Isahluko 25
Uzwela Ngonochoko
NJENGOBA uJesu nabafundi bakhe abane bevakashela imizi yaseGalile, izindaba ngezinto ezimangalisayo azenzayo zisakazeka kuso sonke lesigodi. Izindaba ngezenzo zakhe zifinyelela komunye umuzi lapho kunomuntu ophethwe uchoko. Udokotela uLuka umchaza ‘njengogcwele uchoko.’ Uma sesiqhubeke isikhashana, lesisifo esesabekayo sonakalisa kancane kancane izingxenye ezihlukahlukene zomzimba. Ngakho lona onochoko usesimweni esidabukisayo.
Lapho uJesu efika emzini, lona onochoko uza kuye. NgokoMthetho kaNkulunkulu, onochoko kumelwe amemeze exwayisa, “Ngingcolile, ngingcolile! ” ukuze avikele abanye ekusondeleni kakhulu babe sengozini yokungenwa yilesifo. Lona onochoko manje uwa ngobuso bakhe futhi uncenga uJesu: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”
Yeka ukholo lendoda enalo kuJesu! Nokho, yeka ukuthi isifo sayo kumelwe ukuba siyenza ibonakale idabukisa kanjani! Yini uJesu azoyenza? Yini wena obungayenza? Eshukunyiswa uzwela, uJesu welula isandla sakhe abese ethinta lendoda, ethi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Futhi ngokushesha uchoko luyanyamalala kuyo.
Ubungathanda yini ukuba umuntu onozwela njengalona abe yinkosi yakho? Indlela uJesu aphatha ngayo lona onochoko isinikeza ithemba lokuthi phakathi nokubusa koMbuso waKhe, lesiprofetho seBhayibheli siyogcwaliseka: “Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.” Yebo, ngalesosikhathi uJesu uyogcwalisa isifiso senhliziyo yakhe sokusiza bonke abahluphekayo.
Ngisho nangaphambi kokuphulukisa lona onochoko, inkonzo kaJesu ibibangela injabulo enkulu kubantu. Ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaIsaya, uJesu manje uyala lendoda ephulukisiwe: “Bheka, ungasho-lutho kumuntu.” Khona-ke uyamyala: “Hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube-ngubufakazi kubo.”
Kodwa lendoda ijabule kangangokuthi ayinakuthula nalesimangaliso. Iyaphuma bese iqala ukusakaza lezindaba kuyo yonke indawo, ngokusobala ibangela isithakazelo nelukuluku lokwazi kubantu kangangokuthi uJesu akasenakungena emzini obala. Ngakho-ke, uJesu uhlala ezindaweni eziyihlane ezingahlali muntu, futhi abantu abavela kuzo zonke izindawo bayeza bezomlalela futhi baphiliswe ezifweni zabo. Luka 5:12-16; Marku 1:40-45; Mathewu 8:2-4; Levitikusi 13:45; 14:10-13; IHubo 72:13; Isaya 42:1, 2.
▪ Yimuphi umphumela uchoko olungaba nawo, futhi isiphi isixwayiso onochoko okwakumelwe asinikeze?
▪ Onochoko umncenga kanjani uJesu, futhi yini esingayifunda ekusabeleni kukaJesu?
▪ Indoda ephulukisiwe yehluleka kanjani ukulalela uJesu, futhi iyini imiphumela?