Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 227-k. 231
  • Ububi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ububi
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma Umuntu Ethi—
  • Okwenza Ububi Buqhubeke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izinsuku Zokukhulekelwa KukaSathane
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
    Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?—1976 (gc)
  • Esikufundayo Ngokuvumela KukaNkulunkulu Ububi
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 227-k. 231

Ububi

Incazelo: Yilokho okubi kakhulu ngokwezimiso zokulunga. Ngokuvamile kubhekisela kulokho okuyithonya elilimazayo, elibi, noma elibhubhisayo.

Kungani kunobubi obungaka?

Akunakusolwa uNkulunkulu. Wanikeza isintu isiqalo esiphelele, kodwa abantu baye bakhetha ukungazinaki izimfuneko zikaNkulunkulu futhi bazinqumela ngokwabo okuhle nokubi. (Dut. 32:4, 5; UmShu. 7:29; Gen. 3:5, 6) Ngokwenza lokhu, baye baba ngaphansi kwethonya lamandla amabi angaphezu kwawobuntu.—Efe. 6:11, 12.

1 Joh. 5:19, NW: “Izwe lonke lisemandleni omubi.”

IsAm. 12:7-12: “Kwase kuba-khona ukulwa ezulwini . . . Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye. . . . Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” (Lomaye owandile emhlabeni uye wenzeka kusukela uSathane akhishwa ezulwini ngemva kokuzalwa koMbuso. Bheka ivesi le-10.)

2 Thim. 3:1-5: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.” (Lezi izithelo zamakhulu eminyaka yokuhlubuka ekukhulekeleni kweqiniso. Lezizimo ziye zaba khona ngenxa yokuthi abantu abaye bazisholo ukuthi bangabenkolo baye bangakunaka lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngempela. Baye bahluleka ukuphila ngokuvumelana namandla okuhle ukuzinikela kweqiniso kuNkulunkulu okungaba nawo ekuphileni komuntu.)

Kungani uNkulunkulu ebuvumela?

Ngezinye izikhathi kithina kungase kubonakale sengathi into engcono kungaba ukumane kususwe bonke ababi. Silangazelela ukuphela kobubi, kodwa siye sabhekana nakho iminyaka emibalwa uma kuqhathaniswa nesikhathi ububi obuye baba khona ngaso. Kumelwe uJehova uNkulunkulu azizwe kanjani? Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bemsola, bemqalekisa nokumqalekisa, ngenxa yezimo ezimbi abaye bazibekezelela. Nokho azibangelwa nguye, kodwa nguSathane nabantu ababi. UJehova unawo amandla okubhubhisa ababi. Ngokuqinisekile kumelwe kube nezizathu ezinhle zokuthi kungani eye wazithiba ngalendlela. Uma indlela kaJehova yokusingatha lesisimo ihlukile kulokho ebesingakutusa, ingabe lokho kumelwe kusimangalise? Okuhlangenwe nakho kwakhe kuningi kunokomuntu, futhi umbono wakhe ngesimo ubanzi kakhulu kunowanoma imuphi umuntu.—Qhathanisa noIsaya 55:8, 9; Hezekeli 33:17.

Babungeke bube khona ububi ukuba uNkulunkulu akazange anikele izidalwa ezihlakaniphile ilungelo lokuzikhethela. Kodwa uNkulunkulu uye wasinikeza amandla okuzikhethela ukumlalela ngenxa yokuba simthanda noma ukungamlaleli. (Dut. 30:19, 20; Josh. 24:15) Ingabe sifisa sengathi ngabe kwakuhlukile? Uma singabazali, ikuphi okusijabulisa ngokwengeziwe—ukusilalela kwezingane zethu ngenxa yokuba zisithanda noma ngenxa yokuba siziphoqelela ukuba zenze kanjalo? Ingabe uNkulunkulu kwakumelwe amphoqelele uAdamu ukuba alalele? Ingabe ngempela sasiyojabula kangcono uma sasihlala ezweni lapho siphoqelelwe khona ukulalela uNkulunkulu? Ngaphambi kokubhubhisa lesimiso esibi, uNkulunkulu unikeza ithuba kubantu lokuba babonise noma bafuna ngempela yini ukuphila ngokuvumelana nemithetho yakhe yokulunga noma cha. Ngesikhathi sakhe esimisiwe, uyobabhubhisa nakanjani ababi.—2 Thes. 1:9, 10.

Ngokuhlakanipha uvumela isikhathi sokulungisa izimpikiswano ezibalulekile: (1) Ukulunga nokufaneleka kokubusa kukaJehova kwabekelwa inselele e-Edene. (Gen. 2:16, 17; 3:1-5) (2) Ubuqotho bazo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezulwini nasemhlabeni bangatshazwa. (Jobe 1:6-11; 2:1-5; Luka 22:31) UNkulunkulu wayengazibhubhisa ngokushesha izihlubuki (uSathane, uAdamu, noEva), kodwa lokho kwakungeke kuzilungise izindaba. Amandla awafakazeli ukuthi inkambo yomuntu ilungile. Izimpikiswano ezaphakanyiswa kwakungezobuqotho. Ukuvumela kukaNkulunkulu isikhathi, kwakungekhona okokuba azitholele ubufakazi banoma iliphi iphuzu, kodwa kwakungokokuvumela zonke izidalwa ezinamandla okukhetha ukuba zizibonele izithelo ezimbi ezivezwa ukuhlubuka ekubuseni kwakhe, nokuba azinikeze ithuba lokubonisa ukuthi zona ngokwazo zimiphi kulezindaba ezibalulekile. Lapho lezimpikiswano sezilungisiwe, akunakuphinde kuvunyelwe noma ubani onakalise ukuthula. Ukuhleleka okuhle, ukuvumelana, nenhlala-kahle yendawo yonke kwencike ekungcwelisweni kwegama likaJehova, ukumphatha kwazo zonke izidalwa ezihlakaniphile ngodumo olusuka enhliziyweni. (Bheka futhi amakhasi 403, 404, ngaphansi kwesihloko esithi “USathane UDeveli.”)

Umfanekiso: Uma umuntu ubengakusola phambi kwawo wonke umphakathi ngokuthi usisebenzisa kabi isikhundla sakho njengenhloko yomkhaya, ukuthi izingane zakho bezingaphila kangcono uma zizenzela izinqumo zazo ngaphandle kwakho, nokuthi zonke azikuhloniphi ngenxa yokuba zikuthanda, kodwa ngenxa yezinzuzo zezinto ezibonakalayo ozinikeza zona, bekungaba iyiphi indlela engcono kakhulu yokulungisa lendaba? Ingabe ukudubula lowo okumangalela ngamanga bekungenza lokho kusolwa kuphele ezingqondweni zomphakathi? Kunalokho, yeka impendulo enhle obekungaba yiyo uma unikeza izingane zakho ithuba lokuba ngofakazi bakho ekuboniseni ukuthi uyinhloko yomkhaya elungile nenothando nokuthi zihlala nawe ngenxa yokuthi ziyakuthanda! Uma ezinye zezingane zakho zikholelwa isitha sakho, zilishiya ikhaya, futhi zonakalise ukuphila kwazo ngokulandela ezinye izindlela zokuphila, bekuyomane kwenze izibukeli eziqotho zibone ukuthi lezozingane beziyophila kangcono uma zazilandele ukuqondisa kwakho.

Ingabe siye sazuza nganoma iyiphi indlela ngokuvumela kukaNkulunkulu ububi kuze kube namuhla?

2 Pet. 3:9: “INkosi [uJehova] ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” (Ngenxa yokuthi ukubekezela kwakhe kuze kwafinyelela osukwini lwethu, sinethuba lokubonisa ukuthi siyaphenduka nokuthi, esikhundleni sokuzenzela izinqumo zethu siqu ngokuqondene nokuhle nokubi, sifuna ukuzithoba ekubuseni kukaJehova kokulunga.)

Roma 9:14-24: “Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye. . . . Uma pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa [okungukuthi, wabekezelela ukuba khona kwabantu ababi isikhathi esithile], ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili [okungukuthi, wayezosebenzisa lesikhathi ukuba alulele umusa kwabathile, ngokuvumelana nenjongo yakhe], thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?” (Ngaleyondlela uNkulunkulu wakuhlehlisa ukubhujiswa kwababi ukuze avumele isikhathi sokukhetha abantu ayeyobakhazimulisa noKristu njengamalungu oMbuso wasezulwini. Ingabe ukwenza kukaNkulunkulu lokho kuye kwaba ukungalungi kunoma ubani? Cha; kuyingxenye yelungiselelo likaJehova lokubusisa abantu bazo zonke izinhlobo abayoboniswa umusa ngethuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Qhathanisa neHubo 37:10, 11.)

Uma Umuntu Ethi—

‘Kungani uNkulunkulu evumela ububi obunjena?’

Ungase uphendule: ‘Umbuzo wakho muhle. Izinceku ezithembekile eziningi zikaNkulunkulu ziye zaphazanyiswa ububi obuzizungezile. (Hab. 1:3, 13)’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Akubangelwa yinoma ikuphi ukunganaki kukaNkulunkulu. Usiqinisekisa ukuthi unesikhathi esimisiwe ayogweba ngaso ababi. (Hab. 2:3)’ (2) ‘Kodwa yini edingekayo kithina ukuze sibe phakathi kwabayosinda lapho lesosikhathi sifika? (Hab. 2:4b; Zef. 2:3)’

Noma ungase uthi: ‘Ngiyajabula ngokuba uphakamise lowombuzo. Uwumbuzo ophazamisa abaningi abantu abaqotho. Lapha nginokwaziswa okuwusizo kakhulu okuphendula umbuzo wakho. (Khona-ke fundani ndawonye okunye kokwaziswa okusemakhasini 228-230.)

‘Ngemva kwayo yonke leminyaka, angikholelwa ukuthi uNkulunkulu kukhona azokwenza ukuze ashintshe izinto’

Ungase uphendule: ‘Ngiyajabula ukuzwa ukuthi uyakholelwa kuNkulunkulu. Ngokuqinisekile kuyiqiniso ukuthi kunobubi obuningi, futhi baqala esikhathini eside ngaphambi kwesintu. Kodwa wake wakucabangela yini lokhu . . . ? (Sebenzisa amaphuzu asesigabeni 2 ekhasini 228, ngokuqondene nobude besikhathi uNkulunkulu aye wabubekezelela ngaso.)’

Noma ungase uthi: ‘Ngiyaqiniseka ukuthi uzovumelana nami uma ngithi noma ubani onamandla okwakha indlu ngokuqinisekile uyakwazi ukuyenza ihlanzeke futhi. . . . Njengoba uNkulunkulu adala umhlaba, ngeke kube yinto enzima ngaye ukuwuhlanza futhi. Kungani eye walinda isikhathi eside kangaka? Ngiye ngathola lempendulo ingeyanelisa kakhulu. Ngitshele ukuthi ucabangani wena. (Khona-ke fundani ndawonye ukwaziswa okusemakhasini 228-230.)’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela