Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jv isahl. 22 k. 444-k. 461 isig. 4
  • Ingxenye 3—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingxenye 3—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
  • OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umzamo Omkhulu Wokufinyelela Abantu Abaningi Ngezindaba Ezinhle
  • Ukumemezela Ngesibindi
  • Ukushumayela EYurophu Naphezu Koshushiso Lwesikhathi Sempi
  • Emazweni Angaphandle KwaseYurophu Phakathi Naleyominyaka Yempi
  • Isixuku Esikhulu Siqala Ukuzibonakalisa ELatin America
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ingxenye 2—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ingxenye 5—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • ‘Ukufuna UMbuso Kuqala’
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
jv isahl. 22 k. 444-k. 461 isig. 4

Isahluko 22

Ingxenye 3—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba

Umbiko wembulunga yonke wokushumayela isigijimi soMbuso kusukela ngo-1935 kuya ku-1945 usemakhasini 444 kuya ku-461. Unyaka ka-1935 ubaluleke kakhulu ngoba ngalesosikhathi kwachazwa isixuku esikhulu sesAmbulo 7:9. Ngokuqondene nokubuthwa kwaleloqembu, oFakazi BakaJehova baqala ukuqonda ukuthi iBhayibheli lalibabekela umsebenzi omkhulu ukwedlula lowo owawuwandulele. Bawenza kanjani lapho izizwe zingena shí eMpini Yezwe II futhi iningi lamazwe libavimbela noma livimbela izincwadi zabo zeBhayibheli?

NJENGOBA oFakazi BakaJehova babehlanganyela enkonzweni yabo phakathi nawo-1930, umgomo wabo kwakuwukufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngesigijimi soMbuso. Uma bebona abantu benesithakazelo esingaphezu kwesivamile, abanye babo babengase bahlale ingxenye enkulu yobusuku bechaza amaqiniso eBhayibheli bephendula nemibuzo ukuze banelise abalambile ngokomoya. Kodwa ezimweni eziningi, oFakazi babemane basebenzise izintshumayelo ezimfushane okwakuhloswe ukuba zivuse isithakazelo sabaninikhaya, bese bevumela izincwadi noma izinkulumo zeBhayibheli zifeze okusele. Umsebenzi wabo kwakuwukwazisa abantu, ukuhlwanyela imbewu yeqiniso loMbuso.

Umzamo Omkhulu Wokufinyelela Abantu Abaningi Ngezindaba Ezinhle

Umsebenzi wawenziwa ngomuzwa wokuphuthuma. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwawo-1930, lapho u-Armando Menazzi, eCórdoba, e-Argentina, efunda iqiniso leBhayibheli elalivezwe ngokucacile encwajaneni ethi Hell nethi Where Are the Dead?, wathatha isinyathelo esiwujuqu. (IHu. 145:20; UmSh. 9:5; IzE. 24:15) Eshukunyiswe yilokho ayekufundile, futhi ekhuthazwa intshiseko eyayiboniswa uNicolás Argyrós, wathengisa ngendawo yakhe yokukhanda izimoto ukuze azinikele ekushumayeleni iqiniso njengephayona. Khona-ke, ekuqaleni kwawo-1940, bekhuthazwé nguye, oFakazi eCórdoba bathenga ibhasi elidala, bafaka imibhede, futhi basebenzisa lelibhasi ekugibeliseni abamemezeli abayishumi noma ngaphezulu lapho beya ohambweni lokushumayela olwaluthatha isonto, amasonto amabili, noma ngisho nezinyanga ezintathu. Njengoba loluhambo lwaluhlelwa, abazalwane nodade abahlukile ebandleni babenikezwa ithuba lokuhamba. Ngamunye eqenjini wayenomsebenzi awabelwe—ukuhlanza, ukupheka, noma ukudoba nokuzingela ukuze kudliwe. Okungenani ezifundazweni eziyishumi zase-Argentina, leliqembu elishisekayo lalishumayela endlini ngendlu, lihlanganisa amadolobha amakhulu namancane futhi lifinyelela emapulazini asabalele.

Kwakubonakaliswa umoya ofanayo ensimini yase-Australia. Kwafakazwa kakhulu emadolobheni angasogwini ahlala abantu abaningi. Kodwa oFakazi balapho bafuna nokufinyelela abantu ababehlala ezindaweni eziqhelile. Ngakho, ngo-March 31, 1936, ukuze bafinyelele abantu emapulazini ezimvu nezinkomo asabalele emaphandleni, u-Arthur Willis noBill Newlands, baqalisa uhambo olwaba ingqikithi yamakhilomitha angu-19 710. Engxenyeni enkulu yohambo lwabo, kwakungenamigwaqo—kwakunezindledlana ezinqamula ehlane elingenamithi elishisa kakhulu nelinomoya onezintuli. Kodwa baphikelela. Nomaphi lapho bethola khona isithakazelo, babedlala izinkulumo zeBhayibheli bese beshiya izincwadi. Ngezinye izikhathi, uJohn E. (Ted) Sewell wayehamba nabo; kamuva wazikhethela ngokuzithandela ukukhonza eNingizimu-mpumalanga Asia.

Insimu eyayiqondiswa igatsha leNhlangano e-Australia yayidlulela ngalé kwe-Australia ngokwayo. Yayihlanganisa iChina neziqhingi ezingamaqoqo namazwe ayesuka eTahiti empumalanga kuya eBurma (manje eyiMyanmar) entshonalanga, ibanga elingamakhilomitha angu-13 700. Kuleyondawo kwakunezindawo ezinjengeHong Kong, i-Indochina (manje eyiCambodia, iLaos, neVietnam), iNetherlands East Indies (kuhlanganise neziqhingi zaseSumatra, eJava, eBorneo), iNew Zealand, iSiam (manje eyiThailand), neMalaya. Kwakuvamile ukuba umbonisi wegatsha, u-Alexander MacGillivray, waseScotland, amemele iphayona elishisekayo eliselisha ehhovisi lakhe, alibonise ibalazwe lensimu engaphansi kwaleligatsha, abese ebuza: ‘Uyakuthanda ukuba isithunywa sevangeli?’ Khona-ke, ekhomba endaweni okusashunyayelwe kancane noma okungakashunyayelwa kuyo, wayebuza: ‘Ungathanda ukuqalisa umsebenzi kulensimu?’

Ekuqaleni kwawo-1930, amanye alamaphayona kakade ayesenze umsebenzi omkhulu eNetherlands East Indies (manje eyi-Indonesia) naseSingapore. Ngo-1935, uFrank Dewar, waseNew Zealand, wahamba naleliqembu lamaphayona ngesikebhe okuthiwa i-Lightbearer baze bafika eSingapore. Khona-ke ngaphambi nje kokuba isikebhe siqhubekele ogwini olusenyakatho-ntshonalanga yeMalaya, uKaputeni u-Eric Ewins wathi: “Nakho-ke, Frank, sesifikile. Sizokushiya lapha. Wakhetha ukuya eSiam. Hamba kahle-ke!” Kodwa uFrank wayeseyikhohliwe indaba yaseSiam. Wayeyijabulela inkonzo yakhe ayeyenza naleliqembu elalisesikebheni. Manje wayeseyedwa.

Wama eKuala Lumpur kwaze kwaba yilapho esenemali eyanele yalo lonke uhambo, kodwa, ngenkathi elapho, wehlelwa ingozi—washayiswa yiloli egibele ibhayisikili. Ngemva kokululama, enama-dollar amahlanu kuphela, wagibela isitimela esasisuka eSingapore waya eBangkok. Kodwa ekholelwa ekutheni uJehova uyokwazi ukulungiselela, waqhubeka nomsebenzi. UClaude Goodman wayeshumayele lapho isikhathi esifushane ngo-1931; kodwa lapho uFrank efika ngo-July 1936, babengekho oFakazi ababezomhlangabeza. Nokho, phakathi neminyaka embalwa eyalandela abanye baba nengxenye emsebenzini—uWilly Unglaube, uHans Thomas, noKurt Gruber baseJalimane noTed Sewell wase-Australia. Basakaza izincwadi eziningi, kodwa eziningi zazo zazingezesiNgisi, isiShayina, nesiJapane.

Lapho incwadi ithunyelwa endlunkulu yeNhlangano ithi abazalwane babedinga izincwadi zesiThai kodwa abanaye umhumushi, uMfoweth’ uRutherford waphendula: “Angikho eThailand; yinina enilapho. Yibani nokholo kuJehova bese nisebenza ngenkuthalo, nizomthola umhumushi.” Bamthola nangempela. UChomchai Inthaphan, owayenguthisha-nhloko wesifazane ePresbyterian Girls’ School eChiang Mai, wamukela iqiniso, futhi ngo-1941 wayehumushela izincwadi zeBhayibheli olimini lwesiThai.

Ngemva kwesonto elilodwa uFrank Dewar eqale ukushumayela eBangkok, uFrank Rice, owayeqalise umsebenzi woMbuso eJava (manje eyingxenye ye-Indonesia), wafika esendleleni eya esabelweni sakhe esisha kuleyondawo ngalesosikhathi eyayiyiFrench Indochina. Njengoba ayenzile ensimini ayekuyo ngaphambili, washumayela kulabo ababekhuluma isiNgisi kuyilapho efunda ulimi lwendawo. Ngemva kokuhlanganisa iSaigon (manje eyiDolobha laseHo Chi Minh), wafundisa abantu isiNgisi ukuze athenge imoto endala ayengayisebenzisa ekufinyeleleni engxenyeni esenyakatho yezwe. Wayengakhathaleli ukunethezeka ngokwezinto ezibonakalayo kodwa ekhathalela izithakazelo zoMbuso. (Heb. 13:5) Esebenzisa imoto ayeyithengile, wafakaza emadolobheni amakhulu namancane nasemakhaya angawodwa kuze kuyofika eHanoi.

Ukumemezela Ngesibindi

Ukuze benze abantu babe nesithakazelo esigijimini soMbuso futhi baqaphele isidingo sokuthatha isinyathelo esiwujuqu, oFakazi babesebenzisa izindlela ezikhangayo emazweni amaningi. Kusukela ngo-1936 eGlasgow, e-Scotland, oFakazi babememezela izinkulumo zomhlangano ngokugqoka izingqwembe bese besakaza amapheshana ezindaweni ezinezitolo. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-1938, emhlanganweni owawuseLondon, eNgilandi, kwanezelwa esinye isici esithakazelisayo. UNathan H. Knorr no-Albert D. Schroeder, kamuva abakhonza eNdikimbeni Ebusayo, bahola ekumasheni koFakazi abacishe babe inkulungwane esifundeni esiyinhloko samabhizinisi eLondon. Bonke ababemasha babefake uqwembe olwalumemezela inkulumo yeningi ethi “Bhekana Namaqiniso,” eyayizobekwa uJ. F. Rutherford eRoyal Albert Hall. Labo ababemaphakathi babephethe izimpawu ezazifundeka kanje “Inkolo Iwugibe Nebhizinisi.” (Ngalesosikhathi babecabanga ukuthi inkolo yayiyikho konke ukukhulekela okungavumelani neZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.) Kamuva ngalelosonto, ukuze badambise ukusabela okunenzondo kwabanye emphakathini, izimpawu ezazithi “Khonza UNkulunkulu kanye NoKristu INkosi” zaphakanyiswa zixutshwa nezokuqala. Lomsebenzi wawungelula koFakazi BakaJehova abaningi, kodwa bawubheka njengenye indlela yokukhonza uJehova, olunye uvivinyo lobuqotho babo kuye.

Akubona bonke ababekujabulela ukuba oFakazi BakaJehova bamemezele isigijimi sabo ngesibindi. Abefundisi e-Australia naseNew Zealand bacindezela abaphathi beziteshi zomsakazo ukuba bavale zonke izinhlelo ezazizosakazwa ezazixhaswa oFakazi BakaJehova. Ngo-April 1938, lapho uMfoweth’ uRutherford esendleleni eya e-Australia eyobeka inkulumo emsakazweni, izikhulu zomphakathi zavumela ukuba zithonyelwe ukuba zihoxise amalungiselelo ayesenziwe okuba asebenzise iSydney Town Hall nezindlu zomsakazo. Ngokushesha kwaqashwa iSydney Sports Grounds, futhi ngenxa yokusakazwa kabanzi kwezindaba zokuphikiswa kokuhambela kukaMfoweth’ uRutherford, kweza izihlwele eziningi zizolalela inkulumo yakhe. Ngezinye izikhathi, lapho oFakazi benqatshelwa ukusebenzisa izindlu zokusakaza, babesabela ngokuyimemezela kabanzi imihlangano okwakuphinde kudlalwe kuyo izinkulumo zikaMfoweth’ uRutherford ngomshini othiwa yi-transcription.

Abefundisi eBelgium bathumela abantwana ukuba bajikijele oFakazi ngamatshe, futhi abefundisi babeziyela bona emakhaya abantu beyothatha izincwadi ezazisakaziwe. Kodwa abanye ababehlala kulamadolobhana babekuthanda lokho ababekufunda koFakazi BakaJehova. Ngokuvamile babethi: “Nginikeni izincwajana zenu zibe ziningana; lapho umpristi efika, ngizomnikeza eyodwa ezomanelisa bese ngigcina ezinye ukuze ngizifunde!”

Nokho, iminyaka eyalandela yaholela ekuphikisweni okunamandla nangaphezulu koFakazi BakaJehova nesigijimi soMbuso ababesimemezela.

Ukushumayela EYurophu Naphezu Koshushiso Lwesikhathi Sempi

Ngenxa yokuthi zazingenakululahla ukholo lwazo futhi ziyeke ukushumayela, izinkulungwane zoFakazi BakaJehova e-Austria, eBelgium, eFrance, eJalimane, naseNetherlands zaziboshwa noma zithunyelwe emakamu okuhlushwa amaNazi. Ukuphathwa ngesihluku kwakuyinsaka-vukela. Labo ababengakaboshwa baqhubeka nenkonzo yabo ngokuqapha. Ngokuvamile babesebenza ngeBhayibheli kuphela futhi behambisa ezinye izincwadi lapho benza izimpindelo kubantu abathakazelayo. Ukuze bagweme ukuboshwa, oFakazi babengena endlini eyodwa esakhiweni esinezindlu eziningi bese mhlawumbe beya kwesinye isakhiwo, noma ngemva kokungena endlini eyodwa babeqela komunye umgwaqo ngaphambi kokuba baye kwenye indlu. Kodwa babengesabi nakancane ukunikeza ubufakazi.

Ngo-December 12, 1936, ezinyangeni ezimbalwa nje ngemva kokuba amaGestapo ebophe izinkulungwane zoFakazi nabanye abantu abathakazelayo emzamweni wezwe lonke wokuvimbela umsebenzi wabo, oFakazi ngokwabo baqalisa umkhankaso. Ngokushesha okumangalisayo bafaka amashumi ezinkulungwane amakhophi ezwi lesinqumo elinyathelisiwe emabhokisini eposi naphansi kweminyango yabantu kulo lonke elaseJalimane. Lamazwi esinqumo ayezwakalisa ukumelana nempatho yonya eyayitholwa abafowabo nodadewabo abangamaKristu. Kungakapheli nehora ukusakaza kuqalile, amaphoyisa ayehla enyuka ezama ukubamba labo ababesakaza, kodwa abamba abacishe babe yishumi nambili ezweni lonke.

Izikhulu zashaqeka ngokuthi umkhankaso onjalo wenziwa naphezu kwakho konke uhulumeni wobuNazi ayekwenzile ukuze amise umsebenzi. Ngaphezu kwalokho, baqala ukubesaba abantu. Ngani? Ngoba lapho amaphoyisa nezinye izikhulu ezifake izingubo zokusebenza ziya emakhaya abantu zibuza izakhamuzi ukuthi zazingazange ziwathole amapheshana anjalo, iningi labantu laphika. Eqinisweni, iningi lalingazange liwathole. Amakhophi ayefakwe ezindlini ezimbili noma ezintathu kuphela esakhiweni ngasinye. Kodwa amaphoyisa ayengakwazi lokho. Acabanga ukuthi kwakufakwe elilodwa endlini ngayinye.

Phakathi nezinyanga ezalandela, izikhulu zamaNazi zawaphika amacala ayevezwe kulelozwi lesinqumo elalinyathelisiwe. Ngakho, ngo-June 20, 1937, oFakazi ababesakhululekile basakaza esinye isigijimi, incwadi eyayiya ezikhulwini kodwa ingase ifundwe umphakathi, eyayinikeza imininingwane egcwele ngokuqondene noshushiso, incwadi eyayigagula izikhulu ngamagama iveza nezinsuku kanye nezindawo zezenzakalo. AmaGestapo ashaqeka kakhulu ngenxa yalokhu kudalulwa nangenxa yekhono loFakazi lokukwazi ukusakaza izinto kanjalo.

Okuhlangenwe nakho okuningi komkhaya wakwaKusserow, waseBad Lippspringe, eJalimane, kwabonisa ukuzimisela okufanayo kokunikeza ubufakazi. Isibonelo sihilela lokho okwenzeka lapho uWilhelm Kusserow ebulawa phambi kwabanye eMünster ngaphansi kwesimiso sokubusa samaNazi ngenxa yokwenqaba kwakhe ukuhlehla okholweni lwakhe. Unina kaWilhelm, uHilda, ngokushesha waya ejele futhi wasicela ngokuphuthumayo isidumbu ukuze asingcwabe. Wathi emkhayeni wakhe: “Sizonikeza ubufakazi obukhulu kubantu abebemazi.” Emngcwabeni uyise kaWilhelm, uFranz, wathandaza ngendlela eyabonisa ukuba nokholo emalungiselelweni kaJehova othando. Emathuneni umfowabo kaWilhelm uKarl-Heinz washo amazwi enduduzo avela eBhayibhelini. Abazange bajeziswe ngalokhu, kodwa okwakubalulekile kubo kwakuwukudumisa uJehova ngokufakaza ngegama nangoMbuso wakhe.

Njengoba ukucindezela kwesikhathi sempi kwakukhula eNetherlands, oFakazi lapho bawashintsha ngokuhlakanipha amalungiselelo abo emihlangano. Manje yayisiqhutshelwa emizini yabanye bengamaqembu abantu abayishumi noma ngaphansi. Izindawo zokuhlangana zazishintshwa njalo. UFakazi ngamunye wayeya eqenjini lakhe kuphela, futhi akekho owayetshela abanye inombolo yalapho isifundo sasikhona, ngisho nomngane amethembayo. Ngalesosikhathi emlandweni, lapho bonke abantu beshiya amakhaya abo ngenxa yempi, oFakazi BakaJehova babazi ukuthi abantu babesidinga ngokuphuthumayo isigijimi esiduduzayo esitholakala eZwini likaNkulunkulu kuphela, futhi basihlanganyela nabo ngesibindi. Kodwa incwadi eyayivela ehhovisi legatsha yakhumbuza abazalwane ngokuqapha uJesu ayekubonise ezimweni ezihlukahlukene lapho ebhekene nabaphikisi. (Math. 10:16; 22:15-22) Ngenxa yalokho, lapho bethola umuntu obonisa ukungabi nabungane, babeyiphawula ngokucophelela inombolo ukuze kuthathwe izinyathelo ezikhethekile zokuqapha lapho kusetshenzwa leyonsimu esikhathini esizayo.

EGreece abantu babebhekana nokuhlupheka yonke indawo ngesikhathi kulawula iJalimane. Nokho, impatho embi kakhulu eyatholwa oFakazi BakaJehova yabangelwa ukuba bachazwe kabi ngokunonya abefundisi beSonto lobuOrthodox lamaGreki, abaphikelela ekufuneni ukuba bathathelwe izinyathelo amaphoyisa nezinkantolo. Abaningi balaboFakazi baboshwa noma baxoshwa emazweni akubo endabuko futhi bathunyelwa emadolobhaneni akude noma bagcinwa ngaphansi kwezimo ezinzima eziqhingini okungamili lutho kuzo. Nokho, baqhubeka befakaza. (Qhathanisa nezEnzo 8:1, 4.) Ngokuvamile lokhu kwakwenziwa ngokukhuluma nabantu emapaki nasezingadini zomphakathi, ngokuhlala nabo emabhentshini bese bebatshela ngoMbuso kaNkulunkulu. Lapho ebonakala enesithakazelo esiqotho, umuntu wayebolekwa incwadi eyigugu yeBhayibheli. Incwadi enjalo yayibuyiswa futhi isetshenziswe kaningi. Abathandi beqiniso abaningi babelwamukela ngokubonga usizo oFakazi ababelunikeza futhi baze bahlanganyele nabo ekuhlanganyeleni nabanye izindaba ezinhle, nakuba lokhu kwakubalethela ukushushiswa okunzima.

Isici esibalulekile esasenza oFakazi babe nesibindi futhi baphikelele sasiwukwakhiwa kwabo ngokomoya. Nakuba izincwadi ababengazisakaza kwabanye ekugcineni zancipha ngokuphelele kwezinye izingxenye zeYurophu phakathi nempi, bakwazi ukujikelezisa phakathi kwabo ukwaziswa okwakuqinisa ukholo okwakulungiselelwe iNhlangano ukuba kufundwe oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Befaka ukuphila kwabo engozini, u-August Kraft, uPeter Gölles, uLudwig Cyranek, uTherese Schreiber, nabanye abaningi baba nengxenye ekunyatheliseni kabusha nasekusakazeni ukwaziswa okufundwayo okwakushushumbiswa kuyiswa e-Austria kusuka eCzechoslovakia, e-Italy, naseSwitzerland. ENetherlands, kwakungumgcini-jele onomusa owasiza ekutholeleni u-Arthur Winkler iBhayibheli. Naphezu kwazo zonke izinyathelo zokuqapha ezazithathwa isitha, amanzi aqabulayo eqiniso leBhayibheli aku-Nqabayokulinda ayefinyelela ngisho nasemakamu okuhlushwa aseJalimane futhi ajikeleze phakathi koFakazi lapho.

Ukugqunywa emajele nasemakamu okuhlushwa akuzange kubavimbe oFakazi BakaJehova ekubeni ofakazi. Lapho umphostoli uPawulu eboshiwe eRoma, wabhala: “Ngihlupheka . . . kuze kube-sekuboshweni . . . kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.” (2 Thim. 2:9) Kwaba njalo nasesimweni soFakazi BakaJehova eYurophu phakathi neMpi Yezwe II. Abaqaphi bakuqaphela ukuziphatha kwabo; abanye babebuza imibuzo, futhi abambalwa baba abakholwa kanye nabo, ngisho nakuba kwakusho ukulahlekelwa inkululeko yabo siqu. Iziboshwa eziningi ezaziboshwe noFakazi zazivela emazweni anjengeRussia, lapho ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kwakwenziwe kancane kakhulu khona. Ngemva kwempi ezinye zazo zaphindela emazweni ezazidabuka kuwo sezingoFakazi BakaJehova, zimagange ukusakaza isigijimi soMbuso lapho.

Ushushiso olunonya kanye nemiphumela yempi kwakungenakukuvimbela ukubuthwa kwabantu okwakubikezelwe bebuthelwa endlini kaJehova enkulu engokomoya yokukhulekela. (Isaya 2:2-4) Kusukela ngo-1938 kuya ku-1945, amazwe amaningi aseYurophu abonisa ukwanda okukhulu enanini elalihlanganyela ngokukhululeka ekukhulekeleni okunjalo ngokumemezela uMbuso kaNkulunkulu. EBrithani, eFinland, eFrance, naseSwitzerland, oFakazi banda ngamaphesenti acishe abe yikhulu. EGreece, kwaba nokwanda okwakucishe kuphindwe kasikhombisa. ENetherlands, okuphindwe kashumi nambili. Kodwa ngasekupheleni kuka-1945, imininingwane yayingakafiki ivela eJalimane noma eRomania, futhi kwakufike imibiko engaphelele ivela kwamanye amazwe amaningi.

Emazweni Angaphandle KwaseYurophu Phakathi Naleyominyaka Yempi

NaseMpumalanga, impi yezwe yayibabangele ubunzima obedlulele oFakazi BakaJehova. EJapane naseKorea, baboshwa futhi bashaywa futhi bahlushwa ngoba babesekela uMbuso kaNkulunkulu bengenakukhulekela umbusi waseJapane. Ekugcineni benziwa bangakwazi ngokuphelele ukuxhumana noFakazi bakwamanye amazwe. Abaningi babo, babethola amathuba okufakaza kuphela lapho bephenywa noma bequla icala enkantolo. Ngasekupheleni kwempi, inkonzo yasobala yoFakazi BakaJehova kulamazwe yama ngokuphelele.

Lapho impi ifinyelela ePhilippines, oFakazi babephathwa kabi amaqembu womabili ngoba bengenakusekela amaJapane noma amabutho aphikisayo. Ukuze bagweme ukuboshwa, oFakazi abaningi bashiya amakhaya abo. Kodwa njengoba babeshintsha izindawo, babeshumayela—bebolekisa ngezincwadi uma zikhona, futhi kamuva basebenzisa iBhayibheli kuphela. Njengoba impi yayiphela, baze bakha ngisho nezikebhe eziningana ezazizoyisa amaqembu amakhulu oFakazi eziqhingini okwakusafakazwe kancane kuzo noma okwakungazange kufakazwe nhlobo kuzo.

EBurma (manje eyiMyanmar), kwakungekhona ukuhlasela kwamaJapane kodwa ukucindezelwa kwabaphathi bamakoloni okwakuvela kubefundisi baseSheshi, bamaWeseli, bamaRoma Katolika, nabase-American Baptist okwaholela ekuvalweni kwezincwadi zoFakazi BakaJehova ngo-May 1941. OFakazi ababili ababesebenza ehhovisi lezincwadi ezithunyelwa ngocingo babona ithelegramu eyayibaqaphelisa ngalokho okwakuza, ngakho ngokushesha labazalwane basusa izincwadi edepho yezincwadi yeNhlangano ukuze bagweme ukuba zithathwe. Kwenziwa imizamo yokuthumela eziningi zalezizincwadi ezweni elingaphesheya eChina.

Ngalesosikhathi uhulumeni wase-U.S. wayethumela inqwaba yezinto zempi ngamaloli ayedlula kuBurma Road ukuze asekele uhulumeni waseChina wamaNeshinali. Abazalwane bazama ukuthola indawo kwelinye lalawomaloli kodwa bangaphumelela. Imizamo yokuthola imoto eSingapore nayo yabhuntsha. Nokho, lapho uMick Engel, owayephethe idepho yeNhlangano yaseRangoon (manje eyiYangon), ekhuluma nesikhulu esiphakeme sase-U.S., wanikezwa imvume yokuthutha izincwadi ngamaloli asempini.

Nokho, ngemva kwalokho lapho uFred Paton noHector Oates bexoxa nesikhulu esasiqondisa uhide lwezimoto ezaziya eChina futhi becela indawo, kwathi asiquleke! “Ini?” simemeza. “Nginganinika kanjani indawo ebalulekile emalolini ami ukuba nibeke amapheshana enu angenamsebenzi ngingenayo kwamina indawo yezinto zempi nezokwelapha ezidingeka ngokuphuthumayo esezonakala ngenxa yokuhlala endaweni evulekile?” UFred wathula kancane, wayesevula isikhwama sakhe, wayesesibonisa incwadi egunyaza lokho, wayeseveza nokuthi kwakuzoba indaba engathi sína kakhulu uma lesisikhulu sasingase singasinaki isiqondiso esasinikezwe izikhulu eRangoon. Lomqondisi wezimoto akazange nje ahlelele ukuthutha amathani amabili ezincwadi kuphela kodwa wanikeza abazalwane iloli elincane, nomshayeli kanye nezinto ezidingekayo. Baqonda enyakatho-mpumalanga behamba ngendlela eyingozi esezintabeni beya eChina nomthwalo wabo oyigugu. Ngemva kokufakaza ePao-shan, baqhubekela eChungking (ePahsien). Izinkulungwane zezincwadi ezikhuluma ngoMbuso kaJehova zasakazwa phakathi nonyaka abawuchitha eChina. Phakathi kwabanye abafakaza kubo ngokuqondile kwakunguChiang Kai-shek, umongameli wombuso waseChina wamaNeshinali.

Phakathi nalesosikhathi, njengoba ukuqhunyiswa kwamabhomu kwakuqina eBurma, bonke oFakazi bathutha kulelolizwe kwasala abathathu, iningi labo laya eNdiya. Umsebenzi walaba abathathu ababesele, njengokulindelekile, wawulinganiselwe. Nokho baqhubeka befakaza ngokwethukela, futhi imizamo yabo yaba nezithelo ngemva kwempi.

NaseNyakatho Melika, oFakazi BakaJehova babhekana nezithiyo ezinzima phakathi nempi. Ubudlova besixuku obabuthé chithi saka nokusetshenziswa kabi kwemithetho yendawo kwawucindezela kakhulu umsebenzi wokushumayela. Izinkulungwane zaboshwa ngenxa yokuthatha ukuma kwazo njengabangathathi-hlangothi abangamaKristu. Nokho, lokhu akuzange kuyinciphise inkonzo yendlu ngendlu yoFakazi. Ngaphezu kwalokho, kusukela ngo-February 1940, kwaba okuvamile ukubabona emigwaqweni ezifundeni zamabhizinisi behambisa INqabayokulinda ne-Consolation (manje eyi-Phaphama!). Intshiseko yabo yaba nkulu ngokwengeziwe. Nakuba babebhekene nokushushiswa okunzima kunakho konke kuleyongxenye yomhlaba, amanani oFakazi aba ngaphezu kokuphindwa kabili e-United States naseCanada kusukela ngo-1938 kuya ku-1945, futhi isikhathi ababesinikela enkonzweni yasobala saphindwa kathathu.

Emazweni amaningi ahlangene neBritish Commonwealth (iNyakatho Melika, i-Afrika, i-Asia, neziqhingi zaseCaribbean nezasePacific) uhulumeni wayevimbela oFakazi BakaJehova noma izincwadi zabo. Elinye lamazwe anjalo kwakuyi-Australia. Isaziso esingokomthetho esakhishwa ngo-January 17, 1941, ngokuqondisa kukandunankulu, sakwenza kwaba okungemthetho ukuba oFakazi BakaJehova bahlangane ngenjongo yokukhulekela, ukusakaza noma yiziphi zezincwadi zabo, ngisho nokuba babe nazo. Ngokomthetho kwakungenzeka ukuba kuvulwe icala enkantolo ngenxa yokuvinjelwa komsebenzi, futhi lokhu kwenziwa ngokushesha. Kodwa kwadlula iminyaka emibili ngaphambi kokuba uMnu. Justice Starke eNkantolo Ephakeme asho ukuthi imithetho okwakusekelwe kuyo ukuvinjelwa ‘yayiwubushiqela, ingenakubikezelwa futhi icindezela.’ INkantolo Ephakeme ephelele yakususa ukuvinjelwa. Babenzani oFakazi BakaJehova phakathi nalesosikhathi?

Belingisa abaphostoli bakaJesu Kristu, ‘balalela uNkulunkulu kunabantu.’ (IzE. 4:19, 20; 5:29) Baqhubeka beshumayela. Naphezu kwezithiyo eziningi, bahlela ukuba kube nomhlangano naseHargrave Park, ngaseSydney, ngo-December 25-29, 1941. Lapho uhulumeni enqaba ukunikeza ezinye zezihambeli zomhlangano izitimela, iqembu laseNtshonalanga Australia lafaka ezimotweni zalo izinto ezazikhiqiza uphethiloli ezazisebenza ngamalahle lase liqalisa uhambo lwezinsuku ezingu-14 olunqamula izwe, olwaluhlanganisa nokuchitha isonto benqamula iThafa laseNullarbor elomile. Bafika ngokuphepha futhi bajabulela isimiso nezinye izihambeli zomhlangano eziyizinkulungwane eziyisithupha. Ngonyaka olandelayo kwaqhutshwa omunye umhlangano, kodwa kulokhu wawuhlukaniswe waba amaqembu amancane angu-150 emadolobheni ayisikhombisa amakhulu ezweni lonke, izikhulumi zisuka kwenye indawo ziya kwenye.

Njengoba izimo zaziya ziba zimbi eYurophu ngo-1939, ezinye izikhonzi ezingamaphayona ezingoFakazi BakaJehova ngokuzithandela zafuna ukuyokhonza kwamanye amasimu. (Qhathanisa noMathewu 10:23; IzEnzo 8:4.) Kwathunyelwa amaphayona amathathu angamaJalimane evela eSwitzerland eya eShanghai, eChina. Amaningi aya eNingizimu Melika. Phakathi kwalawa athunyelwa eBrazil kwakuno-Otto Estelmann, owayehambela futhi esiza amabandla eCzechoslovakia, no-Erich Kattner, owayekhonze ehhovisi le-Watch Tower Society ePrague. Isabelo sabo esisha sasingelula. Bathola ukuthi kwezinye izindawo zamapulazi, oFakazi babevuka kusantwela futhi bashumayele kuze kube u-7:00 ekuseni bese beqhubeka nenkonzo ntambama kuze kuhlwe. UMfoweth’ uKattner ukhumbula ukuthi njengoba ayeshintsha izindawo, ngokuvamile wayelala endle, asebenzise isikhwama sakhe sezincwadi njengomcamelo.—Qhathanisa noMathewu 8:20.

Bobabili uMfoweth’ uEstelmann noMfoweth’ uKattner babefunwa phansi phezulu amaphoyisa omshoshaphansi amaNazi eYurophu. Ingabe ukuthuthela kwabo eBrazil kwabakhulula ekushushisweni? Ngokuphambene, ngemva nje konyaka, bazithola bebekelwe umthetho owathatha isikhathi eside wokuba bangaphumi endlini yabo base beyaboshwa ngenxa yokugqugquzela kwezikhulu ezazibonakala zizwelana namaNazi! Ukuphikisa okwakuvela kubefundisi bamaKatolika nakho kwakuvamile, kodwa oFakazi baphikelela emsebenzini abawunikwe uNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi babefinyelela emadolobheni amakhulu namancane eBrazil lapho isigijimi soMbuso sasingakashunyayelwa khona.

Ukubukezwa kwesimo embulungeni yonke kubonisa ukuthi emazweni amaningi lapho oFakazi BakaJehova babetholakala khona phakathi neMpi Yezwe II, babebhekene nokuvinjelwa ohulumeni okwakuhilela inhlangano yabo noma izincwadi zabo. Nakuba babeshumayela emazweni angu-117 ngo-1938, eminyakeni yempi (1939-45) kwaba nokuvinjelwa kwenhlangano yabo noma izincwadi, noma ukuxoshwa kwezikhonzi zabo, kwangaphezu kwangu-60 alawomazwe. Ngisho nalapho ukuvinjelwa kungekho babebhekana nobudlova bezixuku futhi babeboshwa njalo. Naphezu kwakho konke lokhu, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle akuzange kume.

Isixuku Esikhulu Siqala Ukuzibonakalisa ELatin America

Phakathi nayo kanye iminyaka yempi, ngo-February 1943, ihlelela umsebenzi owawuzokwenziwa enkathini engemva kwempi, i-Watch Tower Society yaqalisa iSikole SaseGileyadi eNew York State esasizoqeqeshela izithunywa zevangeli inkonzo yakwamanye amazwe. Ngaphambi kokuba lowonyaka uphele, ezingu-12 zalezozithunywa zevangeli kakade zase ziqalile ukukhonza eCuba. Insimu lapho yaba ekhiqiza kakhulu.

Emuva ngo-1910, imbewu ethile yeqiniso leBhayibheli yayifinyelele eCuba. UC. T. Russell wayebeke inkulumo lapho ngo-1913. UJ. F. Rutherford wayebeke inkulumo emsakazweni eHavana ngo-1932, futhi lokho kwaziswa kwabuye kwasakazwa ngesiPanishi. Kodwa ukwanda kwakuza kancane. Kwakunabantu abaningi ababengafundile ngalesosikhathi futhi kunobandlululo olukhulu olungokwenkolo. Isithakazelo ekuqaleni sasiboniswa ikakhulukazi phakathi kwabantu ababekhuluma isiNgisi ababevela eJamaica nakwezinye izindawo. Ngo-1936 kwakunabamemezeli boMbuso abangu-40 kuphela eCuba. Kodwa ukutshalwa nokuniselwa kwembewu yeqiniso loMbuso kwabe sekuqala ukuthela izithelo.

Ngo-1934 kwaba nabantu bokuqala baseCuba ababhapathizwa; kwalandela abanye kamuva. Kusukela ngo-1940, ukusakaza kwansuku zonke emsakazweni kanye nokufakaza ngesibindi emgwaqweni kwenza ukuba inkonzo yendlu ngendlu ishisekelwe lapho. Ngisho nangaphambi kokuba izithunywa zevangeli ezaziqeqeshwe eGileyadi zifike ngo-1943, kwakunabangu-950 eCuba ababemukele izindaba ezinhle futhi ababezishumayela kwabanye, nakuba kungebona bonke ababehlanganyela njalo. Phakathi neminyaka emibili ngemva kokufika kwezithunywa zevangeli, amanani anda ngokushesha nangaphezulu. Ngo-1945, oFakazi BakaJehova eCuba babengu-1 894. Nakuba abaningi babo babevela enkolweni eyayifundisa ukuthi bonke abalisekela ngokwethembeka isonto babezoya ezulwini, iningi lalabo ababa oFakazi BakaJehova lalamukela ngentshiseko ithemba lokuphila phakade emhlabeni epharadesi elibuyiselwe. (Gen. 1:28; 2:15; IHu. 37:9, 29; IsAm. 21:3, 4) Babengamaphesenti angu-1,4 kuphela kubo ababethi bangabafowabo bakaKristu abagcotshwe ngomoya.

Usizo lwanikezwa nangenye indlela ensimini yaseLatin America yindlunkulu yomhlaba wonke yeNhlangano. Ekuqaleni kuka-1944, uN. H. Knorr, uF. W. Franz, uW. E. Van Amburgh, noM. G. Henschel bachitha izinsuku eziyishumi eCuba ukuze baqinise abazalwane lapho ngokomoya. Phakathi nalesosikhathi kwaqhutshwa umhlangano eHavana, futhi kwenziwa amalungiselelo okuqondiswa kangcono komsebenzi wokushumayela. Loluhambo lwayisa uMfoweth’ uKnorr noMfoweth’ uHenschel eCosta Rica, eGuatemala, naseMexico ukuze basize oFakazi BakaJehova kulawomazwe.

Ngo-1945 nango-1946, uN. H. Knorr no-F. W. Franz bathatha uhambo olwabenza bakwazi ukukhuluma nokusebenza noFakazi emazweni angu-24 endaweni esuka eMexico kuya echosheni eliseningizimu eNingizimu Melika naseCaribbean. Bachitha izinyanga ezinhlanu kuleyongxenye yomhlaba, benikeza usizo nokuqondisa kothando. Kwezinye izindawo bambalwa ababethola abantu abanesithakazelo. Ukuze kube namalungiselelo asikhathi sonke emihlangano nenkonzo yasensimini, basiza ngokuqondile ekuhleleni amabandla okuqala eLima, ePeru, naseCaracas, eVenezuela. Nomaphi lapho imihlangano yebandla yayisiqhutshwa khona kakade, babeya kuyo, futhi ngezinye izikhathi, babenikeza iseluleko ngendlela yokuyithuthukisa ukuze ibe usizo lwangempela emsebenzini wokushumayela ivangeli.

Uma kwenzeka, phakathi nalokhu kuhambela kwakwenziwa amalungiselelo ezinkulumo zeningi zeBhayibheli. Izinkulumo zazimenyezelwa kabanzi kusetshenziswa izingqwembe ezazigqokwa oFakazi namapheshana ayesakazwa emigwaqweni. Ngenxa yalokho, oFakazi abangu-394 eBrazil bajabula ngokuba nabangu-765 emhlanganweni wabo eSão Paulo. EChile, lapho kwakunabamemezeli boMbuso abangu-83 khona, abangu-340 beza bezolalela inkulumo eyayimenyezelwe ngokukhethekile. ECosta Rica oFakazi bendawo abangu-253 bajabulela ukuba khona kwengqikithi yabangu-849 emihlanganweni yabo emibili. Lezi kwakuyizikhathi zobudlelwane obufudumele phakathi kwabazalwane.

Nokho, injongo yayingekhona ukuba nemihlangano eyayizohlale ikhunjulwa. Phakathi naloluhambo abameleli basendlunkulu bakugcizelela ngokukhethekile ukubaluleka kokuphindela kubantu ababenesithakazelo nokubaqhubela izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ukuze abantu babe abafundi ngempela, babedinga imfundo yasikhathi sonke evela eZwini likaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, inani lezifundo zeBhayibheli zasekhaya landa ngokushesha kulengxenye yomhlaba.

Njengoba uMfoweth’ uKnorr noMfoweth’ uFranz babethatha loluhambo lwenkonzo, izithunywa zevangeli ezengeziwe ezaziqeqeshwe eGileyadi zazifika ezabelweni zazo. Ngasekupheleni kuka-1944, ezinye zazikhonza eCosta Rica, eMexico, nasePuerto Rico. Ngo-1945, ezinye izithunywa zevangeli zazisiza ekwenzeni umsebenzi wokushumayela uhlelwe kangcono eBarbados, eBrazil, eBritish Honduras (manje eyiBelize), eChile, eColombia, e-El Salvador, eGuatemala, eHaiti, eJamaica, eNicaragua, ePanama, nase-Uruguay. Lapho izithunywa zevangeli ezimbili zokuqala zifika eDominican Republic ngo-1945, kwakuyizo zodwa ezingoFakazi ezweni lonke. Umphumela wenkonzo yezithunywa zevangeli zokuqala wezwakala ngokushesha. UTrinidad Paniagua ekhuluma ngezithunywa zevangeli zokuqala ezathunyelwa eGuatemala wathi: “Yikho kanye lokhu ebesikudinga—abafundisa ngeZwi likaNkulunkulu bokusisiza ukuba siqonde ukuthi kumelwe siwenze kanjani umsebenzi.”

Ngakho kwakubekwa isisekelo sokwanda kulengxenye yensimu yomhlaba. Eziqhingini zaseCaribbean, kwakunabamemezeli boMbuso abangu-3 394 ngasekupheleni kuka-1945. EMexico, kwakunabangu-3 276, nabanye abangu-404 eNkabeni yeMelika. ENingizimu Melika, babengu-1 042. Kulengxenye yomhlaba, lokho kumelela ukwanda kwamaphesenti angu-386 phakathi neminyaka eyisikhombisa eyayandulele, inkathi eyayinesiyaluyalu kakhulu emlandweni wesintu. Kodwa kwakumane kuyisiqalo. Ukwanda kwangempela kwakuseza! IBhayibheli lalibikezele ukuthi “isixuku esikhulu . . . sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi” sasiyobuthwa njengabakhulekeli bakaJehova ngaphambi kosizi olukhulu.—IsAm. 7:9, 10, 14.

Lapho iMpi Yezwe II iqala ngo-1939, kwakunoFakazi BakaJehova abangu-72 475 kuphela ababeshumayela emazweni angu-115 (uma kubalwa ngokwendlela umhlaba owawuhlukaniswe ngayo ekuqaleni kwawo-1990). Naphezu kokushushiswa okunamandla ababebhekana nakho embulungeni yonke, inani labo laba ngaphezu kokuphindwa kabili ekupheleni kwempi. Ngakho, umbiko ka-1945 wabonisa ukuthi kwakunoFakazi abakhuthele abangu-156-299 emazweni angu-107 okwenzeka ukuba kuhlanganiswe imibiko yawo. Nokho, ngalesosikhathi amazwe angu-163 empeleni ayesefinyelelwe ngesigijimi soMbuso.

Ubufakazi obanikezwa phakathi neminyaka esukela ku-1936 kuya ku-1945 babumangalisa ngempela. Phakathi naleloshumi leminyaka lesiyaluyalu emhlabeni, laboFakazi BakaJehova abashisekayo banikela ngengqikithi yamahora angu-212 069 285 ekumemezeleni emhlabeni ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu. Basakaza nezincwadi, izincwajana, nomagazini okungu-343 054 579 ukuze basize abantu ukuba baqonde isisekelo esingokomBhalo salokho kuqiniseka. Ukuze basize ababenesithakazelo esiqotho, ngokwesilinganiso, ngo-1945, babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala ezingu-104 814.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 455]

Nakuba izimo zesikhathi sempi zabaphoqa ukuba babaleke, baqhubeka beshumayela

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 451-453]

Benqaba Ukuyeka Ukufakaza Ngisho Nakuba Beboshiwe

Ababoniswe lapha bamane bangabambalwa ezinkulungwaneni ezahlupheka ngenxa yokholo lwazo emajele nasemakamu okuhlushwa phakathi neMpi Yezwe II

1. U-Adrian Thompson, eNew Zealand. Waboshwa ngo-1941 e-Australia; isicelo sakhe sokukhululwa ekubuthweni senqatshwa lapho i-Australia ivala umsebenzi woFakazi BakaJehova. Ngemva kokukhululwa kwakhe, njengombonisi ojikelezayo, waqinisa amabandla enkonzweni yawo yasobala. Wakhonza njengesithunywa sevangeli nombonisi ojikelezayo wokuqala eJapane ngemva kwempi; waqhubeka eshumayela ngentshiseko kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1976.

2. U-Alois Moser, e-Austria. Emajele ayisikhombisa nasemakamu okuhlushwa. Ngo-1992 ubesalokhu enguFakazi okhuthele eneminyaka engu-92 ubudala.

3. UFranz Wohlfahrt, e-Austria. Ukubulawa kukayise nomfowabo akuzange kumdumaze uFranz. Wavalelwa eKamu laseRollwald eJalimane iminyaka emihlanu. Ubesalokhu efakaza ngo-1992 eneminyaka engu-70 ubudala.

4. UThomas Jones, eCanada. Waboshwa ngo-1944, wayesevalelwa emakamu amabili omsebenzi onzima. Ngemva kweminyaka engu-34 yenkonzo yesikhathi esigcwele, wamiswa ngo-1977 ukuba abe ilungu leKomiti Yegatsha eqondisa umsebenzi wokushumayela kulo lonke elaseCanada.

5. UMaria Hombach, eJalimane. Waboshwa kaningi; wagcinwa yedwa iminyaka emithathu nengxenye. Njengesithunywa, wafaka ukuphila kwakhe engozini eyisa izincwadi zeBhayibheli koFakazi akanye nabo. Ngo-1992, wayesalokhu eyilungu elithembekile lomkhaya weseBethel eneminyaka engu-90 ubudala.

6. UMax noKonrad Franke, eJalimane. UBaba nendodana yakhe, bobabili baboshwa kaningi, iminyaka eminingi nokwenza. (UmkaKonrad, uGertrud, naye wayesejele.) Bonke bahlala beyizinceku zikaJehova eziqotho nezishisekayo, futhi uKonrad wayephambili ekuvuseleleni umsebenzi wokushumayela woFakazi eJalimane ngemva kwempi.

7. U-A. Pryce Hughes, eNgilandi. Wanikwa izigwebo ezimbili eWormwood Scrubs, eLondon; naye wayeboshelwe ukholo lwakhe phakathi neMpi Yezwe I. Wayephambili emsebenzini wokushumayela ngoMbuso eBrithani kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1978.

8. U-Adolphe no-Emma Arnold nendodakazi yabo uSimone, eFrance. Ngemva kokuba u-Adolphe eboshiwe, u-Emma noSimone baqhubeka befakaza, futhi besakaza izincwadi kwabanye oFakazi. U-Emma, lapho esejele, wahlaliswa yedwa ngenxa yokuphikelela efakaza kwezinye iziboshwa. USimone wathunyelwa esikoleni sokuqondisa izigwegwe. Bonke baqhubeka bengoFakazi abashisekayo.

9. U-Ernst noHildegard Seliger, eJalimane. Ingaphezu kwengu-40 iminyaka bobabili abayichitha emajele nasemakamu okuhlushwa ngenxa yokholo lwabo. Ngisho nasejele baphikelela behlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye. Lapho sebekhululiwe banikela ngesikhathi sabo sonke ekushumayeleni izindaba ezinhle. UMfoweth’ uSeliger wafa eyinceku kaNkulunkulu eqotho ngo-1985; UDade Seliger, ngo-1992.

10. UCarl Johnson, e-United States. Eminyakeni emibili ngemva kokuba ebhapathiziwe, waboshwa kanye nabanye oFakazi abaningi e-Ashland, eKentucky. Uye wakhonza njengephayona nanjengombonisi wesifunda; ngo-1992, wayesaqhubeka ehola enkonzweni yasensimini njengomdala.

11. U-August Peters, eJalimane. Ehlukaniswé nomkakhe nabantwana bakhe abane, waboshwa ngo-1936-37, nango-1937-45. Ngemva kokukhululwa, kunokunciphisa ukushumayela, wenza okwengeziwe, enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngo-1992, eneminyaka engu-99 ubudala, wayesakhonza njengelungu lomkhaya waseBethel futhi wayebone inani loFakazi BakaJehova eJalimane likhula liba ngu-163 095.

12. UGertrud Ott, eJalimane. Waboshwa eLodz, ePoland, kwase kuba sekamu lokuhlushwa e-Auschwitz; ngokulandelayo kwaba seGross-Rosen naseBergen-Belsen eJalimane. Ngemva kwempi wakhonza ngentshiseko njengesithunywa sevangeli e-Indonesia, e-Iran, naseLuxembourg.

13. UKatsuo Miura, eJapane. Eminyakeni eyisikhombisa ngemva kokuboshwa kwakhe nokugqunywa ejele eHiroshima, ingxenye enkulu yejele ayeboshwe kulo yayidilizwe ibhomu le-athomu elonakalisa idolobha. Nokho, odokotela abazange babuthole ubufakazi bokuthi wayelinyazwe imisebe yalelibhomu. Wasebenzisa iminyaka yokugcina yokuphila kwakhe njengephayona.

14. UMartin noGertrud Poetzinger, eJalimane. Ezinyangeni ezimbalwa beshadile, baboshwa futhi bahlukaniswa iminyaka eyisishiyagalolunye. UMartin wathunyelwa eDachau naseMauthausen; uGertrud, eRavensbrück. Naphezu kokuphathwa ngonya, ukholo lwabo aluzange luntengantenge. Ngemva kokukhululwa kwabo banikela ngawo wonke amandla abo enkonzweni kaJehova. Iminyaka engu-29 wakhonza njengombonisi ojikelezayo kulo lonke elaseJalimane; kamuva, wakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1988. Ngo-1992, uGertrud wayeqhubeka ekhonza njengomshumayeli wevangeli oshisekayo.

15. UJizo noMatsue Ishii, eJapane. Ngemva kokusakaza izincwadi zeBhayibheli kulo lonke elaseJapane iminyaka eyishumi, baboshwa. Nakuba umsebenzi woFakazi BakaJehova eJapane wawuvaliwe phakathi nempi, uMfowethu noDade Ishii baphinde bafakaza ngentshiseko ngemva kwempi. Ngo-1992, uMatsue Ishii wayebone inani loFakazi abakhuthele eJapane landa lifinyelela kwabangaphezu kwabangu-171 000.

16. UVictor Bruch, eLuxembourg. Waboshwa eBuchenwald, eLublin, e-Auschwitz, naseRavensbrück. Eneminyaka engu-90 ubudala, usakhuthele njengomdala woFakazi BakaJehova.

17. UKarl Schurstein, eJalimane. Wayengumbonisi ojikelezayo ngaphambi kokubusa kukaHitler. Waboshwa iminyaka eyisishiyagalombili, wayesebulawa amaSS eDachau ngo-1944. Ngisho naphakathi ekamu, waqhubeka akha abanye ngokomoya.

18. UKim Bong-nyu, eKorea. Waboshwa iminyaka eyisithupha. Eneminyaka engu-72 ubudala, usaqhubeka etshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu.

19. UPamfil Albu, eRomania. Ngemva kokuhlukunyezwa ngonya, wathunyelwa ekamu lomsebenzi onzima eYugoslavia iminyaka emibili nengxenye. Ngemva kwempi wabuye waboshwa ezinye izikhathi ezimbili, eminye iminyaka engu-12. Akazange ayeke ukukhuluma ngenjongo kaNkulunkulu. Ngaphambi kokuba afe wasiza izinkulungwane eRomania ukuba zikhonze nenhlangano yembulunga yonke yoFakazi BakaJehova.

20. UWilhelm Scheider, ePoland. Wayesemakamu okuhlushwa amaNazi ngo-1939-45. Emajele obuKhomanisi ngo-1950-56, nango-1960-64. Kuze kube sekufeni kwakhe ngo-1971, wanikela ngokungantengantengi ngamandla akhe ekumemezeleni uMbuso kaNkulunkulu.

21. UHarald no-Elsa Abt, ePoland. Phakathi nangemva kwempi, uHarald wachitha iminyaka engu-14 ejele nasemakamu okuhlushwa ngenxa yokholo lwakhe kodwa waqhubeka eshumayela ngisho nalapho. U-Elsa wahlukaniswa nendodakazi yakhe ewusana wayesevalelwa emakamu ayisithupha ePoland, eJalimane, nase-Austria. Naphezu kokuvinjelwa koFakazi BakaJehova iminyaka engu-40 ePoland ngisho nangemva kwempi, bonke baqhubeka beyizikhonzi zikaJehova ezishisekayo.

22. U-Ádám Szinger, eHungary. Emacaleni ayisithupha asenkantolo, wagwetshwa iminyaka engu-23, adonsa iminyaka engu-8 1/2 kuyo ejele nasemakamu omsebenzi onzima. Lapho esekhululiwe, wakhonza njengombonisi ojikelezayo iminyaka engu-30. Eneminyaka engu-69 ubudala, usaqhubeka engumdala webandla oqotho.

23. UJoseph Dos Santos, ePhilippines. Wayenikele ngeminyaka engu-12 njengommemezeli wesigijimi soMbuso wesikhathi esigcwele ngaphambi kokuba aboshwe ngo-1942. Wavuselela umsebenzi woFakazi BakaJehova ePhilippines ngemva kwempi futhi waqhubeka nenkonzo yakhe yamaphayona kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1983.

24. URudolph Sunal, e-United States. Waboshwa eMill Point, eNtshonalanga Virginia. Ngemva kokukhululwa, wanikela ngaso sonke isikhathi sakhe ukuze asakaze ulwazi oluphathelene noMbuso kaNkulunkulu—njengephayona, njengelungu lomkhaya waseBethel, nanjengombonisi wesifunda. Ngo-1992 wayesaphayona, eneminyaka engu-78 ubudala.

25. UMartin Magyarosi, eRomania. Esejele, ngo-1942-44, waqhubeka eqondisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle eTransylvania. Lapho ekhululwa, wahamba kakhulu ekhuthaza oFakazi akanye nabo ekushumayeleni kwabo futhi yena ngokwakhe wayenguFakazi onesibindi. Wabuye waboshwa ngo-1950, wafela ekamu lomsebenzi onzima ngo-1953, eyinceku kaJehova eqotho.

26. UR. Arthur Winkler, eJalimane naseNetherlands. Waqale wathunyelwa ekamu lokuhlushwa e-Esterwegen; waqhubeka eshumayela kulelikamu. Kamuva, eNetherlands, washaywa amaGestapo waze wangabonakala ukuthi ungubani. Ekugcineni wathunyelwa eSachsenhausen. Waba uFakazi oqotho noshisekayo kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1972.

27. UPark Ock-hi, eKorea. Iminyaka emithathu eJele laseSodaemun, eSeoul; wabhekana nokuhlushwa okungachazeki. Eneminyaka engu-91 ubudala, ngo-1992, wayesalokhu efakaza ngesibindi, njengephayona elikhethekile.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 446]

U-Alexander MacGillivray, njengombonisi wegatsha lase-Australia, wasiza ekuhleleni uhambo lokushumayela emazweni naseziqhingini eziningi

[Ibalazwe]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

AUSTRALIA

NEW ZEALAND

TAHITI

TONGA

FIJI

NEW GUINEA

JAVA

BORNEO

SUMATRA

BURMA

HONG KONG

MALAYA

SINGAPORE

SIAM

INDOCHINA

CHINA

PACIFIC OCEAN

Amagama Ezindawo Yilawo Ayesetshenziswa Phakathi Nawo-1930

[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 460]

Ngasekupheleni kuka-1945, izithunywa zevangeli zaseSikoleni SaseGileyadi kakade zase ziqale inkonzo emazweni angu-18 kulengxenye yomhlaba

UCharles noLorene Eisenhower

ECuba

UJohn no-Adda Parker

E-Guatemala

U-Emil Van Daalen

EPuerto Rico

U-Olaf Olson

EColombia

UDon Burt

ECosta Rica

UGladys Wilson

E-El Salvador

UHazel Burford

EPanama

ULouise Stubbs

EChile

[Ibalazwe]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

BARBADOS

BELIZE

BOLIVIA

BRAZIL

CHILE

COLOMBIA

COSTA RICA

CUBA

DOMINICAN REPUBLIC

EL SALVADOR

GUATEMALA

HAITI

JAMAICA

MEXICO

NICARAGUA

PANAMA

PUERTO RICO

URUGUAY

[Isithombe ekhasini 444]

Amanye ama-“colporteur” ahambisa amabhokisi amaningi ezincwadi; abaninikhaya bathola izintshumayelo zeBhayibheli eziningi encwadini ngayinye

[Isithombe ekhasini 445]

U-Armando Menazzi (phambili maphakathi) neqembu elijabulayo elalihamba naye ohambweni lokushumayela ‘ekhayeni labo lamaphayona elinamasondo’

[Isithombe ekhasini 445]

U-Arthur Willis, uTed Sewell, noBill Newlands—abathathu abayisa isigijimi soMbuso emaphandleni ase-Australia

[Isithombe ekhasini 447]

UFrank Dewar (oboniswe lapha nomkakhe namado-dakazi abo amabili) waya eThailand njengephayona elingalodwa ngo-1936 futhi wayesalokhu eyiphayona elikhethekile ngo-1992

[Isithombe ekhasini 447]

UChomchai Inthaphan wasebenzisa ikhono lakhe njengomhumushi ukuze afinyelele abantu abakhuluma isiThai ngezindaba ezinhle ezitholakala eBhayibhelini

[Isithombe ekhasini 448]

EJalimane, oFakazi BakaJehova basakaza kabanzi emphakathini lencwadi eyayiya ezikhulwini kodwa ingase ifundwe umphakathi ngo-1937, ngisho nakuba ukukhulekela kwabo kwakuvinjelwe uhulumeni

[Isithombe ekhasini 449]

Umkhaya kaFranz noHilda Kusserow—bonke ababengoFakazi BakaJehova abathembekile, nakuba bonke emkhayeni (ngaphandle kwendodana eyashona engozini) bayiswa emakamu okuhlushwa, emajele, noma ezikoleni zokuqondisa izigwegwe ngenxa yokholo lwabo

[Izithombe ekhasini 450]

Abanye e-Austria naseJalimane abafaka ukuphila kwabo engozini ukuze banyathelise kabusha noma basakaze ukwaziswa okuyigugu kokutadisha iBhayibheli okunjengalokhu okuboniswe lapha ngemuva

UTherese Schreiber

UPeter Gölles

U-Elfriede Löhr

U-Albert Wandres

U-August Kraft

U-Ilse Unterdörfer

[Isithombe ekhasini 454]

OFakazi emhlanganweni eShanghai, eChina, ngo-1936; kwabhapathizwa abayisishiyagalolunye kuleliqembu kulesosenzakalo

[Isithombe ekhasini 456]

Naphezu kokuvinjelwa kokukhulekela kwabo, laboFakazi baqhuba umhlangano eHargrave Park, ngaseSydney, e-Australia, ngo-1941

[Isithombe ekhasini 458]

OFakazi baseCuba besemhlanganweni eCienfuegos ngo-1939

[Isithombe ekhasini 459]

UN. H. Knorr (kwesobunxele) emhlanganweni eSão Paulo ngo-1945, umhumushi wakhe kungu-Erich Kattner

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela