Ukukhulekela Okhokho
Incazelo: Ukudumisa nokuhlonipha okhokho abangasekho (ngomsebenzi noma ngenye indlela) ngenkolelo yokuthi bayaphila endaweni ethile engabonakali futhi bangasiza noma balimaze abaphilayo ngenxa yalokho-ke kumelwe kushwelezwe kubo. Akuyona imfundiso yeBhayibheli.
Ingabe okhokho abangasekho bayakubona okwenziwa ngabaphilayo futhi ingabe labokhokho bayakwazi ukusiza abantu abaphilayo?
UmSh. 9:5: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho.”
Jobe 14:10, 21: “Umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na? Amadodana akhe ayadunyiswa, engazi yena.”
IHu. 49:10, 17-19: “Abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye. . . . Ekufeni kwakhe akayikuphatha-lutho; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye. . . . Nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya phakade.”
Akulona yini iqiniso ukuthi ukudla okubekwe ealtare noma ethuneni kuhlala kunjalo kungathintwa? Ingabe lokhu akubonisi ukuthi abafileyo abakwazi ukuzuza kukho?
Bheka futhi isihloko esikhulu esithi “Imimoya Yabafile.”
Ingabe sikhona isizathu sokwesaba ukuthi okhokho bethu abangasekho bayosilimaza?
UmSh. 9:5, 6: “Abafileyo . . . uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile; futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.”
Ingabe ikhona ingxenye yomuntu ewumoya esindayo ekufeni komzimba?
Hez. 18:4: “Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami, umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.” (Nevesi 20)
IHu. 146:3, 4: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu . . . Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.”
Izazi zesayensi nodokotela abahlinzayo abatholi bufakazi banoma iyiphi ingxenye yomuntu ezwayo nephilayo esindayo lapho kufa umzimba.
Bheka futhi amakhasi 276-278 ngaphansi kwesihloko esithi “Ukufa.”
Ingabe ungakhetha ukuba abantabakho nabazukulu bakho bakubonise inhlonipho nothando ngesikhathi usaphila noma ukuba benze izinkonzo ethuneni lakho usufile?
Efe. 6:2, 3: “Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: ukuze kube-kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.” (Izingane eziqeqeshwe ngezimiso zeBhayibheli zibonisa inhlonipho enjalo eletha injabulo ezinhliziyweni zabazali bazo ngesikhathi besaphila.)
IzAga 23:22: “Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.”
1 Thim. 5:4: “Uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.”
Uma abanamadlozi bethi baphethe izigijimi ezivela kwabafileyo, zivelaphi ngempela?
Isaya 8:19: “Lapho bethi kini: Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze—pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?” (Ingabe uNkulunkulu ubengasixwayisa ngomkhuba onjalo uma ngempela usihlanganisa nabathandekayo bethu?)
IzE. 16:16: “Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.”
Bheka futhi amakhasi 77-79, ngaphansi kwesithi “Imimoya Yabafile.”
Ukukhulekela kwethu kumelwe kuqondiswe kubani?
Luka 4:8: “UJesu waphendula, wathi kuye: Kulotshiwe ukuthi: Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.”
Joh. 4:23, 24: “Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”
Iliphi ithemba elikhona lokuhlanganiswa kwamalungu omkhaya esikhathini esizayo, kuhlanganise nalawo aye afa?
Joh. 5:28, 29: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenzé ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenzé okubi ekuvukeni kokulahlwa.”