Isifundo 12
Ukubonisa Inhlonipho Ngokuphila Negazi
Kufanele sikubheke kanjani ukuphila? (1)ukukhishwa kwesisu? (1)
AmaKristu abonisa kanjani ukuthi ayakukhathalela ukuphepha? (2)
Ingabe akulungile ukubulala izilwane? (3)
Yimiphi eminye imikhuba engabonisi inhlonipho ngokuphila? (4)
Uthini umthetho kaNkulunkulu ngegazi? (5)
Ingabe lokhu kuhlanganisa nokumpontshelwa igazi? (6)
1. UJehova unguMthombo wokuphila. Konke okuphilayo kukweleta uNkulunkulu ngokuphila kwako. (IHubo 36:9) Ukuphila kungcwele kuNkulunkulu. Ngisho nokuphila kwengane engakazalwa ngaphakathi kunina kuyigugu kuJehova. Ukubulala ngamabomu umntwana onjalo osakhula akulungile emehlweni kaNkulunkulu.—Eksodusi 21:22, 23; IHubo 127:3.
2. AmaKristu eqiniso ayakukhathalela ukuphepha. Ayaqikelela ukuthi izimoto zawo nemizi yawo kuphephile. (Duteronomi 22:8) Izinceku zikaNkulunkulu azifaki ukuphila kwazo engozini ngokungadingekile ukuze nje zizijabulise. Ngakho azihlanganyeli emidlalweni enobudlova elimaza abanye abantu ngamabomu. Ziyakugwema ukuzijabulisa okukhuthaza ubudlova.—IHubo 11:5; Johane 13:35.
3. Ukuphila kwezilwane nako kungcwele kuMdali. UmKristu angase azibulale izilwane ukuze athole ukudla nezingubo zokugqoka noma ukuze azivikele ekuguleni nasengozini. (Genesise 3:21; 9:3; Eksodusi 21:28) Kodwa akulungile ukuphatha kabi izilwane noma ukuzibulala ngoba nje kuwumdlalo futhi kujabulisa.—IzAga 12:10.
4. Ukubhema, ukuhlafuna i-betel nut, noma ukusebenzisa izidakamizwa ngenjongo yokuzijabulisa akulungile kumaKristu. Lemikhuba ayilungile ngoba (1) isenza izigqila zayo, (2) ilimaza imizimba yethu, futhi (3) ayihlanzekile. (Roma 6:19; 12:1; 2 Korinte 7:1) Kungaba nzima kakhulu ukuyeka lemikhuba. Kodwa kumelwe siyiyeke ukuze sijabulise uJehova.
5. Igazi nalo lingcwele emehlweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu uthi umphefumulo, noma ukuphila, kusegazini. Ngakho akulungile ukudla igazi. Akulungile futhi ukudla inyama yesilwane esingophanga ngendlela efanele. Uma isilwane siklinyiwe noma sifele esicuphweni, akufanele sidliwe. Uma sibulewe ngomkhonto noma sidutshuliwe, kumelwe sophiswe ngokushesha uma sizodliwa.—Genesise 9:3, 4; Levitikusi 17:13, 14; IzEnzo 15:28, 29.
6. Ingabe akulungile ukuvuma ukumpontshelwa igazi? Khumbula, uJehova ufuna sidede egazini. Lokhu kusho ukuthi akumelwe nanini, nganoma iyiphi indlela, sifake igazi labanye abantu emizimbeni yethu noma ngisho nelethu siqu ebeligciniwe. (IzEnzo 21:25) Ngakho amaKristu eqiniso ngeke akuvume ukumpontshelwa igazi. Ayozamukela ezinye izinhlobo zokwelapha, njengokumpontshelwa imikhiqizo engenalo igazi. Ayakufuna ukuphila, kodwa ngeke azame ukusindisa ukuphila kwawo ngokuphula imithetho kaNkulunkulu.—Mathewu 16:25.
[Izithombe ekhasini 25]
Ukuze sijabulise uNkulunkulu, kumelwe sigweme ukumpontshelwa igazi, imikhuba engahlanzekile, nezingozi ezingadingekile