Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 53
  • Umbusi Ofiswayo Ongaphezu Komuntu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbusi Ofiswayo Ongaphezu Komuntu
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbusi Ofiswayo Ongaphezu Komuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Umbusi Okwazi Ukulawula Imvelo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uyakwazi Ukusivikela
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 53

Isahluko 53

Umbusi Ofiswayo Ongaphezu Komuntu

LAPHO uJesu esuthisa ngokuyisimangaliso izinkulungwane, abantu bayamangala. “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni,” besho. Abaphethi nje kuphela ngokuthi uJesu kumelwe ukuba uyilowomprofethi omkhulu kunoMose kodwa nangokuthi angaba umbusi ofiseleka kakhulu. Ngakho baceba ukumbamba bambeke inkosi.

Nokho, uJesu uyakuqaphela lokho abantu abakucebayo. Ngakho uyahamba ngokushesha ukuze agweme ukuba bamkhethe ngenkani. Uhambisa isixuku aphoqelele abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni sabo baphindele eKapernawume. Khona-ke umonyukela entabeni ukuze athandaze. Ngalobobusuku uJesu ulapho yedwa vó.

Ngokushesha ngaphambi kokuntwela kokusa uJesu uyaqalaza esendaweni ephezulu futhi ubona amagagasi ebhenguziswa umoya onamandla olwandle. Ekukhanyeni kwenyanga ecishe iphelele, njengoba sekusondele iPhasika, uJesu ubona isikebhe esinabafundi bakhe sihluleka ukudabula amagagasi. Lamadoda agwedla ngawo wonke amandla awo.

Ebona lokhu, uJesu uyehla entabeni aqale ukuhamba aye esikebheni enqamula amagagasi. Lesikebhe sesihambe cishe amakhilomitha ayisihlanu noma ayisithupha lapho uJesu efika kuso. Nokho, uyaqhubeka njengokungathi uzodlula. Lapho abafundi bembona, bayamemeza: “Yisithunzi.”

UJesu uphendula ngendlela eduduzayo: “Yimina, ningesabi.”

Kodwa uPetru uthi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

“Woza,” kuphendula uJesu.

Ngakho-ke, uPetru, ehla esikebheni, uhamba phezu kwamanzi uya kuJesu. Kodwa lapho ebheka isivunguvungu, uPetru ufikelwa ukwesaba, futhi lapho eqala ukucwila, uyakhala: “Nkosi, ngisindise!”

Elula isandla sakhe ngokushesha, uJesu uyambamba, ethi: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

Ngemva kokuba uPetru noJesu bangene emkhunjini, umoya uyanqamuka, futhi abafundi bamangele. Kodwa ingabe kumelwe bamangale? Ukuba babethole ‘incazelo yezinkwa’ ngokwazisa isimangaliso esikhulu sikaJesu asenze emahoreni ambalwa ngaphambili lapho esuthisa izinkulungwane ngezinkwa ezinhlanu kuphela nangezinhlanzana ezimbili, khona-ke bekungamelwe kubonakale kumangaza kangaka ukuthi angakwazi ukuhamba phezu kwamanzi futhi athulise isivunguvungu. Nokho, manje abafundi bakhothamela uJesu bese bethi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

Ngesikhashana, bafika eGenesaretha, ithafa elihle, elithelayo elingaseKapernawume. Lapho bamisa umkhumbi ngehange. Kodwa lapho beya ogwini, abantu babona uJesu futhi bangena emzini oseduze, befuna labo abagulayo. Lapho laba belethwa ngezinhlaka zabo futhi bethinta nje umphetho wengubo kaJesu, baphulukiswa ngokuphelele.

Ngakolunye uhlangothi, isixuku esibone ukusuthiswa okuyisimangaliso kwezinkulungwane sithola ukuthi uJesu usehambile. Ngakho lapho izikejana ezivela eTiberiya zifika, sigibela kuzo futhi siya eKapernawume ukuyofuna uJesu. Lapho simthola, sithi: “Rabi, ufiké nini lapha na?” UJesu uyabathethisa, njengoba sizobona ngokushesha. Johane 6:14-25; Mathewu 14:22-36; Marku 6:45-56.

▪ Ngemva kokuba uJesu esuthise ngokuyisimangaliso izinkulungwane, yini abantu abafuna ukuyenza kuye?

▪ Yini uJesu ayibonayo lapho esentabeni aye wamonyukela kuyo, khona-ke wenzani?

▪ Kungani abafundi kungamelwe bamangazwe kangaka yilezinto?

▪ Kwenzekani ngemva kokuba befike ogwini?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela