Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 29 k. 181-k. 185 isig. 3
  • Isimo Sezwi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimo Sezwi
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukiswa Kwezwi Nokusetshenziswa Komshini Ozwakalisa Izwi
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Amaphaphu—Umklamo Omangalisayo
    I-Phaphama!—1991
  • Amagama Aphinyiselwa Ngokucacile
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Qaphela “Izwi Lezihambi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 29 k. 181-k. 185 isig. 3

ISIFUNDO 29

Isimo Sezwi

Yini okudingeka uyenze?

Thuthukisa izwi lakho, hhayi ngokulingisa othile, kodwa ngokuphefumula ngendlela efanele nokukhulula imisipha ebophene.

Kungani Kubalulekile?

Izwi elihle lisiza abanye bakhululeke futhi bakujabulele ukukulalela. Izwi elibi lenza kungaxhumaneki kahle nabanye, futhi lingase likhungathekise isikhulumi kanye nezilaleli.

ABANTU abathonywa kakhulu yilokho okushiwoyo nje kuphela, kodwa nokuthi kushiwo kanjani. Uma umuntu ekhuluma nawe ngezwi elimnandi, elifudumele, elinobungane nelinomusa, akulona yini iqiniso ukuthi uthambekela kakhulu ekumlaleleni kunalapho izwi lakhe lingenamusa noma linokhahlo?

Ukuba nezwi elifiselekayo akuyona nje kuphela indaba yokusebenza kwezitho ezilakhayo. Kungase kuhlanganise nobuntu bomuntu. Njengoba umuntu ethuthuka olwazini lwakhe lweqiniso leBhayibheli futhi elusebenzisa, izinguquko ziyazwakala endleleni akhuluma ngayo. Izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu ezinjengothando, ukujabula, nomusa ziyazwakala ezwini lakhe. (Gal. 5:22, 23) Lapho ebonisa ukubakhathalela ngempela abanye, izwi lakhe liyakuveza lokho. Uma eba ngumuntu obongayo esikhundleni sokuba ngumuntu okhonondayo, amagama awashoyo nezwi lakhe kuyakufakazela lokho. (IsiLilo 3:39-42; 1 Thim. 1:12; Jude 16) Ngisho noma ungaluzwa ulimi olukhulunywayo, uma umuntu ezwakala edelela, engenasineke, egxeka futhi enokhahlo kodwa omunye ezwakala ethobekile, enesineke, enomusa futhi enothando, akunzima ukuzwa umehluko.

Kwezinye izimo, izwi elibi lingase lidalwe isifo esalimaza umphimbo womuntu noma libangelwe ufuzo. Izimo ezinjalo zingase zibe zimbi kakhulu kangangokuba zingalungiseki ngokuphelele kulesi simiso sezinto. Nokho, ngokuvamile ukufunda ukuzisebenzisa kahle izitho zokukhuluma kungabenza ubungcono.

Zisuka nje, kubalulekile ukwazi ukuthi izakhi zezwi ziyahlukahluka kubantu abahlukene. Umgomo wakho akufanele kube ukwenza izwi lakho lifane nelomunye. Kunalokho, yenza ngcono izwi lakho, njengoba linezici ezilihlukanisa kwamanye. Yini engakusiza kulokhu? Kunezinto ezimbili eziyinhloko.

Phefumula Ngendlela Efanele. Ukuze liphume kahle izwi lakho, kudingeka uthole umoya owanele futhi ukwazi ukubamba nokudedela umoya ngendlela efanele. Ngaphandle kwalokhu, izwi lakho lingase lizwakale libuthaka, futhi okushoyo kungase kungazwakali kahle.

Ingxenye enkulu yamaphaphu ayikho phezulu esifubeni; le ngxenye imane nje ibonakala inkulu ngenxa yamahlombe. Kunalokho, ingxenye enkulu yamaphaphu isontwini (diaphragm). Untu luhlukanisa isifuba nesisu, lona lube lunamathele ezimbanjeni ezingezansi.

Uma ugcwalisa ingxenye engenhla kuphela yamaphaphu ngomoya, uyosheshe uphelelwe umoya. Izwi lakho ngeke libe namandla futhi uyokhathala ngokushesha. Ukuze uphefumule ngendlela efanele, kudingeka uhlale uqonde noma ume uqonde, amahlombe uwahlehlisele emuva. Lapho udonsa umoya ukuze ukhulume unganwebi ingxenye engenhla kuphela yesifuba. Gcwalisa ingxenye engezansi yamaphaphu kuqala. Lapho le ngxenye isigcwele, ingxenye engezansi yezimbambo izofuthekela emaceleni. Ngesikhathi esifanayo, untu luzokwehla, lwehlise nesisu namathumbu, bese uzwa ibhande ozibophe ngalo nezingubo ozigqokile zithi ukukuqina kancane. Kodwa amaphaphu awekho esiswini; aphakathi kwezimbambo. Ukuze ukuhlole lokhu, beka isandla esisodwa ngapha nangapha kwezimbambo. Yibe usudonsa umoya kakhulu. Uma uwudonsa ngendlela efanele, ngeke isisu sikheceke namahlombe ngeke aphakame. Kunalokho, uyozwa izimbambo zikhuphuka kancane futhi ziphushekela ngaphandle.

Ngemva kwalokho, sebenzela ekukhipheni umoya. Ungawuvumeli umoya uphume ngokushesha. Wudedele kancane kancane. Ungazami ukuwulawula ngokuqinisa umphimbo. Lokho kuzovele kwenze izwi lizwakale linswinyiwe noma linswininize ngendlela engavamile. Ukudonseka kwemisipha yesisu nemisipha ephakathi kwezimbambo kwenza umoya udedeleke, kuyilapho untu lulawula indlela ophuma ngokushesha ngayo.

Imidwebo esekhasini 183

Njengoba nje umgijimi ezivivinyela umncintiswano, nesikhulumi singaprakthiza ukubamba nokudedela umoya ngendlela efanele. Yima uqonde, amahlombe aye emuva, donsa umoya ugcwale ingxenye engezansi yamaphaphu, bese uwudedela kancane kancane ube ubala ungajahi njengoba ulokhu uwubambile umoya. Yibe usuprakthiza ukufunda ngokuzwakalayo ube uphefumula ngayo le ndlela.

Khulula Imisipha Eqinile. Okunye okubalulekile ukuze ube nezwi elihle yilokhu—khululeka! Iyamangaza ngempela intuthuko ongayenza ngokuzifundisa ukukhululeka lapho ukhuluma. Ingqondo nomzimba kumelwe kukhululeke, ngoba ukucindezeleka kwengqondo kubangela ukuqina kwemisipha.

Qeda ukucindezeleka kwengqondo ngokuba nombono ofanele ngezilaleli zakho. Uma ukhuluma nabantu obathola enkonzweni yasensimini, khumbula ukuthi ngisho noma unezinyangana nje utadisha iBhayibheli, wazi izinto ezibalulekile ngezinjongo zikaJehova ongazihlanganyela nabo. Futhi ubahambele ngoba badinga usizo, kungakhathaliseki ukuthi bayakuqaphela yini lokho noma cha. Ngakolunye uhlangothi, uma unikeza inkulumo eHholo LoMbuso, eziningi zezilaleli zakho zingabantu bakaJehova. Zingabangane bakho, futhi zikufisela okuhle. Abekho abantu emhlabeni abathola izilaleli ezinobungane nezinothando njengathi.

Khulula imisipha yomphimbo ngokugxilisa ingqondo yakho kuleyo misipha futhi uzame ukuyenza ingaqini. Khumbula ukuthi imisipha yomphimbo ivevezelisa izwi lapho umoya udlula kuyo. Izwi liyashintsha njengoba leyo misipha iqina noma ithamba, njengoba nje nomsindo wesiginci noma we-violin ushintsha uma izintambo ziqiniswa noma zixegiswa. Uma uthambisa imisipha yezwi, izwi liyehla. Ukukhulula imisipha yomphimbo kuyasiza ekugcineni amankanka evulekile, futhi lokhu kuyolenza libe ngcono nakanjani izwi lakho.

Khulula wonke umzimba wakho—amadolo, izandla, amahlombe nentamo. Lokhu kuyokwenza izwi lakho liqine ukuze lizwakale kude. Izwi liqina uma umzimba wakho wonke usebenza njengodonga oluvimbela ukuba izwi lingahambi nomoya, kodwa lokhu akwenzeki uma ungakhululekile. Izwi, elivela emphinjeni, aliguduzi nje kuphela emakhaleni, kodwa nasesifubeni, emazinyweni, olwangeni kanye nasemankankeni. Konke lokhu kungalenza liqine izwi. Uma ubeka into esindayo phezu kwesiginci, umsindo uba phansi; isiginci kufanele sikwazi ukuvevezela ukuze umsindo uqine ngendlela efanele. Kungokufanayo nangohlaka lwamathambo omzimba wethu, lawo abanjwe imisipha. Ngokuqinisa izwi, uyokwazi ukwehlisa nokwenyusa izwi ngendlela efanele futhi uyokwazi ukuveza umahluko emagameni athi awafane. Uyokwazi ukufinyelela izilaleli eziningi ngaphandle kokuklabalasa.

INDLELA ELAKHEKA NGAYO IZWI

Yonke imisindo yakhiwa umoya owukhipha emaphashini. Amaphaphu asebenza njengesifutho esifuthela umoya epayipini lomoya uye emalakeni, noma igilo, elimaphakathi nomphimbo. Phakathi kwegilo, ngapha nangapha kwalo, kunemivingqi emibili emincane yemisipha ebizwa ngokuthi imisipha yomphimbo. Iyona-ke eyakha umsindo. Le mivingqi emibili ivula ibuye ivale umgudu womoya onqamula emalakeni ukuze umoya ungene ubuye uphume, futhi ivimba izinto ezingafuneki emaphashini. Ekuphefumuleni okuvamile akukho msindo owenzeka lapho umoya udlula emisipheni yomphimbo. Kodwa lapho umuntu efuna ukukhuluma, imisipha yomphimbo iyaqina, bese iyavevezela lapho umoya ovela emaphashini udlula kuyo. Kube sekwakheka umsindo.

Lapho imisipha yomphimbo iqiniswa, ivevezela ngokushesha futhi izwi eliphumayo liyaphakama. Ngakolunye uhlangothi, uma imisipha ikhululekile, izwi liyehla. Lapho amaza omsindo esedlulé emalakeni, angena engxenyeni engenhla yomphimbo ebizwa ngokuthi igilo. Abe esedlulela emlonyeni nasemankankeni. Lapho, kukhona izinto ezishintsha izwi, zilikhulise futhi ziliqinise. Ulwanga kanye nolimi, amazinyo, izindebe nemihlathi kuyalekelelana kuqede ukuvevezela kwamaza omsindo, lawo aphuma abe inkulumo eqondakalayo.

Izwi lomuntu liyamangalisa, futhi ngenxa yekhono lokwenza izinto ezihlukahlukene, alinakuqhathaniswa nanoma yiliphi ithuluzi elenziwe umuntu. Linekhono lokuveza imizwa nemizwelo esukela othandweni olunesisa nolumnene iye enzondweni enesihluku nendluzula. Lapho lithuthukiswe kahle futhi laqeqeshwa kahle, izwi lingashintshashintsha kakhulu futhi lingakhiphi nje kuphela unqambothi lomculo, kodwa nezindlela zokukhuluma ezithinta inhliziyo.

UKUNQOBA IZINKINGA EZIKHETHEKILE

Izwi elibuthaka. Izwi eliphansi alibuthaka ngempela. Uma linohlonze futhi limtoti, abanye bangalilalela ngentokozo. Kodwa ukuze kube nemiphumela emihle, izwi kumelwe lizwakale ngokwanele.

Ukuze izwi lakho lizwakale kude, kudingeka uliqinise ngokwengeziwe. Lokhu kudinga ukuba ufunde ukukhulula umzimba wakho wonke, ngendlela echazwe kulesi sifundo. Ukukhulula umzimba kanye nokuprakthiza ukuvungazela kungasiza. Izindebe kumelwe zithintane kancane nje, zingahlanganiswa kakhulu. Njengoba uvungazela, yizwa ukuvevezela kwekhanda lakho nesifuba.

Ngezinye izikhathi, izwi lizwakala libuthaka noma linswininiza ngoba umuntu egula noma engalalanga ngokwanele. Kusobala ukuthi uma esilungisa leso simo, nezwi liyoba ngcono.

Izwi elihlabayo. Ukucindezeleka kwemisipha yezwi okuya kwanda kuyaliphakamisa iphimbo. Izwi elizwakala libophekile lenza izilaleli zingakhululeki. Ngokukhulula imisipha yomphimbo ukuze wehlise ukudonseka kwemisipha yezwi, ungakunciphisa ukuhlaba kwezwi. Kwenze ngamabomu, ukuprakthize ezingxoxweni zansuku zonke. Ukudonsa umoya kakhulu nakho kuyasiza.

Izwi elizwakala licinene. Ngezinye izikhathi, le nkinga idalwa ukucinana kwamakhala, kodwa akuvamile ukuba kube njalo. Ngezinye izikhathi, ngokuqinisa imisipha yomphimbo nomlomo, umuntu usuke evala amankanka, umoya ungabe usakwazi ukuphuma ngokukhululeka. Lokhu kuphumela ekuvevezeleni kwamankanka. Ukuze ugweme lokhu, kudingeka ukhululeke.

Izwi elihhadlazelayo. Izwi elinjalo alenzi abantu bafise ukuxoxa nawe ngobungane. Lingase libenze bakwesabe.

Kwezinye izimo, isici esiyinhloko ukuthi umuntu kudingeka aqhubeke ezama ukushintsha ubuntu bakhe. (Kol. 3:8, 12) Uma sebushintshile, ukusebenzisa izimiso zokusebenza kwezwi kungasiza. Khulula umphimbo nomhlathi. Lokhu kuyokwenza izwi lizwakale limtoti futhi kuyolenza lingazwakali kabi ngenxa yomlomo ongavuleki ngokwanele.

INDLELA YOKULITHUTHUKISA

  • Hlakulela izimfanelo zobuntu bobuKristu.

  • Prakthiza ukuphefumula ngendlela efanele, ugcwalise ingxenye engezansi yamaphaphu ngomoya.

  • Lapho ukhuluma, khulula imisipha—umphimbo, intamo, amahlombe nomzimba wonke.

IZIVIVINYO: (1) Imizuzu embalwa usuku ngalunye, isonto lonke, prakthiza ukuphefumula ngokugcwalisa umoya engxenyeni engezansi yamaphaphu. (2) Okungenani kanye ngosuku isonto lonke, khulula imisipha yomphimbo njengoba ukhuluma.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela