela kulelihubo lesibili ngemva kosuku lwePentekoste, lika-33 C.E.: “Baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na? Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo. Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwaIsrayeli bayihlanganyela kulomuzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo.”
Ukugcwaliseka Okukhulu KweHubo 2
8. (a) Ukugcwaliseka kokuqala kweHubo 2:1, 2 kwenzeka nini? (b) Ukugcwaliseka kweHubo 2 bekuqhubeka kusukela nini?
8 Lawomazwi angokwesiprofetho eHubo 2:1, 2 agcwaliseka okokuqala ngonyaka ka-33 wekhulu lokuqala leminyaka. Lokhu kwakuqondene nomuntu uJesu Kristu emhlabeni. Wayegcotshwe ngomoya ongcwele kaJehova ngesikhathi sokubhapathizwa kwakhe nguJohane uMbhapathizi. Kodwa ukugcwaliseka okukhulu kweHubo 2 bekwenzeka kusukela ekupheleni kwezikhathi ezimisiwe zabezizwe ngonyaka ka-1914. (Luka 21:24) Kuye kwaqinisekiswa ngokwanele ukuthi “izikhathi zabezizwe,” ezaqala ekubhujisweni kokuqala komuzi waseJerusalema ngo-607 B.C.E., zaphela ngonyaka ka-1914.a Ngalesosikhathi izizwe zalelizwe, kanye nalezo zeLobukholwa zakhalelwa yinsimbi yokufa.
9. Yini eyenzeka ekubhujisweni kokuqala kweJerusalema ngokuqondene noMbuso kaNkulunkulu njengoba wawumelelwe uhlu lobukhosi lweNkosi uDavide?
9 Lapho abaseBabiloni bebhubhisa iJerusalema okokuqala, uMbuso kaJehova uNkulunkulu esizweni sakwaIsrayeli, njengoba wawumelelwe uhlu lobukhosi lweNkosi uDavide, waphela. Kusukela lapho, amaJuda emvelo awazange abe nayo inkosi ohlwini lwendlu yobukhosi kaDavide. Kodwa uMbuso kaNkulunkulu oPhezukonke ezandleni zomzukulu kaDavide, lowo uJehova enza naye isivumelwano soMbuso ophakade ngohlu lwakhe, wawungeke uhlale ungasebenzi emhlabeni phakade.
10, 11. (a) Wathini uNkulunkulu ngomprofethi wakhe uHezekeli ngokuqondene nesihlalo sobukhosi sikaDavide? (b) Ubani owaba ‘nemfanelo’ esihlalweni sobukhosi sikaDavide? (c) Sathini isixuku samaJuda lapho uJesu eziletha njengendlalifa engokomthetho?
10 Ngaphambi nje kokubhujiswa kweJerusalema lasendulo kokuqala, uJehova wabangela umprofethi wakhe uHezekeli ukuba abhekise lamazwi enkosini yalo: “Wena-sikhulu sakwaIsrayeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba-yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo. Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba-khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.”—Hezekeli 21:25-27.
11 Lowo “omfanelo ingeyakhe” wafika enguJesu Kristu, futhi uhlu lwakhe lozalo kusukela kuDavide lulotshwe kuMathewu 1:1-16 nakuLuka 3:23-31. Ngokuvamile wayebizwa ngokuthi “iNdodana kaDavide.” Ngosuku angena ngalo ngokunqoba eJerusalema, egibele imbongolo ekugcwalisekeni kwesiprofetho, isixuku samaJuda esijabulayo esasihamba naye nabaphostoli bakhe sakhamuluka ngenjabulo: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”—Mathewu 21:9.
“INdodana KaDavide” Iyabusa Ezulwini
12. Lapho iZikhathi Zabezizwe ziphela ngo-1914, kukuphi lapho uJesu Kristu, njengendlalifa kaDavide yaphakade, abekwa khona esihlalweni sobukhosi?
12 Iminyaka eyizi-2 520 yokuba abeZizwe banyathelele phansi uMbuso kaNkulunkulu owawuphethwe yindlu kaDavide yaphela ngo-1914. Khona-ke kwafika isikhathi ngoJesu Kristu, “iNdodana kaDavide,” sokuba abekwe esihlalweni sobukhosi, hhayi lapha esihlalweni sobukhosi sasemhlabeni, kodwa emazulwini aphakeme ngakwesokunene sikaJehova uNkulunkulu!—Daniyeli 7:9, 10, 13, 14.
13. (a) Unyaka ka-1914 wakhonjwa kusukela nini njengokwakuyophela ngawo iZikhathi Zabezizwe, futhi obani? (b) Sasiyini isimo sengqondo sezizwe zomhlaba ‘ngaseNdodaneni kaDavide’ esanda kubekwa esihlalweni sobukhosi?
13 Kusukela ngo-1876 labo ababezihlanganise neWatch Tower Bible and Tract Society bakhomba phambili kulolosuku olubalulekile. Kodwa izizwe zomhlaba, ngisho nalezo zeLobukholwa, zenqaba ukuluqaphela njengesikhathi sokuba imibuso yazo yasemhlabeni ziyinike “iNdodana kaDavide” esanda kubekwa esihlalweni sobukhosi. Azizange zivume ukuthi yayinelungelo elinikwe uNkulunkulu lokubusa phezu kwawo wonke umhlaba, oyisenabelo sezinyawo zikaJehova uNkulunkulu. (Mathewu 5:35) Zabonisa ukwenqaba kwazo ngokuphelele iNkosi enelungelo ngokulwa impi yezwe yokuqala.
14. (a) Lapho kugqashuka iMpi Yezwe I, isiphi isimo sengqondo izizwe ezasibonisa ngakulawomaKristu ayezihlanganise neWatch Tower Society? (b) Ngokucabangela lokhu, isimo somhlaba wonke sibonisani?
14 Kuzo zonke izizwe ezazilwa, amaKristu azinikezele ayezihlanganise neWatch Tower Society aba ngaphansi kokucindezelwa okukhulu kokuba alahle ukuzimisela kwawo ukuzigcina engenalo icala legazi. Ngalesosikhathi ayengayiqondi ngokugcwele imfuneko yokungathathi-hlangothi kobuKristu. Isiprofetho ‘seNdodana kaDavide,’ uJesu Kristu, kubafundi bayo ngokuqondene ‘nesiphelo sesimiso sezinto’ sagcwaliseka ngendlela ebuhlungu: “Niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 24:9) Lenzondo ayizange iphele kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe I. Ngokucabangela lamaqiniso abalulekile omlando wanamuhla, isimo somhlaba wonke sibonisani? Lokhu: “INkosi yokuthula” ibusa phakathi kwezitha ezikhona lapha emhlabeni!
15. Yini eyenzeka kuSathane uDeveli namabutho akhe angamademoni lapho kugqashuka impi ezulwini, futhi kumelwe ukuba imiphumela yalokho yaphela ngamuphi unyaka?
15 UNkulunkulu uMninimandla onke wabangela ukuzalwa koMbuso wobuMesiya othenjisiwe ngesikhathi sakhe esimisiwe naphezu kwazo zonke izitha ezazisezulwini nasemhlabeni. IsAmbulo 12:1-9 sibonisa ukuthi ngemva kokuzalwa koMbuso ‘ongumntwana wesilisa’ emazulwini ephuma esizalweni senhlangano kaJehova enjengomfazi, ngomqondo ongokomfanekiso, ngokushesha kwagqashuka impi ezulwini. Amazulu angcwele ayengaseyona indawo kadrako ongokomfanekiso, uSathane uDeveli, nezingelosi zakhe ezingamademoni. Kulempi, eyayingabonakali emehlweni abantu, “iNdodana kaDavide” eyayisinikwe amandla obukhosi yalwa ngokunqobayo futhi yakhipha uSathane uDeveli namabutho akhe angamademoni emazulwini yabavalela embulungeni yethu engumhlaba. Ngokusobala lokhu kwehliswa kwamabutho kaSathane kwase kufezwe ngokugcwele ngo-1918, unyaka okwaphela ngawo iMpi Yezwe I.
UDeveli Owehlisiwe Ulwa Impi
16, 17. (a) USathane uDeveli owehlisiwe ulwa nobani? (b) Usebenzisa bani ekulweni lempi?
16 USathane uDeveli owehlisiwe, udrako ongokomfanekiso, manje uyithukuthelele kabi kakhulu inhlangano kaJehova uNkulunkulu enjengomfazi. (IsAmbulo 12:17) Ngakho ulwa ngolaka nensali egcotshwe ngomoya yamaKristu azinikezele anobufakazi bokuthi ingumama wawo ongokomoya.—Galathiya 4:26.
17 USathane futhi ulwa “nezinye izimvu,” ezisebenza ngokulalela nensali egcotshiwe ekufakazeleni ukuzalwa koMbuso. (Johane 10:16) Akasebenzisi nje kuphela amabutho akhe angamademoni ehlisiwe, manje asemhlabeni, kodwa futhi usebenzisa ingxenye ebonakalayo yenhlangano yakhe ukuba iqhubeke ilwa nensali “nezinye izimvu.”
18. (a) Nakuba uDeveli elwa ngolaka nensali egcotshiwe nabangane bayo, imaphi amandla ayisivikelo abanawo? (b) Yisiphi isici sokubusa ‘kweNkosi yokuthula’ esisondela ekupheleni kwaso?
18 Ukubusa ‘kweNkosi yokuthula’ phakathi kwezitha zayo lapha emhlabeni sekusondela ekupheleni kwakho. Iye yabusa kahle kakhulu. Imini nobusuku izingelosi zayo ezingcwele neziqotho zihlala ziqaphile, zilungele ukwamukela iziyalezo ezivela kuyo futhi zithathe isinyathelo ngokushesha. Zisebenza njengamandla ayisivikelo ensalini egcotshiwe nabangane bayo, “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu,’ njengoba beqhubeka bekhonza izithakazelo zoMbuso phakathi nalesikhathi esincipha ngokushesha lapho “iNkosi yokuthula” ibusa phakathi kwezitha zayo.—IsAmbulo 7:9.
[Umbhalo waphansi]
a Mayelana nemininingwane, bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, amakhasi 138-41, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.