Isahluko Seshumi Nesishiyagalolunye
Ubuzenzisi Buyadalulwa!
1. UJesu noJehova babubheka kanjani ubuzenzisi, futhi ngosuku luka-Isaya bunhloboni?
“NGEMPELA ngaphandle [nina] nibonakala nilungile kubantu,” kusho uJesu kubaholi benkolo bosuku lwakhe, “kodwa ngaphakathi nigcwele ubuzenzisi nokungabi namthetho.” (Mathewu 23:28) Ukulahla kukaJesu ubuzenzisi kuveza umbono kaYise osezulwini. Isahluko 58 sesiprofetho sika-Isaya, sigxila ikakhulu ebuzenzisini obudlangile kwaJuda. Izingxabano, ukucindezela nobudlova kuyinsakavukela, kanti neSabatha seligcinwa njengesiko nje elingasho lutho. Abantu banikela inkonzo yokugcina icala nje kuJehova futhi babukisa ngokuthi bangcwele ngokuzila ukudla kokuzenzisa. Yingakho uJehova ebadalula!
‘Tshela Abantu Izono Zabo’
2. U-Isaya ubonisa umoya onjani njengoba ememezela isigijimi sikaJehova, futhi obani abanjengaye namuhla?
2 Yize ukuziphatha kukaJuda kumnenga uJehova, amazwi akhe ahlanganisa nokunxusa okusuka enhliziyweni kokuba lesi sizwe siphenduke. Noma kunjalo, uJehova akafuni kungazwakali kahle ukusola kwakhe. Ngakho uyala u-Isaya: “Memeza ngalo lonke iphimbo; ungagodli. Phakamisa izwi lakho njengophondo, ubatshele abantu bami ukuvukela kwabo, indlu kaJakobe izono zayo.” (Isaya 58:1) Ukumemezela kuka-Isaya amazwi kaJehova ngesibindi kungase kumenze abe nyamana mbana kubantu, kodwa akayeki. Usenomoya wokuzinikela ofanayo nayenawo lapho ethi: “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Yeka isibonelo esihle sokukhuthazela u-Isaya ayiso koFakazi BakaJehova banamuhla, nabo abathunywe ukuba bashumayele iZwi likaNkulunkulu futhi badalule ubuzenzisi benkolo!—IHubo 118:6; 2 Thimothewu 4:1-5.
3, 4. (a) Abantu bangosuku luka-Isaya bashaya sengathi benzani? (b) Sinjani isimo sangempela kwaJuda?
3 Ngokusobala, abantu bangosuku luka-Isaya bayamfuna uJehova futhi bayazijabulela izahlulelo zakhe ezilungile. Sifunda amazwi kaJehova: “Usuku nosuku yimi ababelokhu bemfuna, futhi bebonisa ukujabula ngolwazi lwezindlela zami, njengesizwe esasiqhuba ubulungisa esasingazange sibushiye ubulungisa bukaNkulunkulu waso, ngoba sasilokhu sicela kimi izahlulelo zokulunga, sisondela kuNkulunkulu esasijabula ngaye.” (Isaya 58:2) Ingabe izindlela zikaJehova bazijabulela ngobuqotho? Cha. Bafana ‘nesizwe esasiqhuba ubulungisa,’ kodwa lokhu ukufana nje okungasho lutho. Eqinisweni, lesi sizwe ‘sibushiyile ubulungisa bukaNkulunkulu waso.’
4 Isimo sifana naleso umprofethi uHezekeli ambulelwa sona kamuva. UJehova watshela uHezekeli ukuthi amaJuda ayethi komunye nomunye: “Wozani, nizwe ukuthi lithini izwi elivela kuJehova.” Kodwa uNkulunkulu waxwayisa uHezekeli ngokungabi qotho kwawo: “Bazongena beze kuwe, . . . futhi ngokuqinisekile bazowezwa amazwi akho kodwa ngeke bawenze; ngoba ngomlomo wabo bazwakalisa izifiso zokukhanuka futhi inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo engenabulungisa. Futhi, bheka! kubo ufana nengoma yothando oluvusa izinzwa, unjengomuntu onezwi elimtoti futhi obetha kahle insimbi yomculo enezintambo. Ngokuqinisekile bazowezwa amazwi akho, kodwa akekho noyedwa owenzayo.” (Hezekeli 33:30-32) Abantu besikhathi sika-Isaya nabo bathi bafuna uJehova zikhathi zonke, kodwa abawalaleli amazwi akhe.
Ukuzila Ukudla Kokuzenzisa
5. AmaJuda azama ukuwuthola kanjani umusa waphezulu, futhi uJehova usabela kanjani?
5 Ezama ukuthola umusa waphezulu, amaJuda enza imicikilisho yokuzila ukudla, kodwa ukulunga kwawo kokuzenzisa kuyowehlukanisa noJehova. Abuza ngokumangala: “Kungasiphi isizathu sizila ukudla kodwa wena wangabona, sahlupha imiphefumulo yethu kodwa wena ungaqapheli?” UJehova ulimisa ngesihloko, uthi: “Impela nina nanijabula ngosuku lokuzila kwenu ukudla, lapho kwakukhona bonke abakhandlekayo kini enanilokhu nibaqhuba ukuba basebenze. Ngempela nanizila ukudla ngenxa yezingxabano nokulwa, nangenxa yokushaya ngenqindi yobubi. Anizange yini niqhubeke nizila ukudla njengasosukwini lokwenza izwi lenu lizwakale endaweni ephakeme? Ingabe ukuzila ukudla engikukhethayo kufanele kube ngale ndlela, kube usuku lokuba umuntu wasemhlabeni ahluphe umphefumulo wakhe? Lokukhothamisa ikhanda lakhe njengekhwane, nokuba endlale indwangu yesaka nomlotha kube ukhukho lwakhe? Ingabe yikho lokhu enikubiza ngokuthi ukuzila ukudla nosuku olwamukelekayo kuJehova?”—Isaya 58:3-5.
6. Yiziphi izenzo zamaJuda ezibonisa ukuthi ukuzila kwawo ukudla okokuzenzisa?
6 Yize bezila ukudla, bezishaya abalungile, futhi becela ngisho nezahlulelo zikaJehova ezilungile, abantu baphishekela izinjabulo zobugovu nezinzuzo kwezamabhizinisi. Bayalwa, bacindezele futhi banobudlova. Bezama ukugqiba ukuziphatha kwabo, bakhala ngendlela yokubukisa—bayethisa amakhanda njengekhwane futhi bahlale endwangwini yesaka nasemlotheni—njengokungathi bayaphenduka ezonweni zabo. Kusizani konke lokhu uma beqhubeka bevukela? Ababonisi kudabuka nokuphenduka kokuhlonipha uNkulunkulu okufanele kuhambisane nokuzila ukudla okuqotho. Isililo sabo—yize sibanga umsindo—asizwakali ezulwini.
7. AmaJuda osuku lukaJesu azenzisa kanjani, futhi abaningi namuhla bakwenza kanjani okufanayo?
7 AmaJuda osuku lukaJesu nawo abukisa ngokuzila ukudla ngendlela efanayo, amanye ekuzila kabili ngesonto! (Mathewu 6:16-18; Luka 18:11, 12) Abaholi benkolo abaningi nabo balingisa isizukulwane sika-Isaya ngokuba nesihluku nangokuqinela abanye. Ngakho, uJesu wabadalula ngesibindi labo bazenzisi benkolo, wabatshela ukuthi ukukhulekela kwabo kwakuyize. (Mathewu 15:7-9) Nanamuhla abantu abayizigidi “bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo, ngoba bayanengeka futhi abalaleli futhi abamukelekeli msebenzi omuhle wanoma iluphi uhlobo.” (Thithu 1:16) Labo bantu bangase babe nethemba lokuthola isihe sikaNkulunkulu, kodwa ukuziphatha kwabo kwembula ukuthi abaqotho neze. Ngokuphambene nalokho, oFakazi BakaJehova babonisa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kwangempela nothando lobuzalwane lweqiniso.—Johane 13:35.
Okuhilelekile Ekuphendukeni Kweqiniso
8, 9. Yiziphi izinyathelo ezinhle okumelwe zihambisane nokuphenduka okuqotho?
8 UJehova ufuna ukuba abantu bakhe benze okungaphezu nje kokuzila ukudla ngenxa yezono zabo; ufuna baphenduke. Bayobe sebethola umusa wakhe. (Hezekeli 18:23, 32) Uthi ukuze ukuzila ukudla kufeze okuthile, kumelwe kuhambisane nokulungiswa kwezono zangaphambili. Cabangela imibuzo ehlola inhliziyo uJehova ayibuzayo: “Akukhona yini lokhu ukuzila ukudla engikukhethayo? Ukuba nithukulule izibopho zokukhohlakala, niqaqe imichilo yomgoqo wejoka, futhi nibamukise bekhululekile abachotshoziwe, nokuba nigqabule yonke imigoqo yamajoka?”—Isaya 58:6.
9 Izibopho nemigoqo yejoka kukufanekisela kahle ukugqilazwa ngesihluku. Ngakho, kunokuba bazile ukudla bebe becindezela abakholwa nabo, abantu kufanele ngabe balalela lo myalo: “Kumelwe uthande umuntu wakini njengoba uzithanda wena.” (Levitikusi 19:18) Kufanele bakhulule bonke abantu ababacindezele nababagqilaze kungafanele.a Izenzo zenkolo zokubukisa, njengokuzila ukudla, aziyithathi indawo yokuzinikela ngobuqotho kuNkulunkulu neyezenzo ezibonisa uthando lobuzalwane. Umprofethi uMika, owaphila sikhathi sinye no-Isaya, uyabhala: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa futhi uthande umusa, ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”—Mika 6:8.
10, 11. (a) Yini engaba ngcono ngamaJuda ukuba ayenze kunokuzila ukudla? (b) AmaKristu namuhla angasisebenzisa kanjani iseluleko sikaJehova kumaJuda?
10 Ubulungisa, umusa nesizotha kudinga ukuba abanye benzelwe okuhle, okungumnyombo woMthetho kaJehova. (Mathewu 7:12) Okungcono kakhulu kunokuzila ukudla kungaba ukwabela abaswele enaleni yabo. UJehova uyabuza: “[Ukuzila ukudla engikukhethayo] akukhona yini ukuhlukanisela olambile isinkwa sakho, nokuba ungenise abantu abahluphekile, abangenamakhaya endlini yakho? Ukuthi, uma kwenzeka ubona umuntu ehamba-ze, umembese, nokuthi ungazifihli enyameni yakho siqu?” (Isaya 58:7) Yebo, kunokuba babukise ngokuzila ukudla, labo abanamandla okupha kumelwe baphe ezinye izakhamuzi zakwaJuda—abantu bakubo—ukudla, izingubo nezindawo zokukhosela.
11 Lezi zimiso ezinhle zothando lobuzalwane nesihawu ezashiwo uJehova zazingasebenzi kumaJuda esikhathi sika-Isaya kuphela. Ziyawaqondisa namaKristu. Ngakho, umphostoli uPawulu wabhala: “Khona-ke ngempela, uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Ibandla lamaKristu kumelwe libe isidleke sothando nesothando lobuzalwane, ikakhulukazi uma kucatshangelwa izikhathi esiphila kuzo eziya ziba bucayi.—2 Thimothewu 3:1; Jakobe 1:27.
Ukulalela Kuletha Izibusiso Ezicebile
12. Yini uJehova ayoyenza uma abantu bakhe bemlalela?
12 Ukube nje abantu bakaJehova bebengaba nokuqonda ukuze balalele ukubasola kwakhe ngothando! UJehova uthi: “Ukube bekunjalo ukukhanya kwakho bekuyokhanya njengokuntwela kokusa; futhi ukululama bekuyovela ngokushesha kuwe. Ukulunga kwakho bekuyohamba phambi kwakho; yona kanye inkazimulo kaJehova ibiyoba ibutho lakho labaqaphi elingasemuva. Ukube bekunjalo ubuyobiza, uJehova ngokwakhe ubeyophendula; ubuyokhala ucela usizo, yena ubeyothi, ‘Ngilapha!’” (Isaya 58:8, 9a) Yeka amazwi anothando nakhangayo! UJehova uyababusisa futhi abavikele labo abajabulela umusa wothando nokulunga. Uma abantu bakaJehova beluyeka unya nobuzenzisi babo futhi bamlalele, izinto zingabahambela kahle. UJehova uyobenza ‘balulame,’ babe isizwe esingcono ngokomoya nangokwenyama. Uyobaqondisa futhi, njengoba nje aqondisa okhokho babo ngesikhathi besuka eGibithe. Futhi uyosabela ngokushesha lapho bekhalela usizo.—Eksodusi 14:19, 20, 31.
13. Yiziphi izibusiso amaJuda ayozithola uma esabela ekunxuseni kukaJehova?
13 UJehova manje uqhubeka nokunxusa kwasekuqaleni, ethi: “Uma uzosusa phakathi kwakho umgoqo wejoka [wobugqili obunonya nobungafanele], ukuhlokoza ngomunwe [cishe ukudelela noma ukumangalela okungamanga] nokukhuluma okulimazayo; futhi unike olambileyo isifiso somphefumulo wakho, wanelise umphefumulo ohlushwayo, ukukhanya kwakho nakho ngokuqinisekile kuyobaneka ngisho nasebumnyameni, futhi isigayegaye sakho siyoba njengemini bebade.” (Isaya 58:9b, 10) Ubugovu nonya kuyambulala umuntu futhi kumlethele ulaka lukaJehova. Kodwa umusa nokupha, ikakhulukazi uma kwenzelwa abalambile nabahluphekayo, kuletha isibusiso sikaNkulunkulu esicebile. Ukube nje amaJuda abezowalalela la maqiniso! Khona-ke ukuchuma kwawo okungokomoya bekuyowenza akhanye njengelanga lasemini, isuke yonke inkungu. Ngaphezu kwakho konke, abeyoletha udumo kuJehova, uMthombo wenkazimulo nezibusiso zawo.—1 AmaKhosi 8:41-43.
Isizwe Esibuyiselwe
14. (a) Abantu abaphila no-Isaya basabela kanjani emazwini akhe? (b) UJehova uyaqhubeka enikezani?
14 Kuyadabukisa ukuthi lesi sizwe asikunaki ukunxusa kukaJehova futhi singena sigamanxe ebubini. Ekugcineni, uJehova ube esephoqeleka ukuba asiyise ekudingisweni, njengoba nje ayexwayisile. (Duteronomi 28:15, 36, 37, 64, 65) Noma kunjalo, amazwi kaJehova alandelayo awasho ngo-Isaya ayaqhubeka enikeza ithemba. UNkulunkulu ubikezela ukuthi insali ekwamukelile ukuyalwa nezisolayo iyophindela ezweni lakwaJuda yethabile, nakuba liyobe liyincithakalo.
15. Yikuphi ukubuyiselwa okujabulisayo okubikezelwa uJehova?
15 Ekhomba phambili ekubuyiselweni kwabantu bakhe ngo-537 B.C.E., uJehova, ngo-Isaya, uthi: “UJehova uyobopheka ukuba akuhole njalo futhi anelise umphefumulo wakho ngisho nasezweni elihangukile, futhi uyowahlumelelisa amathambo akho; kumelwe ube njengensimu eniselwa kahle, nanjengomthombo wamanzi, [“isiphethu,” The New English Bible], omanzi awo angakhohlisi [“angapheli,” NE].” (Isaya 58:11) UJehova uyokwenza izwe lika-Israyeli elihangukile liphinde lithele. Okuhle nakakhulu ukuthi uyobabusisa abantu bakhe abaphendukile, ahlumelelise “amathambo” abo, asuke esimweni sokufa ngokomoya abe namandla. (Hezekeli 37:1-14) Abantu ngokwabo bayoba “njengensimu eniselwa kahle” egcwele izithelo ezingokomoya.
16. Liyobuyiselwa kanjani izwe?
16 Ukubuyiselwa kuyohlanganisa ukwakhiwa kabusha kwemizi eyabhujiswa abahlaseli baseBabiloni ngo-607 B.C.E. “Ngokugqugquzela kwakho ngokuqinisekile abantu bayokwakha izindawo ezabhuqwa esikhathini eside; uyovusa ngisho nezisekelo zezizukulwane eziqhubekayo. Empeleni uyobizwa ngokuthi umlungisi wesikhala, umlungisi wemigwaqo okuyohlalwa ngakuyo.” (Isaya 58:12) Lezi zinkulumo ezifanayo ezithi “izindawo ezabhuqwa esikhathini eside” nethi ‘izisekelo zezizukulwane eziqhubekayo’ (noma, izisekelo osekuyizizukulwane ngezizukulwane zingamanxiwa) zibonisa ukuthi insali ebuyiselwe ezweni lakubo iyoyakha kabusha imizi yakwaJuda echithiwe, ikakhulukazi iJerusalema. (Nehemiya 2:5; 12:27; Isaya 44:28) Iyolungisa ‘isikhala’—igama elibhekisela ezimbotsheni ezisezindongeni zeJerusalema futhi ngokuqinisekile nakwezeminye imizi.—Jeremiya 31:38-40; Amose 9:14.
Izibusiso Zokugcina ISabatha Ngokwethembeka
17. UJehova ubanxusa kanjani abantu bakhe ukuba bagcine imithetho yeSabatha?
17 ISabatha laliyindlela uNkulunkulu abonisa ngayo ukukhathalela okujulile inhlalakahle engokwenyama nengokomoya yabantu bakhe. UJesu wathi: “Isabatha laba khona ngenxa yomuntu.” (Marku 2:27) Lolu suku olwangcweliswa uJehova lwalunikeza ama-Israyeli ithuba elikhethekile lokubonisa uthando analo ngoNkulunkulu. Ngokudabukisayo, ngesikhathi sika-Isaya lwase lwenziwe lwaba usuku lokugcina amasiko angathi shú nolokuzitika ngezifiso zobugovu. Ngakho, uJehova uphinda abe nesizathu sokusola abantu bakhe. Uyaphinda futhi azame ukubafinyelela izinhliziyo. Uthi: “Uma ngenxa yesabatha uyolunqanda unyawo lwakho ngokuqondene nokwenza okujabulisa wena ngosuku lwami olungcwele, futhi impela uyobiza isabatha ngokuthi liyinjabulo enkulu, usuku olungcwele lukaJehova, olukhazinyuliswayo, futhi empeleni uyokhazimulisa lona kunokuba wenze izindlela zakho, kunokuba uthole okujabulisa wena futhi ukhulume izwi; khona-ke uyothola injabulo yakho enkulu ngoJehova, futhi ngiyokwenza ugibele ezindaweni eziphakeme zomhlaba; ngiyokwenza udle efeni likaJakobe ukhokho wakho, ngoba umlomo kaJehova ukhulumile.”—Isaya 58:13, 14.
18. Uyoba yini umphumela wokuhluleka kukaJuda ukuhlonipha iSabatha?
18 ISabatha liwusuku lokucabanga ngezinto ezingokomoya, lokuthandaza nelokukhulekela kwemikhaya. Kufanele lusize amaJuda azindle ngezenzo ezinhle uJehova awenzele zona nangobulungisa nothando oluseMthethweni wakhe. Ngakho, ukulugcina ngokwethembeka lolu suku olungcwele kufanele kusize abantu basondele kuNkulunkulu wabo. Kunalokho, bayaliphendukezela iSabatha futhi ngenxa yalokho basengozini yokungasitholi isibusiso sikaJehova.—Levitikusi 26:34; 2 IziKronike 36:21.
19. Yiziphi izibusiso ezicebile ezilindele abantu bakaNkulunkulu uma bephinda beligcina iSabatha?
19 Nokho, uma amaJuda efunda isifundo ngemva kokujeziswa abese eyalihlonipha ilungiselelo leSabatha, ayothola izibusiso ezicebile. Imiphumela emihle yokukhulekela kweqiniso nokuhlonipha iSabatha iyokapakela nakuzo zonke izici zokuphila kwawo. (Duteronomi 28:1-13; IHubo 19:7-11) Ngokwesibonelo, uJehova uyokwenza abantu bakhe ‘bagibele ezindaweni eziphakeme zomhlaba.’ Le nkulumo ibonisa ukulondeka komuntu nokunqoba kwakhe izitha zakhe. Noma ubani ophethe izindawo eziphakeme—amagquma nezintaba—uphethe umhlaba. (Duteronomi 32:13; 33:29) U-Israyeli wayeke wamlalela uJehova, futhi isizwe sasithola isivikelo futhi sihlonishwa, sasesatshwa ngisho nokwesatshwa ezinye izizwe. (Joshuwa 2:9-11; 1 AmaKhosi 4:20, 21) Uma ephinda emlalela uJehova, uyobuyiselwa inkazimulo yangaphambili. UJehova uyonikeza abantu bakhe ingxenye egcwele “efeni likaJakobe”—izibusiso ezathenjiswa ngesivumelwano saKhe nokhokho babo, ikakhulukazi isibusiso sokuthola ifa elilondekile eliyiZwe Lesithembiso.—IHubo 105:8-11.
20. Yikuphi “ukuphumula kwesabatha” okwenziwa amaKristu?
20 Sikhona isifundo amaKristu angasifunda kulokhu? Lapho uJesu Kristu efa, uMthetho KaMose waqedwa, kanye nezimfuneko zawo zeSabatha. (Kolose 2:16, 17) Nokho, umoya owawukhuthazwa ukugcinwa kweSabatha kwaJuda—ukubeka izithakazelo zombuso kuqala nokusondela kuJehova—usesemqoka kubakhulekeli bakaJehova. (Mathewu 6:33; Jakobe 4:8) Ngaphezu kwalokho, encwadini yakhe kumaHeberu, uPawulu uthi: “Abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula kwesabatha.” AmaKristu angena ‘ekuphumuleni kwesabatha’ ngokulalela uJehova nangokuphishekela ukulunga okusekelwe ekubeni nokholo egazini likaJesu Kristu elachitheka. (Heberu 3:12, 18, 19; 4:6, 9-11, 14-16) AmaKristu wona aligcina zonke izinsuku leli sabatha, hhayi nje kanye ngesonto.—Kolose 3:23, 24.
U-Israyeli Ongokomoya ‘Ugibela Ezindaweni Eziphakeme Zomhlaba’
21, 22. UJehova umenze ngayiphi indlela u-Israyeli kaNkulunkulu ukuba ‘agibele ezindaweni eziphakeme zomhlaba’?
21 Selokhu akhululwa ebugqilini beBabiloni ngo-1919, amaKristu agcotshiwe aye awugcina ngokwethembeka umfuziselo weSabatha. Ngenxa yalokho, uJehova uwenze ‘agibela ezindaweni eziphakeme zomhlaba.’ Ngamuphi umqondo? Ngo-1513 B.C.E., uJehova wenza isivumelwano nenzalo ka-Abrahama sokuthi uma ilalela, iyoba umbuso wabapristi nesizwe esingcwele. (Eksodusi 19:5, 6) Kuyo yonke iminyaka engu-40 isehlane, uJehova wayithwala ngokuphepha, njengokhozi luthwala amachwane alo, futhi wayibusisa ngezinto eziningi. (Duteronomi 32:10-12) Kodwa lesi sizwe sasingenalo ukholo futhi ekugcineni saphuthelwa yiwo wonke amalungelo esasingawathola. Yize kunjalo, uJehova unawo umbuso wabapristi namuhla. Ungu-Israyeli kaNkulunkulu ongokomoya.—Galathiya 6:16; 1 Petru 2:9.
22 Phakathi ‘nesikhathi sokuphela,’ lesi sizwe esingokomoya siye senza lokho okwahlula u-Israyeli wasendulo. Siye saqhubeka sinokholo kuJehova. (Daniyeli 8:17) Njengoba amalungu aso elandela izindinganiso nezindlela zikaJehova eziphakeme, ngomqondo ongokomoya, uJehova uwaphakamisela phezulu. (IzAga 4:4, 5, 8; IsAmbulo 11:12) Njengoba evikelekile ekungcoleni okuwazungezile, ajabulela indlela yokuphila ephakeme, futhi kunokuba afune ukulandela ezawo izindlela, ‘ajabula kakhulu ngoJehova’ nangeZwi lakhe. (IHubo 37:4) UJehova uye wawagcina elondekile ngokomoya lapho ebhekene nokuphikiswa kwangempela emhlabeni wonke. Kusukela ngo-1919 “izwe” lawo elingokomoya alikaze lifohlwe. (Isaya 66:8) Ayaqhubeka engabantu begama lakhe eliphakeme, igama alimemezela ngentokozo emhlabeni wonke. (Duteronomi 32:3; IzEnzo 15:14) Ngaphezu kwalokho, inani elandayo labamnene abavela kuzo zonke izizwe manje lihlanganyela nawo ilungelo elikhulu lokufundiswa izindlela zikaJehova futhi lisizwa ukuba lihambe ezindleleni zakhe.
23. UJehova uzenze kanjani izinceku zakhe ezigcotshiwe ukuba ‘zidle efeni likaJakobe’?
23 UJehova wenze ukuba izinceku zakhe ezigcotshiwe ‘zidle efeni likaJakobe.’ Ngesikhathi u-Isaka ebusisa uJakobe esikhundleni sika-Esawu, amazwi ale nzalamizi abikezela izibusiso ezaziyotholwa yibo bonke ababonisa ukholo eNzalweni ka-Abrahama ethenjisiwe. (Genesise 27:27-29; Galathiya 3:16, 17) NjengoJakobe—ngokungafani no-Esawu—amaKristu agcotshiwe nabangane bawo ‘bayazazisa izinto ezingcwele,’ ikakhulukazi ukudla okungokomoya uNkulunkulu akunikeza kube insada. (Heberu 12:16, 17; Mathewu 4:4) Lokhu kudla okungokomoya—okuhlanganisa ulwazi lwalokho uJehova akufezayo ngeNzalo ethenjisiwe nabangane bale Nzalo—kuyabaqinisa, kubanikeze amandla, futhi kubalulekile empilweni yabo engokomoya. Ngakho, kubalulekile ukuba bakuthole njalo ukudla ongokomoya ngokufunda iZwi likaNkulunkulu nangokuzindla ngalo. (IHubo 1:1-3) Kumelwe nakanjani bahlanganyele namanye amakholwa emihlanganweni yobuKristu. Futhi kubalulekile ukuba basekele izindinganiso eziphakeme zokukhulekela okumsulwa njengoba babela abanye lokhu kudla.
24. Aziphatha kanjani amaKristu eqiniso namuhla?
24 Ngesikhathi esalindele ngokulangazela ukugcwaliseka kwezithembiso zikaJehova, kwangathi amaKristu eqiniso angaqhubeka elahla zonke izinhlobo zobuzenzisi. Njengoba ondliwa ‘yifa likaJakobe,’ kwangathi angaqhubeka ejabulela ukulondeka okungokomoya phezu ‘kwezindawo eziphakeme zomhlaba.’
[Imibhalo yaphansi]
a UJehova wenzela abantu bakhe ababekweleta abanye ilungiselelo lokuba bazithengise ebugqilini—empeleni babe izisebenzi eziqashiwe—ukuze bakhokhe izikweletu zabo. (Levitikusi 25:39-43) Kodwa uMthetho wawuthi izigqila azophathwa ngomusa. Ezaziphathwa ngesihluku kwakumelwe zikhululwe.—Eksodusi 21:2, 3, 26, 27; Duteronomi 15:12-15.
[Isithombe ekhasini 278]
AmaJuda ayezila ukudla akhothamise namakhanda eshaya sengathi ayaphenduka—kodwa awazishintshanga izindlela zawo
[Isithombe ekhasini 282]
Labo abanamandla okupha bapha abasweleyo indawo yokuhlala, izingubo nokunye
[Isithombe ekhasini 286]
Uma uJuda ephenduka, uyoyakha kabusha imizi yakhe eyincithakalo