Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 40 k. 223-k. 225 isig. 3
  • Lokho Okushoyo Kunembile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Okushoyo Kunembile
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iyiqiniso
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Indlela Yokucwaninga
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukufunda Kuyavuza
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Zuza Ngokugcwele Ekufundeni IBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 40 k. 223-k. 225 isig. 3

ISIFUNDO 40

Lokho Okushoyo Kunembile

Yini okudingeka uyenze?

Dlulisela indaba eyiqiniso ngokuphelele.

Kungani Kubalulekile?

Ukunemba kwalokho okushoyo kukwakhela igama elihle wena, inhlangano okhonza nayo, noNkulunkulu omkhulekelayo.

KUNGENZEKA kanjani ukuba umKristu asho into engelona iqiniso? Kungase kube ukuthi uphinda okuthile akuzwile kodwa angazange azinike isikhathi sokuziqinisekisa ngamaqiniso ako. Noma angase ayikhulise indaba ngoba engayizwanga kahle emthonjeni wayo. Uma siqikelela ukuthi esikushoyo kunembile, ngisho nasezintweni ezincane, izilaleli zethu zingathembela ekutheni nezici ezibaluleke nakakhulu zesigijimi sethu ziyiqiniso.

Enkonzweni Yasensimini. Abaningi bayesaba ukuqala inkonzo yasensimini ngoba beqaphela ukuthi kusenokuningi okumelwe bakufunde. Noma kunjalo, basheshe bathole ukuthi bayakwazi ukufakaza ngempumelelo ngisho noma benolwazi oluyisisekelo kuphela lweqiniso. Bakwenza kanjani lokho? Imfihlo isekulungiseleleni.

Ngaphambi kokuya enkonzweni yasensimini, yazi kahle indaba ofuna ukuxoxa ngayo. Zama ukucabanga ngemibuzo izilaleli zakho ezingase ziyiphakamise. Funa izimpendulo ezigculisayo ezisekelwe eBhayibhelini. Lokhu kuyokuhlomisela ukuba unikeze izimpendulo ezinembile usesimweni esihlelekile sengqondo. Ingabe uzoqhuba isifundo seBhayibheli? Yibukeze kahle indaba efundwayo. Qiniseka ukuthi uyasiqonda isisekelo esingokomBhalo sezimpendulo zemibuzo ebhalwe phansi.

Kuthiwani uma umninikhaya noma osebenza naye ebuza umbuzo ongakulungele ukuwuphendula? Uma ungaqiniseki ngamaqiniso, ungaqageli. “Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula.” (IzAga 15:28) Ungase uthole usizo oludingayo encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo noma kwethi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” uma zikhona ngolimi lwakho. Uma ungaziphethe, cela ukuyocwaninga bese uphinde umhambela. Uma lowo ophakamise umbuzo eqotho, ngeke abe nenkinga yokulinda impendulo enembile. Eqinisweni, ukuthobeka kwakho kungase kumhlabe umxhwele.

Ukusebenza nabamemezeli abangomakadebona enkonzweni yasensimini kungakusiza ukuba uthuthukise ikhono lokuphatha iZwi likaNkulunkulu ngokufanele. Bheka ukuthi imiphi imibhalo abayisebenzisayo nokuthi bayichaza kanjani. Kwamukele ngentobeko noma yikuphi ukusikisela noma ukulungisa abakunikezayo. Umfundi oshisekayo u-Apholo wazuza osizweni aluthola kwabanye. ULuka wachaza u-Apholo njengendoda “eqephuzayo,” ‘enolwazi oluhle,’ ‘evuthayo emoyeni,’ ‘nekhuluma futhi ifundise ngokuqondile ngezinto eziphathelene noJesu.’ Noma kunjalo, kunezinto ayengaziqondi kahle. Lapho uPrisila no-Akhwila bekuphawula lokhu, “bamfaka phakathi kwabo base bemchazela indlela kaNkulunkulu ngokuqonde ngokwengeziwe.”—IzE. 18:24-28.

‘Ukubambelela Ngokuqinile Ezwini Elithembekile.’ Izinkulumo zethu emihlanganweni yebandla kumelwe zibonise ukuthi siyihlonipha kakhulu indima yebandla yokuba “insika nozime lweqiniso.” (1 Thim. 3:15) Ukuze sisekele iqiniso, kubalulekile ukuba sithole umqondo wemibhalo esihlela ukuyisebenzisa ezinkulumweni zethu. Cabanga ngomongo wayo nangenjongo yayo.

Lokho okusho emhlangaweni webandla kungase kuphinde kushiwo abanye. Yiqiniso, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jak. 3:2) Kodwa uyozuza ngokuthuthukisa imikhuba eyokwenza ukhulume izinto ezinembile. Abazalwane abaningi ababhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, ngokuhamba kwesikhathi bayoba abadala. Kulindeleke “okungaphezu kokujwayelekile” kulabo abaphathiswe umthwalo wemfanelo onjalo. (Luka 12:48) Uma ngokunganaki umdala enikeza iseluleko esiyiphutha esingafaka amalungu ebandla ezinkingeni ezingathi sína, umdala angenza ukuba uNkulunkulu angamnambithisisi kahle. (Math. 12:36, 37) Ngakho, umzalwane ofanelekela ukuba umdala kumelwe aziwe ‘njengobambelela ngokuqinile ezwini elithembekile ngokuqondene nekhono lakhe lokufundisa.’—Thithu 1:9.

Qiniseka ukuthi iziphetho zakho ziyavumelana ‘nesibonelo samazwi amahle’ avezwe kuyo yonke indikimba yeqiniso lemiBhalo. (2 Thim. 1:13) Lokhu akufanele kukwethuse. Mhlawumbe kusafanele uqede ukulifunda lonke iBhayibheli. Qhubeka uzama. Kodwa okwamanje, phawula ukuthi ukusikisela okulandelayo kungakusiza kanjani ukuba uhlaziye indaba ocabanga ukuyisebenzisa ekufundiseni kwakho.

Okokuqala, zibuze: ‘Ingabe le ndaba iyavumelana nalokho esengikufundile kakade eBhayibhelini? Ingabe izodonsela izilaleli zami kuJehova, noma ingabe izoqhakambisa ukuhlakanipha kwezwe futhi ikhuthaze abantu ukuba baqondiswe yiko?’ UJesu wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Joh. 17:17; Dut. 13:1-5; 1 Kor. 1:19-21) Yibe usuwasebenzisa kahle amathuluzi okutadisha anikezwa yisigaba senceku ethembekileyo neqondayo. Ayokusiza ukuba uyiqonde kahle imibhalo futhi ukwazi ukuyisebenzisa ngokulinganisela. Uma izinkulumo zakho zisekelwe ‘esibonelweni samazwi amahle’ futhi uncika emzileni kaJehova lapho uchaza imibhalo futhi ubonisa ukuthi isebenza kanjani, uyokhuluma izinto ezinembile.

Ukuhlola Ukuthi Indaba Inembile Yini. Izindaba ezisematheni, izingcaphuno, kanye nokuhlangenwe nakho kungase kube usizo lapho wenza imizekeliso futhi uchaza amaphuzu athile. Ungaqiniseka kanjani ukuthi kunembile? Enye indlela iwukufuna lezo zinto emthonjeni onokwethenjelwa. Khumbula ukuhlola ukuthi leyo ndaba iyahambisana yini nesikhathi. Izibalo zibuye ziphelelwe isikhathi; okutholwe yisayensi kusheshe kuphuphe; futhi njengoba umuntu ekhula ekuqondeni ezomlando nezilimi zasendulo, iziphetho ezisekelwe olwazini lwakudala zidinga ukubuye zibukezwe. Qaphelisisa uma ucabanga ukusebenzisa indaba esemaphephandabeni, kuyithelevishini, emsakazweni, kuma-E-mail noma kuyi-Internet. IzAga 14:15 ziyayala: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” Zibuze: ‘Ingabe lo mthombo waziwa ngokuba neqiniso? Ingabe le ndaba ingafakazelwa ngezinye izindlela ukuthi iyiqiniso?’ Uma ungaqiniseki ngokuba yiqiniso kwento ethile, ungayisebenzisi.

Ngaphezu kokuhlola ukuthembeka kwemithombo, cabangisisa indlela ohlela ukusebenzisa ngayo loko kwaziswa. Qiniseka ukuthi ukusebenzisa kwakho izingcaphuno kanye nezibalo kuyavumelana nomongo ezithathwe kuwo. Emzamweni wakho wokugcizelela iphuzu, qaphela ukuba kungathi esikhundleni sokuthi “abanye abantu” uthi “iningi labantu,” esikhundleni sokuthi “abantu abaningi,” uthi “wonke umuntu,” esikhundleni sokuthi “kwezinye izimo” uthi “njalo nje.” Ukwenza ihaba noma ukukhulisa imibiko ehilela izinombolo, izinga lento ethile noma ukungathi sína kwento kwenza kusoleke ukuthembeka kwakho.

Uma unembile njalo kulokho okushoyo, uyokwaziwa njengomuntu ohlonipha iqiniso. Lokhu kubakhela igama elihle oFakazi BakaJehova njengeqembu. Okubaluleke nakakhulu, kudumisa ‘uJehova uNkulunkulu weqiniso.’—IHu. 31:5, NW.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Gwema ukunikeza impendulo uma ungaqiniseki.

  • Sekela okushoyo ‘esibonelweni samazwi amahle’ aseBhayibhelini.

  • Cwaninga ngendaba yakho.

  • Hlola ukunemba kwezibalo, izingcaphuno kanye nokuhlangenwe nakho futhi ukusebenzise ngaphandle kwehaba. Kugweme ukuqagela imininingwane ongasayikhumbuli kahle.

ISIVIVINYO: Cela uFakazi ovuthiwe ukuba alalele futhi ahlole ukuthi lokho okushoyo kunembile yini njengoba uchaza lokhu okulandelayo ngamazwi akho: (1) UJehova uluhlobo luni lomuntu, futhi ukwazi kanjani lokho? (2) Kungani uJesu anikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo, futhi singazuza kanjani kulokhu? (3) Selokhu abekwa esihlalweni njengeNkosi, yini uJesu Kristu abelokhu eyenza?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela