Isahluko 13
Ukuqashelwa Ngokuziphatha Kwethu
SIPHILA enkathini lapho izindinganiso zokuziphatha ezazihlonishwa esikhathini eside esidlule ziye zalahlwa khona amaqembu amaningi abantu. Izinkolo eziningi zeLobukholwa ziye zenza okufanayo, kungaba ngokukubekezelela noma ngephuzu lokuthi izikhathi zishintshile nokuthi imithetho evimbelayo yezizukulwane zangaphambili ayisasebenzi. Ngenxa yalokho, uSamuel Miller umphathi wabefundisi waseHarvard Divinity School, wathi: “Isonto limane nje alibalulekile kubantu. Lithathé isiko lesikhathi sethu futhi lilamukele.” Umphumela ekuphileni kwalabo ababebheke kulawomasonto ukuze bathole isiqondiso uye waba inhlekelele.
Ngokuphambene, lapho ikhuluma ngoFakazi BakaJehova, i-L’Eglise de Montréal, ipheshana lamasonto onke lendawo yamaKatolika ephethwe umbhishobhi omkhulu yaseMontreal, eCanada, yathi: “Banezimiso zokuziphatha eziphawulekayo.” Abaningi bothisha bezikole, abaqashi, kanye neziphathimandla zikahulumeni bonke bayakuvuma lokho. Yini ebenza babe nalelidumela?
Ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova kuhilela okungaphezu nje kokubambelela esimisweni esithile sezinkolelo eziyizimfundiso nokufakaza kwabanye ngalezinkolelo. UbuKristu bokuqala babaziwa ngokuthi ‘iNdlela,’ futhi oFakazi BakaJehova bayakuqaphela ukuthi inkolo yeqiniso namuhla kumelwe ibe yindlela yokuphila. (IzE. 9:2) Nokho, njengoba kwakunjalo nakwezinye izinto oFakazi bosuku lwanamuhla abazange bafinyelele ngokushesha ekukuqondeni ngokulinganiselwe lokho okuhilelekile kulokhu.
“Ubuntu Noma Isivumelwano—Yikuphi?”
Nakuba baqala ngeseluleko esinengqondo esingokomBhalo esiphathelene nesidingo sokuba njengoKristu, ukugcizelela kwabanye babaFundi BeBhayibheli ‘ukuthuthukiswa kobuntu,’ njengoba babekubiza kanjalo, kwathambekela ekululazeni izici ezithile zobuKristu bangempela. Abanye babo babonakala besekela umbono wokuthi ukuba nesizotha sokwakhiwa—ukubonakala njalo unomusa futhi ulungile, ukukhulumela phansi, ugwema noma yikuphi ukubonakaliswa kwentukuthelo, ukufunda imiBhalo nsuku zonke—kwakuyoqinisekisa ukuthi bazongena ezulwini. Kodwa laba abazange baliqaphele iqiniso lokuthi uKristu wayenikeze abalandeli bakhe umsebenzi okwakumelwe bawenze.
Lenkinga kwakhulunywa ngayo ngokuqinile esihlokweni esithi “Ubuntu Noma Isivumelwano—Yikuphi?” koka-May 1, 1926, umagazini INqabayokulinda (yesiNgisi).a Sabonisa ukuthi imizamo yokuhlakulela “ubuntu obuphelele” ngenkathi besesenyameni yabangela abanye ukuba bayeke ngenxa yendumalo, kodwa ngesikhathi esifanayo, yayibangela abantu babe nesimo sengqondo sokuba “ngcwele kunabanye” futhi ithambekele ekubangeleni abanye ukuba balahlekelwe umbono wenani lomhlatshelo kaKristu. Ngemva kokugcizelela ukuba nokholo egazini likaKristu elachithwa, lesihloko saqokomisa ukubaluleka ‘kokwenza izinto’ enkonzweni kaNkulunkulu eyenziwa ngenkuthalo ukuze umuntu anikeze ubufakazi bokuthi uphishekela inkambo yokujabulisa uNkulunkulu. (2 Pet. 1:5-10) Ngalesosikhathi, lapho abaningi beLobukholwa benza sengathi basabambelele ezindinganisweni zokuziphatha eziseBhayibhelini, lokhu kugcizelelwa komsebenzi kwaqinisa umehluko okhona phakathi koFakazi BakaJehova neLobukholwa. Lomehluko waba sobala nangokwengeziwe njengoba bonke abantu ababezibiza ngokuthi bangamaKristu kwadingeka babhekane nezinkinga zokuziphatha ezaziba ezivamile.
“Nidede Ebufebeni”
Indinganiso yobuKristu ngokuqondene nokuziphatha ngokobulili yavezwa kudala ngolimi olucacile eBhayibhelini. “Lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni . . . Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni. Ngakho-ke owalayo akali umuntu kepha wala uNkulunkulu.” (1 Thes. 4:3-8) “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heb. 13:4) “Kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, . . . naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Kor. 6:9, 10.
Ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi), kwadonselwa ukunakekela kulendinganiso yamaKristu eqiniso emuva ngo-November 1879. Kodwa akuzange kukhulunywe ngayo ngokuphindaphindiwe nangokuningiliziwe njengokungathi kwakuyinkinga eyinhloko phakathi kwabaFundi BeBhayibheli bokuqala. Nokho, njengoba isimo sengqondo sezwe sasiya siba ngesiyekelelayo, lemfuneko yanikezwa ukunakekela okwengeziwe, ikakhulukazi eminyakeni yeMpi Yezwe II. Lokhu kwakudingeka ngoba abanye phakathi koFakazi BakaJehova babekade bamukela umbono wokuthi uma nje besematasa ekufakazeni, ukuyekelela okuncane nje ekuziphatheni ngokobulili kwakumane kuyindaba yomuntu siqu. Kuyiqiniso ukuthi INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-March 1, 1935, yakusho ngokucacile ukuthi ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini kwakunganikezi imvume yokuziphatha okubi. Kodwa akubona bonke abantu abalalela. Ngakho, kumagazini ka-May 15, 1941, INqabayokulinda (yesiNgisi) yaphinde yakhuluma ngalendaba, futhi yenaba, esihlokweni esithi “Usuku LukaNowa.” Yaveza ukuthi ukonakala okungokobulili osukwini lukaNowa kwakungesinye sezizathu ezenza uNkulunkulu wabhubhisa izwe langalesosikhathi, futhi yabonisa ukuthi lokho uNkulunkulu akwenza ngalesosikhathi kuyisibonelo salokho azokwenza osukwini lwethu. Ngolimi olucacile yaxwayisa ngokuthi inceku kaNkulunkulu egcina ubuqotho ngeke inikele ingxenye yosuku lwayo yenza intando yeNkosi, bese kuthi kamuva, izitike ‘emisebenzini yenyama.’ (Gal. 5:17-21) Lokhu kwalandelwa, ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 1, 1942, ngesinye isihloko esasilahla ukuziphatha okwakungavumelani nezindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli zabantu abashadile nabangashadile. Akekho okwakumelwe aphethe ngokuthi ukuhlanganyela ekushumayeleni obala isigijimi soMbuso njengomunye woFakazi BakaJehova kwakunikeza imvume yokuphila okuxekethile. (1 Kor. 9:27) Ngokuhamba kwesikhathi, kwakuzothathwa ngisho nezinyathelo ezithé ukuqina ukuze kulondolozwe ukuhlanzeka kwenhlangano ngokokuziphatha.
Abanye ngalesosikhathi ababezwakalisa isifiso sokuba oFakazi BakaJehova babekhulele ezindaweni lapho umshado wokulinga wawamukeleka khona, lapho ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu abathembisene babubekezelelwa khona, noma lapho ubuhlobo bokuhlala ngokuvumelana phakathi kwabantu abangashadile ngokomthetho kwakubhekwa khona njengokuyinto evamile. Imibhangqwana embalwa eshadile yayizama ukuqhuba ubumpohlo. Abanye abantu, nakuba bengahlukanisile, ngobuwula babehlala ngokwahlukana nabangane babo bomshado. Ukuze inikeze isiqondiso esidingekayo, INqabayokulinda, phakathi nawo-1950, yacabangela zonke lezizimo, yakhuluma ngemithwalo yemfanelo yasemshadweni, yagcizelela ukwenqabela kweBhayibheli ubufebe, futhi yachaza ukuthi buyini ubufebe, ukuze kungabikho ukuqonda kabi.b—IzE. 15:19, 20; 1 Kor. 6:18.
Ezindaweni lapho abantu ababeqala ukuhlanganyela nenhlangano kaJehova bengazithathi khona ngokungathi sína izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha, lokhu kwanikezwa ukunakekela okukhethekile. Ngakho, ngo-1945, lapho uN. H. Knorr, umongameli wesithathu we-Watch Tower Society, eseCosta Rica, wabeka inkulumo ephathelene nokuziphatha kobuKristu athi kuyo: “Nina nonke enilapha namuhla kusihlwa enihlala nowesifazane kodwa ningawubhalisile ngokomthetho umshado wenu, ngiyanixwayisa. Hambani niye eSontweni lamaKatolika nibhalise amagama enu khona nicele ukuba amalungu, ngoba kulapho lapho ningenza khona lezizinto. Kodwa lena inhlangano kaNkulunkulu, futhi aninakuzenza lezizinto lapha.”
Kusukela ngawo-1960, lapho ongqingili beyiveza obala imikhuba yabo, amasonto amaningi aphikisana ngalendaba, ayesebamukela njengamalungu. Amanye amasonto manje ayabagcoba nokubagcoba ongqingili ukuba babe abefundisi. Ukuze zisize abantu abaqotho ababenemibuzo ngalezindaba, izincwadi zoFakazi BakaJehova zakhuluma ngalezindaba. Kodwa phakathi koFakazi, akukaze kungabazeke ukuthi ubungqingili kufanele bubhekwe kanjani. Ngani? Ngoba ababheki izimfuneko ezibekwa iBhayibheli njengokungathi zimane ziyimibono yabantu ababephila ngenye inkathi. (1 Thes. 2:13) Baqhuba izifundo zeBhayibheli ngenjabulo nongqingili ukuze laba bafunde ukuthi ziyini izimfuneko ezibekwe uJehova, futhi abantu abanjalo bangase babe khona emihlanganweni yoFakazi ukuze balalele, kodwa akekho umuntu oqhubekayo engungqingili ongaba ngomunye woFakazi BakaJehova.—1 Kor. 6:9-11; Juda 7.
Eminyakeni yamuva ukuzitika kwentsha engashadile ebuhlotsheni bobulili kuye kwaba yinto evamile ezweni. Intsha emikhayeni yoFakazi BakaJehova iye yakuzwa ukucindezela, futhi enye yaqala ukwamukela izindlela zezwe eliyizungezile. Inhlangano iye yasisingatha kanjani lesisimo? Izihloko ezazihlelelwe ukusiza abazali nentsha ukuba babheke izinto ngeso elingokomBhalo zakhishwa ku-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Amadrama abonisa izimo ezingokoqobo ekuphileni adlalwa emihlanganweni ukuze kusizwe wonke umuntu ukuba aqaphele izithelo zokwenqaba izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha kanye nezinzuzo zokulalela imiyalo kaNkulunkulu. Enye yawokuqala kulamadrama, eyadlalwa ngo-1969, yayinesihloko esithi “Ameva Nezingibe Kusendleleni Yomuntu Ozibusayo.” Kwahlelwa izincwadi ezikhethekile ezazizosiza abantu abasha baqaphele ukuhlakanipha kweseluleko seBhayibheli. Lezincwadi zahlanganisa ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo (eyakhishwa ngo-1976 [ngesiNgisi]) kanye nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo (eyakhishwa ngo-1989). Abadala bamabandla banikeza abantu ngabanye kanye nemikhaya usizo olungokomoya lomuntu siqu. Amabandla oFakazi BakaJehova nawo alondolozwa ngokuxoshwa kwabenzi bobubi abangaphenduki.
Ukuwohloka kwezwe emikhubeni yokuziphatha akuzange kuholele embonweni wokuyekelela phakathi koFakazi BakaJehova. Ngokuphambene, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova iye yasigcizelela ngokwengeziwe isidingo sokungagwemi nje kuphela izenzo zobulili obungemthetho kodwa nokugwema amathonya nezimo ezehlisa izindinganiso zokuziphatha. Phakathi namashumi amathathu eminyaka edlule, iye yanikeza imfundo yokuqinisa abantu ukuba bamelane ‘nezono’ ezinjalo “zangasese” ezinjengokushaya indlwabu futhi ibaqaphelise ngengozi yezithombe ezingcolile, imidlalo ewuchungechunge, kanye nomculo onethonya elonakalisayo. Ngakho, nakuba ukuthambekela kokuziphatha kwezwe kuye kwehla, okoFakazi BakaJehova kuye kwaba okuphakeme.
Ukuphila Komkhaya Okubuswa Izindinganiso Zokwesaba UNkulunkulu
Ukubambelela ngokuqinile endinganisweni yeBhayibheli yokuziphatha ngokobulili kuye kwakuzuzisa kakhulu ukuphila komkhaya koFakazi BakaJehova. Kodwa ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova akusona isiqinisekiso sokuthi umuntu ngeke abe nezinkinga zasekhaya. Nokho, oFakazi bayaqiniseka ukuthi iZwi likaNkulunkulu linikeza iseluleko esingcono kakhulu ngokuqondene nendlela yokubhekana nezinkinga ezinjalo. Banamalungiselelo amaningi enziwe inhlangano angabasiza ukuba basebenzise lesoseluleko; futhi lapho beqhubeka benza ngokuvumelana naso, imiphumela iba ezuzisayo ngempela.
Emuva ngo-1904, umqulu wesithupha we-Studies in the Scriptures wanikeza ingxoxo eningiliziwe ephathelene nemithwalo yemfanelo yasemshadweni kanye nezibopho zobuzali. Kusukela ngalesosikhathi, kuye kwanyatheliswa izihloko eziningi kwabekwa nezinkulumo eziningi kuwo wonke amabandla oFakazi BakaJehova ukuze kusizwe wonke amalungu omkhaya ukuba aqaphele indima yawo ayinikezwe uNkulunkulu. Lemfundo ekuphileni komkhaya okunempilo ayiyona nje eyabantu abasanda kushada kodwa iyisimiso esiqhubekayo esihilela lonke ibandla.—Efe. 5:22–6:4; Kol. 3:18-21.
Ingabe Isithembu Sasiyokwamukelwa?
Ngisho nakuba amasiko athinta imishado nokuphila komkhaya engafani emazweni amaningi, oFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi izindinganiso ezibekwe eBhayibhelini zisebenza yonke indawo. Lapho umsebenzi wabo uqala e-Afrika kulelikhulu lama-20, oFakazi lapho, njengoba benza yonke indawo, bafundisa ukuthi umshado wobuKristu uvumela umngane womshado oyedwa kuphela. (Math. 19:4, 5; 1 Kor. 7:2; 1 Thim. 3:2) Nokho, kwakunabaningi ababekade bamukele ukudalula kweBhayibheli ukukhonza izithombe futhi bekwamukele ngenjabulo lokho oFakazi BakaJehova ababekufundisa ngokuqondene noMbuso kaNkulunkulu kodwa ababebhapathizwe bengazange basilahle isithembu. Ukuze kulungiswe lesisimo, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-January 15, 1947, yagcizelela ukuthi ubuKristu abusivumeli isithembu, kungakhathaliseki ukuthi isiko lendawo lithini. Incwadi eyathunyelwa emabandleni yatshela bonke abazibiza ngokuthi bangoFakazi BakaJehova kodwa abashade isithembu ukuthi babezonikezwa izinyanga eziyisithupha ukuze bavumelanise izindaba zabo zomshado nendinganiso yeBhayibheli. Lokhu kwagcizelelwa inkulumo eyabekwa uMfoweth’ uKnorr phakathi nokuhambela kwakhe e-Afrika ngawo lowonyaka.
ENigeria, abantu bezwe abaningi babikezela ukuthi imizamo yokuqeda isithembu phakathi koFakazi BakaJehova yayiyokusho ukuqeda bona oFakazi. Futhi kuyiqiniso ukuthi akubona bonke abantu ababenesithembu ababebhapathizwe njengoFakazi abenza izinguquko ezidingekayo ngisho nango-1947. Ngokwesibonelo, u-Asuquo Akpabio, umbonisi ojikelezayo, ulandisa ukuthi uFakazi othile ayehlala kwakhe e-Ifiayong wamvusa phakathi kwamabili futhi wamphoqa ukuba ashintshe kulokho ayekushilo ngokuqondene nemfuneko yokuba nomngane womshado oyedwa. Ngenxa yokuthi wenqaba ukwenza kanjalo, lomuntu ayengenise kwakhe wamkhiphela ngaphandle emvuleni eyayina.
Kodwa uthando ngoJehova luye lwanikeza abanye amandla adingekayo ukuze balalele imiyalo yakhe. Naba abanye abambalwa babo. EZaire umuntu owayengumKatolika futhi enesithembu wahlukana namabili kumakhosikazi akhe ukuze abe omunye woFakazi BakaJehova, ngisho nakuba ukwehlukana nentandokazi yakhe ngoba ingeyena ‘umfazi wobusha bakhe’ kwakuwuvivinyo olukhulu lokholo lwakhe. (IzAga 5:18) EDahomey (manje eyiBenin) umuntu owayengumWeseli kodwa elokhu enamakhosikazi amahlanu wanqoba izithiyo ezinzima kakhulu ezingokomthetho ukuze athole izehlukaniso ezazidingeka ukuze afanelekele ubhapathizo. Nokho, waqhubeka ebondla labo ababengamakhosikazi akhe kanye nabantwana babo, njengoba kwenza abanye ababehlukane namakhosikazi abo esibili. UWarigbani Whittington waseNigeria, wayengowesibili emakhosikazini amabili omyeni wakhe. Lapho esenqumile ukuthi ukujabulisa uJehova, onguNkulunkulu weqiniso, kwakuyinto ebaluleke kakhulu kuye, wabhekana nentukuthelo yomyeni wakhe kanye neyomkhaya wakubo siqu. Umyeni wakhe wamvumela ukuba ahambe, kanye nabantwana bakhe ababili, kodwa wangabasiza ngalutho ngemali—ngisho neyokukhokhela izinto zokuhamba. Nokho, wathi: ‘Azikho izinzuzo zezinto ezibonakalayo engazishiya ezingaqhathaniswa nokujabulisa uJehova.’
Kuthiwani Ngesehlukaniso?
Emazweni aseNtshonalanga isithembu asiyona into evamile, kodwa ezinye izimo zengqondo eziphikisana nemiBhalo zivamile. Esinye salezi umqondo wokuthi singcono isehlukaniso kunokuba nomshado ongajabulisi. Eminyakeni yamuva abanye boFakazi BakaJehova baqala ukuba nalomoya, befuna ukuhlukanisa ngezizathu ezinjengokuthi ‘abafanelani.’ OFakazi baye bakusingatha kanjani lokhu? Ngaso sonke isikhathi inhlangano iqhuba umkhankaso wentshiseko wemfundo ephathelene nombono kaJehova ngesehlukaniso ukuze kuzuziswe oFakazi abangomakadebona kanye namakhulu ezinkulungwane anezelwa ezinhlwini zabo unyaka ngamunye.
Yiziphi iziqondiso zeBhayibheli INqabayokulinda eyadonsela ukunakekela kuzo? Phakathi kwezinye, kwakunalezi ezilandelayo: Emlandweni weBhayibheli womshado wokuqala wabantu, kwagcizelelwa ukuba munye kwendoda nomfazi; uthi: ‘Indoda inamathele kumkayo; bayakuba-nyamanye.’ (Gen. 2:24) Kamuva, kwa-Israyeli, uMthetho wawukwenqabela ukuphinga futhi wawuthi bonke ababekwenza kwakumelwe bafe. (Dut. 22:22-24) Ukwehlukanisa ngezizathu ezingezona ezokuphinga kwakuvunyelwa, kodwa ‘kwakungenxa’ nje ‘yobulukhuni bezinhliziyo zabo,’ njengoba uJesu achaza. (Math. 19:7, 8) UJehova wawubheka kanjani umkhuba wokuba umuntu alahle umngane wakhe womshado ukuze ashade nomunye? UMalaki 2:16 uthi: “Ngiyakuzonda ukwahlukana.” Nokho, wayebavumela labo abahlukanisile ukuba bahlale besebandleni kwa-Israyeli. Lapho, uma bamukela ukuyala kukaJehova abantu bakhe, izinhliziyo zabo ezingamatshe ngokuhamba kwesikhathi zazingase zithambe, zibonise uthando oluqotho ngezindlela zakhe.—Qhathanisa noHezekeli 11:19, 20.
INqabayokulinda iye yaphawula kaningi ukuthi lapho uJesu ekhuluma ngesehlukaniso njengoba sasenziwa kwa-Israyeli wasendulo, wabonisa ukuthi kwakumelwe kumiswe indinganiso ephakeme kakhudlwana phakathi kwabalandeli bakhe. Wathi uma noma ubani ehlukanisa nomkakhe kungengasizathu sokufeba (por·neiʹa, “ubuhlobo bobulili obungemthetho”) futhi eshada nomunye, wayeyobe uyaphinga; futhi ngisho noma engaphindanga washada, wayeyobe wenza umkakhe abe sesimweni sokuphinga. (Math. 5:32; 19:9) Ngakho, INqabayokulinda iye yaveza ukuthi kumaKristu noma yikuphi ukwehlukanisa kuyindaba engathi sína kunokuba yayinjalo kwa-Israyeli. Nakuba imiBhalo ingasho ukuthi wonke umuntu othola isehlukaniso axoshwe ebandleni, labo abaphingayo futhi bangaphenduki bayasuswa ekuhlanganyeleni namabandla oFakazi BakaJehova.—1 Kor. 6:9, 10.
Kuye kwenzeka izinguquko ezinkulu eminyakeni yamuva ezimweni zengqondo zezwe ngokuqondene nomshado nokuphila komkhaya. Naphezu kwalokhu, oFakazi BakaJehova baye baqhubeka bebambelele ezindinganisweni ezinikezwa uNkulunkulu, uMsunguli womshado, njengoba zivezwe eBhayibhelini. Besebenzisa lezoziqondiso, baye bazama ukusiza abantu abanhliziyo ziqotho ukuba bakwazi ukubhekana nezimo ezinzima abaningi abazithola bekuzo namuhla.
Ngenxa yalokho, kuye kwenziwa izinguquko eziphawulekayo ekuphileni kwabaningi abaye bamukela imfundo yeBhayibheli abayithola koFakazi BakaJehova. Amadoda ngaphambili ayeshaya omkawo, amadoda ayengayithwali imithwalo yawo yemfanelo, amadoda ayenakekela ngokwezinto ezibonakalayo kodwa hhayi ngokomzwelo nangokomoya—izinkulungwane eziningi zabanjalo ziye zaba amadoda anothando nobaba abayinakekela kahle imikhaya yabo. Abesifazane ababezibusa ngokweqile, abesifazane ababengabanaki abantwana babo futhi bengazinakekeli bona noma amakhaya abo—abaningi balaba baye baba abafazi abahlonipha ubunhloko futhi abaphishekela inkambo ebabangela ukuba bathandwe kakhulu abayeni nabantwana babo. Intsha ngokudelela eyayingabalaleli abazali bayo futhi ingamahlongandlebe emphakathini uwonke, intsha eyayonakalisa ukuphila kwayo siqu ngezinto eyayikade izenza futhi kanjalo ibangela abazali bayo izinhliziyo ezibuhlungu—abaningi kulentsha baye baba nenjongo yokwesaba uNkulunkulu ekuphileni, futhi lokhu kuye kwayisiza ukuba ishintshe ubuntu bayo.
Yiqiniso, isici esibalulekile ukuze kube nempumelelo emkhayeni ukuthembeka komunye nomunye. Ukuthembeka kubalulekile nakobunye ubuhlobo.
Imfuneko Yokuthembeka Ihamba Ibanga Elingakanani?
OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi ukuthembeka kuyafuneka kukho konke abakwenzayo. Njengesisekelo sombono wabo, babhekisela emibhalweni enjengalena elandelayo: UJehova ngokwakhe ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ (IHu. 31:5, NW) Ngakolunye uhlangothi, uJesu wathi, uDeveli ‘unguyise wamanga.’ (Joh. 8:44) Khona-ke, kuyaqondakala ukuthi phakathi kwezinye izinto uJehova uyaluzonda ‘ulimi lwamanga.’ (IzAga 6:16, 17) IZwi lakhe liyasitshela: “Lahlani amanga, nikhulume iqiniso.” (Efe. 4:25) Futhi akukhona ukuthi amaKristu kumelwe nje akhulume iqiniso, kodwa njengomphostoli uPawulu, kudingeka ‘aziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’ (Heb. 13:18, NW) Azikho izimo zokuphila lapho oFakazi BakaJehova bengalusebenzisa khona kufaneleke olunye uhlelo lwezimiso zokuziphatha.
Lapho uJesu ehambele ekhaya lomthelisi uZakewu, lendoda yavuma ukuthi imikhuba yayo yebhizinisi yayingafanele, futhi yathatha izinyathelo zokulungisa izenzo zayo zangaphambili zokukhohlisa. (Luka 19:8) Eminyakeni yamuva, ukuze babe nonembeza abahlanzekile phambi kukaNkulunkulu, abanye abantu abaye baqala ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova baye bathatha isinyathelo esifanayo. Ngokwesibonelo, eSpain isela okwase kugxilile ukweba kulo laqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokushesha unembeza walo waqala ukulihlupha; ngakho laphindisela zonke izinto elalizebile kumqashi walo wangaphambili nakomakhelwane balo, lase liyisa ezinye emaphoyiseni. Kwadingeka lihlawule futhi lidonse isikhathi esifushane ejele, kodwa manje selinonembeza ohlanzekile. ENgilandi, ngemva nje kwezinyanga ezimbili etadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, umuntu owayentshontsha amadayimane waziyisa emaphoyiseni, amangala; ayelokhu emfuna izinyanga eziyisithupha. Phakathi neminyaka emibili nengxenye ayichitha ejele, watadisha iBhayibheli ngenkuthalo futhi wafunda ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye. Ngemva kokuba esekhululiwe wafuna ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.—Efe. 4:28.
Idumela loFakazi BakaJehova lokwethembeka liyaziwa. Abaqashi bathola ukuthi akukhona nje ukuthi oFakazi ngeke babantshontshele kodwa futhi ngeke baqambe amanga noma babhale amanga emabhukwini lapho betshelwa abaqashi babo—cha, ngeke bakwenze ngisho nalapho besongelwa ngokulahlekelwa imisebenzi. KoFakazi BakaJehova ubuhlobo obuhle noNkulunkulu bubaluleke ngaphezu kokwamukelwa yinoma imuphi umuntu. Futhi bayaqaphela ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi bakuphi noma benzani, “konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe [esiyolandisa] kuye.”—Heb. 4:13; IzAga 15:3.
E-Italy iphephandaba i-Stampa lasho lokhu ngoFakazi BakaJehova: “Bayakwenza abakushumayelayo . . . Izindinganiso zokuziphatha zothando ngomakhelwane, ukwenqaba izikhundla zokubusa, ukungabi nabudlova nokwethembeka komuntu siqu (lokho kumaKristu amaningi ‘okuyimithetho yangeSonto’ okushunyayelwa ngayo epulpiti kuphela) kungena endleleni yabo yokuphila ‘yansuku zonke.’” Futhi e-United States, uLouis Cassels, umhleli wezenkolo we-United Press International, eWashington, D.C., wabhala: “OFakazi babambelela ezinkolelweni zabo ngokwethembeka okukhulu, ngisho nalapho ukwenza kanjalo kusho ukulahlekelwa okukhulu.”
Isizathu Sokuba Ukugembula Kungabi Inkinga Phakathi Kwabo
Ezikhathini ezidlule, ukuthembeka ngokuvamile kwakuhlanganiswa nokuzimisela ukusebenza kanzima. Ukugembula, okusho, ukufaka isamba semali ethile ekubhejeleni umphumela womdlalo othile noma isenzakalo esithile, kwakubukelwa phansi yiwo wonke umphakathi. Kodwa njengoba umoya wobugovu, wokufuna ukuceba wawuqala ukuba khona ekhulwini lama-20, ukugembula—okusemthethweni nokungemthetho—kwasabalala. Akuxhaswa kuphela abantu abenza ubugebengu obuhleliwe kodwa ngokuvamile kuxhaswa amasonto kanye nohulumeni bezwe ukuze bandise imali. OFakazi BakaJehova baye babhekana kanjani nalolushintsho lwesimo sengqondo emphakathini? Ngesisekelo sezimiso zeBhayibheli.
Njengoba kuye kwavezwa ezincwadini zabo, awukho umyalo okhethekile eBhayibhelini othi, Ungagembuli. Kodwa isithelo sokugembula sihlale sisibi, futhi lesithelo esibolile siye sadalulwa INqabayokulinda ne-Phaphama! kuyo yonke ingxenye yekhulu leminyaka. Ngaphezu kwalokho, labomagazini baye babonisa ukuthi ukugembula kwanoma yiluphi uhlobo kuhilela izimo zengqondo iBhayibheli elixwayisa ngazo. Ngokwesibonelo, ukuthanda imali: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi.” (1 Thim. 6:10) Nobugovu: “Ungafisi [ngobugovu, NW] . . . nokunye okomakhelwane wakho.” (Dut. 5:21; qhathanisa neyoku-1 Korinte 10:24.) Kanye nokuhaha: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma . . . engohahayo.” (1 Kor. 5:11) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lixwayisa ngokucela ‘eNhlanhleni’ njengokungathi uhlobo oluthile lwamandla angaphezu kwawemvelo lungasenzela umusa. (Isaya 65:11) Ngenxa yokuthi bayazisebenzisa lezixwayiso ezingokomBhalo, oFakazi BakaJehova bakugwema ngokuqinile ukugembula. Futhi kusukela ngo-1976 baye benza umzamo okhethekile wokugwema ukuba phakathi kwabo kube nabamisebenzi yabo yokuziphilisa ibaphawula ngokucacile njengengxenye yeqembu labagembuli.
Ukugembula akukaze kube inkinga yangempela phakathi koFakazi BakaJehova. Bayazi ukuthi esikhundleni sokukhuthaza umoya wokuceba abanye bebe belahlekelwa, iBhayibheli libakhuthaza ukuba basebenze ngezandla zabo, ukuba bathembeke ekunakekeleni lokho abakuphathisiwe, babe abaphayo, ukuba babelane nabasweleyo. (Efe. 4:28; Luka 16:10; Roma 12:13; 1 Thim. 6:18) Ingabe abanye abantu abasebenzelana nabo bakuqaphela kalula lokhu? Yebo, ikakhulukazi labo abasebenzelana nabo kwezebhizinisi. Kuye kwaba into evamile ukuba abaqashi bezwe bafune oFakazi BakaJehova ukuba babe izisebenzi zabo ngoba bayazi ukuthi bayacophelela futhi banokwethenjelwa. Bayaqaphela ukuthi yinkolo yoFakazi ebenza babe uhlobo lwabantu abayilo.
Kuthiwani Ngogwayi Nokusebenzisa Kabi Izidakamizwa?
IBhayibheli alikhulumi ngogwayi, njengoba lingakhulumi ngezinye izidakamizwa eziningi ezisetshenziswa kabi osukwini lwethu. Kodwa liyazinikeza iziqondiso eziye zasiza oFakazi BakaJehova ukuba banqume ukuthi iyiphi inkambo yokuziphatha eyojabulisa uNkulunkulu. Ngakho, emuva ngo-1895, lapho INqabayokulinda (yesiNgisi) ikhuluma ngokusetshenziswa kukagwayi, yadonsela ukunakekela kweyesi-2 Korinte 7:1, ethi: “Lokhu sinalezozithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.”
Eminyakeni eminingi lesoseluleko sabonakala sanele. Kodwa njengoba izinkampani zikagwayi zisebenzisa ezokukhangisa ukuze zikhazimulise ukubhema, kwasabalala nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa “ezingemthetho,” kwadingeka okwengeziwe. Kwaqokonyiswa ezinye izimiso zeBhayibheli: ukuhlonipha uJehova, uMniki-kuphila (IzE. 17:24, 25); uthando ngomakhelwane (Jak. 2:8), kanye nephuzu lokuthi umuntu ongamthandi umakhelwane wakhe akamthandi ngempela uNkulunkulu (1 Joh. 4:20); kanye nokulalela ababusi bezwe (Thithu 3:1). Kwavezwa ukuthi igama lesiGreki elithi phar·ma·kiʹa, ngokuyisisekelo elisho ukuthi “druggery,” lasetshenziswa abalobi beBhayibheli lapho bebhekisela “emkhubeni wokusebenzisa imimoya” ngenxa yokusetshenziswa kwezidakamizwa emikhubeni yokusebenzisa imimoya.—Gal. 5:20, NW.
Emuva ngo-1946, umagazini i-Consolation wadalula uhlobo ngokuvamile olukhohlisayo lwezinkulumo zabantu abakhokhelwayo ezisetshenziswa ekukhangiseni ngogwayi. Njengoba kwakutholakala ubufakazi obungokwesayensi, umagazini owalandela i-Consolation, i-Phaphama!, nawo wakhipha ubufakazi bokuthi ugwayi ubangela umdlavuza, isifo senhliziyo, ukulimala komntwana ongakazalwa wowesifazane okhulelwe, kanye nokulimala kwabangabhemi abaphoqelekile ukuba bahogele umoya ogcwele intuthu, kanye nobufakazi bokuthi i-nicotine iyalutha. Kwadonselwa ukunakekela emphumeleni odakayo wensangu nasebufakazini bokuthi ukuyisebenzisa kungaholela ekonakaleni kobuchopho. Ngokufanayo izingozi ezinkulu zezinye izidakamizwa eziluthayo kuye kwakhulunywa ngazo ngokuphindaphindiwe ukuze kuzuze abafundi bezincwadi ze-Watch Tower.
Esikhathini eside ngaphambi kokuba izinhlangano zikahulumeni zivumelane ngezinga okwakufanele zibaxwayise ngalo abantu ngengozi yokusebenzisa ugwayi, INqabayokulinda (yesiNgisi), kumagazini ka-March 1, 1935, yayicacisile ukuthi akekho umuntu owayesebenzisa ugwayi owayengaba ilungu lezisebenzi zasendlunkulu ye-Watch Tower Bible and Tract Society noma abe omunye wabameleli bayo abamisiwe. Ngemva kokuba zonke izinceku emabandleni oFakazi BakaJehova sezimiswa iNhlangano (okuyilungiselelo elaqala ngo-1938), INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 1, 1942, yathi ukwenqatshelwa kokusebenzisa ugwayi kwakusebenza nakuzo zonke lezinceku ezimisiwe. Kwezinye izindawo kwadlula iminyaka eminingi ngaphambi kokuba lokhu kusetshenziswe ngokugcwele. Nokho, iningi loFakazi BakaJehova lasabela kahle eselulekweni esingokomBhalo nasesibonelweni esihle salabo ababehola phakathi kwabo.
Njengesinyathelo sokuya phambili ekusebenziseni ngokungaguquki lesoseluleko seBhayibheli, kusukela ngo-1973 kuqhubeke akekho owayesaqhubeka ebhema owayemukelwa ukuba abhapathizwe. Phakathi nezinyanga ezalandela, labo ababehileleke ngokuqondile ekukhiqizeni ugwayi noma ekukhuthazeni ukuthengiswa kukagwayi basizwa ukuba baqaphele ukuthi abanakuqhubeka benza lokho kodwa bamukelwe njengoFakazi BakaJehova. Iseluleko seZwi likaNkulunkulu kumelwe sisetshenziswe ngokungaguquki kuzo zonke izici zokuphila. Ukusetshenziswa okunjalo kwezimiso zeBhayibheli ekusetshenzisweni kukagwayi, insangu, nalokho okuthiwa izidakamizwa ezinamandla kuye kwabavikela oFakazi. Besebenzisa imiBhalo, baye bakwazi nokusiza izinkulungwane eziningi zabantu ezikuphila kwazo kwakonakaliswa ukusebenzisa kabi izidakamizwa.
Ingabe Iziphuzo Ezidakayo Zihlukile?
Izincwadi ze-Watch Tower azizange ziwamukele umbono wokuthi ukusetshenziswa kophuzo oludakayo kuyafana nokusebenzisa kabi izidakamizwa. Ngani? Ziyachaza: UMdali uyazi ukuthi senziwa kanjani, futhi iZwi lakhe liyakuvumela ukusetshenziswa ngokulinganiselwe kweziphuzo ezidakayo. (IHu. 104:15; 1 Thim. 5:23) Kodwa iBhayibheli lixwayisa ‘nangokuphuza ngokweqile,’ futhi likulahla ngokuqinile ukudakwa.—IzAga 23:20, 21, 29, 30; 1 Kor. 6:9, 10; Efe. 5:18.
Ngenxa yokuthi ukusetshenziswa ngokungalinganiselwe kweziphuzo ezidakayo kwakonakalisa ukuphila kwabantu abaningi, uCharles Taze Russell ngokwakhe wayethi aziyekwe ngokuphelele. Nokho, wavuma ukuthi uJesu walisebenzisa iwayini. Phakathi nekhulu le-19 nasengxenyeni yokuqala yekhulu lama-20, kwakunesiyaluyalu esikhulu emphakathini sokuba utshwala bunqatshelwe ngokomthetho e-United States. INqabayokulinda yazwelana ngokukhululekile nalabo ababezama ukulwisana nokulimala okubangelwa utshwala, kodwa ayizange ihlanganyele emkhankasweni wabo wokumiswa kwemithetho ebunqabelayo. Nokho, lomagazini wakhomba ngokungaguquki emonakalweni obangelwa ukuzitika ngokweqile futhi wabonisa kaningi ukuthi kungaba ngcono ukuligwema ngokuphelele iwayini notshwala. Labo ababenomuzwa wokuthi babusebenzisa ngokulinganisela utshwala bakhuthazwa ukuba bacabangele incwadi yabaseRoma 14:21, ethi: “Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.”
Nokho, ngo-1930, lapho umphathi we-Anti-Saloon League e-United States esekusho nasobala ukuthi inhlangano yakhe ‘yayivela kuNkulunkulu,’ uJ. F. Rutherford, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngalesosikhathi, wasebenzisa lelithuba ukuze abeke izinkulumo emsakazweni ebonisa ukuthi inkulumo enjalo yayifana nokumnyundela uNkulunkulu. Ngani? Ngoba iZwi likaNkulunkulu alikwenqabeli konke ukusetshenziswa kwewayini; ngoba imithetho evimbelayo yayingakuqedi ukudakwa, okuyikhona uNkulunkulu akulahlayo; nangenxa yokuthi, esikhundleni salokho, imithetho evimbelayo yayibangele ukuba kuthengiswe utshwala obungemthetho futhi kube nokonakala ezikhulwini zikahulumeni.
Ukusetshenziswa kophuzo oludakayo noma ukuluyeka kubhekwa njengendaba yomuntu siqu phakathi koFakazi BakaJehova. Kodwa babambelela emfunekweni engokomBhalo yokuthi ababonisi kumelwe babe ‘abalinganiselayo emikhubeni.’ Lawomazwi ahunyushwa esuselwa egameni lesiGreki elithi ne·phaʹli·on, ngokwezwi nezwi, elisho ukuba ‘olinganiselayo, ongeqisi; oyeka iwayini, ngokuphelele noma ukusetshenziswa kwalo ngokungalinganiseli.’ Nezinceku ezikhonzayo akumelwe zibe amadoda “anaka kakhulu iwayini.” (1 Thim. 3:2, 3, 8) Ngakho, abantu abaphuza ngokweqile abawafanelekeli amalungelo akhethekile enkonzo. Iphuzu lokuthi labo abaholayo phakathi koFakazi BakaJehova babeka isibonelo esihle libenza bakhulume ngokukhululekile lapho besiza abanye okungenzeka bancika ophuzweni oludakayo ukuze babhekane nokucindezeleka, noma eqinisweni, okungenzeka kudingeka baluyeke ngokuphelele ukuze bahlale behluzekile engqondweni. Iba yini imiphumela?
Ngokwesibonelo, umbiko wezindaba ovela eningizimu yenkaba ye-Afrika uthi: “Ngokwakho konke ukulandisa, ezindaweni lapho oFakazi BakaJehova bebaningi khona phakathi kwama-Afrika manje ziyizindawo ezingenazo izinkinga ngokwesilinganiso. Ngokuqinisekile baye bamelana ngamandla nababangela izinxushunxushu, ubuthakathi, ubudakwa kanye nobudlova banoma yiluphi uhlobo.”—The Northern News (Zambia).
Enye indlela ebalulekile ukuziphatha koFakazi BakaJehova okuhluke ngayo kokwezwe iphathelene nalokhu—
Inhlonipho Ngokuphila
Inhlonipho enjalo isekelwe ekuqapheleni iqiniso lokuthi ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu. (IHu. 36:9; IzE. 17:24, 25) Ihlanganisa ukuqaphela ukuthi ngisho nokuphila kongakazalwa kuyigugu emehlweni kaNkulunkulu. (Eks. 21:22-25; IHu. 139:1, 16) Iyakuqaphela ukuthi “yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.
Ngokuvumelana nalezimiso zeBhayibheli, oFakazi BakaJehova ngokungaguquki baye bawugwema umkhuba wokukhipha isisu. Ukuze unikeze isiqondiso esinengqondo kubafundi bawo, umagazini i-Phaphama! uye wabasiza ukuba baqaphele ukuthi ubumsulwa buyimfuneko yaphezulu; uye waxoxa kabanzi ngezimangaliso zenqubo yokuzala kanye nezici ezingokwengqondo nezingokomzimba ezihilelekile ekuzaleni. Enkathini engemva kweMpi Yezwe II, njengoba ukukhishwa kwezisu kwakuqhubeka kuba okuvamile, INqabayokulinda yakubonisa ngokucacile ukuthi lomkhuba uphambene neZwi likaNkulunkulu. Ungagudl’ iguma, umagazini ka-June 1, 1970 (December 15, 1969, ngesiNgisi), wathi: ‘Ukukhipha isisu ukuze nje kususwe umntwana ongafuneki kuyafana nokubulala umuntu ngamabomu.’
Isizathu Sokwenqaba Ukumpontshelwa Igazi
Inhlonipho oFakazi BakaJehova abanayo ngokuphila iye yathinta nesimo sabo sengqondo ngokumpontshelwa igazi. Lapho ukumpontshelwa igazi kuba inkinga ababhekana nayo, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-July 1, 1945, yawuchaza kabanzi umbono wobuKristu ngobungcwele begazi.c Yabonisa ukuthi kokubili igazi lezilwane nelabantu lalihlanganisiwe emthethweni waphezulu ovimbelayo owawubopha uNowa nayo yonke inzalo yakhe. (Gen. 9:3-6) Yaveza ukuthi lemfuneko yabuye yagcizelelwa ekhulwini lokuqala emyalweni wokuthi amaKristu ‘ayeke igazi.’ (IzE. 15:28, 29) Sona lesosihloko sakucacisa ngokusekelwe emBhalweni ukuthi ukusetshenziswa kwegazi emhlatshelweni yikho kuphela uNkulunkulu ayekwamukela, nokuthi njengoba imihlatshelo yezilwane okwakunikelwa ngayo ngaphansi koMthetho kaMose yayifanekisela umhlatshelo kaKristu, ukungayinaki imfuneko yokuba amaKristu ‘ayeke igazi’ kwakuyoba ubufakazi bendelelo enkulu ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. (Lev. 17:11, 12; Heb. 9:11-14, 22) Ngokuvumelana nalokho kuqondwa kwezindaba, kusukela ngo-1961 noma obani ababengayinaki lemfuneko yaphezulu, bamukele ukumpontshelwa igazi, futhi babonise isimo sengqondo sokungaphenduki amabandla oFakazi BakaJehova ayebasusa ekuhlanganyeleni.
Ekuqaleni, imiphumela yokusabela komzimba ekumpontshelweni igazi kwakungakhulunywa neze ngayo ezincwadini ze-Watch Tower. Kamuva, lapho ukwaziswa okunjalo sekutholakala, nakho kwakhishwa—hhayi njengesizathu esenza oFakazi BakaJehova benqabe ukumpontshelwa igazi kodwa ukuze kuqiniswe ukwazisa kwabo ngokunqabela okubekwe uNkulunkulu uqobo ekusetshenzisweni kwegazi. (Isaya 48:17) Ukuze kufezwe lokho, ngo-1961 kwakhishwa incwajana efakazelwe ngokucophelela ngezinye izincwadi ethi Blood, Medicine and the Law of God. Ngo-1977 kwanyatheliswa enye incwajana. Lena, yayinesihloko esithi Jehovah’s Witnesses and the Question of Blood, yaphinde yagcizelela iphuzu lokuthi ukuma okuthathwa oFakazi BakaJehova kungokwenkolo, kusekelwe kulokho iBhayibheli elikushoyo, futhi akuncikile ezicini eziyingozi zezokwelapha. Okunye ukuthuthukiswa kwalendaba kwanikezwa ngo-1990 encwajaneni ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? Besebenzisa lezincwadi, oFakazi BakaJehova baye benza umzamo omkhulu wokwenza odokotela babambisane nabo futhi babasize ukuba baqonde ukuma koFakazi. Nokho, eminyakeni eminingi ukumpontshelwa igazi bekulokhu kuhlonishwa kakhulu izisebenzi zezokwelapha.
Ngisho nalapho oFakazi BakaJehova bebatshela odokotela ukuthi akukho lutho olungokwenkolo olumelene nendlela yokwelapha ehlukile, ukwenqaba ukumpontshelwa igazi kuye kwaba nzima. Ngokuvamile, kuye kwasetshenziswa ukucindezela okukhulu koFakazi nemikhaya yabo ukuze bathobele lokho ngalesosikhathi okwakuyindlela evamile yokwelapha. EPuerto Rico, ngo-November ka-1976, u-Ana Paz de Rosario owayeneminyaka engu-45 ubudala wakuvuma ukuhlinzwa nokwelashwa okwakudingeka kodwa wacela ukuba ngenxa yezinkolelo zakhe ezingokwenkolo, igazi lingasetshenziswa. Nokho, amaphoyisa amahlanu nabahlengikazi abathathu bangena egumbini ayekulo esibhedlela ngemva kwamabili, bephethe imvume yenkantolo, bambophela embhedeni, futhi bamfakela igazi ngenkani, ngokuphambene nezifiso zakhe nezomyeni wakhe nabantwana. Waquleka futhi wafa. Lesisimo kwakungesona esingavamile, futhi akukhona ePuerto Rico kuphela lapho kwakwenzeka khona izenzo zobudlova ezinjalo.
EDenmark, abazali abangoFakazi babefunwa amaphoyisa ngo-1975 ngoba benqabe ukuvumela ukuba umfana wabo omncane ampontshelwe igazi ngenkani, kodwa kunalokho, befune indlela yokwelapha ehlukile. E-Italy, ngo-1982, umbhangqwana othile ngothando owawufunele indodakazi yawo eyayinesifo esingalapheki usizo lwezokwelapha emazweni amane wagwetshwa iminyaka engu-14 ejele ngecala lokubulala ngemva kokufa kwalentombazane lapho isampontshelwa igazi ngemvume yenkantolo.
Ngokuvamile, ngokuqondene nemizamo yokuphoqelela ukumpompela kubantwana boFakazi BakaJehova, abezindaba baye babangela ukuba kube nobutha obukhulu emphakathini. Kwezinye izimo, ngisho nangaphandle kokuqulwa kwecala okungokomthetho abazali ababengakhuluma kukho, amajaji aye agunyaza ukuba abantwana babo bampontshelwe igazi. Nokho, ezimweni ezingaphezu kwezingu-40 eCanada abantwana abaye bampontshelwa igazi baye babuyiselwa kubazali babo befile.
Akubona bonke odokotela namajaji abavumelanayo nalezindlela zobudlova. Abambalwa baqala ukwenza kube nesimo sengqondo esiwusizo. Abanye odokotela basebenzisa amakhono abo ukuze banikeze ukwelapha ngaphandle kwegazi. Lapho benza lokho, bazuza okuhlangenwe nakho okuningi kuzo zonke izinhlobo zokuhlinza ngaphandle kwegazi. Kancane kancane kwabonisa ukuthi zonke izinhlobo zokuhlinza zingenziwa ngokuphumelelayo, kubantu abadala nasezinsaneni, ngaphandle kokumpontshelwa igazi.d
Ukuze bavimbele izimpikiswano ezingadingekile ezimweni eziphuthumayo, ekuqaleni kwawo-1960 oFakazi BakaJehova baqala ukuhambela ngokukhethekile odokotela babo ukuze baxoxe ngokuma kwabo futhi babanikeze nezincwadi ezifanele. Kamuva bacela ukuba amazwi abhalwe phansi agcinwe emafayelini abo siqu ezokwelapha achaza ukuthi lingaze lampontshelwa nanini igazi kubo. Ngawo-1970, bonke bakwenza umkhuba ukuba lihlale likubo ikhadi eliqaphelisa izisebenzi zezokwelapha iphuzu lokuthi akumelwe bafakelwe igazi ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Ngemva kokuthintana nodokotela nabameli, uhlobo lwekhadi lwalungiswa ukuze libe incwadi engokomthetho.
Ukuze kusekelwe oFakazi BakaJehova kulokhu kuzimisela kokuvimbela ukuba bampontshelwe igazi, ukuze kucaciswe noma yikuphi ukuqondwa kabi ngodokotela nezibhedlela, futhi ukuze kwenziwe kube nomoya wokubambisana ngokwengeziwe phakathi kwezinhlangano zezokwelapha neziguli ezingoFakazi, ngokuqondisa kweNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova kuye kwamiswa amaKomiti Okuxhumana Nezibhedlela. Kusukela kwayingcosana amakomiti anjalo ayekhona ngo-1979, inani lawo landa lafinyelela kwangaphezu kwangu-800 emazweni angaphezu kwangu-70. Abadala abathile baye baqeqeshwa futhi banikeza inkonzo enjalo eNyakatho Melika, eMpumalanga Ekude, emazweni amakhulu aseNingizimu Pacific, eYurophu, naseLatin America. Ngaphezu kokuchaza ukuma koFakazi BakaJehova, labadala baqaphelisa izisebenzi zasezibhedlela iphuzu lokuthi kunezindlela ezihlukile zokwelapha eziphumelelayo ezingase zisetshenziswe esikhundleni sokufakwa kwegazi. Ezimweni eziphuthumayo bayasiza ekuxhumaniseni odokotela ababona isiguli kuqala kanye nodokotela abahlinzayo abaye basingatha izimo ezifanayo koFakazi ngaphandle kwegazi. Lapho kudingeke khona, lamakomiti awagcinanga ngokuhambela izisebenzi zasezibhedlela kuphela kodwa ahambela namajaji ayehileleke emacaleni lapho izibhedlela ziye zafuna khona izimvume zenkantolo zokumpompela igazi.
Lapho inhlonipho ngenkolelo yabo engokwenkolo ngokuqondene nobungcwele begazi ingenakuqinisekiswa ngezinye izindlela, oFakazi BakaJehova, ngezinye izikhathi, baye bamangalela odokotela nezibhedlela ezinkantolo. Ngokuvamile basuke nje befuna umthetho wesikhashana ovimbela ukuba baphathwe kabi noma ovimbela imvume yenkantolo. Nokho eminyakeni yamuva baye bavula amacala okufuna ukunxeshezelwa bemangalela odokotela nezibhedlela eziye zabaphatha ngobudlova. Ngo-1990 iNkantolo Yokudlulisela Amacala Yase-Ontario, eCanada, yasekela icala elinjalo lokufuna ukunxeshezelwa ngoba udokotela wayelishaye indiva ikhadi elalisesikhwaneni sesiguli elalisho ngokucacile ukuthi lowoFakazi wayengenakwamukela ukumpontshelwa igazi ngaphansi kwanoma iziphi izimo. E-United States, kusukela ngo-1985, okungenani ayishumi amacala anjalo okufuna ukunxeshezelwa aye avulwa ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe, futhi ngokuvamile labo abamangalelwe baye banquma ukuyikhokha bengayanga enkantolo imali eshiwo kunokuba babhekane nethuba lokuba amajaji abize imali engaphezulu yesinxephezelo. OFakazi BakaJehova bazimisele ngokugcwele ukulalela ukwenqabela kwaphezulu ekusetshenzisweni kwegazi. Abakuthandi ukumangalela odokotela ezinkantolo, kodwa bayokwenza uma kudingeka ukuze babavimbele ekukuphoqeleleni koFakazi ukwelashwa okuphikisana nezimiso zabo zokuziphatha.
Umphakathi uya uziqaphela ngokwengeziwe izingozi ezihilelekile ekumpontshelweni igazi. Ngokwengxenye, lokhu kubangelwa ukwesaba ingculaza. Nokho, oFakazi bashukunyiswa isifiso esiqotho sokujabulisa uNkulunkulu. Ngo-1987 iphephandaba lezokwelapha lansuku zonke lesiFulentshi i-Quotidien du Médecin lathi: “Mhlawumbe oFakazi BakaJehova benza kahle ngokwenqaba ukusebenzisa izinto ezenziwe ngegazi, ngoba kuyiqiniso ukuthi inani elikhulu lamagciwane lingadluliselwa ngokumpontshelwa igazi.”
Ukuma okuthathwa oFakazi BakaJehova akusekelwe olwazini lwezokwelapha oluphakeme kakhulu olusungulwe yibo. Bamane nje bayaqiniseka ukuthi indlela kaJehova ilungile nokuthi ‘akayikuzigodlela okuhle’ izinceku zakhe eziqotho. (IHu. 19:7, 11; 84:11, NW) Ngisho nakuba uFakazi engase afe ngenxa yokulahlekelwa igazi—futhi lokhu kuye kwenzeka ngezinye izikhathi—oFakazi BakaJehova baqiniseka ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu akabakhohlwa abathembekileyo bakhe kodwa uyobabuyisela ekuphileni ngovuko.—IzE. 24:15.
Lapho Abantu Bekhetha Ukungazinaki Izindinganiso ZeBhayibheli
Izigidi zabantu ziye zatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, kodwa akuzona zonke eziye zaba oFakazi. Lapho abantu abathile bethola ukuthi yiziphi izindinganiso ezisebenzayo, bayanquma ukuthi lolu akulona uhlobo lokuphila abalufunayo. Bonke ababhapathizwayo baqale banikezwe imfundo egcwele yezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli, futhi ngemva kwalokho (ikakhulukazi kusukela ngo-1967) abadala ebandleni babukeza izimfundiso ezinjalo nomuntu ngamunye ozobhapathizwa. Kwenziwa wonke umzamo ukuze kuqinisekiswe ukuthi labo ababhapathizwayo abagcini ngokuqonda ngokucacile imfundiso ethile kuphela kodwa baqonde nokuthi ukuziphatha kobuKristu kuhilelani. Nokho, kuthiwani uma abanye balaba kamuva bevumela ukuthanda izwe kubabangele ukuba bone ngokungathi sína?
Emuva ngo-1904, encwadini ethi The New Creation, kwagxiliswa ukunakekela esidingweni sokuthatha isinyathelo esifanelekile ukuze kungavunyelwa ukwehliswa kwezindinganiso zokuziphatha ebandleni. Kwaxoxwa ngokuqonda abaFundi BeBhayibheli ababenakho ngalesosikhathi ngokuphathelene nenqubo yokusebenzelana nabenzi bobubi njengoba ivezwe kuMathewu 18:15-17. Ngokuvumelana nalokhu, nakuba kwakungavamile, kwakuba ‘namacala ebandla’ lapho ubufakazi bokona emacaleni amabi kakhulu babunikezwa phambi kwalo lonke ibandla. Eminyakeni ethile kamuva, INqabayokulinda (yesiNgisi), kumagazini ka-May 15, 1944, yabukeza lendaba ngombono walo lonke iBhayibheli futhi yabonisa ukuthi izindaba ezinjalo ezithinta ibandla kufanele zisingathwe abazalwane abanokwethenjelwa abaphathiswe ukuphatha ibandla. (1 Kor. 5:1-13; qhathanisa noDuteronomi 21:18-21.) Lokhu, ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-March 1, 1952, kwalandelwa izihloko ezazingagcizeleli nje inqubo efanelekile kodwa ezazigcizelela nesidingo sokuthatha isinyathelo sokugcina inhlangano ihlanzekile. Ngokuphindaphindiwe kusukela ngalesosikhathi, lendaba ibilokhu icatshangelwa. Kodwa izinjongo azizange zishintshe: (1) ukugcina inhlangano ihlanzekile (2) nokugcizelela kumenzi wobubi isidingo sokuphenduka ngobuqotho, ngenjongo yokumbuyisa.
Ekhulwini lokuqala, kwakunabanye ababelahle ukholo ngenxa yokuphila okuxekethile. Abanye bachezuka ngenxa yezimfundiso zezihlubuki. (1 Joh. 2:19) Okufanayo kusaqhubeka kwenzeka phakathi koFakazi BakaJehova kulelikhulu lama-20. Ngokudabukisayo, ezikhathini zamuva kuye kwadingeka ukuba kususwe ekuhlanganyeleni amashumi ezinkulungwane zabenzi bobubi abangaphenduki unyaka ngamunye. Abadala abavelele baye baba phakathi kwabo. Kusebenza izimfuneko ezifanayo ezingokomBhalo kubo bonke. (Jak. 3:17) OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi ukulondoloza inhlangano ehlanzekile ngokokuziphatha kubalulekile ukuze baqhubeke bevunyelwa uJehova.
Ukumbatha Ubuntu Obusha
UJesu wanxusa abantu ukuba bangahlanzeki ngaphandle kuphela kodwa nangaphakathi. (Luka 11:38-41) Wabonisa ukuthi izinto esizishoyo nesizenzayo zibonisa lokho okusezinhliziyweni zethu. (Math. 15:18, 19) Njengoba umphostoli uPawulu achaza, uma sifundiswa uKristu ngempela, ‘siyokwenziwa basha emoyeni wezingqondo zethu’ futhi ‘siyokwembatha [ubuntu obusha] obadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’ (Efe. 4:17-24) Labo abafundiswa uKristu bafuna ukuba “nesimo sengqondo uKristu Jesu ayenaso” ukuze bacabange futhi benze njengoba enza. (Roma 15:5, NW) Ukuziphatha koFakazi BakaJehova njengabantu ngabanye kubonisa izinga abaye bakwenza ngalo lokho.
OFakazi BakaJehova abalokothi bathi ukuziphatha kwabo akunaphutha. Kodwa baqotho emizamweni yabo yokuba abalingisi bakaKristu njengoba benza ngokuvumelana nendinganiso ephakeme yeBhayibheli yokuziphatha. Abakuphiki ukuthi kunabanye abantu abazisebenzisayo izindinganiso eziphakeme zokuziphatha ekuphileni kwabo. Kodwa oFakazi BakaJehova, akukhona ukuthi baqashelwa kalula ngokuziphatha kwabo okuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli njengabantu ngabanye kuphela kodwa nanjengenhlangano yezizwe zonke. Bashukunyiswa iseluleko esiphefumlelwe esilotshwe kweyoku-1 Petru 2:12: “Nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi . . . ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu.”
[Imibhalo yaphansi]
a Ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-October 15, 1941, kwabuye kwakhulunywa ngalendaba, ngendlela ethe ukufushaniswa, ngaphansi kwesihloko esithi “Ubuntu Noma Ubuqotho—Yikuphi?”
b INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-April 15, 1951, yachaza ubufebe ngokuthi “ukuba nobuhlobo bobulili ngokuzithandela komuntu ongashadile nomuntu wobulili obuhlukile.” Umagazini (wesiNgisi) ka-January 1, 1952, wanezela ukuthi ngokomBhalo leligama lingasebenza nasekuziphatheni okubi ngokobulili komuntu oshadile.
c Izingxoxo zangaphambili eziphathelene nobungcwele begazi zakhishwa ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 15, 1927, kanye naku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 1, 1944, ezakhuluma ngokuqondile ngokumpontshelwa igazi.
d Contemporary Surgery, March 1990, kk. 45-9; The American Surgeon, June 1987, kk. 350-6; Miami Medicine, January 1981, k. 25; New York State Journal of Medicine, October 15, 1972, kk. 2524-7; The Journal of the American Medical Association, November 27, 1981, kk. 2471-2; Cardiovascular News, February 1984, k. 5; Circulation, September 1984.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 172]
“Banezimiso zokuziphatha eziphawulekayo”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 174]
Ingabe kwake kwangabazeka ukuthi ubungqingili babuzobhekwa kanjani?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 175]
Ukuwohloka kwemikhuba yezwe yokuziphatha akuzange kubangele oFakazi ukuba babe ngabayekelelayo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 176]
Abanye bazama ukuba ngoFakazi bengazange basilahle isithembu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 177]
Isimiso sentshiseko sokufundisa ngombono kaJehova ngesehlukaniso
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 178]
Izinguquko eziphawulekayo ekuphileni kwabantu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 181]
Ugwayi—Cha!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 182]
Uphuzo oludakayo—ngokulinganisela, uma luphuzwa
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 183]
Bazimisele ngokuqinile ukungalamukeli igazi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 187]
Ukususa ekuhlanganyeleni—ukuze inhlangano igcinwe ihlanzekile
[Ibhokisi ekhasini 173]
‘Ukuthuthukisa Ubuntu’—Izithelo Zazingezinhle Ngaso Sonke Isikhathi
Umbiko ovela eDenmark: ‘Abaningi, ikakhulukazi phakathi kwabazalwane abadala, babezama ngobuqotho ukwembatha ubuntu bobuKristu, bezama ukugwema yonke into eyayinesici esincane sokuba nobuzwe futhi ngalendlela bazenze bawufanelekele ngokwengeziwe uMbuso wasezulwini. Ngokuvamile, kwakubhekwa njengokungafaneleki ukumomotheka phakathi nemihlangano, futhi abaningi babazalwane abakhulile babegqoka amasudi amnyama, izicathulo ezimnyama, othayi abamnyama. Ngokuvamile babaneliswa ukuphila ukuphila okuthulile nokunoxolo eNkosini. Babekholelwa ukuthi kwakwanele ukuqhuba imihlangano futhi kube ama-“colporteur” kuphela ashumayelayo.’
[Ibhokisi ekhasini 179]
Lokho Abanye Abakubonayo KoFakazi
◆ I-“Münchner Merkur,” iphephandaba laseJalimane, yabika lokhu ngokuqondene noFakazi BakaJehova: “Bangabantu abakhokhela intela abathembeke ukwedlula bonke nabayiletha ngesikhathi ukwedlula bonke eFederal Republic. Ukulalela kwabo imithetho kungabonakala endleleni abashayela ngayo kanye nasezibalweni zobugebengu. . . . Bayabahlonipha labo abanegunya (abazali, othisha, uhulumeni). . . . IBhayibheli, eliyisisekelo sazo zonke izenzo zabo, yilona elibasekelayo.”
◆ Umphathi wedolobha eLens, eFrance, wathi koFakazi ngemva kokuba besebenzise inkundla yendawo lapho benomunye wemihlangano yabo: “Engikuthandayo ukuthi niyazigcina izithembiso zenu nezivumelwano enizenzayo, ngaphezu kwalokho, nicocekile, niyalawuleka, futhi nihlelekile. Ngiyawuthanda umphakathi wenu. Angizwani nokungahleleki, futhi angibathandi abantu abavele bangcolise futhi baphule izinto.”
◆ Incwadi ethi “Voices From the Holocaust” inemibiko eyayivela kothile wasePoland owasinda emakamu okuhlushwa i-Auschwitz neRavensbrück owabhala: “Ngabona abantu ababa abantu abalunge ngempela okungabantu ababezace ngokuphelele. Iqembu elalikahle ukuwedlula wonke kwakungoFakazi BakaJehova. Ngibathulela isigqoko labobantu. . . . Benzela abanye abantu izinto ezinhle. Basiza ababegula, babelana nabanye ukudla kwabo, futhi benikeza wonke umuntu owayeseduze kwabo induduzo engokomoya. AmaJalimane ayebazonda kodwa ngesikhathi esifanayo ebahlonipha. Ayebanikeza imisebenzi enzima kunayo yonke kodwa babeyamukela ngezandla ezimhlophe.”