Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 99
  • UJesu Ufundisa EJeriko

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ufundisa EJeriko
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Ufundisa EJeriko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • UJesu Welapha Amadoda Ayizimpumputhe, Asize NoZakewu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Abangane Bethu Kufanele Bamthande UNKulunkulu
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ukuphela Kobugebengu Manje Kuseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 99

Isahluko 99

UJesu Ufundisa EJeriko

NGOKUSHESHA uJesu nezixuku ezihamba naye bafika eJeriko, umuzi oqhele ngohambo losuku ukusuka eJerusalema. Ngokusobala iJeriko iwumuzi okabili, njengoba umuzi omdala wamaJuda uqhele ngekhilomitha nengxenye ukusuka emzini omusha wamaRoma. Njengoba izixuku ziphuma emzini omdala futhi zisondela komusha, izinxibi ezimbili eziyizimpumputhe ziyakuzwa lokhu kuxokozela. Esinye sazo sibizwa ngokuthi uBartimewu.

Lapho bezwa ukuthi uJesu odlulayo, uBartimewu nomngane wakhe baqala ukumemeza: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!” Lapho isixuku sibatshela ngokuthukuthela ukuba bathule, bamemeza ngisho nakakhulu ngamazwi aphakeme: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele! ”

Ezwa lowomsindo, uJesu uyama. Ucela anabo ukuba babize labo abamemezayo. Laba baya kulezinxibi eziyizimpumputhe bathi kwesinye sazo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.” Ngenjabulo enkulu, lendoda eyimpumputhe ilahla ingubo yayo yangaphandle, igxume ime ngezinyawo, bese iya kuJesu.

“Nifuna ukuba nginenzeleni na? ” kubuza uJesu.

“Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke,” kunxusa lamadoda amabili ayizimpumputhe.

Eshukunyiswa isihawu, uJesu uthinta amehlo awo. Ngokokulandisa kukaMarku, uJesu uthi kwenye yawo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Ngokushesha lezinxibi eziyizimpumputhe ziyaqala ukubona, futhi ngokungangabazeki zombili ziqala ukudumisa uNkulunkulu. Lapho bonke abantu bebona okwenzekile, nabo badumisa uNkulunkulu. Ngaphandle kokulibala, uBartimewu nomngane wakhe baqala ukulandela uJesu.

Njengoba uJesu edlula eJeriko, izixuku ziningi. Wonke umuntu ufuna ukubona lowo ophulukise lamadoda ayeyizimpumputhe. Abantu baminyana kuJesu nhlangothi zonke, futhi ngenxa yalokho, abanye abakwazi ngisho nokumuthi shazi. Phakathi kwalaba kunoZakewu, induna yabathelisi baseJeriko nasezindaweni ezizungezile. Mfushane kakhulu ukuba abone lokho okuqhubekayo.

Ngakho uZakewu ugijimela phambili futhi ugibela emthini womthombe ngasendleleni uJesu ahamba kuyo. Ekulendawo ekahle, angabona kahle yonke into. Njengoba izixuku zisondela, uJesu umemeza ebheke phezulu emthini: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.” UZakewu uyehla ejabula futhi uphuthuma ekhaya ukuze alungiselele lesivakashi sakhe esikhethekile.

Nokho, lapho abantu bebona okwenzekayo, bonke baqala ukukhononda. Bakubheka njengokungafanele ngoJesu ukuba abe isivakashi sendoda enjalo. Uyabona, uZakewu waceba ngokuphanga imali ngokungathembeki ebhizinisini lakhe lokuthelisa.

Abantu abaningi bayalandela, futhi lapho uJesu engena endlini kaZakewu, bayakhononda: “Uyé kungenisa kwandoda eyisoni.” Kodwa uJesu ubona ukuthi uZakewu angaphenduka. Futhi uJesu akadumali, ngoba uZakewu uyasukuma abese ethi: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”

UZakewu ubonisa ukuthi ukuphenduka kwakhe kungokoqobo ngokunika abampofu ingxenye yempahla yakhe nangokusebenzisa enye ingxenye ukuze akhokhele labo abaphangile. Ngokusobala angabala emabhukwini akhe okuthelisa ukuthi imalini ngempela ayikweleta labantu. Ngakho wenza isifungo sokuba aphindisele ngokuphindwe kane, ngokuvumelana nomthetho kaNkulunkulu othi: ‘Uma umuntu eba imvu, uyakukhokha ngezimvu ezine.’

UJesu uyathokoza ngendlela uZakewu athembisa ngayo ukuhlukanisa impahla yakhe, ngoba uthi: “Namuhla insindiso ifikile kulendlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.”

Ngaphambidlana, uJesu ubebonise isimo ‘sabalahlekileyo’ ngendaba yakhe ephathelene nendodana esaphazayo. Manje sinesibonelo esingokoqobo somuntu olahlekile oye watholwa. Ngisho nakuba abaholi benkolo nalabo ababalandelayo bevungama futhi bekhononda ngokunaka kukaJesu abantu abanjengoZakewu, uJesu uyaqhubeka efuna futhi ebuyisela lamadodana ka-Abrahama alahlekileyo. Mathewu 20:29-34; Marku 10:46-52; Luka 18:35–19:10; Eksodusi 22:1.

▪ Ngokusobala, kukuphi lapho uJesu ehlangana khona nezinxibi eziyizimpumputhe, futhi uzenzelani?

▪ Ungubani uZakewu, futhi kungani egibela emthini?

▪ UZakewu ukubonisa kanjani ukuphenduka kwakhe?

▪ Isiphi isifundo esingasifunda endleleni uJesu aphatha ngayo uZakewu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela