Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • T-22 kk. 2-6
  • Ubani Ngempela Obusa Izwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Ngempela Obusa Izwe?
  • Ubani Ngempela Obusa Izwe?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umqondo Esiwunikezwa Izimo Zezwe
  • Ababusi Bezwe Bayachazwa
  • Melana Nemimoya Emibi
  • Isitha Sokuphila Okuphakade
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ababusi Endaweni Yomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Melana Nebutho Lomoya Ababi
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Izidalwa Zomoya—Indlela Ezisithinta Ngayo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
Ubani Ngempela Obusa Izwe?
T-22 kk. 2-6

Ubani Ngempela Obusa Izwe?

Abantu abaningi bebeyophendula lo mbuzo ongenhla ngegama elilodwa—uNkulunkulu. Kodwa ngokuphawulekayo, akukho lapho iBhayibheli lisho khona ukuthi uJesu Kristu noma uYise bangababusi bangempela baleli zwe. Ngokuphambene, uJesu wathi: “Umbusi walelizwe uzakuxoshwa.” Futhi wenezela: “Uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi.”—Johane 12:31; 14:30; 16:11.

Ngakho umbusi waleli zwe umelene noJesu. Kungaba ubani lona?

Umqondo Esiwunikezwa Izimo Zezwe

Naphezu kwemizamo yabantu abanezinhloso ezinhle, izwe liye lahlupheka kakhulu kuwo wonke umlando. Lokhu kwenza abantu abacabangayo bazibuze, njengoba kwenza umufi owayengumlobi ongumhleli uDavid Lawrence: “‘Ukuthula emhlabeni’—cishe wonke umuntu uyakufuna. ‘Uxolo kubantu’—cishe bonke abantu bomhlaba bazizwa benalo komunye nomunye. Khona-ke konakelephi? Kungani kuhlongozwa impi naphezu kwezifiso abantu abanazo ezingokwemvelo?”

Kubonakala kuyindida, akunjalo? Ukuthi nakuba isifiso sabantu esingokwemvelo siwukuhlala ngokuthula, ngokuvamile bayazondana futhi bayabulalana—futhi bekwenza ngesihluku esikhulu. Cabangela unya olukhulu ngokwedlulele olubonisa ukungabi naluzwela. Abantu baye basebenzisa amakamelo anesisi, amakamu okuhlushwa, izikhali eziciba umlilo, amabhomu e-napalm, kanye nezinye izindlela ezimbi ngokushaqisayo ukuze bahluphane futhi babulalane bodwa ngokungenasihe.

Ingabe ucabanga ukuthi abantu, abalangazelela ukuthula nenjabulo, bangakwazi, ukuthi bebodwa, benze ububi obukhulu kangako kwabanye? Yimaphi amandla ashukumisela abantu ukuba benze izenzo ezenyanyeka kangaka noma ababangela ukuba babe sezimweni lapho bezizwa bephoqelekile ukuba benze izenzo zonya olukhulu? Ingabe uke wazibuza yini ukuthi amandla athile amabi, angabonakali athonya abantu ukuba benze izenzo ezinjalo zobudlova?

Ababusi Bezwe Bayachazwa

Akukho sidingo sokuqagela kule ndaba, ngoba iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi umuntu ohlakaniphile, ongabonakali ubelokhu elawula abantu kanye nezizwe. Lithi: “Izwe lonke lisemandleni omubi.” Futhi iBhayibheli liyamchaza, lithi: “UMhlebi, noSathane, odukisa izwe lonke.”—1 Johane 5:19, New World Translation; IsAmbulo 12:9.

Ngesikhathi uJesu ‘elingwa uSathane,’ uJesu akazange ayingabaze indima kaSathane njengombusi waleli zwe. IBhayibheli lichaza okwenzeka: “USathane . . . wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; wathi kuye: Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi. Khona uJesu wathi kuye: Suka, Sathane.”—Mathewu 4:1, 8-10.

Cabanga ngalokhu. USathane walinga uJesu ngokumthembisa ukumnika “imibuso yonke yezwe.” Nokho, ingabe lokho uSathane athi wayezokunikeza kwakuyoba isilingo sangempela ukuba uSathane wayengeyena ngempela umbusi wale mibuso? Cha, kwakungeke. Futhi phawula, uJesu akazange akuphike ukuthi bonke lab’ ohulumeni bezwe babengabakaSathane, okuyinto ayeyoyenza ukube uSathane wayengenamandla phezu kwabo. Ngakho-ke, uSathane uDeveli ngempela ungumbusi ongabonakali wezwe! Eqinisweni, iBhayibheli limbiza ngokuthi “unkulunkulu walelizwe.” (2 Korinte 4:4) Nokho, umuntu omubi ngaleyo ndlela wasithola kanjani lesi sikhundla sokuba namandla?

Lowo owaba uSathane wayeyingelosi edalwe uNkulunkulu, kodwa waba nomhawu ngesikhundla sikaNkulunkulu. Wabekela ububusi obufanele bukaNkulunkulu inselele. Ukuze afeze leyo njongo wasebenzisa inyoka njengomkhulumeli ukuze akhohlise owesifazane wokuqala, u-Eva, kanjalo wakwazi ukwenza yena kanye nomyeni wakhe, u-Adamu, ukuba balalele umyalo wakhe kunokaNkulunkulu. (Genesise 3:1-6; 2 Korinte 11:3) Wabuye wathi angenza yonke inzalo ka-Adamu no-Eva eyayingakazalwa ukuba ihlubuke kuNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu wavumela ukuba kudlule isikhathi ukuze uSathane azame ukufakazela lokho ayekushilo, kodwa uSathane akazange aphumelele.—Jobe 1:6-12; 2:1-10.

Ngokuphawulekayo, uSathane akayedwa ekubuseni kwakhe izwe. Waphumelela ekuyengeni ezinye zezingelosi ukuba zihlanganyele naye ekuhlubukeni kuNkulunkulu. Lezi zingelosi zaba amademoni, abalekeleli bakhe abayimimoya. IBhayibheli likhuluma ngazo lapho linxusa amaKristu: ‘Nimelane namaqhinga kaSathane; ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa nababusi bezwe balobubumnyama, [“nendikimba yomoya ababi,” NW] emkhathini.’—Efesu 6:11, 12.

Melana Nemimoya Emibi

Laba babusi bezwe abangabonakali, ababi bazimisele ukudukisa sonke isintu, basenze sihlubuke ekukhulekeleni uNkulunkulu. Enye indlela imimoya emibi ekwenza ngayo lokhu iwukuthuthukisa umqondo wokuthi umuntu uyaqhubeka ephila ngemva kokufa, ngisho nakuba iZwi likaNkulunkulu libonisa ngokucacile ukuthi abafileyo abazi lutho. (Genesise 2:17; 3:19; Hezekeli 18:4; IHubo 146:3, 4; UmShumayeli 9:5, 10) Ngakho, umoya omubi, ulingisa izwi lomuntu osewafa, ungase ukhulume nezihlobo zalowo muntu ezisaphila noma abangane, kungaba ngomuntu osebenzelana nemimoya noma “ngezwi” elivela endaweni engabonakali. ‘Lelizwi’ lizwakala sengathi elalowo ongasekho, kanti eqinisweni eledemoni!

Ngakho uma uzwa “izwi” elinjalo, ungakhohliswa. Yenqaba noma yikuphi elikushoyo, futhi wenanele amazwi kaJesu: “Suka, Sathane!” (Mathewu 4:10; Jakobe 4:7) Ungavumeli ilukuluku lokufuna ukwazi ngendawo yemimoya likwenze uhileleke ekusebenzelaneni nemimoya emibi. Ukuhileleka okunjalo kubizwa ngokuthi ukusebenzisa imimoya, futhi uNkulunkulu uxwayisa abakhulekeli bakhe ukuba bakugweme kuzo zonke izici zako. IBhayibheli liyamlahla “umbhuli . . . noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.”—Duteronomi 18:10-12; Galathiya 5:19-21; IsAmbulo 21:8.

Njengoba ukusebenzisa imimoya kwenza umuntu abe ngaphansi kwethonya lamademoni, melana nayo yonke imikhuba yako kungakhathaliseki ukuthi ingase ibonakale ijabulisa kangakanani, noma ihlaba umxhwele kangakanani. Le mikhuba ihlanganisa ukubuka ibhola lengilazi, ukusebenzisa amabhodi e-Ouija, i-ESP, ukubhula ngokufunda intende yesandla, kanye nokufunda izinkanyezi. Futhi amademoni aye abangela imisindo kanye nezenzakalo ezingokoqobo ezindlini azenze zaba indawo yawo.

Ngaphezu kwalokho, imimoya emibi isizakala ngokuthambekela kwesintu esonweni ngokukhuthaza izincwadi, imidlalo yamabhayisikobho, kanye nezinhlelo zethelevishini ezinokuziphatha okubi kanye nezenzo zobulili ezingezona ezingokwemvelo. Amademoni ayazi ukuthi uma imicabango emibi ingakhishwa engqondweni iyobangela imibono ehlala njalo futhi iholele abantu ekuziphatheni okubi—njengawo ngokwawo amademoni.—Genesise 6:1, 2; 1 Thesalonika 4:3-8; Jude 6.

Yiqiniso, abaningi bangase bawuhleke usulu umqondo wokuthi leli zwe libuswa imimoya emibi. Kodwa ukungakholelwa kwabo akumangalisi, ngoba iBhayibheli lithi: “USathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14) Ukukhohlisa kwakhe kobuqili okukhulu bekungukuphuphuthekisa abaningi ukuba bangaliboni iqiniso lokuthi yena kanye namademoni akhe bakhona ngempela. Kodwa ungakhohliswa! UDeveli namademoni akhe bangokoqobo, futhi kudingeka umelane nabo ngokuqhubekayo.—1 Petru 5:8, 9.

Ngokujabulisayo, sesisondele isikhathi lapho uSathane kanye nezikhonzi zakhe bengasayikuba khona! “Izwe [kuhlanganise nababusi balo abangamademoni] liyadlula,” kuqinisekisa iBhayibheli, “kodwa owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” (1 Johane 2:17) Yeka impumuzo okuyoba yiyo ukususwa kwalelo thonya elibi! Ngakho-ke, kwangathi singaba phakathi kwalabo abenza intando kaNkulunkulu futhi sijabulele ukuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga.—IHubo 37:9-11, 29; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.

Ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela, zonke izingcaphuno zemiBhalo zivela eBhayibhelini lesiZulu elivamile.

[Isithombe ekhasini 4]

Ingabe uSathane wayengathembisa ukubanika uJesu bonke labohulumeni bezwe ukuba babengebona abakhe?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela