Isahluko 32
“Ngalokho Bonke Bayakukwazi Ukuthi Ningabafundi Bami”
KWAKUNGU-NISAN 14, 33 C.E., ubusuku bokugcina bokuphila kukaJesu kwasemhlabeni. Wayazi ukuthi kwase kuseduze ukuba afe, kodwa wayengazicabangeli yena yedwa. Kunalokho, wasebenzisa lelithuba ngokunenzuzo ukuze akhuthaze abalandeli bakhe.
UJesu wayazi ukuthi izinto zazingeke zibahambele kahle ngemva kokuhamba kwakhe. ‘Babezozondwa izizwe zonke’ ngenxa yegama lakhe. (Math. 24:9) USathane wayezozama ukubahlukanisa phakathi nokubonakalisa. (Luka 22:31) Ngenxa yokuhlubuka, ngokushesha kwakuzoba namaKristu-mbumbulu. (Math. 13:24-30, 36-43) Futhi ‘ngenxa yokwanda kobubi kwakuzophola uthando lwabaningi.’ (Math. 24:12) Lapho bebhekene nakho konke lokhu, yini eyayizokwenza abafundi bakhe beqiniso bahlale benobunye? Ngaphezu kwakho konke, uthando lwabo ngoJehova yilona olwaluyoba isibopho esibahlanganisayo. (Math. 22:37, 38) Kodwa futhi kwakuzomelwe bathandane futhi lokho bakwenze ngendlela eyayizobenza bahluke ezweni. (Kol. 3:14; 1 Joh. 4:20) Luhlobo luni lothando uJesu athi lwaluyobabonakalisa ngokucacile abalandeli bakhe beqiniso?
Ngalobobusuku bokugcina, uJesu wabanika lomyalo: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Joh. 13:34, 35) UJesu wakhuluma ngothando izikhathi ezingaphezu kwezingu-20 ngalobobusuku. Futhi wakhipha umyalo wokuba ‘bathandane.’ (Joh. 15:12, 17) Ngokusobala, uJesu wayengacabangi nje ngabaphostoli bakhe abathembekile abangu-11 ababenaye ngalolosuku kusihlwa kodwa wayecabanga nangabo bonke abanye ekugcineni ababeyokwamukela ubuKristu beqiniso. (Qhathanisa noJohane 17:20, 21.) Umyalo wokuthandana wawuyohlanganisa amaKristu eqiniso “izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Math. 28:20.
Kodwa ingabe uJesu wayesho ukuthi noma ubani nomaphi ezweni obonisa umusa nothando kumakhelwane wakhe kwakuzothiwa ungomunye wabafundi bakaJesu beqiniso?
“Yibani Nothando Phakathi Kwenu”
Ngabo lobobusuku, uJesu wabuye washo okuningi okuphathelene nobunye. “Hlalani nisebunyeni nami,” etshela abafundi bakhe. (Joh. 15:4, NW) Wathandazela abalandeli bakhe ukuba “bonke babe munye,” wayesenezela, “njengoba wena Baba, unobunye nami futhi nami nginobunye nawe, ukuze nabo babe nobunye nathi.” (Joh. 17:21, NW) Kulomongo wabayala: “Yibani nothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:35, NW) Ngakho uthando lwabo lwalungeke lubonakaliswe kubangane abaseduze abambalwa kuphela noma ebandleni elilodwa. Enanela umyalo kaJesu, umphostoli uPetru kamuva wabhala: “Thandani yonke inhlangano yabazalwane [noma, ‘ubuzalwane’].” (1 Pet. 2:17, Kingdom Interlinear; qhathanisa neyoku-1 Petru 5:9.) Ngakho babezoba ubuzalwane obubumbene, bomhlaba wonke. Uthando olukhethekile lwaluyobafanela bonke abasemkhayeni wabakholwayo osembulungeni yonke ngoba babeyobhekwa njengabazalwane nodade.
Lwaluyobonakaliswa kanjani uthando olunjalo? Yini lena eyayiyohluka kangaka ngothando lwabo ngomunye nomunye eyayiyokwenza abanye babone ubufakazi obucacile bokuthi lobu ubuKristu beqiniso?
“Njengalokho Nginithandile”
“Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” wawusho njalo uMthetho uNkulunkulu awunika u-Israyeli eminyakeni engaphezu kwengu-1 500 ngaphambi kokuba uJesu aphile emhlabeni. (Lev. 19:18) Nokho, uthando olunjalo ngomakhelwane lwalungelona uhlobo lothando olwaluyokwenza abalandeli bakaJesu bahluke. UJesu wayecabanga ngothando olwaludlulela ngalé kokuthanda abanye njengoba uzithanda.
Umyalo wokuthandana, njengoba uJesu asho, ‘wawungumyalo omusha.’ Wawungemusha ngoba ungowamuva kunoMthetho kaMose, kodwa wawumusha ngezinga uthando okwakuyomelwe luboniswe ngalo. Nithandane “njengalokho nginithandile,” kuchaza uJesu. (Joh. 13:34) Uthando lwakhe ngabafundi bakhe lwalunamandla, lungaguquki. Kwakuwuthando lokuzidela. Walubonakalisa ngokubenzela okungaphezu nje kwezenzo ezimbalwa ezinhle. Wabondla ngokomoya, futhi lapho kudingeka, wanakekela izidingo zabo ezingokwenyama. (Math. 15:32-38; Marku 6:30-34) Futhi njengobufakazi obukhulu bothando lwakhe, wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo.—Joh. 15:13.
Lolo uhlobo lothando oluvelele olufunwa “umyalo omusha,” uthando abalandeli bakaJesu beqiniso ababeyoba nalo ngomunye nomunye. (1 Joh. 3:16) Obani namuhla abanikeza ubufakazi obucacile bokuthi balalela “umyalo omusha”? Ubufakazi obunikezwe ngaphambili kulencwadi bukhomba ngokucacile enhlanganweni eyodwa yamaKristu yomhlaba wonke.
Abaziwa ngendlela ekhethekile yokugqoka noma amasiko athile angavamile, kodwa baziwa ngokusondelana okunamandla nokufudumele. Banedumela lokubonisa uthando olunqoba ukungafani kobuhlanga nolweqa imingcele yobuzwe. Bayaziwa ngokunqaba ukulwa bodwa ngisho nalapho amazwe abahlala kuwo elwa. Abanye baye bahlatshwa umxhwele indlela abasizana ngayo ngezikhathi zokuhlupheka, njengalapho kuba nezinhlekelele ezingokwemvelo noma lapho amalungu athile obuzalwane babo eshushiswa ngenxa yokulondoloza ubuqotho kuNkulunkulu. Bakulungele ukukhuthazelela ubunzima noma ukubhekana nengozi ukuze basize abafowabo nodadewabo uKristu adela ukuphila kwakhe ngenxa yabo. Yebo, futhi bazimisele ukufelana. Uthando abalubonisayo luyingqayizivele ezweni elinobugovu obandayo. BangoFakazi BakaJehova.a
Isibonelo sokubonakaliswa okungokoqobo kothando olunjalo sabonakala ngemva kweSiphepho u-Andrew, esagadla ogwini lwaseFlorida, e-U.S.A., entathakusa ngoMsombuluko, ngo-August 24, 1992. Ngemva kwaso abantu abangaba ngu-250 000 basala bengenamakhaya. Phakathi kwalezozisulu kwakunezinkulungwane zoFakazi BakaJehova. Ngokushesha nje iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yasabela ngokumisa ikomiti elungiselela usizo futhi yahlela ukuba kutholakale imali yokusiza. Ababonisi abangamaKristu endaweni eyayithintekile ngokushesha bathintana noFakazi ngabanye ukuze bathole ukuthi izidingo zabo zazingakanani futhi babasize. NgoMsombuluko ekuseni, ngalo kanye usuku lwesiphepho, oFakazi baseNingizimu Carolina, esendaweni ekude kakhulu, kakade base bethumele endaweni yenhlekelele iloli elalithwele injini ephehla ugesi, amasaha, namanzi okuphuza. NgoLwesibili, ziza nezinto eziningi okwakunikelwe ngazo, izisebenzi zokuzithandela eziningi ezivela ngaphandle kwalelidolobha zafika zizosiza abazalwane bendawo ngokulungisa amaHholo OMbuso nemizi yabantu ngabanye. Ephawula ngemizamo yokusiza, owesifazane othile ongeyena uFakazi owayehlala ngaseHholo LoMbuso wathi: “Lolu kumelwe ukuba yiloluthando lobuKristu iBhayibheli elikhuluma ngalo.”
Ingabe uthando olunjalo lwaluzokwehla ngemva kwesenzo esisodwa noma ezimbili zomusa? Ingabe lwaluyoboniswa kuphela kubantu bohlanga olulodwa noma isizwe esisodwa? Lutho neze! Ngenxa yezimo zezombangazwe nezomnotho eziguquguqukayo eZaire, phakathi no-1992 oFakazi abangaphezu kuka-1 200 lapho balahlekelwa imizi yabo nakho konke okungokwabo. Abanye oFakazi eZaire ngokushesha babasiza. Nakuba nabo babecindezelekile, lokho ababenakho babuye bakuhlanganyela nababaleki ababefike eZaire bevela eSudan. Ngokushesha, izinto zokusiza zafika zivela eNingizimu Afrika naseFrance; phakathi kwazo kwakukhona ummbila, izinhlanzi ezigqunywe ngosawoti, nemithi yokwelapha—izinto ababengase bazisebenzise ngempela. Ngokuphindaphindiwe, kuye kwanikezwa usizo, lapho ludingeka. Futhi njengoba kwakuqhubeka lokhu, usizo olufanayo lwalunikezwa kwamanye amazwe amaningi.
Nokho, ukuba koFakazi BakaJehova nothando olunjalo akubenzi babe abanganaki. Bayaqaphela ukuthi, njengabalandeli bakaJesu Kristu, kumelwe baqhubeke beqaphile.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka iSahluko 19, esithi “Ukukhula Othandweni Ndawonye.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 710]
Luhlobo luni lothando uJesu athi lwaluyo-babonakalisa ngokucacile abalandeli bakhe beqiniso?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 711]
Babezoba ubuzalwane obubumbene, bomhlaba wonke
[Ibhokisi ekhasini 712]
“OFakazi Bayanakekelana Banakekele Nabanye”
Ngaphansi kwalesosihloko, i-“Miami Herald” yabika ngemizamo yokusiza yoFakazi BakaJehova eNingizimu Florida ngemva kwenhlekelele eyabangelwa iSiphepho u-Andrew ngo-August 1992. Lesisihloko sathi: “Abekho abaseHomestead abashaya iminyango uma bebona oFakazi BakaJehova kulelisonto—nakuba besenayo iminyango abangayishaya. Izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi ezicishe zibe ngu-3 000 ezivela ezweni lonke ziye zatheleka kulendawo enenhlekelele, okokuqala ukuze zisize abakubo, bese zisiza nabanye. . . . Amathani acishe abe ngu-150 okudla nezinye izinto kuye kwathunyelwa emaHholo OMbuso amabili endaweni yaseHomestead kusuka esikhungweni sokuqondisa eHholo LoMhlangano entshonalanga Broward County. Esuka kulamahholo, amaqembu ayasabalala usuku ngalunye ekuseni eyolungisa imizi yabafowabo abangoFakazi eyayicekelwe phansi. . . . Ikhishi lesikhashana ngokushesha lilungiselela ukudla kwabantu abangaphezu kwabangu-1 500, kathathu ngosuku. Futhi-ke akuwona nje ama-‘hot dog’ nama-‘doughnut.’ Izisebenzi zokuzithandela zazibusiswa ngesinkwa esibhakwe ekhaya, i-‘lasagna’ ephekwe isuswa phansi, osaladi bemifino eluhlaza, isitshulu, ama-‘flapjack’ nezinkwa ezicwiliswe enhlanganiseleni yobisi namaqanda zase zithoswa—konke okwakunikeliwe.”—August 31, 1992, ikhasi 15A.