Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ed k. 10-k. 13 isig. 1
  • Izinhlelo Zemfundo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinhlelo Zemfundo
  • OFakazi BakaJehova Nemfundo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ezinye Izikole
  • Ingabe Ingane Yami Kufanele Iye Esikoleni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Imfundo YeBhayibheli Ikhuthaza Ukufunda Nokubhala
    I-Phaphama!—2015
  • Uhlelo Lwemfundo Olubanzi
    I-Phaphama!—2000
  • Ikhono Lokufunda Phakathi Kwabantu BakaNkulunkulu
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
OFakazi BakaJehova Nemfundo
ed k. 10-k. 13 isig. 1

Izinhlelo Zemfundo

OFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngomsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli.

NGENXA yokuthi umsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli bawubheka njengobalulekile, abanye bangase bacabange ukuthi abanasithakazelo emfundweni yezwe. Kodwa akunjalo. Ukuze umfundisi akwazi ukufundisa abanye, kufanele yena aqale afunde, futhi lokhu kudinga ukuqeqeshwa nokufundiswa okufanele. Ngakho ngaphezu kokuyisebenzisa ngokunenzuzo imfundo yezwe, sekuyiminyaka eminingi oFakazi BakaJehova bezuza ezinhlelweni zemfundo nasezikoleni ezihlukahlukene eziqhutshwa yi-Watch Tower Society. Ziye zasiza oFakazi nabanye abantu ukuba bazithuthukise ngokwengqondo, ngokuziphatha, nangokomoya.

Ngokwesibonelo, emazweni amaningi oFakazi baye babhekana nenselele ekhethekile—yokuthi bazobafundisa kanjani abantu abathole amathuba amancane emfundo efanele noma abangawatholanga nhlobo, futhi ngenxa yalokho abangakwazi ukufunda noma ukubhala. Ukuze i-Watch Tower Society ihlangabezane nalesi sidingo iye yahlela izinhlelo zokufundisa abangafundile.

Ngokwesibonelo, eNigeria oFakazi BakaJehova bebelokhu beqhuba amakilasi okufundisa abangafundile kusukela ngo-1949. Ngo-1961, izinkulungwane zabaseNigeria zase zikufundile ukuzifundela, futhi imibiko egciniwe ibonisa ukuthi phakathi kuka-1962 no-1994, kula makilasi kuye kwafundiswa ingqikithi yabantu abadala abangu-25 599 ukufunda nokubhala. Ukuhlola kwamuva kubonise ukuthi amaphesenti angaphezu kuka-90 oFakazi BakaJehova eNigeria ayakwazi ukufunda nokubhala, uma kuqhathaniswa namaphesenti angaphansi kuka-50 abanye abantu bakhona. EMexico, i-Watch Tower Society iye yaqhuba amakilasi abangafundile kusukela ngo-1946. Phakathi no-1994, abantu abangaphezu kuka-6 500 bafundiswa ukufunda nokubhala. Phakathi kuka-1946 no-1994, abangaphezu kuka-127 000 basizwa ukuba bakwazi ukufunda nokubhala. Amakilasi okufundisa abangafundile aye ahlelwa nakwamanye amazwe amaningi, njengaseBolivia, eCameroon, eHonduras, naseZambia.

Izinhlelo ezinjalo zabangafundile ngokuvamile ziye zaqashelwa izikhulu zemfundo emazweni eziye zenziwa kuwo. Ngokwesibonelo, eMexico, isisebenzi sikahulumeni sabhala: “Ngiyabonga ngokubambisana kwenu nathi, futhi egameni likahulumeni wezwe nginihalalisela ngobuqotho ngomsebenzi wenu ophakeme othuthukayo ozuzisa abantu ngokuletha ukukhanya kolwazi kwabangafundile. . . . Nginifisela impumelelo emsebenzini wenu wokufundisa.”

ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova bawubheka njengobaluleke kakhulu umsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli, bazama ukuthuthukisa ikhono labo lokuchazela abanye izimfundiso zeBhayibheli. Ukuze kunikezwe lolu hlobo losizo, ebandleni ngalinye kwangaphezu kuka-75 000 emhlabeni wonke, masonto onke kuqhutshwa umhlangano obizwa ngokuthi iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Bonke ababhalisile, kungakhathaliseki ukuthi bangoFakazi noma cha, bayashintshana ngokunikeza inkulumo emfushane phambi kwezilaleli ngesihloko esikhethwe kusengaphambili. Kungakhathaliseki ubudala babo, abafundi babe sebethola iseluleko esivela kumqhubi ngenjongo yokubaqeqesha emakhonweni okufunda nokukhuluma obala. Ngisho nabancane kakhulu, lapho nje sebekwazi ukufunda, bangabhalisa futhi bathole lokhu kuqeqeshwa, okubonakala kubasiza nakwezinye izici, kuhlanganise nasemfundweni yabo yezwe. Othisha abaningi baye baphawula ukuthi abafundi abangoFakazi bakwazi kahle kakhulu ukuveza imicabango yabo.

Ngaphezu kwalokho, ibandla ngalinye loFakazi BakaJehova likhuthazwa ukuba libe nomtapo onezinsiza-kufundisa zeBhayibheli, izichazamazwi, nezinye izincwadi zokucwaninga eHholo lalo, noma indawo elihlanganela kuyo. Lo mtapo usetshenziswa yibo bonke ababa khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Emabandleni abo bakhuthazwa ngomusa ukuba bafunde, futhi umkhaya ngamunye ngokufanayo ukhuthazwa ukuba ube nomtapo womkhaya onezincwadi ezihlukahlukene ezihlanganisa izidingo zezingane nabantu abadala.

Ezinye Izikole

I-Watch Tower Society iqhuba nezikole zokuqeqesha izithunywa zevangeli zabo bobubili ubulili, kanye nezikole zokuqeqesha amadoda anemithwalo yemfanelo yenkonzo emabandleni akuwo. Lezi zikole ziwubufakazi obengeziwe bokuthi oFakazi BakaJehova bayibheka njengebaluleke kakhulu imfundo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]

Abafundi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini baqeqeshelwa ukufunda nokukhuluma obala

[Isithombe ekhasini 12]

Emabandleni abo bakhuthazwa ngomusa ukuba bafunde, futhi umkhaya ngamunye ngokufanayo ukhuthazwa ukuba ube nomtapo womkhaya onezincwadi ezihlukahlukene

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela