Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 63
  • Esinye Iseluleko Sokuqondisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esinye Iseluleko Sokuqondisa
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Esinye Iseluleko Sokubaqondisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • UJesu Weluleka Ngokukhubekisa Umuntu Nangesono
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • “Nina Ningusawoti Womhlaba”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • INtshumayelo Edume Kunazo Zonke Ezake Zanikezwa
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 63

Isahluko 63

Esinye Iseluleko Sokuqondisa

LAPHO uJesu nabaphostoli bakhe besesendlini eKapernawume, baxoxa ngokuthile ngaphandle kwempikiswano yabaphostoli yokuthi ngubani omkhulu kubo bonke. Lesi isenzakalo okungenzeka ukuthi naso senzeka ekubuyeleni kwabo eKapernawume, lapho uJesu engekho. Umphostoli uJohane uyabika: “Sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.”

Ngokusobala uJohane ubheka abaphostoli njengeqembu labaphilisi elikhethekile, eliphambili. Ngakho unomuzwa wokuthi lendoda yayenza imisebenzi yamandla ngokungafanele ngoba yayingelona ilungu leqembu labo.

Nokho, uJesu uyeluleka: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

Kwakungadingekile ngalendoda ukuba imlandele ngokoqobo uJesu ukuze ibe sohlangothini lwakhe. Ibandla lobuKristu lalingakamiswa, ngakho ukungabi kwayo ilungu leqembu labo kwakungasho ukuthi yayingeyebandla elihlukile. Lendoda ngempela yayinokholo egameni likaJesu futhi ngaleyondlela yaphumelela ekukhipheni amademoni. Yayenza okuthile okwakufana kahle nalokho uJesu athi kwakuwufanele umvuzo. UJesu ubonisa ukuthi ngokwenza lokhu, ngeke ilahlekelwe umvuzo wayo.

Kodwa kuthiwani uma lendoda yayikhutshekiswe ngamazwi nezenzo zabaphostoli? Lokhu kwakuyoba okungathi sína kakhulu! UJesu uyaphawula: “Lowo okhubekisa abe-munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe elwandle.”

UJesu uthi abalandeli bakhe kumelwe basuse ekuphileni kwabo noma yini ethandekayo kubona njengesandla, unyawo, noma iso engase ibakhubekise. Kungcono ukungabi nalento ethandekayo futhi ungene eMbusweni kaNkulunkulu kunokuba ubambelele kuyo futhi uphonswe eGehena (inqwaba yezibi ezivuthayo eduze kweJerusalema), efanekisela ukubhujiswa phakade.

UJesu uyaxwayisa futhi: “Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.” Khona-ke ubonisa ukuba yigugu ‘kwabancinyane’ lapho elandisa ngendoda enezimvu eziyikhulu kodwa ilahlekelwe eyodwa. Lendoda izoshiya ezingu-99 iyofuna elahlekileyo, kuchaza uJesu, futhi lapho iyithola iyojabula kakhulu ngayo kunezingu-99. “Kanjalo,” kuphetha uJesu, “akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.”

Ngokunokwenzeka ecabanga ngempikiswano eyayiphakathi kwabaphostoli ngokwabo, uJesu uyanxusa: “Yibani-nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.” Ukudla okuduma kunandiswa ngosawoti. Ngakho-ke, usawoti ongokomfanekiso wenza lokho okushiwo umuntu kwamukeleke kalula. Ukuba nosawoti onjalo kuyosiza ukuba kulondolozwe ukuthula.

Kodwa ngenxa yokungapheleli kobuntu, ngezinye izikhathi kuyovela izimpikiswano ezingathi sína. UJesu unikeza futhi iziqondiso zokuzisingatha. “Uma umfowenu ekona,” kusho uJesu, “hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.” Uma engalaleli, uJesu uyeluleka, “thatha futhi abe-munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.”

Kuphela njengento yokugcina, uJesu uthi, yisa leyondaba ‘ebandleni,’ okuwukuthi, kubabonisi bebandla abanomthwalo wemfanelo abangenza isinqumo sokwahlulela. Uma lesoni singenzi ngokuvumelana nesinqumo sabo, uJesu uyaphetha, “makabe-kuwe njengowezizwe nomthelisi.”

Lapho benza isinqumo esinjalo, ababonisi kudingeka banamathele ngokuseduze eziyalezweni eziseZwini likaJehova. Ngakho-ke, lapho bethola umuntu enecala futhi efanelwe isijeziso, isahlulelo ‘siyobe sesiboshiwe ezulwini.’ Futhi lapho ‘bekhulula emhlabeni’ okungukuthi, bethola umuntu engenacala, kuyoba ‘sekukhululiwe kakade ezulwini.’ Ezinqumweni ezinjalo zokwahlulela, uJesu uthi, “lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Mathewu 18:6-20; Marku 9:38-50; Luka 9:49, 50.

▪ Kungani kwakungadingekile ngosuku lukaJesu ukuhamba naye?

▪ Ingengathi sína kangakanani indaba yokukhubekisa omncinyane, futhi uJesu ukubonisa kanjani ukubaluleka kwabanjalo abancinyane?

▪ Yini ngokunokwenzeka eyenza uJesu akhuthaze abaphostoli ukuba babe nosawoti phakathi kwabo?

▪ Kufanekiselani ‘ukubopha’ ‘nokukhulula’?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela