Isahluko 13
Okwenza Ukuphila Ukuphila Kokuhlonipha UNkulunkulu Kulethe Injabulo
1. Kungani singase sithi indlela kaJehova iletha injabulo?
UJEHOVA ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ futhi ufuna ujabulele ukuphila. (1 Thimothewu 1:11) Ngokuhamba endleleni yakhe, ungazizuzisa futhi ube nokuthula okujulile nokuhlala njalo, njengomfula ogeleza njalo. Futhi ukuhamba endleleni kaNkulunkulu kushukumisela umuntu ukuba aqhubeke enza izenzo zokulunga, “njengamaza olwandle.” Lokhu kuletha injabulo yangempela.—Isaya 48:17, 18.
2. AmaKristu angajabula kanjani nakuba ephathwa kabi ngezinye izikhathi?
2 Abanye bangase baphikise, ‘Ngezinye izikhathi abantu bayahlupheka ngenxa yokwenza okulungile.’ Yiqiniso, futhi yilokho okwenzeka kubaphostoli bakaJesu. Nokho, nakuba babeshushiswa, bathokoza futhi baqhubeka “bememezela izindaba ezinhle ngoKristu.” (IzEnzo 5:40-42) Singafunda izifundo ezibalulekile kulokhu. Esinye siwukuthi ukuphila kwethu ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu akuqinisekisi ukuthi siyophathwa kahle ngaso sonke isikhathi. “Eqinisweni,” kubhala umphostoli uPawulu, “bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ebuhlotsheni noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) Isizathu salokhu siwukuthi uSathane nezwe lakhe bayaphikisana nalabo abaphila ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu. (Johane 15:18, 19; 1 Petru 5:8) Kodwa injabulo yangempela ayixhomekile ezintweni ezingaphandle. Kunalokho, ibangelwa ukuqiniseka ukuthi senza okulungile nokuthi ngenxa yalokho uNkulunkulu uyasamukela.—Mathewu 5:10-12; Jakobe 1:2, 3; 1 Petru 4:13, 14.
3. Ukukhulekelwa kukaJehova kufanele kukuthinte kanjani ukuphila komuntu?
3 Kunabantu abanomuzwa wokuthi bangathola umusa kaNkulunkulu ngokwenza izenzo zokuzinikela ngezikhathi ezithile kodwa bamkhohlwe ngezinye izikhathi. Ukukhulekelwa kukaJehova uNkulunkulu kweqiniso akunjalo. Kuthinta ukuziphatha komuntu ngaso sonke isikhathi aphapheme ngaso, nsuku zonke, minyaka yonke. Kungakho kubizwa nangokuthi ‘iNdlela.’ (IzEnzo 19:9; Isaya 30:21) Indlela yokuphila yokuhlonipha uNkulunkulu eyenza kudingeke sikhulume futhi senze ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu.
4. Kungani kuzuzisa ukwenza izinguquko ukuze uphile ngokuvumelana nezindlela zikaNkulunkulu?
4 Lapho abafundi abasha beBhayibheli bebona ukuthi kudingeka benze izinguquko ekuphileni kwabo ukuze bajabulise uJehova, bangase bazibuze, ‘Ingabe ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu kuyazuzisa ngempela?’ Ungaqiniseka ukuthi kuyazuzisa. Ngani? Ngoba “uNkulunkulu uluthando,” futhi ngenxa yalokho izindlela zakhe zihloselwe ukuzuzisa thina. (1 Johane 4:8) Futhi uNkulunkulu uhlakaniphile futhi uyazi ukuthi yini esilungele kangcono. Njengoba uJehova uNkulunkulu engumninimandla onke, uyakwazi ukusiqinisa ukuba sanelise isifiso sethu sokumjabulisa ngokuyeka umkhuba omubi. (Filipi 4:13) Ake sicabangele ezinye izimiso ezihilelekile ekuphileni kokuhlonipha uNkulunkulu futhi sibone ukuthi ukuzisebenzisa kuyiletha kanjani injabulo.
UKWETHEMBEKA KULETHA INJABULO
5. Lithini iBhayibheli ngokuqamba amanga nokweba?
5 UJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ (IHubo 31:5, qhathanisa ne-NW.) Ngokungangabazeki, ufisa ukulandela isibonelo sakhe futhi waziwe njengomuntu oneqiniso. Ukwethembeka kuholela ekuzihlonipheni nasemuzweni wenhlalakahle. Nokho, ngenxa yokuthi ukungathembeki kwande kakhulu kulelizwe elinesono, amaKristu adinga lesi sikhumbuzo: “Khulumani iqiniso lowo nalowo kini kumakhelwane wakhe . . . Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makenze umsebenzi onzima . . . ukuze abe nokuthile kokwabela othile oswele.” (Efesu 4:25, 28) Izisebenzi ezingamaKristu zenza umsebenzi wosuku ngokwethembeka. Ngaphandle kokuba zithole imvume yomqashi, azizithathi izinto zakhe. Kungakhathaliseki ukuthi kusemsebenzini, esikoleni, noma ekhaya, umkhulekeli kaJehova kumelwe ‘ethembeke ezintweni zonke.’ (Heberu 13:18) Noma ubani okwenza umkhuba ukuqamba amanga noma ukweba ngeke amukeleke kuNkulunkulu.—Duteronomi 5:19; IsAmbulo 21:8.
6.Ukwethembeka komuntu ohlonipha uNkulunkulu kungamkhazimulisa kanjani uJehova?
6 Ukwethembeka kuletha izibusiso eziningi. USelina ungumfelokazi ompofu wase-Afrika othanda uJehova uNkulunkulu nezimiso zakhe zokulunga. Ngolunye usuku, wathola isikhwama esasinencwadi yasebhange nesamba semali. Esebenzisa incwadi yezinombolo zocingo, wakwazi ukuthola umniniso—umninisitolo owayephangiwe. Leyo ndoda ayikukholelwanga eyakubona lapho uSelina, nakuba ayegula kakhulu, efika kuye elethe okwakusesikhwameni kunjengoba kwakunjalo. “Ukwethembeka okunjena kumelwe kuvuzwe,” washo emnika imali ethile. Okubaluleke nangaphezulu ukuthi lendoda yancoma inkolo kaSelina. Yebo, izenzo zokwethembeka zihlobisa imfundiso yeBhayibheli, zikhazimulisa uJehova uNkulunkulu, futhi zibalethele injabulo abakhulekeli bakhe abathembekile.—Thithu 2:10; 1 Petru 2:12.
UKUPHA KULETHA INJABULO
7. Yini engalungile ngokugembula?
7 Kuyajabulisa ukuba ophayo, kuyilapho abantu abanobugovu bengeke “bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:10) Uhlobo oluvamile lobugovu luwukugembula, okuwumzamo wokuzuza imali ngokulahlekelwa kwabanye. UJehova akabamukeli ‘abahahela inzuzo yokungathembeki.’ (1 Thimothewu 3:8) Ngisho nalapho ukugembula kuvunyelwe ngokomthetho futhi umuntu egembula ngoba kumnandi, angase alutheke futhi athuthukise umkhuba owonakalise ukuphila kwabaningi. Ngokuvamile ukugembula kuletha umthwalo onzima emkhayeni womuntu ogembulayo, ongase asale engenamali yokuthenga izinto ezidingekayo njengokudla nezambatho.—1 Thimothewu 6:10.
8. UJesu wasibeka kanjani isibonelo esihle sokupha, futhi singaba kanjani abaphayo?
8 Ngenxa yokupha kwawo kothando, amaKristu ayakujabulela ukusiza abanye, ikakhulukazi labo abakholwa nawo abaswelayo. (Jakobe 2:15, 16) Ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, wayebone ukupha uNkulunkulu ayekubonise esintwini. (IzEnzo 14:16, 17) UJesu ngokwakhe wanikela ngesikhathi sakhe, iziphiwo, ngisho nangokuphila kwakhe ngenxa yesintu. Ngakho, wayekufanelekela kahle ukuthi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Futhi uJesu watusa umfelokazi ompofu okwathi ngomoya wokupha wafaka izinhlamvu ezimbili ezincane ebhokisini lomcebo lasethempelini, ngoba wayenikele ‘ngokokuziphilisa kwakhe konke.’ (Marku 12:41-44) Ama-Israyeli asendulo namaKristu ekhulu lokuqala anikeza izibonelo zokupha ngenjabulo uma kuziwa ekunikezeni usizo lwezinto ezibonakalayo ebandleni nasemsebenzini woMbuso. (1 IziKronike 29:9; 2 Korinte 9:11-14) Ngaphezu kokunikela ngezinto ezibonakalayo ngenxa yalezi zinjongo, amaKristu osuku lwanamuhla ngenjabulo anikeza uNkulunkulu udumo futhi asebenzisa ukuphila kwawo enkonzweni yakhe. (Roma 12:1; Heberu 13:15) UJehova uyawabusisa ngenxa yokusebenzisa isikhathi sawo, amandla, nenye impahla, kuhlanganise nemali yawo, ukuze asekele ukukhulekela kweqiniso futhi aqhubekisele phambili umsebenzi womhlaba wonke wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.—IzAga 3:9, 10.
EZINYE IZICI EZIBANGELA INJABULO
9. Yini engalungile ngokuphuza uphuzo oludakayo ngokweqile?
9 Ukuze ajabule, amaKristu kumelwe abuye ‘alonde amandla awo okucabanga.’ (IzAga 5:1, 2, qhathanisa ne-NW.) Lokhu kwenza kudingeke ukuba afunde futhi azindle ngeZwi likaNkulunkulu nezincwadi zeBhayibheli ezakhayo. Kodwa kunezinto okumelwe zigwenywe. Ngokwesibonelo, ukuphuza uphuzo oludakayo ngokweqile kungenza umuntu ahluleke ukulawula ukucabanga kwakhe. Uma besesimweni esinjalo, abantu abaningi bahileleka ekuziphatheni okubi, babe nobudlova, futhi benze izingozi ezibulalayo. Akumangalisi ukuthi iBhayibheli lithi izidakwa ngeke ziwuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu! (1 Korinte 6:10) Ezimisele ukuhlale ‘ehluzekile engqondweni,’ amaKristu eqiniso ayakugwema ukudakwa, futhi lokhu kuyasiza ekwenzeni kube nenjabulo phakathi kwawo.—Thithu 2:2-6.
10. (a) Kungani amaKristu engawusebenzisi ugwayi? (b) Yiziphi izinzuzo eziza nokugqashula emikhubeni eluthayo?
10 Umzimba ohlanzekile unengxenye ekuletheni injabulo. Kodwa, abaningi baba imilutha yezinto eziluthayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngokusetshenziswa kukagwayi. I-World Health Organization ibika ukuthi ukubhema “kubulala abantu abayizigidi ezintathu unyaka ngamunye.” Ukugqashula emkhubeni kagwayi kungaba nzima ngenxa yemiphumela yesikhashana yokuyeka. Ngakolunye uhlangothi, abaningi ababebhema bathola ukuthi baba nempilo engcono nemali eyengeziwe yezidingo zomkhaya. Yebo, ukunqoba umkhuba kagwayi noma ukuluthwa ezinye izinto ezilimazayo kuyoba nengxenye ekubeni nomzimba ohlanzekile, unembeza okhululekile, nenjabulo yangempela.—2 Korinte 7:1.
INJABULO EMSHADWENI
11. Yini edingekayo ukuze umshado ube odunyiswayo, ongokomthetho nohlala njalo?
11 Labo abahlala ndawonye njengendoda nomfazi kufanele baqikelele ukuthi umshado wabo ubhaliswe ngokomthetho kwabayiziphathimandla. (Marku 12:17) Futhi kudingeka babheke isibopho somshado njengomthwalo wemfanelo ongathi sína. Yiqiniso, ukuhlala ngokwehlukana kungase kudingeke ngaphansi kwezimo zokungondli ngamabomu, ukuxhashazwa okudlulele, noma ukufakwa engozini ngokuphelele kwengokomoya. (1 Thimothewu 5:8; Galathiya 5:19-21) Kodwa amazwi omphostoli uPawulu akweyoku-1 Korinte 7:10-17 akhuthaza abangane bomshado ukuba bahlale ndawonye. Yiqiniso, ukuze babe nenjabulo yangempela kumelwe bathembeke komunye nomunye. UPawulu wabhala: “Umshado mawudunyiswe phakathi kwabo bonke, nombhede womshado ungabi nakungcola, ngoba uNkulunkulu uyokwahlulela izifebe neziphingi.” (Heberu 13:4) Inkulumo ethi ‘umbhede womshado’ isho ubuhlobo bobulili phakathi kowesilisa nowesifazane abashade ngokomthetho. Abukho obunye ubuhlobo bobulili, njengokushada namakhosikazi angaphezu kweyodwa, obungase buchazwe ngokuthi ‘budumisekile phakathi kwabo bonke.’ Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyabenqabela ubuhlobo bobulili ngaphambi komshado nobungqingili.—Roma 1:26, 27; 1 Korinte 6:18.
12. Yiziphi ezinye izithelo ezimbi zobufebe?
12 Ubufebe bungaletha injabulo engokwenyama okwesikhashana, kodwa abulethi injabulo yangempela. Abumjabulisi uNkulunkulu futhi bungashiya unembeza womuntu unezibazi. (1 Thesalonika 4:3-5) Imiphumela edabukisayo yobulili obungemthetho ingaba ingculaza nezinye izifo ezidluliselwa ngobulili. “Kuye kwalinganiselwa ukuthi emhlabeni wonke abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-250 baphathwa isipatsholo unyaka ngamunye, futhi abangaba izigidi ezingu-50 baba nogcunsula,” kusho umbiko othile wezokwelapha. Futhi kukhona nenkinga yokukhulelwa okungafunwa. I-International Planned Parenthood Federation ibika ukuthi, emhlabeni wonke, amantombazane angaphezu kwezigidi ezingu-15 aneminyaka yobudala ephakathi kuka-15 no-19 ayakhulelwa unyaka ngamunye, futhi eyodwa kwamathathu kuwo ikhipha isisu. Ukuhlola kwabonisa ukuthi kwelinye izwe lase-Afrika, kuwo wonke amantombazane evé eshumini nambili afayo, angamaphesenti angu-72 abulawa izinkinga ezihambisana nokukhipha isisu. Ezinye izifebe zingase zisinde ezifweni nasekukhulelweni kodwa ngeke ziphunyuke emonakalweni ongokomzwelo. Eziningi zilahlekelwa ukuzihlonipha futhi zize zizizonde.
13. Yiziphi izinkinga ezengeziwe ezibangelwa ukuphinga, futhi yini abayobhekana nayo labo abaqhubeka beyizifebe neziphingi?
13 Nakuba ukuphinga kungase kuxolelwe, kuyisizathu esifanelekayo ngokomBhalo sokuhlukanisa komngane womshado ongenacala. (Mathewu 5:32; qhathanisa noHoseya 3:1-5.) Lapho ukuziphatha okubi okunjalo kuholela ekuwohlokeni komshado, lokhu kungashiya izibazi ezijulile ezingokomzwelo kumngane womshado ongenacala nakubantwana. Ukuze kuzuze umkhaya wesintu, iZwi likaNkulunkulu liveza ukuthi zonke izifebe neziphingi ezingaphenduki ziyothola isahlulelo sakhe esibuhlungu. Ngaphezu kwalokho, libonisa ngokucacile ukuthi labo abakwenza umkhuba ukuziphatha kabi kobulili “ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.”—Galathiya 5:19, 21.
‘ABAYONA INGXENYE YEZWE’
14. (a) Yiziphi ezinye izinhlobo zokukhonza izithombe umuntu ohlonipha uNkulunkulu azigwemayo? (b) Yisiphi isiqondiso esinikezwe kuJohane 17:14 no-Isaya 2:4?
14 Labo abafisa ukujabulisa uJehova futhi bajabulele izibusiso zoMbuso bagwema ukukhonza izithombe kwanoma iluphi uhlobo. IBhayibheli libonisa ukuthi akulungile ukwenza nokukhulekela imifanekiso, kuhlanganise nokaKristu, noma unina kaJesu, uMariya. (Eksodusi 20:4, 5; 1 Johane 5:21) Ngakho, amaKristu eqiniso awazidumisi izithombe zenkolo, iziphambano, nemifanekiso. Futhi agwema izindlela ezicashile zokukhonza izithombe, njengezenzo zokuzinikela emafulegeni nokucula izingoma ezikhazimulisa izizwe. Lapho ephoqwa ukuba enze izenzo ezinjalo, akhumbula amazwi uJesu awasho kuSathane: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.” (Mathewu 4:8-10) UJesu wathi abalandeli bakhe ‘abayona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:14) Lokhu kusho ukungathathi-hlangothi ezindabeni zezombangazwe nokuhlala ngokuthula ngokuvumelana no-Isaya 2:4, othi: “[UJehova uNkulunkulu] uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”
15. Liyini iBabiloni Elikhulu, futhi yini abafundi beBhayibheli abaningi abasha abayenzayo ukuze baphume kulo?
15 ‘Ukungabi ingxenye yezwe’ kusho nokunqamula bonke ubudlelwane ‘neBabiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ukukhulekela okungahlanzekile kwasakazeka kusuka eBabiloni lasendulo kwaze kwaba yilapho kubusa ngokomoya ngendlela elimazayo phezu kwabantu emhlabeni wonke. “IBabiloni Elikhulu” lihlanganisa zonke izinkolo ezizimfundiso nemikhuba yazo akuvumelani nolwazi ngoNkulunkulu. (IsAmbulo 17:1, 5, 15) Akekho umkhulekeli kaJehova othembekile oyohlanganyela emisebenzini yokuxuba izinkolo ngokuhlanganyela ekukhulekeleni nezinkolo ezingefani noma ngokuba nobudlelwane obungokomoya nanoma iyiphi ingxenye yeBabiloni Elikhulu. (Numeri 25:1-9; 2 Korinte 6:14) Ngenxa yalokho, abafundi beBhayibheli abaningi abasha bathumela incwadi yokwesula ezinhlanganweni zenkolo abakuzo. Lokhu kuye kwabenza baba seduze noNkulunkulu weqiniso, njengoba kuthenjisiwe: “‘Phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engahlanzekile’; ‘ngizonamukela.’” (2 Korinte 6:17; IsAmbulo 18:4, 5) Akukhona yini ukwamukelwa uBaba wethu osezulwini okunjalo okulangazelela kakhulu?
UKUCABANGISISA NGEMIKHOSI YAMINYAKA YONKE
16. Kungani amaKristu eqiniso engawugubhi uKhisimusi?
16 Ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu kusikhulula ekugubheni amaholide ezwe okuvame ukuba umthwalo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli alilwembuli ngokuqondile usuku lokuzalwa kukaJesu. Abanye bangase bathi, ‘Bengicabanga ukuthi uJesu wazalwa ngo-December 25!’ Lokhu akunakuba njalo ngoba wafa entwasahlobo ka-33 C.E. eneminyaka engu-33 1/2 ubudala. Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi ezalwa, abelusi ‘babehleli ngaphandle futhi belinde imihlambi yabo phakathi nemilindo ebusuku.’ (Luka 2:8) Ezweni lakwa-Israyeli, uma sekuyophela u-December kusuke kuyinkathi enamakhaza nenemvula, izimvu ezivalelwa ngayo endaweni yokukhosela phakathi nobusuku ukuze zivikelwe esimweni sezulu sasebusika. Eqinisweni, u-December 25 wawubekwe amaRoma njengosuku lokuzalwa lukankulunkulu wawo welanga. Emakhulwini athile eminyaka ngemva kokuba uJesu ekade esemhlabeni, amaKristu ayizihlubuki amukela lolusuku ukuze agubhe ukuzalwa kukaKristu. Ngenxa yalokho, amaKristu eqiniso awawugubhi uKhisimusi noma amanye amaholide asekelwe ezinkolelweni ezingokwenkolo ezingamanga. Ngenxa yokuthi anikeza uJehova ukuzinikela okukhethekile, awawagubhi namaholide adumisa abantu abanesono noma izizwe.
17. Kungani abantu abahlonipha uNkulunkulu bengawenzi amaphathi ezinsuku zokuzalwa, futhi kungani abantwana bamaKristu bejabula noma kunjalo?
17 IBhayibheli likhuluma ngezikhathi ezimbili okwagujwa ngazo izinsuku zokuzalwa, zombili ezazihilela abantu ababengamkhonzi uNkulunkulu. (Genesise 40:20-22; Mathewu 14:6-11) Njengoba imiBhalo ingalwembuli usuku okwazalwa ngalo umuntu ophelele uJesu Kristu, kungani kufanele sigxilise ukunakekela okukhethekile ezinsukwini zokuzalwa zabantu abangaphelele? (UmShumayeli 7:1) Yiqiniso, abazali abahlonipha uNkulunkulu abalindi kuze kube usuku olukhethekile ngaphambi kokuba babonise abantwana babo uthando. Intombazane engumKristu eneminyaka engu-13 ubudala yaphawula: “Mina nomkhaya wakithi sijabula kakhulu. . . . Ngisondelene kakhulu nabazali bami, futhi lapho ezinye izingane zibuza ukuthi kungani ngingawagubhi amaholide, ngizitshela ukuthi ngiba nemikhosi nsuku zonke.” Omunye osemusha ongumKristu oneminyaka engu-17 ubudala wathi: “Ekhaya, ukuphana izipho kwenzeka unyaka wonke.” Kuba nenjabulo enkulu nakakhulu lapho izipho zizizela ngokuzenzekelayo.
18. Yimuphi umkhosi waminyaka yonke uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bawugcine, futhi usikhumbuzani?
18 Kulabo abaphishekela ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu, kunosuku olulodwa unyaka ngamunye olugujwa ngokukhethekile. ISidlo SeNkosi Sakusihlwa, ngokuvamile esibizwa ngokuthi iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Ngokuqondene nalo, uJesu wayala abalandeli bakhe: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19, 20; 1 Korinte 11:23-25) Lapho uJesu emisa lesi sidlo ngobusuku bukaNisan 14, 33 C.E., wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu, okwakumelela umzimba wakhe wobuntu ongenasono kanye negazi lakhe eliphelele. (Mathewu 26:26-29) Lezi zifanekiselo zidliwa futhi ziphuzwe amaKristu agcotshwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. Aye angeniswa esivumelwaneni esisha nasesivumelwaneni soMbuso, futhi anethemba lasezulwini. (Luka 12:32; 22:20, 28-30; Roma 8:16, 17; IsAmbulo 14:1-5) Noma kunjalo, izinzuzo zitholwa yibo bonke abakhona ngobusuku obuqondana noNisan 14 ekhalendeni lasendulo lamaJuda. Bakhunjuzwa ngothando olwaboniswa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu ngomhlatshelo wesihlengo ohlangula izono owenza ukuphila okungunaphakade kube nokwenzeka kulabo abamukelekayo ngokwaphezulu.—Mathewu 20:28; Johane 3:16.
UMSEBENZI NOKUZIJABULISA
19. Iyiphi inselele amaKristu abhekene nayo ukuze aziphilise?
19 AmaKristu anesibopho sokusebenza ngenkuthalo nokunakekela izidingo zawo. Ukufeza lokhu kwenza izinhloko zemikhaya zibe nomuzwa wokwaneliseka. (1 Thesalonika 4:11, 12) Yiqiniso, uma umsebenzi womKristu uphikisana neBhayibheli, lokhu bekuyomncisha injabulo. Nokho, ngezinye izikhathi kuba nzima ukuba umKristu athole umsebenzi ovumelana nezindinganiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, ezinye izisebenzi kuye kudingeke zikhohlise abathengi. Ngakolunye uhlangothi, abaqashi abaningi bangavuma ukushintsha becabangela unembeza wesisebenzi esithembekile, bengafuni ukulahlekelwa isisebenzi esinokwethenjelwa. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi kuvelani, ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyoyibusisa imizamo yakho yokuthola umsebenzi oyokushiya unonembeza ohlanzekile.—2 Korinte 4:2.
20. Kungani kufanele sikhethe uma kuziwa kwezokuzijabulisa?
20 Njengoba uNkulunkulu efuna izinceku zakhe zijabule, kudingeka silinganise ukusebenza ngenkuthalo nezinkathi eziqabulayo zokuzijabulisa nokuphumula. (Marku 6:31; UmShumayeli 3:12, 13) Izwe likaSathane likhuthaza ukuzijabulisa kokungamhloniphi uNkulunkulu. Kodwa ukuze sijabulise uNkulunkulu, kumelwe sikhethe izincwadi esizifundayo, izinhlelo zomsakazo nomculo esiwulalelayo, namakhonsathi, amabhayisikobho, imidlalo yaseshashalazini, izinhlelo zethelevishini, nama-video esiwabukelayo. Uma ukuzijabulisa esakukhetha esikhathini esidlule kuphikisana nezixwayiso ezisemibhalweni enjengoDuteronomi 18:10-12, iHubo 11:5, neyabase-Efesu 5:3-5, siyojabulisa uJehova futhi siyojabula ngokwengeziwe uma senza ushintsho.
INHLONIPHO NGOKUPHILA NEGAZI
21. Inhlonipho ngokuphila kufanele iwuthinte kanjani umbono wethu ngokukhipha isisu, imikhuba yethu kanye nokuziphatha?
21 Ukuze sibe nenjabulo yangempela, kudingeka sibheke ukuphila komuntu njengokungcwele, njengoba nje uJehova enza. IZwi lakhe liyasenqabela ukuba sibulale. (Mathewu 19:16-18) Eqinisweni, uMthetho kaNkulunkulu owanikwa u-Israyeli ubonisa ukuthi ubheka umbungu njengokuphila okuyigugu—hhayi njengento yokubulawa. (Eksodusi 21:22, 23) Ngenxa yalokho, akumelwe sithathe ukuphila njengento engasho lutho ngokusebenzisa ugwayi, sixhaphaze imizimba yethu ngezidakamizwa noma utshwala, noma sizifake ezingozini ngokungadingekile. Futhi akufanele senze noma yimiphi imisebenzi esongela ukuphila noma singazinaki izixwayiso zokuphepha, okungaphumela ekubeni necala legazi.—Duteronomi 22:8.
22. (a) Uyini umbono wokuhlonipha uNkulunkulu ngegazi nokusetshenziswa kwalo? (b) Igazi likabani okuwukuphela kwalo elisindisa ukuphila ngempela?
22 UJehova watshela uNowa nomkhaya wakhe ukuthi igazi limelela umphefumulo, noma ukuphila. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wabenqabela ukuba badle noma iliphi igazi. (Genesise 9:3, 4) Njengoba siyinzalo yabo, lowo mthetho usibopha sonke. UJehova watshela ama-Israyeli ukuthi igazi kwakumelwe lichithwe emhlabathini futhi kwakungamelwe lisetshenziselwe izinjongo zomuntu siqu. (Duteronomi 12:15, 16) Futhi lomthetho kaNkulunkulu ophathelene negazi waphindwa lapho amaKristu ekhulu lokuqala eyalwa: “Niqhubeke nideda . . . egazini.” (IzEnzo 15:28, 29) Ngenxa yokuhlonipha ubungcwele bokuphila, abantu abahlonipha uNkulunkulu abakwamukeli ukumpontshelwa igazi, nakuba abanye bephikelela bethi inqubo enjalo ingasindisa ukuphila. Ezinye izindlela eziningi zokwelapha ezamukelwa oFakazi BakaJehova ziye zaphumelela kakhulu futhi azimfaki umuntu ezingozini eziza nokumpontshelwa igazi. AmaKristu ayazi ukuthi yigazi elachithwa likaJesu kuphela elisindisa ukuphila ngempela. Ukuba nokholo kulo kuletha intethelelo nethemba lokuphila okungunaphakade.—Efesu 1:7.
23. Iyini eminye imivuzo yokuphila ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu?
23 Ngokusobala, ukuphila ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu kudinga umzamo. Kungase kwenze amalungu omkhaya noma abantu obajwayele bakuhleke usulu. (Mathewu 10:32-39; 1 Petru 4:4) Kodwa imivuzo yokuphila ukuphila okunjalo ikudlula kude noma ikuphi ukulingwa. Kwenza umuntu abe nonembeza ohlanzekile nobuhlobo obuhle nabakhulekeli bakaJehova abakanye naye. (Mathewu 19:27, 29) Cabanga futhi ngokuphila kuze kube phakade ezweni elisha lokulunga likaNkulunkulu. (Isaya 65:17, 18) Futhi yeka ukuthi kujabulisa kangakanani ukwenza ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli futhi kanjalo wenze inhliziyo kaJehova ithokoze! (IzAga 27:11) Yingakho ukuphila ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu kuletha injabulo!—IHubo 128:1, 2.
HLOLA ULWAZI LWAKHO
Yiziphi izizathu ezenza ukuphila ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu kulethe injabulo?
Ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu kungase kwenze kudingeke ziphi izinguquko?
Kungani ufuna ukuphila ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 124, 125]
Imisebenzi engokomoya elinganiswe nezikhathi zokuphumula inengxenye enjabulweni yalabo abaphila ukuphila kokuhlonipha uNkulunkulu