Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 36
  • Ukholo Olukhulu Lwenduna Yempi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukholo Olukhulu Lwenduna Yempi
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukholo Olukhulu Lwenduna Yekhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Isikhulu Sebutho Sibonisa Ukholo Olukhulu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ingabe Ukholo Lwakho Lukushukumisela Esenzweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 36

Isahluko 36

Ukholo Olukhulu Lwenduna Yempi

LAPHO uJesu enikeza iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, usehlanganise cishe isigamu sesikhathi senkonzo yakhe yasobala. Lokhu kusho ukuthi usesalelwe kuphela cishe unyaka nezinyanga eziyisishiyagalolunye ukuba aqede umsebenzi wakhe emhlabeni.

UJesu manje ungena emzini waseKapernawume, osufana nendawo asukela kuyo lapho eya emsebenzini wokushumayela. Lapha kufika kuye amadoda amadala amaJuda nesicelo. Athunywe induna engoweZizwe yebutho lamaRoma, okuyindoda yohlanga oluhlukile kumaJuda.

Inceku ethandekayo yalenduna yempi isocansini lokufa ngenxa yokugula okungathi sína, futhi induna ifuna ukuba uJesu aphulukise inceku yayo. AmaJuda ayincengela ngobuqotho lenduna. “Ifanele ukuba uyenzele lokho,” esho, “ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.”

Ngaphandle kokungabaza, uJesu uhamba nalamadoda. Nokho, lapho besondela, induna yempi ithumela kuye abangane ukuba bathi: “Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami. Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe.”

Yeka amazwi okuthobeka ngenduna ejwayele ukushayela abanye umthetho! Kodwa futhi cishe icabanga ngoJesu, iqaphela ukuthi umthetho wenqabela umJuda ukuba angabi nobudlelwano nabangemaJuda. Ngisho noPetru wathi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe.”

Mhlawumbe ngenxa yokuba ingafuni ukuba uJesu ahlupheke ngokwephula lomthetho, lenduna ithumela abangane bayo ukuba bayicelele: “Yisho izwi, khona inceku yami iyakusinda. Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; nakwelinye: Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.”

Nokho, lapho uJesu ezwa lokhu, uyamangala. “Ngiqinisile ngithi kini,” esho, “angizange ngifumane kwaIsrayeli ukukholwa okungaka kumuntu.” Ngemva kokuphulukisa inceku yalenduna, uJesu usebenzisa lesenzakalo ukuze alandise ngendlela abangemaJuda abakholwayo abayoboniswa ngayo umusa ngokuthola izibusiso ezenqatshwa amaJuda angenalukholo.

“Abaningi,” uJesu uthi, “bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni noAbrahama noIsaka noJakobe embusweni wezulu, kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

‘Abantwana bombuso abakhishelwa ebumnyameni obungaphandle’ bangamaJuda emvelo angalemukeli ithuba alinikezwa kuqala lokuba ababusi noKristu. UAbrahama, uIsaka, noJakobe bamelela ilungiselelo loMbuso kaNkulunkulu. Ngaleyondlela uJesu ulandisa indlela abeZizwe abayokwamukelwa ngayo ukuba bahlale etafuleni elingokwasezulwini, ngomqondo ongokomfanekiso, “embusweni wezulu.” Luka 7:1-10; Mathewu 8:5-13; IzEnzo 10:28.

▪ Kungani amaJuda ancengela induna yempi engoweZizwe?

▪ Kungenzeka ukuthi sasiyini isizathu sokuba lenduna ingamemeli uJesu ukuba angene endlini yayo?

▪ Usho ukuthini uJesu ngamazwi akhe okuphetha?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela