Isahluko 8
Ukumemezela Izindaba Ezinhle Ngokungayeki (1942-1975)
“KUBO BONKE ABATHANDA UMBUSO WASEZULWINI:
Ngo-January 8, 1942, umfowethu othandekayo, uJ. F. Rutherford, wayiqeda ngokwethembeka inkambo yakhe yasemhlabeni . . . Kwakumjabulisa futhi kumduduza ukubona nokwazi ukuthi bonke ofakazi beNkosi abalandeli umuntu, kodwa balandela iNkosi uKristu Jesu njengoMholi wabo, nokuthi bayoqhubekela phambili emsebenzini besebenza ngobunye.”—Incwadi eyayazisa ngokufa koMfoweth’ uRutherford.a
IZINDABA zokufa koMfoweth’ uRutherford zabenza bashaqeka okwesikhashana oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Abaningi babazi ukuthi wayegula, kodwa babengalindele ukuthi wayezoshona ngokushesha kangako. Badabuka ngenxa yokulahlekelwa umfowabo othandekayo kodwa bazimisela ‘ukuqhubekela phambili emsebenzini’—umsebenzi wokumemezela uMbuso kaNkulunkulu. Babengazange babheke uJ. F. Rutherford njengomholi wabo. UCharles E. Wagner, owayesebenze ehhovisi likaMfoweth’ uRutherford, waphawula: “Abazalwane yonke indawo babeye bahlakulela ukuqiniseka okunamandla kokuthi umsebenzi kaJehova awuncikile kunoma yimuphi umuntu.” Noma kunjalo, kwakudingeka othile owayezothwala imithwalo yemfanelo uMfoweth’ uRutherford ayenayo njengomongameli we-Watch Tower Society.
“Zimiseleni Ukuhlala Niseduze NeNkosi”
UMfoweth’ uRutherford wayenesifiso esiqotho sokuba oFakazi BakaJehova bamemezele izindaba ezinhle bengayeki. Ngakho phakathi no-December 1941, emasontweni ambalwa ngaphambi kokuba ashone, wababizela ndawonye abaqondisi abane bezinhlangano ezimbili ezingokomthetho eziyinhloko ezazisetshenziswa oFakazi BakaJehova futhi wasikisela ukuba ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kokufa kwakhe, wonke amalungu amabhodi amabili ahlanganiswe futhi kukhethwe umongameli nesekela likamongameli.
Ntambama ngo-January 13, 1942, ezinsukwini ezinhlanu nje ngemva kokushona kukaRutherford, wonke amalungu ebhodi alezinhlangano ezimbili ahlangana ndawonye eBethel yaseBrooklyn. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili, isekela likamongameli weNhlangano, uNathan H. Knorr owayeneminyaka engu-36 ubudala, lalisikisele ukuba bakufune ngenkuthalo ukuhlakanipha kwaphezulu ngomthandazo nangokuzindla. Amalungu ebhodi aqaphela ukuthi nakuba umzalwane owayekhethwe ukuba abe umongameli ayezoqondisa izindaba zezomthetho ze-Watch Tower Society, wayezokhonza futhi njengombonisi oyinhloko wenhlangano. Ubani owayenalezimfanelo ezingokomoya ezidingekayo zokuthwala lomthwalo wemfanelo omkhulu ekunakekeleni umsebenzi kaJehova? Lomhlangano wavulwa ngomthandazo, futhi ngemva kokucabangela ngokucophelela, kwakhethwa ngazwilinye uMfoweth’ uKnorr ukuba abe umongameli walezinhlangano ezimbili kwathi uHayden C. Covington owayeneminyaka engu-30 ubudala, owayengummeli weNhlangano, wakhethwa njengesekela likamongameli.b
Kamuva ngalolosuku, uW. E. Van Amburgh, umgcini-zimali weNhlangano ongunobhala, wazisa umkhaya waseBethel ngemiphumela yokhetho. UR. E. Abrahamson, owayekhona kulesosenzakalo, ukhumbula ukuthi uVan Amburgh wathi: ‘Ngiyakhumbula lapho uC. T. Russell efa futhi kubekwa uJ. F. Rutherford endaweni yakhe. INkosi yaqhubeka iqondisa futhi ichumisa umsebenzi waYo. Manje, ngikulindele ngokugcwele ukuba umsebenzi uqhubekele phambili njengoba uNathan H. Knorr engumongameli, ngoba lomsebenzi ungoweNkosi, akuwona owomuntu.’
Amalungu omkhaya waseBethel eBrooklyn azizwa kanjani ngalemiphumela yokhetho? Incwadi eshukumisa inhliziyo eyayivela kuwo yango-January 14, 1942, usuku olwalulandela olokhetho, iyaphendula: “Ukushintsha kwakhe [uRutherford] ngeke kunciphise umfutho wethu ekufezeni umsebenzi iNkosi esabele wona. Sizimisele ukuhlala siseduze neNkosi nakomunye nomunye, siyidudula ngamandla impi asiyeki, silwa ngobunye. . . . Ubudlelwane bethu obuseduze noMfoweth’ uKnorr iminyaka ecishe ibe amashumi amabili . . . busenza sisazise isiqondiso seNkosi sokukhetha uMfoweth’ uKnorr njengomongameli futhi kanjalo sazise nokunakekela kothando iNkosi ekubonisa abantu baYo.” Ngokushesha izincwadi nezincwadi ezithunyelwe ngocingo ezizwakalisa ukusekela zatheleka zivela ezweni lonke.
Kwakungekho muzwa wokungaqiniseki ngalokho okwakumelwe kwenziwe. Kwalungiselelwa ukuba kube nesihloko esikhethekile ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-February 1, 1942, wona kanye umagazini owawunesaziso sokufa kukaJ. F. Rutherford. “Ukubutha kokugcina kweNkosi kuyaqhubeka,” sisho. “Ningavumeli lutho noma yinini ukuba luphazamise ukuqhubekela phambili kwabantu bayo besivumelwano abasenkonzweni yaYo. . . . Manje ukubambelela ngokuqinile ebuqothweni bethu kuNkulunkulu uMninimandla onke kuyinto EBALULEKE KAKHULU.” OFakazi BakaJehova banxuswa ukuba baqhubeke bememezela izindaba ezinhle ngentshiseko.
Kodwa ‘ukubambelela ngokuqinile ebuqothweni babo’ kwakuyinselele yangempela ekuqaleni kwawo-1940. Izwe lalisalwa. Imigoqo yangesikhathi sempi ezingxenyeni eziningi zomhlaba yakwenza kwaba nzima ukuba oFakazi BakaJehova bashumayele. Ukuboshwa nokuhlaselwa koFakazi yizixuku kwaqhubeka kudlondlobala. UHayden Covington, njengomeluleki weNhlangano kwezomthetho, walwa impi ephathelene nezomthetho, ngezinye izikhathi esehhovisi lakhe endlunkulu yaseBrooklyn futhi ngezinye izikhathi esezitimeleni njengoba ayehamba enakekela amacala aphathelene nezomthetho. Esebenza nabameli bendawo, abanjengoVictor Schmidt, uGrover Powell, noVictor Blackwell, uMfoweth’ uCovington walwa kanzima ukuze athole amalungelo ayisisekelo oFakazi BakaJehova okushumayela endlini ngendlu nokusakaza izincwadi zeBhayibheli ngaphandle kokuvinjelwa izikhulu zendawo.c
Ukuzwakalisa Uphawu Oluthi ‘Qhubekela Phambili’
Naphezu kokulinganiselwa kokudla nophethiloli kwangesikhathi sempi, ekuqaleni kuka-March 1942, kwamenyezelwa amalungiselelo oMhlangano Ongokwasezulwini Wezwe Elisha, owawuzoqhutshwa ngo-September 18-20. Ukuze ukuhamba kwenziwe lula, kwakhethwa amadolobha angu-52 imihlangano eyayizoba kuwo kulo lonke elase-United States, amaningi awo ayexhunywe ngezingcingo neCleveland, e-Ohio, idolobha elikhulu lomhlangano. Cishe ngesikhathi esifanayo, oFakazi BakaJehova babuthana kwamanye amazwe angu-33 emhlabeni wonke. Yayiyini injongo yalomhlangano?
‘Asihlangene lapha ukuze sizindle ngezinto zesikhathi esidlule noma lokho okuye kwenziwa abantu,’ kusho usihlalo, uMfoweth’ uCovington, emazwini akhe esethulo esimiso sokuqala. Wabe esethula inkulumo eyisihluthulelo, ethi “Okuwukuphela Kokukhanya,” eyayisekelwe ku-Isaya izahluko 59 no-60, eyabekwa uMfoweth’ uFranz. Sibhekisela emyalweni kaJehova ongokwesiprofetho olotshwe ku-Isaya, isikhulumi sakhuluma ngendlela evusa amadlingozi sathi: “Nalu-ke, uphawu oluthi ‘Qhubekela phambili’ oluvela eGunyeni Eliphakeme Kakhulu olusibonisa ukuba siqhubekele phambili [emsebenzini] walo wokufakaza kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ngaphambi kokuba kufike i-Armagedoni.” (Isaya 6:1-12) Kwakungesona isikhathi sokuba madolo-nzima nokuphumula.
“Kunomsebenzi owengeziwe okumelwe wenziwe; umsebenzi omkhulu!” kusho uN. H. Knorr enkulumweni eyalandela esimisweni. Ukuze izilaleli zakhe zisizwe ekusabeleni kwazo kuloluphawu oluthi ‘Qhubekela phambili,’ uMfoweth’ uKnorr wamemezela ukukhululwa kohlelo lwenguqulo yeBhayibheli i-King James, eyayinyatheliswe ngemishini yokunyathelisa yeNhlangano futhi eyayipheleliswe ngekhonkodensi eyayiklanyelwe ngokukhethekile ukuba isetshenziswe oFakazi BakaJehova enkonzweni yabo yasensimini. LeliBhayibheli elakhishwa labonisa isithakazelo esikhulu uMfoweth’ uKnorr ayenaso sokunyathelisa nokusakaza iBhayibheli. Eqinisweni, ngemva kokuba ebe umongameli weNhlangano ekuqaleni kwalowonyaka, uMfoweth’ uKnorr wathatha isinyathelo ngokushesha sokuthola amalungelo okunyathelisa lenguqulo nokuqondisa ukulungiselelwa kwekhonkodensi nezinye izici. Ezinyangeni ezingengaki loluhlelo olukhethekile lwe-King James Version lwase lukulungele ukukhululwa emhlanganweni.
Ngosuku lokugcina lomhlangano, uMfoweth’ uKnorr wabeka inkulumo ethi “Ukuthula—Ingabe Kungaba Okuhlala Njalo?” Kuyo waveza ubufakazi obunamandla obuvela encwadini yesAmbulo 17:8 bokuthi iMpi Yezwe II, eyayisadlondlobele ngalesosikhathi, yayingeke iholele e-Armagedoni, njengoba abanye babecabanga, kodwa leyompi yayizophela futhi kuqale inkathi yokuthula. Kwakusenomsebenzi okwakumelwe wenziwe ekumemezeleni uMbuso kaNkulunkulu. Ababesemhlanganweni batshelwa ukuthi ukuze isize ekunakekeleni ukwanda okwakulindelwe enhlanganweni, kusukela ngenyanga elandelayo iNhlangano yayizothumela “izinceku zabazalwane” ukuba zisebenze namabandla. Ibandla ngalinye lalizohanjelwa njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha.
“LowoMhlangano Ongokwasezulwini Wezwe Elisha wahlanganisa inhlangano kaJehova ndawonye ngobunye ukuze yenze umsebenzi owawusengaphambili,” kusho uMarie Gibbard, owayekowaseDallas, eTexas, nabazali bakhe. Wawumkhulu ngempela umsebenzi okwakumelwe wenziwe. OFakazi BakaJehova babebheke phambili enkathini yokuthula eyayizofika. Babezimisele ukuqhubekela phambili naphezu kokuphikiswa noshushiso, bememezela izindaba ezinhle bengayeki!
Inkathi Yemfundo Eyandisiwe
Babelokhu besebenzisa ikhadi lobufakazi kanye negilamafoni ekushumayeleni kwabo endlini ngendlu, kodwa ingabe ufakazi kaJehova ngamunye wayengathuthukisa ikhono lakhe lokuchaza imiBhalo kanye nezizathu zethemba analo? Umongameli wesithathu weNhlangano, uN. H. Knorr, wayecabanga ukuthi kungenzeka. UC. James Woodworth, uyise owayebe ngumhleli we-Golden Age ne-Consolation iminyaka eminingi, wakubeka ngalendlela: “Nakuba osukwini lukaMfoweth’ uRutherford kwakugcizelelwa ukuthi ‘Inkolo Iwugibe Nebhizinisi,’ manje kwase kuqala inkathi yokwanda okwenzeka embulungeni yonke, futhi kwaqalisa imfundo—yeBhayibheli nokuhlela—ngezinga abantu bakaJehova ababengalazi neze ngaphambili kuze kube yilesosikhathi.”
Inkathi yemfundo yaqalisa cishe ngokushesha. Ngo-February 9, 1942, esikhathini esingangenyanga ngemva kokuba uN. H. Knorr ekhethwe ukuba abe umongameli weNhlangano, eBethel yaseBrooklyn kwenziwa isaziso esaba nemiphumela efinyelela kude. Kwenziwa amalungiselelo eBethel okuba kube neMfundo Ethuthukisiwe Enkonzweni Engokwasezulwini—isikole esasiqokomisa ukucwaninga iBhayibheli nokukhuluma eningini.
Ngonyaka owalandela, kwabekwa isisekelo sesikole esifanayo esasizoqhutshwa emabandleni ezindawo oFakazi BakaJehova. EMhlanganweni “Wokubizelwa Esenzweni” owaqhutshwa kulo lonke elase-United States ngo-April 17 no-18, 1943, kwakhululwa incwajana ethi Course in Theocratic Ministry. Ibandla ngalinye lanxuswa ukuba liqalise isikole esisha, futhi iNhlangano yamisa abafundisi ababezoba osihlalo futhi banikeze iseluleko esakhayo ezinkulumweni zabafundi ezibekwa abesilisa ababhalisile. Ngokushesha ngangokunokwenzeka, lezifundo zahunyushwa futhi zasetshenziswa nakwamanye amazwe.
Ngenxa yalokho, izikhulumi ezifanelekayo eziqeqeshwe kulesikole senkonzo zaqala ukuhlanganyela emkhankasweni womhlaba wonke wokukhuluma eningini ukuze kumenyezelwe isigijimi soMbuso. Eziningi zalezikhulumi kamuva zakwazi ukukusebenzisa kahle ukuqeqeshwa kwazo njengezikhulumi zasemhlanganweni nasekunakekeleni imithwalo yemfanelo esindayo engokwenhlangano.
Phakathi kwabo kwakuno-Angelo C. Manera, Jr., owaba umbonisi ojikelezayo iminyaka engaba ngu-40. Wayengomunye wabokuqala ababhalisa kulesosikole ebandleni ayekulo, futhi waphawula: “Labo kithina abaye baba khona emihlanganweni futhi baya enkonzweni yasensimini iminyaka eminingi lelilungiselelo lingekho siye salibheka njengesinyathelo esikhulu entuthukweni yethu siqu nengokwenhlangano.”
Ngokuqondene nokuqeqeshwa kwakhe esikoleni esavulwa eBethel yaseBrooklyn ngo-1942, uGeorge Gangas, ngalesosikhathi owayengumhumushi wesiGreki, kamuva waphawula: “Ngikhumbula isikhathi engangibeka ngaso inkulumo yami yokuqala yemizuzu eyisithupha. Ngangingazethembi ngakho ngayibhala phansi. Kodwa lapho ngisukuma ngiyoyibeka, ngangenwa ukwesaba izilaleli futhi ngangingiza ngashwashwaza, ngalahlekelwa nayilokho engangizokusho. Ngase ngiphendukela ekufundeni inkulumo engangiyibhalile. Kodwa izandla zami zaziqhaqhazela kangangokuba imisho yayigxumagxuma!” Nokho, akazange ayeke. Ngokuhamba kwesikhathi, wabeka izinkulumo phambi kwezihlwele zezilaleli emihlanganweni emikhulu futhi ekhonza ngisho nanjengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova.
Isikole Esasungulwa Ngokholo
Ngo-September 24, 1942, kwaba nenye intuthuko enkathini yemfundo eyandisiwe. Emhlanganweni wamabhodi abaqondisi bezinhlangano ezimbili zezomthetho, uMfoweth’ uKnorr wasikisela ukuba iNhlangano iqalise esinye isikole, isebenzise isakhiwo esasakhiwe e-Kingdom Farm, eNingizimu Lansing, eNew York, engamakhilomitha angu-410 ukusuka entshonalanga-nyakatho yeDolobha laseNew York. Injongo yalesikole yayizoba ukuqeqesha izithunywa zevangeli ukuze zikhonze kwamanye amazwe lapho kwakunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Lokhu kusikisela kwamukelwa ngazwilinye.
U-Albert D. Schroeder, ngalesosikhathi owayeneminyaka engu-31 ubudala, wamiswa njengonobhala futhi wakhonza njengosihlalo wekomiti yokuhlela lesikole esisha. Uthi: “Hawu, izinhliziyo zethu zazigxumagxuma yinjabulo ngenxa yalesisabelo esisha esimangalisayo!” Abafundisi baba matasa zisuka nje; babenezinyanga ezine kuphela zokuhlela uhlu lwezifundo, ukuhlela izinkulumo, nokuqoqa umtapo wezincwadi. “Izifundo zemfundo yobuKristu ethuthukisiwe zazithatha amasonto angu-20, kusetshenziswa iBhayibheli njengencwadi eyinhloko,” kuchaza uMfoweth’ uSchroeder, manje okhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo.
NgoMsombuluko ngo-February 1, 1943, usuku lwasebusika olwalubanda engxenyeni yeNew York eyayisenyakatho, ikilasi lokuqala elalinabafundi abayikhulu, laqala. Lesi ngempela kwakuyisikole esasungulwa ngokholo. Phakathi neMpi Yezwe II, zazimbalwa izingxenye zomhlaba izithunywa zevangeli ezazingase zithunyelwe kuzo. Nokho, ngokuqiniseka okukhulu kokuthi kwakuyoba nenkathi yokuthula ezaziyosetshenziswa ngayo, kwaqeqeshwa abantu ababezoba izithunywa zevangeli.
Ukuhlela Kabusha Kwangemva Kwempi
Ngo-May 1945 yaphela inzondo eyabangela iMpi Yezwe II eYurophu. Ezinyangeni ezine kamuva, ngo-September, ukulwa kwanqamuka ePacific. IMpi Yezwe II yayisiphelile. Ngo-October 24, 1945, eminyakeni ecishe ibe mithathu nje ngemva kokuba umongameli weNhlangano ebeke inkulumo ethi “Ukuthula—Ingabe Kungaba Okuhlala Njalo?” UMthetho-sisekelo weZizwe Ezihlangene waqala ukusebenza.
Imibiko ephathelene nomsebenzi woFakazi BakaJehova yayisiqalile kakade ukufika ngamancozuncozu ivela eYurophu. Ngendlela eyabamangaza abafowabo nodadewabo abasemhlabeni wonke, umsebenzi wokumemezela uMbuso wawuye waqhubekela phambili emazweni aseYurophu naphezu kokulwiwa kwempi. INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 15, 1945, yabika: “Ngo-1940 eFrance kwakunabamemezeli abangu-400; manje bangu-1 100 abakhuluma ngoMbuso. . . . Ngo-1940 eHolland kwakunabamemezeli abangu-800. Abangamakhulu amane kubo babeyiswe ngempoqo emakamu okuhlushwa eJalimane. Labo ababesele bakhuluma ngoMbuso. Waba yini umphumela? Kulelozwe manje kunabamemezeli boMbuso abangu-2 000.” Umnyango ovuliwe wenkululeko manje wabanikeza amathuba okumemezela izindaba ezinhle ngokuqhubekayo, hhayi eYurophu kuphela kodwa ezweni lonke. Nokho, okokuqala kwakudingeka kwakhiwe futhi kuhlelwe kabusha okuningi.
Elangazelela ukuhlola izidingo zoFakazi BakaJehova emazweni ayecekelwe phansi yimpi, umongameli weNhlangano, kanye nonobhala wakhe, uMilton G. Henschel, bathatha uhambo oluya eBrithani, eFrance, eSwitzerland, eBelgium, eNetherlands, naseScandinavia ngo-November 1945 ukuze bakhuthaze abazalwane futhi bahlole amahhovisi egatsha eNhlangano.d Umgomo wabo kwakungukwenza ukuhlela kabusha kwangemva kwempi. Kwenziwa amalungiselelo okuba izincwadi kanye nokudla nezingubo kuthunyelwe kubazalwane ababeswele. Kwamiswa kabusha amahhovisi egatsha.
UMfoweth’ uKnorr wayekuqaphela ukuthi kwakudingeka ukuhlelwa okuhle kwegatsha ukuze kuhlangatshezwane nokuqhubekela phambili komsebenzi wokushumayela. Amakhono akhe angokwemvelo ekuhleleni asetshenziswa ngokugcwele ekwandiseni izakhiwo zamagatsha zeNhlangano emhlabeni wonke. Ngo-1942, lapho eba umongameli, kwakunamahhovisi egatsha angu-25. Ngo-1946, naphezu kokuvinjelwa nezithiyo ezazibangelwa iMpi Yezwe II, kwakunamagatsha emazweni angu-57. Eminyakeni engu-30 eyalandela, kwaze kwaba ngo-1976, inani lamagatsha lase lande laba ngu-97.
Ukuhlonyiselwa Ukuba Abafundisi
Lapho ebuya ohambweni lwakhe lwamazwe ngamazwe aluthatha ngokushesha ngemva kwempi, umongameli weNhlangano wanquma ukuthi oFakazi BakaJehova kwakudingeka bakuhlonyiselwe kangcono ukuba abafundisi beZwi likaNkulunkulu. Kwakudingeka imfundo yeBhayibheli eyengeziwe kanye namathuluzi afanelekayo ayezosetshenziswa enkonzweni yasensimini. Lezozidingo kwahlangatshezwana nazo ekuqaleni kwenkathi yangemva kwempi.
EMhlanganweni Ongokwasezulwini Wezizwe Ezijabulayo, owawuseCleveland, e-Ohio, ngo-August 4-11, 1946, uMfoweth’ uKnorr wabeka inkulumo eyayithi “Ukuhlonyiselwa Yonke Imisebenzi Emihle.” Zonke izilaleli zahlabeka umxhwele njengoba ayephakamisa imibuzo enjengalena: “Ingabe bekungenakuba usizo kakhulu yini ukuthola ukwaziswa okuphathelene nencwadi ngayinye yezincwadi ezingamashumi ayisithupha nesithupha zeBhayibheli? Ingabe bekungenakusiza ekuqondeni imiBhalo ukuba besazi ukuthi incwadi ngayinye yeBhayibheli yalotshwa ngubani? ukuthi incwadi ngayinye yalotshwa nini? ukuthi yalotshelwaphi?” Bonke abantu babemagange lapho ngokulandelayo ethi: “Bafowethu, seninakho konke lokho kwaziswa kanye nokunye okwengeziwe encwadini entsha enesihloko esithi ‘Equipped for Every Good Work’!” Kwaduma ihlombe ngemva kwalesosaziso. Lencwadi entsha yayizosetshenziswa njengencwadi eyinhloko esikoleni senkonzo esiqhutshwa emabandleni.
OFakazi BakaJehova babengazange nje kuphela bahlonyiswe ngencwadi eyayizojulisa ulwazi lwabo ngemiBhalo kodwa futhi banikezwa nezinto ezinhle kakhulu eziwusizo ukuba bazisebenzise ensimini. UMhlangano ka-1946 uyohlala ukhunjulwa ngokukhululwa kukamagazini wokuqala ngqá i-Phaphama! (yesiNgisi) Lomagazini omusha wathatha indawo ye-Consolation (ngaphambili eyayaziwa ngokuthi i-Golden Age). Kwakhululwa nencwadi ethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso”e (ngesiNgisi). UHenry A. Cantwell, kamuva owakhonza njengombonisi ojikelezayo, uyachaza: “Esikhathini esithile sasiye sayidinga kakhulu incwadi eyayingase isetshenziswe ngokuphumelelayo ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli nabantu abasanda kuthakazela, eyayizohlanganisa izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli kanye namaqiniso. Manje njengoba kukhululwe incwadi ethi ‘UNkulunkulu Makabe Oneqiniso,’ sithole lokho kanye ebesikudinga.”
Njengoba babehlonyiswe ngezinto ezinjalo eziwusizo ekufundiseni, oFakazi BakaJehova balindela okunye ukwanda okusheshayo. Ekhuluma nababeze emhlanganweni ngesihloko esithi “Izinkinga Zokwakha Kabusha Nokwanda,” uMfoweth’ uKnorr wachaza ukuthi phakathi neminyaka yempi yembulunga yonke, imizamo yokufakaza ayizange ime ngokuphelele. Kusukela ngo-1939 kuya ku-1946, inani labamemezeli boMbuso lalande ngabantu abangaphezu kwabangu-110 000. Ukuze ihlangabezane nesidingo esikhulayo emhlabeni wonke sezincwadi zeBhayibheli, iNhlangano yahlela ukwandisa ifekthri kanye neKhaya LaseBethel eBrooklyn.
Inkathi yokuthula kwezwe eyayilindelwe yayisiqalile. Inkathi yokwanda embulungeni yonke neyemfundo yeBhayibheli yayisaqhubeka. OFakazi BakaJehova babuyela ekhaya bevela eMhlanganweni Ongokwasezulwini Wezizwe Ezijabulayo bekuhlomele kangcono ukuba babe abafundisi bezindaba ezinhle.
Ukumenyezelwa KoMbuso Kuqhubekela Phambili
Ecabangela ukwanda emhlabeni wonke, ngo-February 6, 1947, umongameli weNhlangano kanye nonobhala wakhe, uMilton G. Henschel, baqalisa uhambo oluphathelene nenkonzo lokuya emhlabeni wonke lwamakhilomitha angu-76 916. Loluhambo lwabayisa eziqhingini zasePacific, eNew Zealand, e-Australia, eNingizimu-mpumalanga ye-Asia, eNdiya, naseMpumalanga Ephakathi, endaweni eseMediterranean, eYurophu ePhakathi neseNtshonalanga, eScandinavia, eNgilandi, naseNewfoundland. Kwakungokokuqala ngqá kusukela ngo-1933 ukuba abameleli bezisebenzi ezisendlunkulu yeNhlangano eBrooklyn bakwazi ukuvakashela abafowabo eJalimane. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bahambisana nalezihambeli ezimbili njengoba imibiko ephathelene naloluhambo yayikhishwa komagazini (besiNgisi) INqabayokulinda phakathi no-1947.f
“Kwakuyithuba lokuqala ngqá lokuba sazane nabafowethu abase-Asia nakwezinye izindawo nokuba sibone ukuthi yini ababeyidinga,” kuchaza uMfoweth’ uHenschel, manje oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. “Sasicabangela ukuthumela izithunywa zevangeli, ngakho kwakumelwe sazi ukuthi yini ezazizobhekana nayo nokuthi yini ezazizoyidinga.” Ngemva kwaloluhambo, izithunywa zevangeli ezaziqeqeshwe eGileyadi zangena kancane kancane kwamanye amazwe ukuze zihole emsebenzini wokumemezela ngoMbuso. Futhi imiphumela yayihlaba umxhwele. Eminyakeni emihlanu eyalandela (1947-52), inani labashumayeli boMbuso lawo wonke umhlaba laba elingaphezu kokuphindwa kabili, lisuka ku-207 552 liya ku-456 265.
Ukwanda KoMbuso Ongokwasezulwini
Ngo-June 25, 1950, amabutho ezempi aseDemocratic People’s Republic of Korea ahlasela iRepublic of Korea ngaseningizimu. Ekugcineni, kwathunyelwa amabutho avela kwamanye amazwe angu-16. Kodwa njengoba impi yayiqhatha izizwe ezinkulu, oFakazi BakaJehova balungiselela ukubuthana ukuze bathamele umhlangano wezizwe zonke owawungeke ubonise kuphela ubunye babo bomhlaba wonke kodwa nokuthi uJehova wayebabusisa ngokwanda.—Isaya 60:22.
UMhlangano Wokwanda KoMbuso Wasezulwini wawuhlelelwe ukuba ube ngo-July 30 kuya ku-August 6, 1950. Lomhlangano wawuzoba mkhulu kakhulu kunayo yonke oFakazi BakaJehova ababeke baba nayo ngalesosikhathi endaweni eyodwa. Izihambeli zakwamanye amazwe ezingaba ngu-10 000 ezazivela eYurophu, e-Afrika, e-Asia, eLatin America, eziqhingini zasePacific—sekukonke kwakungamazwe angu-67 ahlukene—zahlangana eYankee Stadium eDolobheni laseNew York. Inani eliphakeme lababekhona labangaphezu kwabangu-123 000 ababelalele inkulumo yeningi—uma liqhathaniswa nenani eliphakeme labangu-80 000 ababeze eMhlanganweni Ongokwasezulwini Wezizwe Ezijabulayo eminyakeni emine nje ngaphambili—lona ngokwalo laliwubufakazi obuhlaba umxhwele bokwanda.
Isici esiphawulekayo ekwandeni oFakazi BakaJehova ababa nakho bekulokhu kuwukunyatheliswa nokusakazwa kweZwi likaNkulunkulu. Kwafinyelelwa ingqopha-mlando ngokuqondene nalokhu ngo-August 2, 1950, lapho uMfoweth’ uKnorr ememezela ukukhululwa kwe-New World Translation of the Christian Greek Scriptures yesiNgisi ebhalwe ngolimi lwanamuhla. Ababeze emhlanganweni bajabula ukuzwa ukuthi lenguqulo entsha yayibuyisele igama laphezulu elithi Jehova izikhathi ezingu-237 embhalweni oyinhloko kusukela kuMathewu kuya kusAmbulo! Lapho siphetha inkulumo yaso, isikhulumi senza lokhu kunxusa okuvusa amadlingozi: “Yithatheni lenguqulo. Niyifunde yonke. Niyihlole, ngoba iyonisiza ukuba niliqonde kangcono iZwi likaNkulunkulu. Niyise nakwabanye.” Kwakuzolandela ezinye izingxenye eshumini leminyaka elalizolandela, kangangokuba ekugcineni oFakazi BakaJehova babeyoba nenguqulo enembile, efundeka kalula yalo lonke iBhayibheli ababengayinikeza abanye ngentshiseko.
Ngaphambi kokuba zihambe edolobheni lomhlangano, izihambeli zamenywa ukuba zizobuka indlunkulu entsha yeBethel e-124 Columbia Heights nefekthri yokunyathelisa eyayandiswe kakhulu eyayiku-117 Adams Street. Njengoba zazakhiwe ngokusekela ngokwezimali koFakazi abasemhlabeni wonke, lezi zakhiwo ezintsha zaphelelisa isimiso sokwanda esikhulu esamenyezelwa futhi samukelwa ngentshiseko emhlanganweni waseCleveland ngo-1946. Ngalesosikhathi oFakazi BakaJehova babengaqapheli ukuthi kwakusazoba nokwanda okungakanani, hhayi nje eBrooklyn, kodwa nasemhlabeni wonke. Kwakuzodingeka izindawo zokunyathelisa ezengeziwe nezinkudlwana ukuze kunakekelwe izinhlu eziqhubeka zanda zabamemezeli boMbuso.
Ukuqeqeshwa Okujule Ngokwengeziwe Enkonzweni Yendlu Ngendlu
EMhlanganweni Womphakathi Wezwe Elisha, owawuseDolobheni laseNew York, ngo-July 19-26, 1953, oFakazi BakaJehova banikezwa izincwadi ezintsha ukuba bazisebenzise bona ngokwabo nokuba bazisebenzise ikakhulukazi ekumemezeleni uMbuso endlini ngendlu. Ngokwesibonelo, ukukhululwa kwethi “Hlolani Konke” (ngesiNgisi) kwabangela ukuduma kwehlombe labangu-125 040 ababekhona ngoMsombuluko ngo-July 20. Yayiyithuluzi elisebenzisekayo enkonzweni yasensimini, incwadi engangena ephaketheni enamakhasi angu-416 enemibhalo engu-4 500 ngaphansi kwezihloko ezinkulu ezingu-70. OFakazi BakaJehova manje base benezimpendulo ezingokomBhalo zemibuzo abayibuzwayo lapho beshumayela endlini ngendlu.
NgoLwesithathu ekuseni phakathi nenkulumo ethi “Umsebenzi Oyinhloko Wazo Zonke Izinceku,” uMfoweth’ uKnorr wazisa ngesinye isinyathelo emfundweni eqhubekayo yoFakazi BakaJehova—isimiso esibanzi sokuqeqeshela inkonzo yendlu ngendlu esasizosetshenziswa kuwo wonke amabandla. Abamemezeli abanokuhlangenwe nakho okwengeziwe bacelwa ukuba basize abangenakho ukuba babe abamemezeli boMbuso abaphuma njalo nabaphumelelayo endlini ngendlu. Lesimiso esikhulu saqala ngo-September 1, 1953. UJesse L. Cantwell, umbonisi ojikelezayo owaba nengxenye kulomsebenzi wokuqeqesha, waphawula: “Lesimiso sabasiza ngempela abamemezeli ukuba babe abaphumelela ngokwengeziwe.”
Ezinyangeni zangemva kuka-July 1953, kwaqhutshwa imihlangano ethasiselayo kuwo womahlanu amazwekazi, eyayinesimiso esifanayo esivunyelaniswe nezimo zendawo. Kanjalo kwaqalisa ukuqeqesha okujulile enkonzweni yasensimini emabandleni oFakazi BakaJehova asemhlabeni wonke. Ngawo lowonyaka inani labamemezeli boMbuso laphakama lafinyelela ku-519 982.
Ukuhlangabezana Nezidingo Zokwanda Kwembulunga Yonke
Phakathi nawo-1950, kwenziwa amanye amalungiselelo okunakekela ukwanda okusheshayo enhlanganweni. Eminyakeni engaphezu kweyishumi, uN. H. Knorr wayehambele imbulunga yonke ukuze ahlole ukusebenza kwamagatsha. Loluhambo lwafeza lukhulu ekuqinisekiseni ukuthi umsebenzi uqondiswa ngokufanele ezweni ngalinye nasekuqiniseni ubunye boFakazi BakaJehova bomhlaba wonke. UMfoweth’ uKnorr wayenothando olujulile ngezithunywa zevangeli nalabo abakhonza emagatsheni emhlabeni wonke. Nomaphi lapho ayeya khona, wayezinika isikhathi sokukhuluma nabo ngezinkinga nangezidingo zabo nesokubakhuthaza enkonzweni yabo. Kodwa ngo-1955, kwakunamahhovisi egatsha angu-77 e-Watch Tower Society kanye nezithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi ezingu-1 814 ezazikhonza emazweni ayikhulu ahlukene. Eqaphela ukuthi wayengasenakukwazi ukuwusingatha yedwa, uMfoweth’ uKnorr wathatha izinyathelo zokuhlanganisa nabanye kulomsebenzi obalulekile wokuhambela amagatsha namakhaya ezithunywa zevangeli.
Kwenziwa amalungiselelo okuhlukanisa umhlaba ngezifunda ezinkulu eziyishumi, isifunda ngasinye sasihlanganisa amagatsha eNhlangano amaningana. Abazalwane abafanelekayo abavela ehhovisi eBrooklyn kanye nababonisi bamagatsha abanokuhlangenwe nakho bamiswa ukuba babe izinceku zezifunda ezinkulu (manje ababizwa ngokuthi ababonisi bamagatsha) futhi uMfoweth’ uKnorr wabaqeqeshela lomsebenzi. Ngo-January 1, 1956, ezokuqala zalezinceku zezifunda ezinkulu zaqala lenkonzo entsha yokuhambela amagatsha. Ngo-1992, abazalwane abangaphezu kwabangu-30, kuhlanganise namalungu eNdikimba Ebusayo, bebekhonza njengababonisi bamagatsha.
Imfundo Entandweni Yaphezulu
Ngehlobo lika-1958, kwakusongela impi eMpumalanga Ephakathi. Naphezu kokushuba kwezimo ebuhlotsheni bezizwe zonke, oFakazi BakaJehova balungiselela ukubuthana ukuze bathamele umhlangano wezizwe zonke owawuzobafundisa ngokwengeziwe entandweni yaphezulu. Wawuzophinda futhi ube umhlangano wabo omkhulu kunayo yonke ababeke baba nayo edolobheni elilodwa.
Inani eliphakeme lezihambeli ezingu-253 922 ezazivela emazweni angu-123 latheleka eYankee Stadium eDolobheni laseNew York nasePolo Grounds lizothamela uMhlangano Wezizwe Zonke Wentando Yaphezulu ka-July 27 kuya ku-August 3. “OFakazi BakaJehova Batheleka Baba Baningi Kwagcwala Izinkundla,” kusho i-Daily News yaseNew York ka-July 26, 1958. “Izitimela eziyisishiyagalombili ezikhethekile, amabhasi aqashiwe angu-500 nezimoto ezingu-18 000 ezihlanganyelwe ziletha amalungu, ngaphandle kwemikhumbi emibili eqashiwe kanye nezindiza ezingu-65 eziqashiwe.”
Izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi zazazise indlunkulu yeNhlangano ngenselele ezazibhekana nayo lapho zibafundisa ngeqiniso leBhayibheli labo ababejwayelene nezinkolelo nezimfundiso zamasonto eLobukholwa. Ukuba nje zazingaba nencwadi engachaza izimfundiso zeBhayibheli eziyiqiniso, nokho efundeka futhi iqondakale kalula! Okuyinto eyazijabulisa izihambeli zomhlangano ezingu-145 488 ezazikhona ngoLwesine ntambama ngo-July 31, uMfoweth’ uKnorr wamemezela ukukhululwa kwencwadi entsha ethi Ukusuka ePharadesi eliLahlekile ukuya ePharadesi eliZuziwe (ngesiNgisi).
UMfoweth’ uKnorr wanxusa bonke ukuba bayisebenzise lencwadi entsha enkonzweni yabo yasensimini. Wabuye wasikisela ukuthi abazali babeyoyithola iwusizo ekufundiseni abantwana babo iqiniso leBhayibheli. Abazali abaningi bakuthatha ngokungathi sína lokhu kusikisela. UGrace A. Estep, owayenguthishelakazi owakhulela edolobheni elincane ngasePittsburgh, ePennsylvania, waphawula: “Bonke abantwana bakhula beyiphenya incwadi i-Pharadesi, beya nayo emihlanganweni, beyihlanganyela nabangane babo abancane ababedlala nabo, bekwazi ukubaxoxela ngalo lonke uchungechunge lwezindaba zeBhayibheli besusela nje emifanekisweni, esikhathini eside ngaphambi kokuba babe badala ngokwanele ukuba bayifunde.”
Kwalungiselelwa nokwaziswa okuqinile kwabafundi asebethuthukile beZwi likaNkulunkulu. Lapho ephetha inkulumo yakhe evusa amadlingozi eyayithi “Mayenzeke Intando Yakho,” uMfoweth’ uKnorr wajabulisa izilaleli zakhe lapho ememezela ukukhululwa kwencwadi entsha enesihloko esithi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni” (ngesiNgisi). Lencwadi entsha, equkethe ukuhlolwa okujulile kwencwadi kaDaniyeli, yafundisa abafundi bayo indlela intando yaphezulu eyase yenziwe ngayo neyenziwa ngayo manje. “Nizoyijabulela kakhulu lencwadi!” kusho isikhulumi. Ngehlombe elinjengokuduma izihlwele zezilaleli ezingu-175 441 zazwakalisa injabulo yazo ngokuthola lelithuluzi elisha elalizojulisa ukuqonda kwazo intando yaphezulu!
Emazwini akhe okuphetha, uMfoweth’ uKnorr wamemezela ngezinye izimiso zemfundo ezikhethekile ezazizozuzisa inhlangano yomhlaba wonke. “Umsebenzi wokufundisa awuhlehli,” kusho uKnorr, “kodwa uqhubekela phambili.” Wakhuluma ngamalungiselelo okunikeza ababonisi abavela emagatsheni eNhlangano akuwo wonke umhlaba imfundo yokuqeqesha yezinyanga eziyishumi eBrooklyn. Futhi, emazweni amaningi emhlabeni wonke, kwakuzoba nezifundo zokuqeqesha ezazizothatha inyanga ezazizotholwa ababonisi abajikelezayo kanye nalabo abangababonisi emabandleni. Kwakungeyokwenzani yonke lemfundo? “Sifuna ukuthuthukela ezingeni eliphakeme lokuqonda,” echaza, “ukuze sikwazi ukufinyelela ekujuleni kwemicabango kaJehova njengoba eyiveze eZwini lakhe.”
Ngokushesha kwaqala ukuba kusetshenzwe ngalezifundo zesimiso sokuqeqesha. Ezinyangeni eziyisikhombisa kamuva, ngo-March 9, 1959, kwavulwa ikilasi lokuqala lesikole esisha, iSikole Senkonzo SoMbuso, eNingizimu Lansing, eNew York, lapho iSikole saseGileyadi sasikhona. Lokho okwaqalisa lapho ngokushesha kwafinyelela ezweni lonke njengoba isikole esisha sasisetshenziselwa ukuqeqesha labo abangababonisi emabandleni.
Baqiniselwa ‘Ukuma Beqinile Okholweni’
Phakathi nawo-1960, umphakathi wesintu wambozwa igagasi lezinguquko ezingokwenkolo nezenhlalo. Abefundisi bathi izingxenye ezithile zeBhayibheli ziyizinganekwane noma zaziphelelwe isikhathi. Umbono wokuthi “uNkulunkulu ufile” wathandwa ngokwengeziwe. Umphakathi wesintu waya ucwila obishini lokuziphatha okubi ngokobulili. Nge-Nqabayokulinda nangezinye izincwadi kuhlanganise nezimiso zemihlangano, abantu bakaJehova baqiniswa ukuba ‘bame beqinile okholweni’ phakathi naleloshumi leminyaka elalinesiyaluyalu.—1 Kor. 16:13.
Ochungechungeni lwemihlangano eyaqhutshwa emhlabeni wonke ngo-1963, inkulumo ethi “Incwadi ‘Yezindaba Ezinhle Zaphakade’ Inenzuzo” yavikela iBhayibheli ekuhlaselweni abagxeki. “Abagxeki beBhayibheli akudingekile ukuba baveze ukuthi lencwadi yabhalwa abantu,” kuchaza isikhulumi. “IBhayibheli ngokwalo ngokwethembeka liyasazisa ngaleloqiniso. Kodwa lokho okwenza lencwadi ingafani nanoma iyiphi enye incwadi eyabhalwa abantu ukuthi iBhayibheli Elingcwele ‘liphefumlelwe uNkulunkulu.’” (2 Thim. 3:16, 17) Lenkulumo evusa amadlingozi yaholela ekukhululweni kwencwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” (ngesiNgisi). Lencwadi entsha yayixoxa ngencwadi ngayinye yeBhayibheli, inikeza isizinda sencwadi, njengokuthi yalotshwa ubani, nini nokuthi yalotshelwaphi, kanye nobufakazi bobuqiniso bayo. Bese kuba ukufingqwa kwalencwadi yeBhayibheli, okulandelwa ingxenye ethi “Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo,” eyayibonisa indlela lencwadi yeBhayibheli okhulunywa ngayo ebaluleke kakhulu ngayo kumfundi. Ithuluzi eliwusizo emfundweni yeBhayibheli eqhubekayo yoFakazi BakaJehova, lencwadi isaqokonyiswa njengencwadi eyinhloko eSikoleni Senkonzo EsingokwaseZulwini iminyaka engaba ngu-30 ngemva kokukhululwa kwayo!g
Ushintsho lokuziphatha ngokobulili lwangawo-1960 lwabathinta noFakazi BakaJehova. Eqinisweni, izinkulungwane ezimbalwa—amaphesenti ambalwa enani labo sebebonke—kwadingeka zisuswe ekuhlanganyeleni unyaka ngamunye, iningi lisuselwa ukuziphatha okubi ngokobulili. Khona-ke, ngesizathu esihle abantu bakaJehova banikezwa iseluleko esiqondile ochungechungeni lwemihlangano yesigodi eyaba ngo-1964. ULyle Reusch, umbonisi ojikelezayo ngendabuko ongowaseSaskatchewan, eCanada, ukhumbula inkulumo ethi “Ukugcina Inhlangano Yezinceku Zasobala Imsulwa, Ihlanzekile.” UReusch wathi: “Ulimi olungagunci noluqondile ngokuphathelene nemikhuba yokuziphatha lwachaza udaba ngokucacile nangokungafihli.”
Lokho okwashiwo kulenkulumo kwakhishwa ku-Nqabayokulinda ka-May 15, 1965 (November 15, 1964, ngesiNgisi). Phakathi kokunye, yathi: “Mantombazane, musani ukuzenza amathawula angcolile kawonk’ uwonke, atholakalela noma iyiphi indoda engcolile ehlangana nezifebe, noma iyiphi ‘inja’ engokomfanekiso.”—Qhathanisa nesAmbulo 22:15.
Iseluleko esinjalo esingagunci sasihloselwe ukusiza oFakazi BakaJehova bebonke ukuba bahlale benesimo esihlanzekile ngokokuziphatha, baqhubeke bememezela isigijimi soMbuso.—Qhathanisa nabaseRoma 2:21-23.
“Ake Ungitshele, Usho Ukuthini Lo-1975?”
Kwase kuyisikhathi eside oFakazi bekholelwa ukuthi ukuBusa KukaKristu KweMinyaka Eyinkulungwane kwakuzoqala ngemva kweminyaka engu-6 000 yomlando wesintu. Kodwa yayizophela nini iminyaka engu-6 000 yokuba khona kwesintu? Incwadi ethi UkuPhila okuPhakade—ngeNkululeko yamaDodana kaNkulunkulu (yesiNgisi) eyakhululwa emihlanganweni yesigodi ewuchungechunge ka-1966, yakhomba ku-1975. Khona kanye emhlanganweni, njengoba abazalwane behlola ekuqukethe, lencwadi entsha yavusa ingxoxo enkulu ngokuphathelene no-1975.
Emhlanganweni owaba seBaltimore, eMaryland, uF. W. Franz wanikeza inkulumo yokuphetha. Waqala ngokuthi: “Ngaphambi nje kokuba ngize lapha endaweni yesikhulumi insizwa ethile iye yeza kimi yathi, ‘Ake ungitshele, usho ukuthini lo-1975?’” UMfoweth’ uFranz wabe esebhekisela emibuzweni eminingi eyayiye yaphakama ngokuqondene nokuthi ingabe ukwaziswa okukulencwadi entsha kwakusho ukuthi ngo-1975 i-Armagedoni yayiyobe isiphelile, futhi uSathane eseboshiwe. Ngokuyisisekelo wathi: ‘Kungenzeka. Kodwa asisho ukuthi kuzoba njalo. Konke kungenzeka ngoNkulunkulu. Kodwa asisho ukuthi kuzoba njalo. Futhi makungabikho kini osho ngokuqiniseka ukuthi kunokuthile okungenzeka kusukela manje kuze kube ngo-1975. Kodwa iphuzu eliyinhloko kukho konke lokhu, bafowethu abathandekayo, liwukuthi: Isikhathi sifushane. Isikhathi siyaphela, lokho akungabazeki.’
Eminyakeni yangemva kuka-1966 abaningi boFakazi BakaJehova benza ngokuvumelana nomoya walesoseluleko. Nokho, kwakhishwa ezinye izinkulumo ngokuqondene nalendaba, futhi ezinye zazibonakala ziqiniseka ngaphezu kokufanele. Lokhu kwavunywa ku-Nqabayokulinda ka-September 15, 1980 (amakhasi 20-1) (March 15, 1980, ngesiNgisi). Kodwa oFakazi BakaJehova babeye baxwayiswa futhi ngokuthi bagxile ekwenzeni intando kaJehova ngokuyinhloko bangathatheki ngokweqile ngenxa yezinsuku ezithile kanye namathemba okusindiswa okusheshayo.h
Ithuluzi Lokusheshisa Umsebenzi
Ekupheleni kwawo-1960, oFakazi BakaJehova babememezela izindaba ezinhle benomuzwa wokulindela okuthile kanye nowokuphuthuma. Phakathi no-1968 inani labamemezeli boMbuso lase lande laba ngu-1 221 504 emazweni angu-203. Nokho, kwakungekhona okungavamile ukuba abantu abathile bafunde iBhayibheli iminyaka eminingi kodwa bangenzi lutho ngolwazi abalutholile. Ingabe yayikhona indlela yokusheshisa umsebenzi wokwenza abafundi?
Impendulo yatholakala ngo-1968 lapho kukhululwa incwadi entsha eyinsizakufundisa yeBhayibheli, ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade (ngesiNgisi). Lencwadi engangena ephaketheni enamakhasi angu-192 yalungiselelwa kucatshangelwa abantu abasanda kuthakazela. Yayinezahluko ezingu-22 eziheha ingqondo ezikhuluma ngezindaba ezinjengalezi “Kungani kuHlakaniphile ukuHlola iNkolo Yakho,” “OkwEnza Ukuba siGuge futhi siFe,” “Bakuphi Abafileyo na?” “Kungani UNkulunkulu eVumele Ububi Kuze Kube uSuku Lwethu?” “INdlela yokuBonakalisa iNkolo yeQiniso,” nethi “UkwAkha okuThokozisayo ukuPhila koMkhaya.” Incwadi ethi IQiniso yayiklanyelwe ukukhuthaza umfundi weBhayibheli ukuba acabange ngokwaziswa okucatshangelwayo futhi akusebenzise ekuphileni kwakhe siqu.
Lencwadi entsha kwakumelwe isetshenziswe esimisweni sokufunda iBhayibheli sezinyanga eziyisithupha. Inkonzo YoMbuso ka-November 1968 (September 1968, ngesiNgisi) yachaza indlela lesimiso esisha esasizosebenza ngayo: “Kuyoba kuhle ukuzama ukutadisha sonke isahluko sencwadi ethi ‘IQiniso’ isonto ngalinye, nakuba lokhu kungase kungenzeki kubo bonke abaninikhaya noma ngazo zonke izahluko ezisencwadini. . . . Uma, ekupheleni kwezinyanga eziyisithupha zokutadisha ngokujulile nemizamo eqotho yokuzama ukubenza beze emihlanganweni, bengakahlanganyeli nebandla, khona-ke kungase kube ngcono ukusebenzisa isikhathi sakho utadisha nomunye umuntu okufunayo ngempela ukufunda iqiniso futhi athuthuke. Zibekele umgomo wokudlulisela izindaba ezinhle kubafundi beBhayibheli ngendlela eyokwenza abantu abathakazelayo bakwazi ukuthatha isinyathelo ezinyangeni eziyisithupha!”
Futhi bakwenza lokho! Esikhathini esifushane, isimiso sesifundo seBhayibheli sezinyanga eziyisithupha saba nempumelelo emangalisayo. Eminyakeni emithathu yenkonzo eyaqala ngo-September 1, 1968, futhi yaphela ngo-August 31, 1971, kwabhapathizwa ingqikithi yabantu abangu-434 906—inani elingaphezu kokuphindwa kabili kwelababhapathizwa phakathi neminyaka emithathu yenkonzo eyayandulele! Njengoba yafika ngesikhathi kunomuzwa wokulindela okuthile kanye nowokuphuthuma phakathi koFakazi BakaJehova, incwadi ethi IQiniso kanye nomkhankaso wesifundo seBhayibheli sezinyanga eziyisithupha kwasiza kakhulu ekusheshiseni umsebenzi wokwenza abafundi.—Math. 28:19, 20.
“Kumelwe Kusebenze; Kuvela KuJehova”
Iminyaka eminingi amabandla oFakazi BakaJehova ahlelwa ngendlela yokuthi iNhlangano yayimisa indoda eyodwa efanelekayo ngokomoya ukuba ibe inceku yebandla, noma “umbonisi,” futhi yayisizwa ezinye “izinceku” ezimisiwe.i (1 Thim. 3:1-10, 12, 13) Lamadoda kwakumelwe akhonze umhlambi, hhayi ukuba awubuse. (1 Pet. 5:1-4) Kodwa ingabe kwakungenzeka amabandla abe nesimo esifana ngokwengeziwe nesimo samabandla obuKristu ekhulu lokuqala?
Ngo-1971, ochungechungeni lwemihlangano eyaqhutshwa emhlabeni wonke, kwanikezwa inkulumo ethi “Inhlangano Engokwasezulwini Phakathi Kwezimiso Zentando Yeningi NobuKhomanisi.” Ngo-July 2, uF. W. Franz wabeka lenkulumo eYankee Stadium eDolobheni laseNew York. Kuyona waveza ukuthi lapho kunamadoda afanelekayo anele, amabandla ekhulu lokuqala ayeba nababonisi abangaphezu koyedwa. (Fil. 1:1) “Iqembu lababonisi ebandleni,” esho, “lalakha ‘indikimba yamadoda amadala’ . . . Amalungu ‘endikimba’ enjalo ‘yamadoda amadala [noma, umkhandlu]’ wonke ayelingana, enesikhundla sokuphatha esilinganayo, futhi akekho kuwo owayeyilungu elibaluleke kakhulu, elivelele kakhulu, elinamandla kakhulu ebandleni.” (1 Thim. 4:14) Leyonkulumo yabashukumisa ngempela bonke ababesemhlanganweni. Lokhu kwaziswa kwakuzoba namuphi umphumela emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke?
Impendulo yatholakala ezinsukwini ezimbili kamuva, enkulumweni yokuphetha eyabekwa uN. H. Knorr. Kusukela ngo-October 1, 1972, kwakuzoqala ukusebenza ukulungiswa okwakwenziwe endleleni yokwengamela amabandla. Kwakungeke kusaba nenceku yebandla eyodwa zwi, noma umbonisi. Kodwa phakathi nezinyanga ezandulela u-October 1, 1972, amadoda athembekile navuthiwe ebandleni ngalinye ayeyonikeza iNhlangano amagama alabo abangase batuswe ukuba bakhonze njengendikimba yabadala (kanye namagama alabo ababezokhonza njengezinceku ezikhonzayo). Umdala oyedwa wayezomiswa njengosihlalo,j kodwa bonke abadala babeyoba negunya elilinganayo futhi bahlanganyele emthwalweni wemfanelo wokwenza izinqumo. “Lokhu kulungiswa ekuhlelweni,” kuchaza uMfoweth’ uKnorr, “kuyosiza ekwenzeni indlela amabandla asebenza ngayo ivumelane kakhudlwana neZwi likaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile lokho kuyoletha izibusiso ezengeziwe ezivela kuJehova.”
Izihambeli zomhlangano ezazibuthene zakuthatha kanjani lokhu kwaziswa okuphathelene nokulungiswa ekuhlelweni? Umbonisi othile ojikelezayo washukunyiselwa ukuba athi: “Kumelwe kusebenze; kuvela kuJehova.” Omunye uFakazi ongumakadebona wanezela: “Kuyowakhuthaza wonke amadoda avuthiwe ukuba athwale umthwalo wemfanelo.” Ngempela, amadoda afanelekayo kungakhathaliseki ukuthi maningi kangakanani manje ‘ayesengalwela ukufaneleka’ futhi amiswe ‘esikhundleni’ sokuba ababonisi.’ (1 Thim. 3:1) Kanjalo inani elikhulu labazalwane lalingathola okuhlangenwe nakho okuyigugu ekuthwaleni umthwalo wemfanelo webandla. Nakuba ekuqaleni babengakuqapheli lokhu, bonke laba kwakuyodingeka beluse abasanda kuthakazela ababeyothutheleka kakhulu eminyakeni ezayo.
Ukwaziswa okwanikezwa emhlanganweni kwabuye kwaholela ekucaciseni nasekulungiseni okuthile okwakuhilela iNdikimba Ebusayo. Ngo-September 6, 1971, kwanqunywa ukuthi ukuba kwelungu usihlalo weNdikimba Ebusayo kufanele kujikeleze, bekwenza ngokulandelana kwezinhlamvu zamagama abo. Emasontweni ambalwa kamuva, ngo-October 1, 1971, uF. W. Franz waba usihlalo weNdikimba Ebusayo unyaka owodwa.
Ngonyaka olandelayo, ngo-September 1972, kwaqalisa ukugudluzwa kokuqala kwemithwalo yemfanelo ebandleni, futhi ngo-October 1 kwaphela ukushintshana ngemisebenzi emabandleni amaningi. Phakathi neminyaka emithathu eyalandela, oFakazi BakaJehova baba nokwanda okuhlaba umxhwele—kwabhapathizwa abantu abangaphezu kwezingxenye ezintathu kwezine zesigidi. Kodwa manje babebhekene nentwasahlobo ka-1975. Uma wonke amathemba ngokuqondene no-1975 engagcwaliseki, lokhu kwakuyoyithinta kanjani intshiseko ababenayo ngomsebenzi wokushumayela wembulunga yonke kanye nobunye babo emhlabeni wonke?
Futhi, amashumi eminyaka uNathan H. Knorr, indoda eyayinomfutho kanye nekhono elivelele njengomhleli, wayebe nendima eyinhloko ekuthuthukiseni imfundo phakathi enhlanganweni nasekwenzeni abantu bathole iBhayibheli nasekubasizeni ukuba baliqonde. Ukushintshela ekubeni iNdikimba Ebusayo kube iyona eqondisa izinto ngokuseduze kwakuyoyithinta kanjani lemigomo?
[Imibhalo yaphansi]
a INqabayokulinda (yesiNgisi), February 1, 1942, k. 45; Consolation, February 4, 1942, k. 17.
b Ngo-September 1945, uMfoweth’ uCovington wahoxa ngesihle ekubeni aqhubeke ekhonza njengesekela likamongameli we-Watch Tower Bible and Tract Society (yasePennsylvania), echaza ukuthi wayefisa ukwenza ngokuvumelana nalokho ngalesosikhathi okwakuqondwa njengokuyintando kaJehova ukuthi wonke amalungu ebhodi yabaqondisi nabaphathi—kumelwe abe amaKristu agcotshwe ngomoya, kuyilapho yena ayethi ‘ungowezinye izimvu.’ Ngo-October 1, uLyman A. Swingle wakhethwa ukuba abe sebhodini yabaqondisi, kwathi ngo-October 5, uFrederick W. Franz wakhethwa ukuba abe isekela likamongameli. (Bheka i-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1946, kk. 221-4; INqabayokulinda [yesiNgisi], November 1, 1945, kk. 335-6.)
c Bheka iSahluko 30, esithi “Ukuvikela Izindaba Ezinhle Nokuzenza Ziqashelwe Ngokomthetho.”
d Imibiko eningiliziwe ngaloluhambo yakhishwa ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) phakathi no-1946.—Bheka amakhasi 14-16, 28-31, 45-8, 60-4, 92-5, 110-12, 141-4.
e Eminyakeni embalwa, lensiza kufundisa yeBhayibheli yaziwa emhlabeni wonke. Njengoba yabukezwa ngo-April 1, 1952, kwanyatheliswa amakhophi angaphezu kwangu-19 000 000 ngezilimi ezingu-54.
f Bheka amakhasi 140-4, 171-6, 189-92, 205-8, 219-23, 236-40, 251-6, 267-72, 302-4, 315-20, 333-6, 363-8.
g Incwadi ebukeziwe ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” ngesiZulu yakhululwa ngo-1991.
h Ngokwesibonelo, izihloko ezilandelayo zakhishwa ku-Nqabayokulinda: “UkuSebenzisa ngokuHlakanipha iSikhathi esisaSele” (November 1, 1968 [May 1, 1968, ngesiNgisi]); “Khonza Unombono Waphakade” (December 15, 1974 [June 15, 1974, ngesiNgisi]); “Isizathu Sokuba Singatshelwa ‘Lolosuku Nalelohora’” nesithi “Uthinteka Kanjani Ngokungalazi ‘Usuku Nehora?’” (November 1, 1975 [May 1, 1975, ngesiNgisi]). Ngaphambili, ngo-1963, incwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” (ngesiNgisi) yayithe: “Akusizi ukusebenzisa ukubala izikhathi zezenzakalo kweBhayibheli ekuqageleni izinsuku ezisengaphambili ohlelweni lwezikhathi.—Math. 24:36.”
i Bheka iSahluko 15, esithi “Ukuthuthuka Kwesimo SeNhlangano.”
j Isikhulumi sabuye sachaza ukuthi kusukela ngo-October 1, 1972, kwakusazoba nokushintshana kwaminyaka yonke ekubeni usihlalo phakathi kwendikimba ngayinye yabadala bebandla. Lelilungiselelo lalungiswa ngo-1983, lapho indikimba ngayinye yabadala icelwa ukuba ituse umbonisi owengamele, okwakuyothi ngemva kokumiswa kwakhe iNhlangano, akhonze ngokuqhubekayo njengosihlalo wendikimba yabadala.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 92]
Ukushumayela naphezu kokuboshwa nokuhlaselwa izixuku
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 94]
‘Ukwanda embulungeni yonke ngezinga elalingaziwa ngaphambili’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 103]
Ukuvikela iBhayibheli ekuhlaselweni abagxeki
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 104]
‘Iphuzu eliyinhloko kukho konke lokhu, bafowethu abathandekayo, liwukuthi: Isikhathi sifushane’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 106]
‘Isikhuthazo sokuba wonke amadoda avuthiwe athwale umthwalo wemfanelo’
[Ibhokisi ekhasini 91]
Isizinda SikaN. H. Knorr
UNathan Homer Knorr wazalelwa eBethlehem, ePennsylvania, e-U.S.A., ngo-April 23, 1905. Lapho eneminyaka engu-16 ubudala, wayehlanganyela neBandla lase-Allentown LabaFundi BeBhayibheli. Ngo-1922 waba khona emhlanganweni waseCedar Point, e-Ohio, lapho anquma khona ukusula e-Reformed Church. Ngonyaka olandelayo, ngo-July 4, 1923, ngemva kokuba uFrederick W. Franz, owayevela eBethel yaseBrooklyn, ebeke inkulumo yobhapathizo, uNathan owayeneminyaka engu-18 ubudala wayephakathi kwalabo ababhapathizwa eMfuleni iLittle Lehigh, eMpumalanga Pennsylvania. Ngo-September 6, 1923, uMfoweth’ uKnorr waba ilungu lomkhaya waseBethel eBrooklyn.
UMfoweth’ uKnorr wasebenza ngenkuthalo eMnyango Wezokuthumela, futhi ngokushesha amakhono akhe angokwemvelo okuhlela aqashelwa. Lapho umphathi wefekthri yeNhlangano, uRobert J. Martin, eshona ngo-September 23, 1932, uMfoweth’ uKnorr wamiswa ukuba athathe indawo yakhe. Ngo-January 11, 1934, uMfoweth’ uKnorr wakhethwa ukuba abe umqondisi we-Peoples Pulpit Association (manje ethiwa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.), futhi ngonyaka olandelayo wenziwa waba isekela likamongameli waleNhlangano. Ngo-June 10, 1940, waba isekela likamongameli we-Watch Tower Bible and Tract Society (inhlangano yasePennsylvania). Ukumiswa kwakhe njengomongameli kuzo zombili lezinhlangano kanye nenhlangano yaseBrithani, i-International Bible Students Association, kwenzeka ngo-January 1942.
Eminyakeni eyalandela, omunye wabangane boMfoweth’ uKnorr abaseduze kakhulu nabeluleki abethenjwayo kwakunguFrederick W. Franz, indoda eyayisikhulile ngeminyaka kunaye futhi eyayinolwazi lwezilimi eziningi futhi esizinda sayo sokuba isazi seBhayibheli kakade sase siwusizo olukhulu enhlanganweni.
[Ibhokisi ekhasini 93]
Isikhuthazo Sokubheka Phambili
Izihambeli zoMhlangano Ongokwasezulwini Wezwe Elisha eCleveland, e-Ohio, ngo-September 1942, zajabula lapho umgcini-zimali ongunobhala osekhulile weNhlangano, uW. E. Van Amburgh, ekhuluma nababeze emhlanganweni. UMfoweth’ uVan Amburgh wakhumbula ukuthi umhlangano wokuqala aya kuwo wawuseChicago ngo-1900, futhi ‘wawumkhulu’—kwakunabantu abangu-250. Ngemva kokubala eminye imihlangano “emikhulu” eyaba khona phakathi neminyaka, waphetha ngalesikhuthazo sokubheka phambili: “Lomhlanganok siwubona umkhulu njengamanje, kodwa njengoba lomhlangano umkhulu uma uqhathaniswa nesiye saba nayo esikhathini esedlule, ngakho ngicabanga ukuthi lomhlangano uyoba mncane kakhulu uma uqhathaniswa naleyo ezoqhutshwa esikhathini esiseduze esizayo lapho iNkosi iqala ukubutha abantu bayo kuzo zonke izingxenye zembulunga.”
[Imibhalo yaphansi]
k Inani eliphakeme labangu-26 000 laba khona eCleveland, kwaba nengqikithi yabangu-129 699 ababekhona emadolobheni omhlangano angu-52 ayesakezeke kulo lonke elase-United States.
[Ibhokisi/Amabalazwe ekhasini 96]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Uhambo lukaN. H. Knorr Oluphathelene NeNkonzo, 1945-56
1945-46: EMelika Ephakathi, eNingizimu Melika, eNyakatho Melika, eYurophu, eCaribbean
1947-48: ENyakatho Melika, eziqhingini zasePacific, eMpumalanga, eMpumala-nga Ephakathi, eYurophu, e-Afrika
1949-50: ENyakatho Melika, eMelika Ephakathi, eNingizimu Melika, eCaribbean
1951-52: ENyakatho Melika, eziqhingini zasePacific, eMpumalanga, eYurophu, eMpumalanga Ephakathi, e-Afrika 1953-54: ENingizimu Melika, eCaribbean, eNyakatho Melika, eMelika Ephakathi
1955-56: EYurophu, eziqhingini zasePacific, eMpumalanga, eNyakatho Melika, eMpumalanga Ephakathi, eNyakatho Afrika
[Amabalazwe]
(Bheka encwadini)
[Ibhokisi ekhasini 105]
“Namuhla Ngiphinde Ngaqala Ukucabanga”
Njengoba yakhululwa ngo-1968, incwadi ethi “IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade” yasetshenziswa kabanzi oFakazi BakaJehova ekutadisheni iBhayibheli nabantu abathakazelayo. Lelilungiselelo elalifike ngesikhathi lasiza amakhulu ezinkulungwane zabantu abacabangayo ukuba bazuze ulwazi oluqondile lwemiBhalo. Incwadi yokwazisa eyatholwa ngo-1973 ivela kumfundi othile e-United States yathi: “Intokazi enhle kakhulu ifike endlini yami namuhla yanginikeza incwadi ethi ‘IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade.’ Ngisanda kuyiqeda. Ngiyaqala ngqá ukufunda noma yini enamakhasi angu-190 ngosuku olulodwa ekuphileni kwami. Ngo-June 29, 1967, ngayeka ukukholelwa kuNkulunkulu. Namuhla ngiphinde ngaqala ukucabanga.”
[Isithombe ekhasini 95]
ISikole SaseGileyadi eNingizimu Lansing, eNew York
[Isithombe ekhasini 97]
UMfoweth’ uKnorr, oboniswe lapha ehambele eCuba, wajikeleza umhlaba ephindelela
[Izithombe ekhasini 98]
UMfoweth’ uKnorr wayenomuzwa wokuthi bonke oFakazi kufanele bakwazi ukushumayela endlini ngendlu
ENgilandi
ELebanon
[Isithombe ekhasini 99]
Njengomongameli weNhlangano, uMfoweth’ uKnorr wasebenzelana eduze noMfoweth’ uFranz iminyaka engaphezu kwengu-35
[Isithombe ekhasini 100]
IBhodi Yabaqondisi be-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, phakathi nawo-1950. (Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla) uLyman A. Swingle, uThomas J. Sullivan, uGrant Suiter, uHugo H. Riemer, uNathan H. Knorr, uFrederick W. Franz, uMilton G. Henschel
[Isithombe ekhasini 102]
Ngo-1958, izihambeli ezivela emazweni angu-123 zabuthana eYankee Stadium zizothamela uMhlangano Wezizwe Zonke Wentando Yaphezulu
[Isithombe ekhasini 107]
Izincwadi zokuqeqeshela oFakazi BakaJehova inkonzo
[Isithombe ekhasini 107]
Ezinye zezincwadi ezazizosetshenziswa enkonzweni yasensimini
[Isithombe ekhasini 107]
Izincwadi ezazinikeza ukudla okuqinile okwakuqinisa abantu bakaJehova ngokomoya
[Isithombe ekhasini 107]
Izincwadi ezisiza ekucwaningeni nasekutadisheni