ISIFUNDO 20
ImiBhalo Yethulwe Ngempumelelo
IMIBHALO iyisisekelo semfundo enikezwa emihlanganweni yethu yebandla. Lokho esikushoyo nasenkonzweni yasensimini kugxile emibhalweni yeBhayibheli. Nokho, ukuthi lokhu kufeza okungakanani engxoxweni yethu kuxhomeke ekutheni yethulwe kahle kangakanani.
Kudingeka okungaphezu kokumane ubize umbhalo bese ucela umuntu ukuba awufunde kanye nawe. Lapho wethula umbhalo, zama ukufeza imigomo emibili: (1) Yakha ukulangazela, (2) ugxile esizathwini sokufunda lowo mbhalo. Le migomo ingafinyelelwa ngezindlela ezihlukahlukene.
Buza Umbuzo. Lokhu kuphumelela kakhulu uma izilaleli zakho zingakacacelwa kahle impendulo. Zama ukubuza umbuzo ngendlela eyokwenza abantu bacabange. UJesu wakwenza lokhu. Lapho abaFarisi beya kuye ethempelini futhi behlola ukuqonda kwakhe imiBhalo phambi kwabantu, uJesu wababuza: “Nicabangani ngoKristu? Uyindodana kabani?” Baphendula: “KaDavide.” UJesu wabe esebabuza: “Khona-ke, kwenzeka kanjani ukuba uDavide ngokuphefumulelwa ambize ngokuthi ‘iNkosi’?” Waqhubeka wacaphuna amaHubo 110:1. Inkukhu yanqunywa umlomo kubaFarisi. Nokho, isixuku sakujabulela ukulalela uJesu.—Math. 22:41-46.
Enkonzweni yasensimini, ungase usebenzise imibuzo eyisingeniso enjengale elandelayo: “Mina nawe sinamagama. UNkulunkulu unalo yini elakhe igama? Impendulo singayithola kumaHubo 83:18.” “Kuyoke kwenzeke yini ukuba kube nohulumeni owodwa waso sonke isintu? Phawula ukuthi lo mbuzo uphendulwa kanjani kuDaniyeli 2:44.” “Ingabe iBhayibheli liyakhuluma ngempela ngezimo ezikhona osukwini lwethu? Qhathanisa lokho okushiwo kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5 nezimo ozijwayele.” “Kuyoke kuphele yini ukuhlupheka nokufa? Impendulo yeBhayibheli itholakala kusAmbulo 21:4, 5.”
Ukuyisebenzisa ngokucophelela imibuzo enkulumweni ukuze wethule imibhalo kungenza izilaleli zakho ziyibheke ngamanye amehlo imibhalo, ngisho naleyo eziyijwayele. Kodwa ingabe ziyokwenza lokho? Kuyoxhomeka ekutheni imibuzo oyibuzayo izithinta ngempela yini noma cha. Ngisho noma indaba izithakazelisa izilaleli, izingqondo zazo zingase zizule uma ufunda imibhalo eziyizwa njalo nje. Ukuze lokho kungenzeki, kudingeka uyicabangele kahle indaba ukuze wenze inkulumo yakho ithakazelise.
Phakamisa Inkinga. Ungase uphakamise inkinga bese udonsela ukunakekela embhalweni onesixazululo. Ungenzi izilaleli zilindele okungaphezu kwezizokuthola. Ngokuvamile umbhalo unikeza ingxenye yesixazululo. Kodwa njengoba ufunda umbhalo, ungase ucele izilaleli ukuba zicabange ukuthi yisiphi isiqondiso osinikezayo sokubhekana nesimo.
Ngendlela efanayo, ungase uphawule isimiso sokuziphatha kokwesaba uNkulunkulu bese usebenzisa ukulandisa kweBhayibheli ukuze ubonise ukuhlakanipha kokusilandela. Uma umbhalo unamaphuzu amabili (noma ngaphezulu) ahlobene nalokho okudingidwayo, ezinye izikhulumi ziyaziqaphelisa izilaleli ngalawo maphuzu. Uma inkinga ibonakala inzima kakhulu ezilalelini ezithile, ungase uzenze zicabange ngokunikeza izimpendulo ezihlukahlukene bese uvumela umbhalo nendlela osebenza ngayo kunikeze impendulo.
Bhekisela EBhayibhelini Njengegunya. Uma ususivusile isithakazelo ngendaba yakho, washo nephuzu elilodwa noma ngaphezulu ngezici ezithile zayo, ungase wethule umbhalo ngokumane uthi nje: “Phawula ukuthi lithini iZwi likaNkulunkulu ngaleli phuzu.” Lokhu kubonisa ukuthi kungani umbhalo enizowufunda unegunya.
UJehova wasebenzisa amadoda anjengoJohane, uLuka, uPawulu noPetru ukuba abhale izingxenye zeBhayibheli. Kodwa babemane bengababhali nje; uJehova nguye uMsunguli. Ukwethula imibhalo ngokuthi “uPetru wabhala” noma “uPawulu wathi,” ikakhulukazi uma ukhuluma nabantu abangebona abafundi bemiBhalo eNgcwele, kungase kungabi namandla afanayo njengesethulo esibonisa ukuthi lowo mbhalo uyizwi likaNkulunkulu. Kuyaphawuleka ukuthi kwezinye izimo, uJehova waqondisa uJeremiya ukuba ethule izimemezelo ngokuthi: “Yizwa izwi likaJehova.” (Jer. 7:2; 17:20; 19:3; 22:2) Kungakhathaliseki ukuthi sisebenzisa igama likaJehova lapho sethula imibhalo noma cha, ngaphambi kokuba siphethe ingxoxo yethu, kumelwe sizame ukuveza ukuthi lokho okuseBhayibhelini kuyizwi lakhe.
Cabanga Ngomongo. Kumelwe uwazi umongo lapho unquma ukuthi uzowethula kanjani umbhalo. Kwezinye izimo, uyovele uwusho ngokuqondile umongo; kodwa umongo ungase uthonye lokho okushoyo ngezinye izindlela. Ngokwesibonelo, ungawethula yini amazwi kaJobe owesaba uNkulunkulu ngendlela efana nongethula ngayo amazwi abaduduzi bakhe bamanga? Incwadi yezEnzo yabhalwa uLuka, kodwa phakathi kwabanye, ucaphuna uJakobe, uPetru, uPawulu, uFiliphu, uStefanu nezingelosi kuhlanganise noGamaliyeli namanye amaJuda ayengewona amaKristu. Uyothi ashiwo ubani amazwi ombhalo owucaphunayo? Ngokwesibonelo, khumbula ukuthi amahubo awabhalwanga uDavide kuphela futhi incwadi yezAga ayibhalwanga uSolomoni yonke. Kuyazuzisa nokwazi ukuthi umbhali weBhayibheli wayekhuluma nobani nokuthi wayekhuluma ngani.
Sebenzisa Indaba Enikeza Isizinda. Lokhu kuphumelela nakakhulu uma ungase ukwazi ukubonisa ukuthi izimo ezazikhona ngesikhathi sendaba elandiswa eBhayibhelini ziyafana nalezo okhuluma ngazo. Kwezinye izimo, indaba enikeza isizinda ibalulekile ukuze umbhalo othile uqondakale. Ngokwesibonelo, uma uzosebenzisa amaHeberu 9:12, 24 enkulumweni yesihlengo, kungase kudingeke ukuba uqale undlalele ukufunda kwakho umbhalo ngokuchaza kafushane ngegumbi elingaphakathi kwetabernakele, lelo imibhalo ebonisa ukuthi lifanekisela indawo uJesu angena kuyo lapho enyukela ezulwini. Kodwa ungafaki indaba eningi kakhulu enikeza isizinda kuze kuphazamiseke injongo yombhalo owethulayo.
Ukuze uthuthukise indlela oyethula ngayo imibhalo, hlaziya lokho okwenziwa izikhulumi ezingomakadebona. Phawula izindlela ezihlukahlukene ezizisebenzisayo. Bheka ukuphumelela kwalezi zindlela. Lapho ulungiselela izinkulumo zakho, thola imibhalo eyinhloko, bese ucabangisisa ukuthi umbhalo ngamunye ufezani. Hlela ngokucophelela ukuthi uzowethula kanjani umbhalo ngamunye ukuze kube nemiphumela emihle. Ngemva kwesikhathi, yenza okufanayo nakuyo yonke imibhalo oyisebenzisayo. Njengoba sithuthuka lesi sici senkulumo yakho, uyobe uqokomisa iZwi likaNkulunkulu.