Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 13
  • Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Funda Endleleni UJesu Abhekana Ngayo Nezilingo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Kudingeka Silwe Nezilingo
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • “Melanani NoDeveli” Njengoba Kwenza UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 13

Isahluko 13

Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu

NGOKUSHESHA ngemva kokubhapathizwa kwakhe, uJesu uholelwa umoya kaNkulunkulu ehlane laseJudiya. Kunokuningi okumelwe acabange ngakho, ngoba lapho ebhapathizwa “izulu lavuleka,” ukuze akwazi ukuqonda izinto zasezulwini. Ngempela, kunokuningi okumelwe azindle ngakho!

UJesu uchitha izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40 esehlane futhi akadli lutho phakathi nalesikhathi. Khona-ke, lapho uJesu eselambe kakhulu, uDeveli uyasondela ukuze amlinge, ethi: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawamatshe abe-yizinkwa.” Kodwa uJesu uyazi ukuthi akulungile ukusebenzisa amandla akhe okwenza izimangaliso ekwaneliseni izifiso zakhe siqu. Ngakho uyenqaba ukulingeka.

Kodwa uDeveli akayeki. Uzama enye indlela. Ubekela uJesu inselele yokuba aziwise odongeni lwethempeli ukuze izingelosi zikaNkulunkulu zimsindise. Kodwa uJesu akalingeki ukuba enze ukubukisa okunjalo. Ecaphuna emiBhalweni, uJesu ubonisa ukuthi akulungile ukulinga uNkulunkulu ngalendlela.

Esilingweni sesithathu, uDeveli ubonisa uJesu yonke imibuso yezwe ngendlela eyisimangaliso futhi uthi: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” Kodwa nakulokhu uJesu uyenqaba ukuvumela ukulingelwa ekwenzeni okubi, ekhetha ukuhlala ethembekile kuNkulunkulu.

Singafunda kulezizilingo zikaJesu. Ngokwesibonelo, kubonisa ukuthi uDeveli akayona nje imfanelo yobubi, njengoba abanye abantu besho, kodwa ukuthi ungumuntu ongokoqobo, ongabonakali. Isilingo sikaJesu futhi sibonisa ukuthi bonke ohulumeni bezwe bangabakaDeveli. Ngoba ukuthembisa kukaDeveli ukubanika uKristu kwakungaba kanjani isilingo sangempela uma babengebona abakhe ngempela?

Futhi cabanga ngalokhu: UDeveli wathi uzimisele ukuvuza uJesu ngenxa yesenzo esisodwa sokukhulekela, amnikeze ngisho yonke imibuso yezwe. UDeveli angase azame ukusilinga ngendlela efanayo, mhlawumbe abeke phambi kwethu amathuba akhangayo okuthola umcebo wezwe, amandla, noma isikhundla. Kodwa yeka ukuthi besingabe sihlakaniphe kanjani uma silandela isibonelo sikaJesu ngokuhlala sithembekile kuNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi ikuphi ukulingwa esibhekene nakho! Mathewu 3:16; 4:1-11; Marku 1:12, 13; Luka 4:1-13.

▪ Yiziphi ngokusobala izinto uJesu azindla ngazo ezinsukwini zakhe ezingu-40 esehlane?

▪ UDeveli uzama kanjani ukulinga uJesu?

▪ Yini esingayifunda ezilingweni zikaJesu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela