“Nakisisa Indlela Olalela Ngayo”
UKULALELA kuyisici esibalulekile ukuze ufunde. Kungathinta namathuba omuntu okusinda. Lapho uJehova elungiselela ukukhulula abantu bakhe ebugqilini baseGibithe, wanikeza uMose iziqondiso, owabe esetshela amadoda amadala akwa-Israyeli lokho okwakumelwe akwenze ukuze asindise amazibulo awo engilosini yokufa. (Eks. 12:21-23) Amadoda amadala abe esedlulisela lokhu kwaziswa emkhayeni ngamunye. Atshelwa ngomlomo. Abantu kwakumelwe balalelisise. Basabela kanjani? IBhayibheli liyabika: “Benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.” (Eks. 12:28, 50, 51) Ngenxa yalokho, ama-Israyeli akhululwa ngendlela emangalisayo.
Namuhla, uJehova usilungiselela ukukhululwa okukhulu nakakhulu. Ngokuqinisekile, imfundo ayinikezayo iyakufanelekela ukuba siyilalele ngokucophelela. Leyo mfundo inikezwa emihlanganweni yebandla. Ingabe uzuza ngokugcwele kule mihlangano? Kuxhomeke kakhulu endleleni olalela ngayo.
Ingabe uyawakhumbula amaphuzu ayinhloko emfundo esiyinikezwa emihlanganweni? Kuwumkhuba wakho yini ukufuna izindlela zokuyisebenzisa ekuphileni kwakho siqu imfundo enikezwayo noma ukuyihlanganyela nabanye masonto onke?
Lungisa Inhliziyo Yakho
Ukuze sizuze ngokugcwele ekufundisweni okunikezwa emihlanganweni yobuKristu, kumelwe silungise izinhliziyo zethu. Ukubaluleka kokwenza kanjalo kuqokonyiswa yilokho okwenzeka phakathi nokubusa kwenkosi yakwaJuda uJehoshafati. UJehoshafati wakumelela ngesibindi ukukhulekela kweqiniso. “Wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera kwaJuda,” wathuma izikhulu, amaLevi kanye nabapristi ukuba bafundise abantu uMthetho kaJehova kuyo yonke imizi yakwaJuda. Noma kunjalo, “izindawo eziphakemeyo azisuswanga.” (2 IziKr. 17:6-9; 20:33) Ukukhulekela onkulunkulu bamanga nohlobo lokukhulekela uJehova olwenqatshelwe olwalwenziwa ezindaweni eziphakeme zamaqaba lwalugxile kangangokuthi aluzange luqedwe.
Kungani ukufundisa okwakuhlelwe uJehoshafati kungabanga nethonya elihlala njalo? Ukulandisa kuyaqhubeka: “Abantu ngokwabo babengazange bayilungisele uNkulunkulu wokhokho babo inhliziyo yabo.” Bezwa kodwa behluleka ukwenza ngokuvumelana nakho. Mhlawumbe baba nomuzwa wokuthi kwakungelula ukuya ethempelini laseJerusalema uyonikela. Kunoma yikuphi, izinhliziyo zabo zazingashukunyiswa ukholo.
Ukuze sigweme ukubuyela ezindleleni zezwe likaSathane, kumelwe silungise izinhliziyo zethu ukuze zamukele ukufundiswa uJehova asinikeza khona namuhla. Kanjani? Enye indlela ebalulekile, umthandazo. Kufanele sithandazele ukuba samukele imfundo yaphezulu ngomoya wokubonga. (IHu. 27:4; 95:2) Lokhu kuyosisiza ukuba sazise imizamo yabafowethu yokuthi nakuba bengaphelele, bazenza batholakalele ukusetshenziswa uJehova ekufundiseni abantu bakhe. Kuyosishukumisela ukuba sibonge uJehova, singambongeli nje izinto ezintsha esizifundayo kodwa futhi nethuba lokujulisa ukwazisa kwethu ngezinto esesizifundile kakade. Njengoba sinesifiso sokwenza intando kaNkulunkulu ngokugcwele, siyathandaza: “Ngifundise, Jehova, indlela yakho; . . . yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.”—IHu. 86:11.
Nakisisa
Ziningi izinto ezingasiphazamisa ekulalelisiseni. Izingqondo zethu zingase ziphithaniswe yizinkathazo. Umsindo nokunyakaza kwezilaleli noma okungaphandle kwendawo yomhlangano kungase kusiphazamise. Ukungazizwa kahle emzimbeni kungenza kube nzima ukugxilisa ingqondo. Abanezingane ezincane ngokuvamile bathola ukuthi abakwazi ukugxila entweni eyodwa. Yini engasisiza ukuba sihlale sigxile esimisweni?
Amehlo anethonya elinamandla mayelana nokuthi ukunaka kwethu sikugxilisaphi. Sebenzisa amehlo akho ukuba akusize ugxilise ingqondo ngokubheka isikhulumi njalo. Lapho sisho umbhalo weBhayibheli—ngisho nojwayelekile—wuvule futhi uhambisane naso njengoba siwufunda. Yilwa nesilingo sokubheka nomaphi lapho uzwa khona umsindo noma ukunyakaza. Uma amehlo akho egxisha ingqondo ngolwazi oluphazamisayo, uyolahlekelwa okuningi okushiwo epulatifomu.
Uma ‘imicabango ekuncisha ukuthula’ ikwenza kube nzima ukuba ugxile esimisweni, thandaza kuJehova ucele ingqondo nenhliziyo ezolileyo okuyizinto ezidingekayo ukuze ulalelisise. (IHu. 94:19, NW; Fil. 4:6, 7) Kwenze ngokuphindaphindiwe lokho uma kudingekile. (Math. 7:7, 8) Imihlangano yebandla iyilungiselelo likaJehova. Ungaqiniseka ukuthi ufuna uzuze kuyo.—1 Joh. 5:14, 15.
Ukulalela Izinkulumo
Kungenzeka ukuthi uyawakhumbula amaphuzu athile owathandayo owake wawezwa ezinkulumweni. Nokho, ukulalela inkulumo kuhlanganisa okungaphezu nje kokumane uqoqe amaphuzu athile ahlwabusayo. Inkulumo ifana nohambo. Nakuba kungase kube nezinto eziningi ezithakazelisayo ozibona endleleni, into ebalulekile ukufika lapho uya khona, okuyiwona mgomo. Kungenzeka ukuthi isikhulumi sizama ukuholela izilaleli esiphethweni esithile noma ekwenzeni isenzo esithile.
Cabanga ngenkulumo uJoshuwa ayibekela isizwe sakwa-Israyeli, ebhalwe kuJoshuwa 24:1-15. Injongo yakhe kwakuwukushukumisa abantu ukuba bathathe ukuma okuqinile ngokukhulekela kweqiniso bazehlukanise ngokuphelele nezithombe zezizwe ezingomakhelwane. Kungani lokho kwakubaluleke kangako? Ukudlanga kokukhulekela kwamanga kwakukusongela kabi ukuma okuhle kwesizwe noJehova. Abantu basabela esicelweni sikaJoshuwa ngokuthi: “Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu, . . . siyakumkhonza uJehova.” Futhi bamkhonza!—Josh. 24:16, 18, 31.
Njengoba ulalele inkulumo, zama ukuthola injongo yayo. Cabanga ukuthi amaphuzu isikhulumi esiwavezayo asiza kanjani ekufikeni kuleyo njongo. Zibuze ukuthi ukwaziswa okunikezwayo kufuna ukuba wena wenzeni.
Ukulalela Phakathi Nezingxoxo
ISifundo Se-Nqabayokulinda, iSifundo Sencwadi Sebandla kanye nezingxenye zoMhlangano Wenkonzo kuqhutshwa njengezingxoxo zemibuzo nezimpendulo zendaba enyathelisiwe esekelwe eBhayibhelini.
Ukulalela phakathi nalezi zingxoxo kuthi akufane ngandlela-thile nokuxoxa nomuntu. Ukuze uzuze ngokugcwele, lalelisisa. Phawula ukuthi ingxoxo iya ngakuphi. Qaphela indlela umqhubi agcizelela ngayo isihloko namaphuzu ayinhloko. Yiphendule ngenhliziyo imibuzo yakhe. Lalela njengoba abanye bechaza futhi bebonisa indlela okusebenza ngayo lokho okukhulunywa ngakho. Ukubheka ukwaziswa ngendlela abanye abakubona ngayo kungakunikeza umqondo omusha ngendaba ejwayelekile nje. Hlanganyela engxoxweni ngokuveza awakho amaphuzu asekelwe okholweni lwakho.—Roma 1:12.
Ukuyitadisha kusengaphambili indaba ezofundwa kuyokusiza ukuba ugxile engxoxweni futhi uziqonde izimpendulo zabanye. Uma izimo zakho zenza kube nzima ukuba utadishisise indaba, okungenani zinike imizuzu embalwa yokuthola umqondo wayo yonke ngaphambi komhlangano. Ukwenza lokhu kuyokusiza ukuba uzuze okwengeziwe engxoxweni.
Ukulalela Emihlanganweni Emincane Nemikhulu
Emihlanganweni emincane nemikhulu cishe kuneziphazamiso eziningi kakhulu kunasemihlanganweni yebandla. Lokhu kungenza ukulalela kube inselele enkulu. Yini engasisiza?
Isici esibalulekile ukulala ngokwanele ebusuku. Ngaphambi kokuba kuqale isimiso usuku ngalunye, faka isihloko sosuku engqondweni. Bheka isihloko senkulumo ngayinye futhi uzame ukucabanga kusengaphambili ngalokho okuzoshiwo. Lisebenzise impela iBhayibheli lakho. Abantu abaningi bathola ukuthi ukubhala kafushane amaphuzu asemqoka kubasiza ukuba bagcine izingqondo zabo zigxile esimisweni. Bhala isiqondiso ohlela ukusisebenzisa ekuphileni kwakho nasenkonzweni. Xoxani ngamaphuzu athile njengoba niya futhi nibuya emhlanganweni usuku ngalunye. Lokhu kuyokusiza ukuba ugcine ukwaziswa engqondweni.
Ukuqeqesha Izingane Ukuba Zilalele
Abazali abangamaKristu bangasiza izingane zabo—ngisho nezinsana—ukuba ‘zihlakaniphele insindiso’ ngokuza nazo emihlanganweni emincane nemikhulu, nakweyebandla. (2 Thim. 3:15) Njengoba isimo sezingane nesilinganiso sesikhathi ezingagxilisa ngaso ingqondo singefani, ukuqonda kuyadingeka ukuze zisizwe zifunde ukulalelisisa. Ungase ukuthole kuwusizo ukusikisela okulandelayo.
Ekhaya, hlela izikhathi zokuba izingane zakho ezisencane zihlale phansi zithule, zifunde noma zibuke izithombe ezincwadini zethu zobuKristu. Gwema ukusebenzisa amathoyizi emihlanganweni ngenjongo yokulibazisa abantwana. Njengoba kwakunjalo ngama-Israyeli asendulo, nanamuhla abantwana baba khona “ukuba bezwe, bafunde.” (Dut. 31:12) Lapho kungenzeka khona, abanye abazali banikeza ngisho nezingane ezincane kakhulu amakhophi azo ezincwadi ezifundwayo. Njengoba izingane zikhula, zisize ukuba zilungiselele ukuphendula esimisweni esidinga ukuhlanganyela kwezilaleli.
ImiBhalo iveza ukuhlobana okuseduze phakathi kokulalela uJehova nokwenza akushoyo. Lokhu singakubona emazwini kaMose esizweni sakwa-Israyeli: “Ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila . . . ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye.” (Dut. 30:19, 20, omalukeke sizenzele.) Ukulalela imfundo elungiselelwa uJehova namuhla nokuyisebenzisa ngobuqotho ekuphileni kwethu kubalulekile ukuze samukelwe nguNkulunkulu futhi sizuze isibusiso sokuphila okuphakade. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani-ke ukuba silalele umyalo kaJesu: “Nakani indlela enilalela ngayo”!—Luka 8:18.