Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 25-k. 30
  • Abaprofethi Bamanga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abaprofethi Bamanga
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma Umuntu Ethi—
  • Abaprofethi Bamanga Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Umyalezo Okumelwe Siwumemezele
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Mayelana Nokukhulekela Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 25-k. 30

Abaprofethi Bamanga

Incazelo: Abantu ngabanye nezinhlangano ezimemezela izigijimi ezithile zivela emthonjeni onamandla angaphezu kwawomuntu kodwa ezingaveli kuNkulunkulu weqiniso futhi ezingavumelani nentando yakhe embuliwe.

Abaprofethi beqiniso nabamanga bangahlukaniswa kanjani?

Abaprofethi beqiniso benza lwaziwe ukholo lwabo kuJesu, kodwa kudingeka okungaphezu nje kokuzisholo ukuthi bashumayela ngegama lakhe

1 Joh. 4:1-3: “Hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni. Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu; lowomoya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu.”

Math. 7:21-23: “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, . . . ? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.”

Abaprofethi beqiniso bakhuluma ngegama likaNkulunkulu, kodwa ukumane bathi nje bamelele yena akwanele

Dut. 18:18-20: “Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe [onjengoMose] phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho. Kuyakuthi yilowo nalowo ongayikulalela amazwi ami ayakuwakhuluma egameni lami, mina ngikufune kuye. Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowomprofethi uyakufa.” (Qhathanisa noJeremiya 14:14; 28:11, 15.)

UJesu wathi: “Angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.” (Joh. 8:28) Wathi: “Ngizé egameni likaBaba.” (Joh. 5:43) UJesu wathi futhi: “Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe.”—Joh. 7:18.

Uma noma ibaphi abantu noma izinhlangano ezithi zimelele uNkulunkulu kodwa zenqaba ukusebenzisa igama likaNkulunkulu siqu, futhi kunalokho zijwayele ukuveza imibono yazo ngezinto, ingabe ziyahlangabezana nalemfanelo ebalulekile yomprofethi weqiniso?

Amandla okwenza “izibonakaliso ezinkulu” noma “imilingo,” awabona ngempela ubufakazi bomprofethi weqiniso

Math. 24:24: “Kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu [“imilingo,” TEV] nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.”

2 Thes. 2:9, 10: “Okufika kwakhe [ongenamthetho] kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, /nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.”

Ngakolunye uhlangothi, uMose wenza izimangaliso ngokuqondisa kukaJehova. (Eks. 4:1-9) UJehova futhi wanika uJesu amandla okwenza izimangaliso. (IzE. 2:22) Kodwa akuzona nje izimangaliso zodwa ezanikeza ubufakazi bokuthi babethunywe nguNkulunkulu ngempela.

Okubikezelwa abaprofethi beqiniso kuyenzeka, kodwa bangase bangaqondi ukuthi kuyoba nini noma kanjani.

Dan. 12:9: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube-sesikhathini sokugcina.”

1 Pet. 1:10, 11: “Abaprofethi . . . bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona.”

1 Kor. 13:9, 10: “Sazi inxenye, siprofetha inxenye. Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka.”

IzAga 4:18: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.”

Abaphostoli nabanye abafundi bokuqala ababengamaKristu babenamathemba athile ayiphutha, kodwa iBhayibheli alibahlanganisi ‘nabaprofethi bamanga.’—Bheka uLuka 19:11; Joh. 21:22, 23; IzE. 1:6, 7.

UNathani umprofethi wakhuthaza iNkosi uDavide ukuba iqhubeke nokwakusenhliziyweni yayo ngokuqondene nokwakha indlu yokukhulekela uJehova. Kodwa kamuva uJehova watshela uNathani ukuba azise uDavide ukuthi akuyena owayezoyakha. UJehova akazange amenqabe uNathani ngalokho ayekusho ngaphambili kodwa waqhubeka emsebenzisa ngoba wayilungisa ngokuthobeka indaba uma uJehova eyikhanyisa kuye.—1 IziKr. 17:1-4, 15.

Izinkulumo zomprofethi weqiniso zikhuthaza ukukhulekela kweqiniso futhi ziyavumelana nentando kaNkulunkulu embuliwe

Dut. 13:1-4: “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, isibonakaliso noma isimangaliso akhulumé ngaso kuwe besesenzeka, athi: Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze, awuyikulalela amazwi alowomprofethi, noma lowomphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyamthanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na? Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.”

Njengoba iBhayibheli lithi “umhlobo wezwe” uyisitha sikaNkulunkulu, ingabe abefundisi abakhuthaza abangaphansi kwabo ukuba bahileleke ezindabeni zezwe bathuthukisa ukukhulekela kweqiniso? (Jak. 4:4; 1 Joh. 2:15-17) UNkulunkulu weqiniso wathi izizwe kuyodingeka “zazi ukuthi nginguJehova,” futhi iBhayibheli liphawula ukuthi uNkulunkulu ‘uyothathela igama lakhe isizwe’ kwabezizwe, kodwa ingabe izinhlangano zenkolo ezingakunaki ukubaluleka kokusebenzisa igama likaNkulunkulu siqu zenza ngokuvumelana nalentando kaNkulunkulu embuliwe? (Hez. 38:23; IzE. 15:14) UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele uMbuso kaNkulunkulu, futhi iBhayibheli lixwayisa ngokuthembela komuntu kubantu bomhlaba, ngakho ingabe abefundisi noma izinhlangano zezombangazwe ezikhuthaza abantu ukuba bathembele ekubuseni kwabantu bangabaprofethi beqiniso?—Math. 6:9, 10; IHu. 146:3-6; qhathanisa nesAmbulo 16:13, 14.

Abaprofethi beqiniso nabamanga bangabonakala ngezithelo ezibonakala ekuphileni kwabo nasekuphileni kwalabo ababalandelayo

Math. 7:15-20: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathisé okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. . . . Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi. . . . Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.”

Indlela yabo yokuphila iluhlobo luni? “Imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo, . . . abenza okunjé abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Kepha izithelo [zo]Moya [kaNkulunkulu] ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.”—Gal. 5:19-23; bheka futhi u-2 Petru 2:1-3.

OFakazi BakaJehova abazange yini bawenze amaphutha ezimfundisweni zabo?

OFakazi BakaJehova abasho ukuthi bangabaprofethi abaphefumlelwe. Baye bawenza amaphutha. Njengabaphostoli bakaJesu Kristu, ngezinye izikhathi baye baba namathemba angaqondile.—Luka 19:11; IzE. 1:6.

ImiBhalo inikeza izikhathi ezithile ngokuphathelene nokuba khona kukaKristu, futhi oFakazi BakaJehova baye bayitadisha ngesithakazelo esikhulu. (Luka 21:24; Dan. 4:10-17) UJesu futhi wachaza isibonakaliso esinezici eziningi esasiyohambisana nokugcwaliseka kweziprofetho zesikhathi ezichaza isizukulwane esasiyophila sibone ukuphela kwesimiso sezinto esibi sikaSathane. (Luka 21:7-36) OFakazi BakaJehova baye bakhomba ubufakazi bokugcwaliseka kwalesibonakaliso. Kuyiqiniso ukuthi oFakazi baye benza amaphutha ekuqondeni kwabo okwakuyokwenzeka ekupheleni kwezikhathi ezithile, kodwa abazange balenze iphutha lokuphelelwa ukholo noma lokuyeka ukuqapha ngokuqondene nokugcwaliseka kwezinjongo zikaJehova. Baye baqhubeka bebeka phambili emiqondweni yabo iseluleko esanikezwa uJesu: “Lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.”—Math. 24:42.

Izinto lapho kuye kwadingeka kulungiswe khona imibono zincane uma ziqhathaniswa namaqiniso eBhayibheli abalulekile abaye bawaqonda futhi bawasakaza. Phakathi kwawo kunalawa: UJehova uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. UJesu Kristu akayona ingxenye yekhanda likankulunkulu oZiqu-zintathu kodwa uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Ukuhlawulelwa esonweni kungenzeka kuphela ngokukholwa umhlatshelo wesihlengo kaKristu. Umoya ongcwele awuyena umuntu kodwa ungamandla kaJehova ayisiphekupheku, futhi izithelo zawo kumelwe zibonakale ekuphileni kwabakhulekeli beqiniso. Umphefumulo womuntu awuwona ongenakufa, njengoba abahedeni bakudala babesho; uyafa, futhi ithemba lokuphila esikhathini esizayo liwuvuko. Ukuvumela kukaNkulunkulu ububi kuye kwaba ngenxa yempikiswano yobukhosi bendawo yonke. UMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu. Kusukela ngo-1914 besiphila ezinsukwini zokugcina zalesimiso sezinto esibi sembulunga yonke. AmaKristu athembekile ayizi-144 000 kuphela ayoba ngamakhosi nabapristi noKristu ezulwini, kanti sonke esinye isintu esilalelayo siyothola ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.

Esinye isici sokucatshangelwa ngokuqondene nezimfundiso zoFakazi BakaJehova ilesi: Ingabe ziye zabasiza ngempela abantu ekuziphatheni? Ingabe labo abanamathela kulezimfundiso bangabavelele emiphakathini yakubo ngenxa yokwethembeka kwabo? Ingabe ukuphila kwemikhaya yabo kuye kwathonyeka ngokunenzuzo ngokusebenzisa lezimfundiso? UJesu wathi abafundi bakhe babeyobonakala kalula ngenxa yokuba nothando phakathi kwabo. (Joh. 13:35) Ingabe lemfanelo ingevelele phakathi koFakazi BakaJehova? Amaqiniso azikhulumela ngokwawo.

Uma Umuntu Ethi—

‘Umfundisi wami wathi oFakazi BakaJehova bangabaprofethi bamanga’

Ungase uphendule: ‘Ngingakubuza, Ingabe kukhona aye wakubonisa khona eBhayibhelini okuchaza lokho esikukholelwayo noma esikwenzayo okubonisa ukuthi abantu balolohlobo babeyoba ngabaprofethi bamanga? . . . Ngingakubonisa yini ukuthi iBhayibheli libachaza kanjani abaprofethi bamanga? (Khona-ke sebenzisa iphuzu elilodwa noma engeziwe kulawa ahlelwe emakhasini 25-28.)’

Noma ungase uthi: ‘Ngiyaqiniseka uyovuma ukuthi kumelwe kube nobufakazi obuqondile obusekela ukumangalelwa okungathi sína njengalokho. Ingabe zikhona izibonelo eziqondile umfundisi wakho azithintile? (Uma umninikhaya ebhekisela “ezibikezelweni” ezithile ezishiwo ezingazange zenzeke, sebenzisa ukwaziswa okusekhasini 26, nokusekuqaleni kwekhasi 28 kuya ekhasini 29.)’

Okunye ongakusho: ‘Ngiyaqiniseka ukuthi uma othile engakubeka icala lento efanayo, ubungakujabulela ukuba okungenani uthole ithuba lokuchaza isimo sakho noma umbono wakho, akunjalo? . . . Ngakho ngingakubonisa yini eBhayibhelini . . . ?’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela