Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 406-k. 408
  • Usuku Lokuzalwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usuku Lokuzalwa
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengazigubhi Izinsuku Zokuzalwa?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingabe Wonke Amaphathi Ayamjabulisa UNkulunkulu?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 406-k. 408

Usuku Lokuzalwa

Incazelo: Usuku lokuzalwa komuntu noma ukukhunjulwa kwalolosuku. Kwezinye izindawo ukukhunjulwa kosuku lokuzalwa komuntu, ikakhulukazi olomntwana, kugujwa ngombungazo nangokunikezwa kwezipho. Akuwona umkhuba ongokweBhayibheli.

Ingabe ukubhekisela kweBhayibheli ekugujweni kosuku lokuzalwa kukubeka esimweni esihle? IBhayibheli libhekisela kokubili kuphela ukugujwa okunjalo:

Gen. 40:20-22: “Kwathi ngosuku lwesithathu, usuku lokuzalwa kukaFaro, wazenzela izinceku zakhe zonke idili . . . Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esikhundleni sayo, . . . kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa.”

Math. 14:6-10: “Ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode, kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela. Yona isifundisiwe ngunina yathi: Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.”

Konke okuseBhayibhelini kukhona ngesizathu esithile. (2 Thim. 3:16, 17) OFakazi BakaJehova bayaphawula ukuthi iZwi likaNkulunkulu likhuluma kabi ngokugujwa kosuku lokuzalwa ngakho-ke bayakugwema.

AmaKristu okuqala namaJuda ezikhathini zeBhayibheli akubheka kanjani ukugujwa kosuku lokuzalwa?

“Umqondo womkhosi wosuku lokuzalwa wawukude kakhulu nemiqondo yamaKristu alesikhathi ewonke.”—The History of the Christian Religion and Church, During the Three First Centuries (New York, 1848), Augustus Neander (eyahunyushwa nguHenry John Rose), k. 190.

“AmaHeberu amuva abheka ekugujweni kwezinsuku zokuzalwa njengengxenye yokukhulekela kokukhonza izithombe, umbono owawuyoqinisekiswa ngokwanele yilokho ababekubona emikhosini evamile ehambisana nalezinsuku.”—The Imperial Bible-Dictionary (London, 1874), eyahlelwa nguPatrick Fairbairn, Umq. I, k. 225.

Iyini imvelaphi yamasiko athandwayo ahambisana nokugujwa kwezinsuku zokuzalwa?

“Amasiko ahlukahlukene abantu namuhla abagubha ngawo izinsuku zabo zokuzalwa anomlando omude. Imvelaphi yawo isemilingweni nasenkolweni. Amasiko okuhalalisela, okunikeza izipho nokubungaza—kukhona namakhandlela akhanyisiwe—ezikhathini zasendulo kwakuqondwe ukuvikela emademonini lowo obungazwa ngosuku lokuzalwa nokuqinisekisa ukulondeka kwakhe onyakeni olandelayo. . . . Kuze kube sekhulwini lesine ubuKristu bakunqaba ukugubha usuku lokuzalwa njengoba kwakuyisiko lobuqaba.”—Schwäbische Zeitung (isenezelo sikamagazini iZeit und Welt), April 3/4, 1981, k. 4.

“AmaGreki ayekholelwa ukuthi wonke umuntu wayenomoya ovikelayo noma udaemon owayekhona ekuzalweni kwakhe futhi wanakekela ukuphila kwakhe. Lomoya wawunobuhlobo obuyimfihlo nonkulunkulu lowomuntu azalwa ngosuku lokuzalwa kwakhe. NamaRoma futhi awamukela lomqondo. . . . Lomqondo waqhubeka wangenela ezinkolelweni zabantu futhi ubonakala engelosini ebhekayo, umama ongunkulunkulu nosanta osekelayo. . . . Isiko lokukhanyiswa kwamakhandlela emakhekheni laqala kumaGreki. . . . Amakhekhe oju ayindingilizi njengenyanga futhi akhanyiswe ngezimbaqa ayebekwa ema-altare ethempeli [lika-Artemis]. . . . Amakhandlela osuku lokuzalwa, ngokwenkolelo yabantu, afakwa umlingo okhethekile wokunikeza izilokotho. . . . Izimbaqa ezikhanyisiwe nemililo yomhlatshelo kuye kwaba nokubaluleka okuyimfihlo kusukela abantu baqala ukumisela onkulunkulu babo ama-altare. Amakhandlela osuku lokuzalwa ngaleyondlela awudumo nokubonga kumntwana okukhunjulwa usuku lwakhe lokuzalwa futhi aletha inhlanhla. . . . Izilokotho zosuku lokuzalwa nezifiso zenjabulo kuyingxenye esemqoka yalolosuku olungcwele. . . . Ekuqaleni lomqondo wawugxile emilingweni. . . . Izilokotho zosuku lokuzalwa zinamandla okuhle noma okubi ngoba lowomuntu useduze nomoya wezwe walolosuku.”—The Lore of Birthdays (New York, 1952), uRalph noAdelin Linton, kk. 8, 18-20.

Imibuthano ephilisayo yemikhaya nabangane ngezinye izikhathi yokuba kudliwe, kuphuzwe, futhi kujatshulwe ayisoleki

UmSh. 3:12, 13: “Akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.”

Bheka futhi eyoku-1 KwabaseKorinte 10:31.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela